Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uhlelo lukankulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uhlelo lukankulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

24.5.19

3. Kungani iqiniso elichazwa nguNkulunkulu ezinsukwini zokugcina likwazi ukuhlanza umuntu, limphelelise umuntu futhi libe yimpilo yomuntu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umsebenzi kaNkulunkuluigunya likaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo.

5.12.18

Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo


Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo

Esisekelweni sokubambelela emigomweni yayo yokusungulwa yenkululeko, intando yeningi, nokulingana … I-US ibambe iqhaza elibalulekile ekusimamiseni isimo somhlaba wonke kanye nokuzinzisa ukuhleleka komhlaba. Leli qhaza alinakuthathelwa ngokunye isikhundla ekuvikelweni nasekusimamisweni kwesimo somhlaba wonke.

17.11.18

Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo

intando kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Esimweni samanje, wonke umuntu omthanda ngeqiniso uNkulunkulu unethuba lokulungiswa NguYe. Akusho lutho ukuthi basemusha noma bamdala, inqobo uma ezinhliziyweni zabo belalela uNkulunkulu futhi bemhlonipha, yeNa uzokwazi ukubalungisa. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokwemisebenzi yabo ehlukahlukene. Inqobo uma usebenzise amandla akho wonke futhi wazithoba emsebenzini kaNkulunkulu uzokwazi ukupheleliswa nguYe. Njengamanje akekho noyedwa phakathi kwenu olungile.

3.8.18

4. Ingabe izigaba zontathu zomsebenzi kaNkulunkulu zijula kanjani kancane kancane ukuze abantu basindiswe futhi bapheleliswe?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso "ngokubonakala Kwezwi enyameni," futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho .… Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke.

12.5.18

Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Iminyaka eminingi uMoya kaNkulunkulu ubefuna ngokungaphezi njengoba esebenza emhlabeni. Ezinkathini eziningi uNkulunkulu usesebenzise abantu abaningi kakhulu ukwenza umsebenzi Wakhe. Kepha uMoya kaNkulunkulu awukabi nayo indawo efanele ongaphumulela kuyo. Ngakho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, eya kubantu abehlukene ngokungaphezi, futhi kukho konke usebenzisa abantu ukuze enze lokhu.

14.4.18

Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukuba senyameni

Kumele ufinyelele ekwazini umbono womsebenzi kaNkulunkulu futhi ubambe indlela ejwayelekile umsebenzi Wakhe ohamba ngayo. Lokhu wukungena ngendlela elungile. Uma sewazi amaqiniso ngokuphelele ngombono, ukungena kwakho kuzovikeleka ngempela; noma umsebenzi Wakhe ungashintsha kangakanani, awuzukushintsha enhliziyweni yakho, ucaceleke ngombono, futhi uzoba nomgomo ngokungena kwakho kanye nalokho okulandelayo.

Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa·

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu—noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. 

20.1.18

Umsebenzi ENkathini Yomthetho

umusa kaNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu,uhlelo lukankulunkulu

  Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, futhi okwakuyindawo engcwele ayekhona kuyo. Wawugcina umsebenzi wakhe ukubantu bakwa-Israyeli kuphela. Ekuqaleni, akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, wakhetha abantu abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli yindawo lapho uNkulunkulu adala khona u-Adamu no-Eva, futhi ngothuli lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; le ndawo yaba yisizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni. 

10.1.18

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

igunya likaNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu,umthombo wokuphila

     Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi.