Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ivangeli. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ivangeli. Bonisa konke okuthunyelwe

9.8.19

Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

ivangeli,umusa kaNkulunkulu

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami? Abantu abahamba Nami kumele bayazi intando Yami.

2.6.18

Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”

  1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele.

28.5.18

Isahluko 8.Ukuqonda Imvelo Nokwenza Iqiniso

  1. Abantu Abayiqondi Kahle Imvelo Yabo

  Okwamanje niyazi nje ngobunye ubunzima benu, niyakwazi ukukhohlakala okuvame ukwenzeka kalula, nokuthi yiziphi izinto okulula kini ukuzenza; nokho, into enzima kunazo zonke ukukwazi ukuzilawula nina. Anazi ukuthi nizokwenza nini okuthile noma yiziphi izinto ezibucayi enizozenza. Kungenzeka ukuthi kunento ethile obucabanga ukuthi ngeke wayenza, kodwa ngesikhathi esithile noma endaweni ethile lokho kwenzeka; uyenzile ngempela futhi wayisho.

27.5.18

Kungani Ungazimisele ukuba Isiqhathaniso?

  Labo abanqotshwayo bayiziqhathaniso, futhi ngemva nje kokupheleliswa baba izibonelo nezifanekiso zomsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphambi kokuba bapheleliswe bayiziqhathaniso, amathuluzi, kanjalo nezinto zokusebenza. Labo abanqotshwe ngokuphelele nguNkulunkulu bayizibonakaliso kanye nezibonelo nezifanekiso zohlelo Lwakhe lokuphatha.

26.5.18

Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Isigaba Sokugcina Sendlela

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Manje senisesigabeni sokugcina sale ndlela, futhi yisigaba esibucayi sayo. Kungenze uye wakhuthazelela ukuhlupheka okuthile, wenza umsebenzi omningana, wahamba emigwaqweni eminingi, futhi walalela izintshumayelo eziningi, futhi akuzange kube lula ukufika lapha.

23.4.18

MUSICAL DOCUMENTARY "AmaJuda Eya Ekudingisweni Kwelinye Izwe Kanye Nokusabalaliswa Kwevangeli Lombuso Wezulu " coming soon to reveal the mysteries of human life



AmaJuda Eya Ekudingisweni Kwelinye Izwe Kanye Nokusabalaliswa Kwevangeli Lombuso Wezulu

Ngo-70 A.D., iminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa emva kokuvuka nokwenyukela ezulwini kweNkosi uJesu, impi yamaRoma yathumba iJerusalema. Futhi abafuduki bamaJuda bazula emhlabeni emva kokukhishwa ezweni lakwa-Israyeli. Noma babelahlekelwe yizwe labo, bahamba bephethe ivangeli leNkosi uJesu lombuso wezulu elalikade livaleleke eJudiya base belisabalalisa kuwo wonke amagumbi omhlaba.

16.4.18

INkosi UJesu Yabuya | Ukwethulwa kwe-App Yebandla LikaNkulunkulu USomandla



Ukwethulwa kwe-App Yebandla LikaNkulunkulu USomandla
Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

8.3.18

Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo

Isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi yisinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba; njengamanje lokhu kuyisinyathelo sesibili somsebenzi wokunqoba. Kungani kuxoxwa ngokupheleliswa komsebenzi wokunqoba? Kuwukwakha isisekelo sekusasa—lokhu njengamanje kuyisinyathelo sokugcina somsebenzi wokunqoba, futhi emuva kwalokhu, abantu bazobhekana nobunzima okukhulu, futhi ngaleso sikhathi umsebenzi wokuphelelisa abantu uzoqala ngokusemthethweni.

9.2.18

INkosi UJesu Yabuya | “Ukwethulwa kwe-App Yebandla LikaNkulunkulu USomandla”



Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

9.1.18

Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa – Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke

insindiso yaphakade,umsebenzi kaNkulunkulu,Umbuso,ivangeli

  Ngisabalalisa umsebenzi Wami ezizweni. Inkazimulo Yami ikhazimula emhlabeni wonke; intando Yami ikubantu abahlakazeke lapha nalaphaya, bonke beqondiswa yisandla Sami benza umsebenzi engibanike wona. Kusuka kuleli qophelo, Sengingene enkathini entsha, ngilethe bonke abantu komunye umhlaba. Lapho ngibuyela “ezweni Lami lokuzalwa,” ngiqale enye ingxenye yomsebenzi osohlelweni Lwami lwasekuqaleni ukuze abantu bezokwazi Ngami ngokujulile. Ngibuka umhlaba wonke jikelele ngibone ukuthi[a] kuyisikhathi esifanele somsebenzi Wami, ngakho-ke ngiyaphuthuma ngehla ngenyuka ngenza umsebenzi Wami omusha kumuntu.

8.1.18

Mayelana Nokuphila KukaPetru

  UPetru umuntu oyisibonelo uNkulunkulu amethula esintwini, futhi ungumuntu owaziwayo. Kungani umuntu ophansi kanjalo uNkulunkulu ambeka njengesibonelo, futhi wadunyiswa yizizukulwane ezizayo? Empeleni, akudingeki nokuthi kuze kushiwo ukuthi lokhu akunakuhlukaniswa nombono wakhe nesinqumo sakhe sokuthanda uNkulunkulu.