Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UNyazi LwaseMpumalanga. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UNyazi LwaseMpumalanga. Bonisa konke okuthunyelwe

16.6.18

Christian Music Video "Umthandazo Wabantu BakaNkulunkulu" - Live in the Light


UNkulunkulu Akubusise
Abantu bajwayele ukuthi, "Izingozi ziyenzeka, impilo ngeke uyazi."
Namhlanje, ezomnotho nezobuchwepheshe kuthuthuka ngesivinini esikhulu,
amazinga okuphila athuthuke kancane kancane,
kodwa sesithole ukuthi izibhicongo emhlabeni@jikelele zinyuka usuku nosuku.

10.6.18

7. Umoya Wokuqhosha Ngaphambi Kokuwa

  UBaixue Edolobheni LaseShenyang 

  Ngenxa yesidingo somsebenzi, ngadluliselwa kwenye indawo yokusebenza. Ngaleso sikhathi, nganginokubonga okukhulu kuNkulunkulu. Ngezwa sengathi kuningi kakhulu lapho ngangisilele khona, kodwa ngokuphakanyiswa nguNkulunkulu kwezulu, nganikezwa ithuba lokugcwalisa umsebenzi wami endaweni yokusebenza emangalisayo.

2.6.18

Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”

  1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele.

1.6.18

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

  1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba.

29.5.18

Isahluko 9.Ukufuna Intando KaNkulunkulu Kanye Nokwenza Iqiniso Ngokuqikelela Okukhulu

  Uma abantu benza imisebenzi yabo ngokuphuthuma, ababe besakwazi ukuqongelela ulwazi ngayo; ngenkathi betatazela ngezindaba, umoya wabo uyakhathazeka; ababe besakwazi ukuzibeka esimeni esejwayelekile. Kwenzeka kanjani lokhu?

28.5.18

Isahluko 8.Ukuqonda Imvelo Nokwenza Iqiniso

  1. Abantu Abayiqondi Kahle Imvelo Yabo

  Okwamanje niyazi nje ngobunye ubunzima benu, niyakwazi ukukhohlakala okuvame ukwenzeka kalula, nokuthi yiziphi izinto okulula kini ukuzenza; nokho, into enzima kunazo zonke ukukwazi ukuzilawula nina. Anazi ukuthi nizokwenza nini okuthile noma yiziphi izinto ezibucayi enizozenza. Kungenzeka ukuthi kunento ethile obucabanga ukuthi ngeke wayenza, kodwa ngesikhathi esithile noma endaweni ethile lokho kwenzeka; uyenzile ngempela futhi wayisho.

27.5.18

Kungani Ungazimisele ukuba Isiqhathaniso?

  Labo abanqotshwayo bayiziqhathaniso, futhi ngemva nje kokupheleliswa baba izibonelo nezifanekiso zomsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphambi kokuba bapheleliswe bayiziqhathaniso, amathuluzi, kanjalo nezinto zokusebenza. Labo abanqotshwe ngokuphelele nguNkulunkulu bayizibonakaliso kanye nezibonelo nezifanekiso zohlelo Lwakhe lokuphatha.

19.5.18

UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uhlanganisa izingxenye ezimbili. Okokuqala nje, lapho eba inyama, abantu abazange bamkholwe noma bamazi, futhi bambethela esiphambanweni uJesu. Okwesibili futhi, abantu abazange bamkholwe, abazange bamazi futhi baphinda bambethela uKristu esiphambanweni.

2.5.18

Ibika Ledokhumentari ethi “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” | Ukuhlola Umhlaba Kanye Nezulu




Esibhakabhakeni esibanzi esigcwele izinkanyezi, imihlaba iyangqubuzana, nochungechunge lwezigameko eziningi luzala imihlaba emisha…. Inqwaba yezinto zasezulwini ezisemkhathini zonke zisebenza ngokuzwana – ziqondiswa ngubani? Idokhumentari yobuKristu enomculo—Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke—izokwembula amaqiniso angempela maduze!

30.3.18

Ababi Kumele Bajeziswe

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ukuhlola ukuthi konke okwenzayo kulungile yini, nokuthi uNkulunkulu uyazibona yini zonke izenzo zakho, kuyimiyalo yokuziphatha yalabo abakholelwa kuNkulunkulu. Uzobizwa ngokuthi ulungile ngoba uyakwazi ukujabulisa uNkulunkulu, nangenxa yokuthi wamukela ukunakekela nesivikelo sikaNkulunkulu.

26.3.18

Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade

  Ingqikithi yokukholelwa kwabantu abaningi kuNkulunkulu iwukuqiniseka ngenkolo: Abanawo amandla okuthanda uNkulunkulu, bakwazi kuphela ukumlandela njengerobhothi, abakwazi ukulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso noma ukumdumisa.Bamane bamlandela ngokuzenzakalelayo.

8.3.18

Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo

Isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi yisinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba; njengamanje lokhu kuyisinyathelo sesibili somsebenzi wokunqoba. Kungani kuxoxwa ngokupheleliswa komsebenzi wokunqoba? Kuwukwakha isisekelo sekusasa—lokhu njengamanje kuyisinyathelo sokugcina somsebenzi wokunqoba, futhi emuva kwalokhu, abantu bazobhekana nobunzima okukhulu, futhi ngaleso sikhathi umsebenzi wokuphelelisa abantu uzoqala ngokusemthethweni.

7.3.18

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amathathu Nesishiyagalolunye

 “Masiyeni ngale kwamazwi kaNkulunkulu sikhulume kancane ngezindaba ezimayelana nezimpilo zethu ukuze izimpilo zethu ziqhakaze, futhi siphile ngokwethemba uNkulunkulu analo ngathi. Ikakhulu, ngokufika kwenamuhla—isikhathi sokuthi ngakunye kuhlelwe ngohlobo nangokusola—kunesidingo esikhulu sokubheka kokubalulekile nokugxila “kokuthandwa yiningi.”

23.2.18

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)

   Kusho ukuthini ukupheleliswa? Kusho ukuthini ukunqotshwa? Yini umuntu okufanele ayenze ukuze anqotshwe? Futhi yini okufanele ayenze ukuze apheleliswe? Ukunqotshwa nokupheleliswa kuwumgomo womuntu osebenzayo ukuze abuyele esimweni sakhe sasekuqaleni, akhululeke esimweni sikaSathane esikhohlakele nasekuyengweni nguSathane.

22.2.18

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)

Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu.

21.2.18

Ukububula KukaMninimandla Onke

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenako ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kwathathwa ngomubi. Amehlo akho agutshazelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi enkohliso futhi awulizwa iphimbo likaJehova elibhongayo, noma umsindo wamanzi agelezayo evela esihlalweni sobukhosi.

7.2.18

Isahluko 21

izwi likaNkulunkulu

Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo. Emehlweni kaNkulunkulu, baphinde futhi bafane nezinkawu, bakhelana uzungu kungakhathaleki ubudala noma ubulili. Ngalokho, konke lokho isintu sonke esikwenzayo nesikubonakalisayo akukaze kube okwenhliziyo kaNkulunkulu.

5.2.18

Isahluko 20

  “UNkulunkulu wadala sonke isintu, futhi usesihole sonke isintu kwaze kwaba namuhla. Kanjalo, uNkulunkulu wazi konke okwenzeka phakathi kwabantu: wazi ububi emhlabeni wabantu, uqonda ubumnandi emhlabeni wabantu, ngakho-ke usuku ngosuku uchaza izimo zempilo yaso sonke isintu, aphinde, phezu kwalokho, abhekane nobuthakathaka nokonakala kwaso sonke isintu.

17.1.18

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)

UNkulunkulu USomandla uthi:

"Kufanele nazi ngendaba yangaphakathi nokwakheka kweBhayibheli. Lolu lwazi aluphathwa yilabo abangakawemukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu. Abazi. Bachazeleni lezi zindaba ezibalulekile, ngeke baziqhenye ngolwazi lwabo lweBhayibheli. Bahlala becubungula lokhu osekuphrofethiwe: Ingabe le nkulumo seyenzekile? Ingabe leya nkulumo seyenzekile? Ukwamukela kwabo ivangeli kungokuhambisana neBhayibheli; Bashumayela ivangeli ngokuvumelana neBhayibheli.

13.1.18

"Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade" Thanda uNkulunkulu Ngenhliziyo Yami Yonke


Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade

I

O Nkulunkulu! Amazwi aKho angibuyisele Kuwe.

Ngiyakwamukela ukuqeqeshwa embusweni waKho imini nobusuku.

Ngokuvivinywa kaningi nangezinhlungu, ngezinsizi eziningi.

Izikhathi eziningi ngichiphiza izinyembezi futhi ngizizwa ngihlabekile enhliziyweni,

futhi izikhathi eziningi ngiye ngawela esicuphweni sikaSathane.