Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Ubufakazi. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Ubufakazi. Bonisa konke okuthunyelwe

29.12.19

Umi Kuphi Ngezincwadi Eziyishumi Nantathu?

ITestamente Elisha leBhayibheli linezincwadi zikaPawulu eziyishumi nantathu. Lezi zincwadi eziyishumi nantathu zonke zabhalwa uPawulu ebhalela amabandla ayekholwa kuJesu Kristu ngesikhathi somsebenzi wakhe. Okusho ukuthi, waphakanyiselwa ukubhala lezi zincwadi emva kokuvuka nokwenyukela ezulwini kukaJesu. Izincwadi zakhe zingubufakazi bokuvuka nokwenyukela ezulwini kukaJesu emva kokufa Kwakhe, zifundisa abantu ngezindlela zokuphenduka bathwale isiphambano.

7.8.18

South African Gospel Song 2018 “UNkulunkulu Uvele eMpumalanga Yomhlaba Ngenkazimulo”


South African Gospel Song 2018 “UNkulunkulu Uvele eMpumalanga Yomhlaba Ngenkazimulo”

I
UNkulunkulu wenza umsebenzi emhlabeni wonke.
Imisindo yokuduma eMpumalanga ayipheli,
izamazamisa wonke amahlelo nazo zonke izinkolo.
Yizwi likaNkulunkulu elilethe konke esikhathini samanje.
Yizwi Lakhe eselinqobe bonke.
Bangena kulo mgudu, futhi bazithoba kuye.
UNkulunkulu kade ayibuyisa inkazimulo emhlabeni,
wase eyikhipha futhi eMpumalanga.

20.7.18

3. Yini umehluko phakathi komsebeni kaNkulunkulu esenyameni kanye nomsebenzi kaMoya?

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  “Wayesethi, Ngiyanicela, ngikhombise inkazimulo yakho. Wathi, … Awunakubona ubuso bami: ngokuba akukho muntu ongangibona, futhi aphile” (Eksodusi 33:18-20).

  “Futhi iNKOSI yehlela phezu kwentaba iSinayi, esiqongweni sentaba: futhi iNKOSI yambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; wase uMose ekhuphuka-ke.

21.6.18

New South African Gospel Music "Ubufakazi Bempilo" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu


New South African Gospel Music  "Ubufakazi Bempilo" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu
I
Ngelinye ilanga ngingase ngibanjwe futhi ngishushiswe yiCCP,
lokhu kuhlupheka kungenxa yokulunga, engikwaziyo enhliziyweni yami.
Uma ukuphila kwami kucisha njengenhlansi ngokuphazima kweso,
ngisayosho ngokuziqhenya ukuthi ngamukele uKristu wezinsuku zokugcina.
Uma ngingakwazi ukubona isigameko esikhulu sokwanda kwevangeli lombuso,
ngisayonikela izifiso ezinhle kakhulu.
Uma ngingakwazi ukubona usuku lokufezwa kombuso,
kodwa ngikwazi ukuhlaza uSathane namuhla, khona-ke inhliziyo yami iyogcwala injabulo nokuthula.