22.7.18

Isinamathiselo 2: Izwi Lesibili

  Uma abantu bebona uNkulunkulu wangokoqobo, uma empilweni yabo bephila, behamba, futhi behlala noNkulunkulu Uqobo, bakubeka eceleni ukulangazelela obekusezinhliziyweni zabo eminyakeni eminingi kangaka. Ulwazi lukaNkulunkulu okukhulunywe ngalo ekuqaleni bekuyisinyathelo sokuqala nje; nakuba abantu benalo ulwazi ngoNkulunkulu, kusekhona ukungabaza okuningi okusasele ezinhliziyweni zabo: Wavelaphi uNkulunkulu? Ngabe uNkulunkulu uyadla yini? Ngabe uNkulunkulu wehluke kakhulu yini kubantu abajwayelekile? KuNkulunkulu, ngabe ukuphatha abantu bonke kulula nje, kungumdlalo wabantwana? Ngabe konke okukhulunywa ngumlomo kaNkulunkulu kuyizimfihlakalo zasezulwini yini? Ngabe konke lokho akushoyo kungaphezulu kokwazo zonke izidalwa? Ngabe ukukhanya kuqhamuka emehlweni kaNkulunkulu na? Nokunye nokunye—yilokhu imicabango yabantu ekwazi ukukwenza. Lezi yizinto okumele niziqonde ningene kuzo ngaphambi kwakho konke okunye. Emicabangweni yabantu, uNkulunkulu osenyameni usenguNkulunkulu ongaqondakali. Ukube akungenxa yolwazi olubambekayo, abantu bebengasoze bakwazi ukungiqonda, futhi bebengasoze bazibona izenzo Zami lapho behlangabezana nempilo. Kungoba ngibe senyameni kuphela okwenza abantu bangakwazi ukuqonda intando Yami. Ukube angizange ngibe senyameni, futhi ngalokhu ngisezulwini, okusesendaweni kamoya, abantu “bebezongazi”, bebeyokhothama bangidumise, bakhulume “ngolwazi” lwabo Ngami besebenzisa lokho abahlangabezane nakho empilweni—kodwa beluzoba nalusizo luni ulwazi olunjalo? Beluzoba yini usizo lokubhekisa kulo? Bekungenzeka yini ukuthi ulwazi oluvela emicabangweni yabantu lube ngoloqobo? Angilufuni ulwazi lobuchopho babantu—ngifuna ulwazi olungokoqobo.

  Intando Yami yambuleka kini ngazo zonke izikhathi, futhi ngaso sonke isikhathi kunokukhanyiseleka nokukhanyiswa. Futhi uma ngenza ngokuqondile ebunkulunkulwini, akuhluzeki ebuchosheni, akukho sidingo sokwenezela “isinongo”— lesi yisenzo sobunkulunkulu esiqondile. Banamaphi amandla abantu? Ngabe konke kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube namuhla akwenziwanga Yimi mathupha? Esikhathini esedlule, ngakhuluma ngoMoya oqiniswe kasikhombisa, kodwa akekho owakwazi ukuqonda ingqikithi Yakhe—ngisho noma sebeyibona, babengekwazi ukuba nokuqonda okuphelele. Uma ngisebenza esintwini ngiphethwe ubunkulunkulu, ngenxa yokuthi lo msebenzi wenziwa ezimeni abantu abakholwa ngukuthi azikho ngaphezu kwemvelo kodwa zingokujwayelekile, kubhekiswa kukho njengomsebenzi kaMoya Ongcwele. Uma ngisebenza ngokuqondile ebunkulunkulwini, ngokuthi kangicindezelwe yimicabango yabantu, futhi kangiphethwe yimikhawulo “yokuba ngaphezu kwemvelo” emicabangweni yabo, lo msebenzi unomphumela osheshayo, uya enhliziyweni yodaba, uhlaba esikhonkosini. Ngaleyo ndlela, lesi sinyathelo somsebenzi sihlanzeke kakhudlwana, sishesha ngokuphindwe kabili, ulwazi lwabantu lube nejubane, amazwi Ami ayakhula, enza bonke abantu baphuthume ukuwafica. Ngenxa yokuthi imiphumela yahlukile, ngenxa yendlela, yemvelo, kanye nokuqukethwe wumsebenzi Wami akwefani—futhi, ngale kwalokho, ngenxa yokuthi ngiqale ukusebenza ngokusemthethweni ngisenyameni, uma kubhekwa kulokhu okwedlule, lesi sinyathelo somsebenzi sithathwa njengesoMoya oqiniswe kasikhombisa. Asiyona into engephatheke. Emva kwezinguquko[a] endleleniengisebenza ngayo kinina, futhi kulandela ukufika kombuso, uMoya oqiniswe kasikhombisa uyaqala, futhi lo msebenzi ulokhu uya ngokuya ujula futhi uqina kakhudlwana. Lapho abantu bonke bebona uNkulunkulu futhi bonke bebona ukuthi uMoya kaNkulunkulu uphakathi kwabantu, ukubaluleka okugcwele Kwami ngisenyameni kuyacaciswa. Asikho isidingo sokufinyeza—abantu bayazi ngokwemvelo.

  Uma kubhekwa izinhlangothi eziningi—izindlela engisebenza ngazo, izinyathelo zomsebenzi Wami, iphimbo lamazwi Ami namuhla, nokunye nokunye—kuphela okuphuma emlonyeni Wami manje “ngamazwi kaMoya oqiniswe kasikhombisa.” Nakuba ngakhuluma futhi ngenkathi edlule, kwakusesigabeni sokwakha ibandla. Kwakufana nesendlalelo kanye nohla lokuqukethwe enovelini, kwakungenangqikithi; ngamazwi anamuhla kuphela angabizwa ngengqikithi kaMoya oqiniswe kasikhombisa. “Amazwi kaMoya oqiniswe kasikhombisa” abhekise emazwini avela esihlalweni sobukhosi, okungukuthi, akhishwa ebunkulunkulwini ngqo. Ngenkathi amazwi Ami ephendukela ekwambuleni izimfihlakalo zasezulwini kwakuyinkathi ngikhuluma ngokuqondile ngisebunkulunkulwini ngqo. Ngamanye amazwi, ngingampintshiwe yisintu, ngambula ngokuqondile zonke izimfihlakalo nezimo zendawo kamoya. Kungani ngithi ekuqaleni ngangingaphansi kwemikhawulo yesintu? Lokhu kudinga ukuchazwa. Emehlweni abantu, akekho noyedwa okwazi ukwambula imfihlakalo yasezulwini; uma kungeyena uNkulunkulu Uqobo, akekho omunye emhlabeni ongazi lezi zimfihlakalo. Ngalokho, ngibhekisa emicabangweni yabantu ngithi ngokwedlule angizange ngambule izimfihlakalo ngenxa yokuthi ngangingaphansi kwemikhawulo yesintu. Ngokuqondile, nokho, akunjalo: Ingqikithi yamazwi Ami yahlukile njengoba umsebenzi Wami wahlukile, nangalokho, kwathi uma ngiqala ukwenza umsebenzi Wami ebunkulunkulwini, ngazambula izimfihlakalo; enkathini eyedlule, kwadingeka ngisebenze ezimeni bonke abantu ababezibona njengezejwayelekile, namazwi engangiwakhuluma ayenawo amandla okufezeka emicabangweni yabantu. Ngenkathi ngiqala ukwambula izimfihlakalo, akukho nokukodwa kulokhu okwakungatholwa yimicabango yabantu—kwakungafani nokucabanga kwabantu. Ngakho, ngaphendukela ngokusemthethweni ekukhulumeni ngisebunkulunkulwini, futhi lokhu kwakungamazwi kaMoya oqiniswe kasikhombisa. Nakuba amazwi enkathi edlule ayengamazwi avela esihlalweni sobukhosi, ayekhulunywa phezu kwesisekelo salokho okwakuqondwa ngabantu, futhi ngalokho ayengakhulunywa ngokobunkulunkulu ngqo—okungumphumela wokuthi ayengewona amazwi kaMoya oqiniswe kasikhombisa.

  Umbhalo ongezansi:

  a. Amazwi okuqala awanawo amagama athi “izinguquko kulokhu.”

umthombo: IBandla likaNkulunkulu uSomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana