8.7.18

Isahluko 11.Ukulungisa Imvelo Nokwenza Iqiniso

  1. Ukuhlobana Phakathi KobuntuNamandla Okwenza Iqiniso

  Abantu bathi ukwenza iqiniso kuyinto enzima kakhulu. Pho kungani abanye abantu bekwazi ukwenza iqiniso? Abanye bathi kungenxa yokuthi bamukele ngemvelo ukusebenza koMoya oNgcwele ukuze usebenze kubo, nokuthi futhi ngokwemvelo bafanelekile. Le mpikiswano iyawenza umqondo kancane.Abanye abantu balungile ngokwemvelo; bayakwazi ukusebenzisa iqiniso. Obunye ubuntu babantu buntekenteke, ngakho bakuthola kunzima kubo ukusebenzisa iqiniso, lokhu kusho ukuthi bazobhekana nokuhlupheka okuthile. Ningasho yini ukuthi lowo ongalisebenzisi iqiniso uke walifuna iqiniso? Ngokuqinisekile akazange alifune! Ukucabanga kwakhe okuvelayo: “Lena yindlela enhle, ivumelana nami.” Ekugcineni, usenza ngendlela yakhe. Akalifuni iqiniso ngoba kukhona okungalungile ngenhliziyo yakhe, inhliziyo yakhe ayilungile. Akafuni, akahlolisisi, noma athandaze phambi kukaNkulunkulu; umane nje ngenkani wenza ngokwezifiso zakhe. Umuntu onjalo ngokusobala akanakho ukulithanda iqiniso. Ukuthi akanalo uthando lweqiniso, kodwa wenza izinto ezithile ukugcina izimiso futhi akazephuli izimiso, ukungazephuli okunjalo akusho ukuthi ufisa ukufuna uNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi ukuqondana nje kwezinto. Abanye abantu benza izinto ezithile sakuzididekela nangokuzenzekela ngaphandle kokufuna; nokuzihlolisisa bona kuphela ngale kweqiniso. Uma bethola ukuthi ukwenza izinto ezinjalo akuhambisa neqiniso, bazoyeka ukuzenza esikhathini esizayo. Lokhu kungabhekwa njengokuba nothando olukhulu ngeqiniso. Lolu hlobo lomuntu luyakwazi ukwenza ushintsho olusezingeni. Labo abangenalo uthando bangalifuna ngaleso sikhathi, noma bangazihlola ngemva kwalokho. Abahlolisisi ukuthi isenzo esenziwayo ekugcineni silungile yini noma asilungile, ngakho bahlale bephula izimiso, bephula iqiniso. Ngisho noma wenza okuthile okungazephuli izimiso, akuvumelani neqiniso, futhi lokhu okubizwa ngokuthi kuwukungazephuli izimiso kumane nje kuyindlela yabo yokwenza. Ngakho bakusiphi isimo labantu uma benza ngokwezifiso zabo? Abenzi ngesimo sokudideka nokusangana: Ingabe lokhu kuhambisana neqiniso uma kuhlolwa ekugcineni? Lesi akusona isimo abazithole sebekuso, kunalokho baye baqhubeka ngenkani ekwenzeni ngale ndlela; baye balungisa izingqondo zabo ukuze benze ngale ndlela bengenayo nhlobo injongo yokufuna iqiniso. Uma befuna injongo kaNkulunkulu ngempela, kepha behluleka ukuqonda inhloso kaNkulunkulu kusengaphambili, ngakho bangacabangela le ndlela yokwenza: ngizoqala ngokuqhubekela phambili futhi ngenze ngale ndlela, uma ihambisana neqiniso ngizoqhubeka ngenze ngale ndlela, uma kungahambisani neqiniso, ngizokuyeka ngokushesha lokhu futhi ngingaphinde ngenze ngale ndlela. Uma bekwazi ukuthola iqiniso ngale ndlela, bazokwazi ukushintsha ngelinye ilanga. Ngaphandle kwale nhloso, angeke bakwazi ukushintsha. Umuntu onenhliziyo wenza iphutha kanye kuphela lapho esethatha indlela yokwenza, kabili okungenani—kanye noma kabili, hhayi izikhathi ezintathu noma ezine, lona umqondo ovamile. Uma bekwazi ukwenza iphutha elifanayo izikhathi ezintathu noma ezine, lokhu kufakazela ukuthi abagcini uthando ngeqiniso, noma abalifuni iqiniso. Lolu hlobo lomuntu lungumuntu ongenabo ubuntu. Uma ngemva kokokuqala noma okwesibili kungenampendulo enhliziyweni yabo, bengadliwa unembeza, bayakwazi ngisho nokweza isenzo esifanayo izikhathi ezintathu noma ezine, lolu hlobo lomuntu alukwazi nje ukushintsha, bamane nje bawuhlobo lwabantu- abangahlengeki ngokuphelele. Uma emva kokukwenza kanye bayezwa ukuthi kukhona okungahambi kahle ngendaba, bazizonde ngenxa yayo futhi bezwa umuzwa wecala ezinhliziyweni zabo, kulesi simo, bayozigwema izenzo ezinjalo esikhathini esizayo kancane kancane lesi simo ngeke sisenzeka kubo esikhathini esizayo. Ngisho kungathiwa bayafisa ezinhliziyweni zabo, ngeke baphinde bakwenze. Lena enye ingxenye yoshintsho. Mhlawumbe ungasho: “Ngeke ngikwazi ukushintsha lesi simo”. Awukwazi ukushintsha? Lokhu kungenxa yokuthi awufisi ukushintsha. Uma ufisa ukusebenzisa iqiniso, angeke washintsha? Abantu abasho lokhu abanakho ukuzimisela. Bonke bayihlazo elidabukisayo. Abathandi ukubhekana nokuhlupheka. Abafisi ukusebenzisa iqiniso; kunalokho bathi iqiniso ngeke libashintshe bona. Ingabe umuntu onjalo akayena umkhohlisi wangempela? Yibo laba abangalisebenzisi iqiniso, ubuntu babo abulungile, kodwa abakaze bayazi imvelo yabo. Kunalokho bayakungabaza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungenza umuntu apheleliswe kukho konke. Ngithi abantu abanjalo abakaze babe nenhloso yokunikela izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, abakaze bakulungiselele ukubhekana nokuhlupheka. Okuwukuphela kwesizathu esibenza bahlale lapha kungenxa yokuthi nje babe semathubeni okuthola izinhlanhla ngelinye ilanga. Lomuntu simbiza ngokuthi ngoswele ubuntu. Ukuba babengabantu abanobuntu, yize noma uMoya oNgcwele ubungenamandla okusebenza kubo, futhi benokuqonda okuncane ngeqiniso, ingabe bebangabandakanyeka ezenzweni ezingalungile? Umuntu onobuntu, kungakhathaliseki ukuthi uMoya oNgwele uyasebenza yini kubo noma cha, babengeke bakwazi ukwenza izenzo ezimbi. Abanye abantu abangenabo ubuntu bangakwazi ukwenza izenzo ezithile ezinhle ngaphansi kwesimo sokuthi uMoya oNgcwele usebenza kubo. Ngaphandle kokusebenza koMoya oNgcwele kubo, imvelo yabo iyadaluleka. Obani abangahlala benoMoya oNgcwele osebenza kubo? Abanye kulabo abangakholwa banobuntu obuhle, abanawo futhi uMoya oNgcwele osebenza kubo, kuyilapho bengazimbandakanyi ezenzweni ezimbi. Uma ukholelwa kuNkulunkulu, ungazimbandakanya kanjani ezenzweni ezimbi? Lokhu kubonisa inkinga yemvelo yakho.

  Ngaphandle kokusebenza koMoya oNgcwele kubo, imvelo yabantu iyadaluleka. Ngokusebenza koMoya oNgcwele kubo, uMoya oNgcwele uzobakhuthaza, unikeze abantu ukukhanya futhi ucacise, unikeze abantu amandla amakhulu, ngakho lapho abantu benza izenzo ezithile ezinhle, akuyona indaba yemvelo yabo enhle. Ngakho abantu abaningi benza izenzo ezingalungile ekuqhubekeni nezenzo zabo, futhi ngezikhathi ezinjalo, kwembuleka imvelo yabo.

  2. Ukusungula Izimiso Eziningana Zokulungisa Imvelo Yakho

  Uyilungisa kanjani imvelo yakho? Okokuqala, kumele wazi imvelo yakho futhi kumele uqonde kokubili izwi nentando kaNkulunkulu. Ungakuqinisekisa kanjani ke, ngezinga eliphezulu, ukuthi uyakugwema ukwenza izenzo ezingalungile, wenza lokho kuphela okuvumelana neqiniso? Uma ufisa ukwenza ushintsho, kumele ukucabange lokhu. Ngemvelo yakho enephutha, yikuphi ukukhohlakala ekwenzayo futhi yiziphi izenzo ezenzayo, iyiphi ke indlela engenziwa futhi kungenziwa kanjani ukuze ilawulwe—lona umbuzo obucayi. Kumele niwuphenye ngokucophelela lo mbuzo, ikakhulukazi phakathi nesikhathi sobumnyama (okungahlanganisi nje ngemuva kokwamukela ukwabelana okuvela phezulu, kodwa akuhlanganisi lokhu, okuwukuthi, ngemva kokudlula kwezinsuku ezingaphezu kweziyishumi), okuwukuthi ungayilungisa kanjani le ndaba, ungayenza kanjani imisebenzi yakho kahle, ungayithatha kanjani indlela elungile; kumele uzakhele isimiso sakho. Lokhu kuya ngentando yomuntu ngamunye ukuthi bayamfuna yini uNkulunkulu noma akamfuni. U-Lin Zexu wayethukuthela ngokushesha. Ngenxa yobuthakathaka bakhe wabhala lesi siqubulo esilandelayo ekamelweni lakhe: “Bamba Intukuthelo Yakho”. Le indlela yomuntu, kunjalo iyasebenza ngempela. Umuntu ngamunye unezimiso zakhe angazilandela, ngakho kumele ubeke izimiso ngokuqondene nemvelo yakho. Lezi zimiso zibalulekile, ukungabi nazo akulungile. Lokhu kumele kube yisiqubulo sakho sokukholelwa kuNkulunkulu nendlela yakho yokuziphatha.

  Ukulungisa imvelo yothile kuqala ngokulahla inyama. Ukulahla inyama nakho kudinga izimiso. Ingabe ukhona ongalahla inyama esesimweni sokudideka? Uma isikhathi sifika uzozinikela enyameni. Abanye abazalwane bangayeka abakwenzayo uma bebona owesifazane omuhle. Ngakho kumele uzenzele isiqubulo. Uzokwenzenjani lapho kuqhamuka owesifazane omuhle? Ingabe uzohamba noma ungenzani? Uzokwenzenjani lapho ebamba isandla sakho? Uma ungenazo izimiso, uzowa lapho ubhekana nesimo esinjalo. Uma uzizwa uhaha lapho ubona imali noma umcebo, ungabhekana kanjani nalokhu? Cubungula lombuzo ngqo, zilungiselele ngokucophelela ukuyilungisa futhi kancane kancane uzokwazi ukulahla inyama. Kunesimiso esibucayi kakhudlwana, ukucabanga kabili ngaphambi kokuba wenze; ihlolisise phambi kukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, njalo kusihlwa kumele uhlolisise izimo zakho. Lesi yisimiso esisodwa. Hlolisisa ukuziphatha kwakho: iziphi izenzo ezenziwe ngokuvumelana neqiniso futhi yiziphi izenzo ezephule izimiso. La maphuzu amabili abucayi kakhulu! Elokuqala ukuzihlola wena uqobo ngesikhathi sesenzo kanti elinye ukuzihlola wena ngemva kwalokho. Isimiso sesithathu: Makukucacele kahle ukuthi kusho ukuthini ukusebenzisa iqiniso nokuthi kushiwo ukuthini uma kuthiwa yenza izinto ngokwezimiso ezihloniphekile. Uma sekukucacela kahle lokhu, uzokwazi ukusingatha izindaba ngendlela efanele. Ngokwenza ngokuvumelana nalezi zimiso ezintathu, uzokwazi ukuzibamba. Imvelo yakho yasekuqaleni ngeke iziveze, ingekwazi ukuvela. Lesi futhi yisimiso esiyisisekelo sokusingatha imvelo yomuntu. Ngokubambisisa lezi zimiso, ngisho noma uMoya oNgcwele ungasebenzi kini, futhi ngemva kwesikhathi eside ngaphandle kokwabelana okuvela phezulu, ngokuzikhandla kakhulu usengakwazi ukulondoloza isimo esivamile, ngakho ungumuntu olazisayo iqiniso, umuntu oyilahlayo inyama. Labo abahlale bethembele kophezulu ukuba abasingathe noma abalungise futhi bakhulume ngeqiniso bayizigqila, angeke badedelwe noma ukuba bakhule. Umuntu owenza izinto ngaphandle kwezimiso, ngemva kwesikhathi esithile ngaphandle kokuba amsingathe noma amlungise, ngaphandle kokuba kothile axhumana nabo, bangenza ngokuthanda kwabo, bahluleke ukuzibamba futhi bazenzele abakuthandayo. Umuntu onjalo angamenza yini uNkulunkulu akhululeke? Ngakho, ukuze ulungise inkinga yemvelo yomuntu, umuntu kumele ahambisane nalezi zimiso ezintathu. Ngale ndlela, uzoziqapha ekwenzeni izono ezinkulu kakhulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana