Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uMoya Ongcwele. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uMoya Ongcwele. Bonisa konke okuthunyelwe

31.8.18

South African Gospel Song "Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo"


South African Gospel Song “Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
UMoya kaNkulunkulu uphethe igunya phezu kwayo yonke into.
Inyama Yakhe nengqikithi Yakhe, amandla kusafana.
UNkulunkulu osenyameni usengenza imisebenzi Yakhe eminingi okufanele ayenze.
Wenza nje intando kaYise.
Futhi uNkulunkuku unguMoya, angasindisa sonke isintu, futhi angenza njalo noNkulunkulu osenyameni.
UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe.

22.7.18

Isinamathiselo 2: Izwi Lesibili

  Uma abantu bebona uNkulunkulu wangokoqobo, uma empilweni yabo bephila, behamba, futhi behlala noNkulunkulu Uqobo, bakubeka eceleni ukulangazelela obekusezinhliziyweni zabo eminyakeni eminingi kangaka. Ulwazi lukaNkulunkulu okukhulunywe ngalo ekuqaleni bekuyisinyathelo sokuqala nje; nakuba abantu benalo ulwazi ngoNkulunkulu, kusekhona ukungabaza okuningi okusasele ezinhliziyweni zabo: Wavelaphi uNkulunkulu?

20.7.18

3. Yini umehluko phakathi komsebeni kaNkulunkulu esenyameni kanye nomsebenzi kaMoya?

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  “Wayesethi, Ngiyanicela, ngikhombise inkazimulo yakho. Wathi, … Awunakubona ubuso bami: ngokuba akukho muntu ongangibona, futhi aphile” (Eksodusi 33:18-20).

  “Futhi iNKOSI yehlela phezu kwentaba iSinayi, esiqongweni sentaba: futhi iNKOSI yambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; wase uMose ekhuphuka-ke.

11.7.18

26. UMoya oNgcwele Usebenza Ngendlela Enemigomo

UQin Shuting edolobheni laseLinyi, esiFundazweni saseShandong 

  Esikhathini eside, yize noma ngangingayekanga ukudla nokuphuza amanzi kaNkulunkulu, kodwa ngangingakaze ngikuzwe ukukhanya. Ngangiye ngakhuleka kuNkulunkulu ngikhulekela lokhu kodwa, kamuva, ngangingakakhanyiseleki. Ngakho ngacabanga, “Ngidlile futhi ngaphuza lokho obekufanele futhi uNkulunkulu akangikhanyiseli.

8.7.18

Isahluko 11.Ukulungisa Imvelo Nokwenza Iqiniso

  1. Ukuhlobana Phakathi KobuntuNamandla Okwenza Iqiniso

  Abantu bathi ukwenza iqiniso kuyinto enzima kakhulu. Pho kungani abanye abantu bekwazi ukwenza iqiniso? Abanye bathi kungenxa yokuthi bamukele ngemvelo ukusebenza koMoya oNgcwele ukuze usebenze kubo, nokuthi futhi ngokwemvelo bafanelekile. Le mpikiswano iyawenza umqondo kancane.Abanye abantu balungile ngokwemvelo; bayakwazi ukusebenzisa iqiniso.

2.6.18

Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”

  1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele.

1.6.18

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

  1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba.

31.5.18

Isahluko 10. Labo Abathanda Iqiniso Banendlela Abayilandelayo

 1. Ukuthi Izimo Zabantu Zijwayelekile Kuncike Ekutheni Bayalithanda Yini Iqiniso noma Cha
  Abantu abaningi baveze inkinga elandelayo: Ngemva kokuhlanganyela okungenhla, bazizwa bekhanyiseleke bhá, bathole amandla, futhi bengenayo imizwa yokuphelelwa yithemba—kodwa izimo ezinjalo ziba khona cishe izinsuku eziyishumi kuphela, ngemva kwesikhathi esithile bangase bangabe besaba nazo izimo ezijwayelekile.

27.5.18

Kungani Ungazimisele ukuba Isiqhathaniso?

  Labo abanqotshwayo bayiziqhathaniso, futhi ngemva nje kokupheleliswa baba izibonelo nezifanekiso zomsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphambi kokuba bapheleliswe bayiziqhathaniso, amathuluzi, kanjalo nezinto zokusebenza. Labo abanqotshwe ngokuphelele nguNkulunkulu bayizibonakaliso kanye nezibonelo nezifanekiso zohlelo Lwakhe lokuphatha.

26.5.18

Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Isigaba Sokugcina Sendlela

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Manje senisesigabeni sokugcina sale ndlela, futhi yisigaba esibucayi sayo. Kungenze uye wakhuthazelela ukuhlupheka okuthile, wenza umsebenzi omningana, wahamba emigwaqweni eminingi, futhi walalela izintshumayelo eziningi, futhi akuzange kube lula ukufika lapha.

24.5.18

Mayelana nokusebenzisa kukaNkulunkulu umuntu

  Akukho muntu okwazi ukuphila ngokuzimela ngaphandle kwalabo abanikwe umkhombandlela okhethekile nokuqondiswa nguMoya oNgcwele, ngoba badinga inkonzo nokweluswa yilabo abasetshenziswa nguNkulunkulu. Ngakho-ke, kuleso naleso sikhathi uNkulunkulu uphakamisa abantu abehlukene abaphuthuma bakhuthalele ukwelusa amabandla ngenxa yomsebenzi waKhe.Okusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu kufanele wenzeke ngalabo Abakhonzile futhi Abathokozelayo; uMoya oNgcwele kufanele asebenzise ingxenye engaphakathi kubo ekufanele ukusetshenziswa ukuze asebenze, futhi benziwa ukuba bakulungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu ngokupheleliswa nguMoya oNgcwele.

20.1.18

Umsebenzi ENkathini Yomthetho

umusa kaNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu,uhlelo lukankulunkulu

  Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, futhi okwakuyindawo engcwele ayekhona kuyo. Wawugcina umsebenzi wakhe ukubantu bakwa-Israyeli kuphela. Ekuqaleni, akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, wakhetha abantu abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli yindawo lapho uNkulunkulu adala khona u-Adamu no-Eva, futhi ngothuli lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; le ndawo yaba yisizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni.