Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukumazi uNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukumazi uNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

5.8.18

40. Kunenjabulo Enkulu Ekwethembekeni

UGan’en Edolobheni LaseHefei, Esifundazweni Sase-Anhui

  Empilweni yami, yilokhu ngaphila ngamagama athi, “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali” ekuhlaleni nabantu. Angilokothi nginikeze ukuthemba kwami ebantwini kalula nje. Bengihlala ngicabanga ukuthi ezimweni lapho ungazazi izinhloso zangempela zomunye umuntu, akufanele usheshe kakhulu uvezele omunye umuntu imicabango.

2.8.18

2. Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  (1) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomthetho

  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, indawo Yakhe engcwele lapho Aye khona. Wawugcina umsebenzi wakhe kubantu bakwa-Israyeli. Ekuqaleni, Akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, Wakhetha abantu Abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli indawo lapho uNkulunkulu adala u-Adamu no-Eva, futhi othulini lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; isizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni.

1.8.18

10. Kungani kungokubhekana kanye nokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu esimweni somuntu ukuba umuntu azi uNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukulalela uNkulunkulu,yazi uNkulunkulu

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  “Futhi uLizwi waba inyama, wahlala phakathi kwethu, (futhi sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

  Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami” (Johane 14:6).

30.7.18

32. Wonke Amazwi KaNkulunkulu Ayisibonakaliso Sesimo Sakhe

UHu Ke    Edolobheni laseDezhou, EsiFundazweni saseShandong

  Njalo uma ngibona la mazwi ekhulunywa nguNkulunkulu, ngangizizwa nginetwetwe: “Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona.” Ngazizwa nginetwetwe ngoba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu sibaluleke kakhulu ekuqondeni komuntu uNkulunkulu kanye nasekufuneni komuntu uthando kanye nokumenelisa Yena.

22.7.18

Isinamathiselo 2: Izwi Lesibili

  Uma abantu bebona uNkulunkulu wangokoqobo, uma empilweni yabo bephila, behamba, futhi behlala noNkulunkulu Uqobo, bakubeka eceleni ukulangazelela obekusezinhliziyweni zabo eminyakeni eminingi kangaka. Ulwazi lukaNkulunkulu okukhulunywe ngalo ekuqaleni bekuyisinyathelo sokuqala nje; nakuba abantu benalo ulwazi ngoNkulunkulu, kusekhona ukungabaza okuningi okusasele ezinhliziyweni zabo: Wavelaphi uNkulunkulu?

12.7.18

11. Ukuzibuyiselela Kwangempela

 UZhou Li      Edolobheni LaseXintai, Esifundazweni iShandong
  Kudala, sasidinga ukuhlukanisa izifunda endaweni yethu, kodwa ngokwemigomo yethu yokuhlungwa kwabaholi, kwakunomfo owayebukeka ekulungele kangcono ukuthatha isikhundla. Ngazilungiselela ukumkhuphulela esikhundleni sokuhola isifunda. Ngolunye usuku ngixoxa nalo mfo, wabalula ukuthi wayebona sengathi nginokuzikhukhumeza emsebenzini wami, angikhululekile, nokuthi uma kuhlanganyelwe nami akubi khona ukujabula…. Uma ngikuzwa lokhu, ngezwa sengathi ngehlisiwe. Ngezwa ubuhlungu, khona lapho ngabe sengiqala ngimbheka ngenye indlela lo mfo, ngangabe ngisalungiselela ukumkhuphulela esikhundleni sokuhola isifunda.

8.7.18

Isahluko 11.Ukulungisa Imvelo Nokwenza Iqiniso

  1. Ukuhlobana Phakathi KobuntuNamandla Okwenza Iqiniso

  Abantu bathi ukwenza iqiniso kuyinto enzima kakhulu. Pho kungani abanye abantu bekwazi ukwenza iqiniso? Abanye bathi kungenxa yokuthi bamukele ngemvelo ukusebenza koMoya oNgcwele ukuze usebenze kubo, nokuthi futhi ngokwemvelo bafanelekile. Le mpikiswano iyawenza umqondo kancane.Abanye abantu balungile ngokwemvelo; bayakwazi ukusebenzisa iqiniso.

31.3.18

Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

  Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso. Umsebenzi wokudala umhlaba kwabe kuwumsebenzi wokudala sonke isintu.

15.2.18

Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni

yazi uNkulunkulu

Nonke niyakujabulela ukuthola umvuzo phambi kukaNkulunkulu nokuba ababekelwe umusa Wakhe emehlwenu Akhe. Lokhu kuyisifiso sawo wonke umuntu emuva kokuqala ukukholwa kuNkulunkulu, ngokuba umuntu ulwela izinto eziphezulu ngenhliziyo yakhe yonke futhi akekho ofisa ukuba semuva kwabanye. Lena indlela yomuntu.

13.2.18

Umsebenzi Nokungena (5)

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,intando kaNkulunkulu,

  Namuhla nonke niyazi ukuthi uNkulunkulu uholela abantu emgudwini ofanele wempilo, ukuthi uholela umuntu ekuthatheni isinyathelo esilandeleyo sokungena kwenye inkathi, ukuthi uhola umuntu ukuba aphume kule nkathi emnyama endala, aphume enyameni, asuke ekucindezelweni amandla obumnyama nethonya likaSathane, ukuze umuntu ngamunye aphile ezweni lenkululeko.

4.1.18

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV

UNkulunkulu uSomandla,umusa kaNkulunkulu,ubungcwele bukaNkulunkulu


Ubungcwele BukaNkulunkulu (I)


Sibe nokuhlanganyela okwengeziwe ngegunya likaNkulunkulu ekuhlangeneni kwethu kokugcina, futhi angeke sikhulume ngokulunga kukaNkulunkulu okwamanje. Namhlanje, sizokhuluma ngesihloko esisha sha—ubungcwele bukaNkulunkulu. Ubungcwele bukaNkulunkulu bungesiye futhi isibonakaliso futhi ebuntwini obuyingqayizivele bukaNkulunkulu, ngakho kunesidingo esikhulu sokuxoxa ngalesi sihloko lapha.

30.12.17

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II

UNkulunkulu uSomandla,funa uNkulunkulu,umusa kaNkulunkulu

Isimo SikaNkulunkulu Esilungile

Manje njengoba benikade nilalele ingxoxo yangaphambilini mayelana negunya likaNkulunkulu, ngiqinisekile ukuthi senihlome ngenqwaba yamagama ngalolo daba. Ukuthi nizokwazi ukwemukela futhi niqonde, konke, kuncike ekutheni nizozikhandla kanganani ekukusebenziseni. Kuyithemba Lami ukuthi ningayithatha le ndaba ngobuqotho; ningalinge niyenze ngokuzidonsa nje! Manje, ukwazi igunya likaNkulunkulu kufana nokwazi konke ngoNkulunkulu?