Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso. Bonisa konke okuthunyelwe

31.1.19

1. Yini ukusindisa? Yini insindiso?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Okholwayo bese ebhapathizwa uyakusindiswa; kodwa ongakholwa uyakulahlwa” (UMarku 16:16).

Ngoba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano esisha, elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono” (UMathewu 26:28).

Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini” (Mathewu 7:21-23).

25.1.19

2. Yini umehluko obalulekile phakathi kokusindiswa nensindiso?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini” (Mathewu 7:21).

... kufanele nibe ngcwele, ngoba Mina ngingcwele” (Lev 11: 45).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu.

19.8.18

47. Izimfihlo Ezifihlwe Ekuphishekeleni

ULi Li     Edolobheni laseDezhou, esiFundazweni saseShandong 

  Esikhathini esingeside esedlule, ngaphakanyiswa ngakhushulelwa ekubeni isisebenzi sesifunda. Ngolunye usuku, ngenkathi sihlangene nalabo engisebenzisana nabo angiyekanga ukucabanga: Kumele ngenze kahle. Uma ngingenzi kahle, bazongibheka kanjani abaholi bami nalabo engisebenzisana nabo?Ngenxa yalokho, lapho sixoxa ngesihloko ndawonye, inqobo nje uma ngiyiqonda kancane indaba okuxoxwa ngayo, ngangizama ukuba owokuqala ukusho okuthile, nokho uma ngingayiqondi indaba okuxoxwa ngayo futhi ngingakwazi ukuphawula, ngangizithola ngikhathazekile.

18.8.18

45. Imigomo Yempilo Ymai Yangishiya Ngilimele

UChangkai eDolobheni laseBenxi, esiFundazweni saseLiaoning

  Amazwi ajwayelekile athi “Abalungile baba ngabokugcina” amazwi engiwajwayele kakhulu. Mina nomyeni wami sasingabantu abangenabuqili: Uma kukhulunywa ngezinto ezibandakanya ukuhlomula noma ukulahlekelwa kwethu, sasingelona uhlobo lwabantu oluhilizisana luphinde ludidiziselisane nabanye.

16.8.18

Umsebenzi Nokungena (8)

  Sengikhulume kaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ukuze ngishintshe umoya womuntu, ngishintshe umphefumulo wabo bonke abantu, njengezinhliziyo zabo, ezihlupheke kakhulu, zaba zintsha, zasindisa imiphefumulo yazo, ezilinyazwe kakhulu ububi; umgomo wakho ukuvusa umoya wabantu, kuncibilike izinhliziyo zabo ezineqhwa, ukuze nabo baphinde babe basha. Lena intando enkulu kakhulu kaNkulunkulu.

15.8.18

4. Ukubaluleka kokwahlulela kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kungabonakala emiphumeleni efezwe ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina.

  (1) Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina wenzelwa ukuhlanza, ukusindisa kanye nokuphelelisa umuntu, kanye nokwenza iqembu labanqobayo.

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  Ngenxa yokuthi niligcinile izwi lokubekezela kwami, Nami ngizonigcina ngehora lokulingwa, elizofika ezweni lonke, ukubalinga labo abahlala emhlabeni.

8.8.18

42. Ukucwasa Abangaphandle Yinzondo Eyedlulele!

UXiaojin Endaweni yasePan’an, esiFundazweni saseZhejiang

  NgoNhlolanja wezi-2007, ibandla lathola umsebenzi osihloko esithi “Niselani Nilekelele Amakholwa Asemasha Ukuwasiza Athole Ukuzinza Ngokushesha.” Wawugcizelela ukuthi “Kubalulekile ukusebenzisa bonke abasebenza ngempumelelo nasebemnkantshubomvue ekuniseleni amakholwa asemasha ukuze kuphothulwe lo msebenzi.

6.8.18

1. UNkulunkulu wahlenga isintu Enkathini Yomusa, pho kungani esadinga ukwenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela ezinsukwini zokugcina?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umusa kaNkulunkulu

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  ngakho uzoba ngcwele, ngoba Mina ngingcwele” (uLevitikusi 11:45).

  “nobungcwele, ngaphandle kwakho akekho umuntu oyobona iNkosi” (Heb 12: 14).

  Futhi uma noma ngabe yimuphi umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli: ngoba angizanga ukuzokwahlulela umhlaba, kodwa ukusindisa umhlaba. Lowo ongalayo, engawamukeli namazwi ami, ukhona ozomahlulela: izwi engilikhulumile, lona lizomehlulela ezinsukwini zokugcina” (Johane 12:47-48).

3.8.18

4. Ingabe izigaba zontathu zomsebenzi kaNkulunkulu zijula kanjani kancane kancane ukuze abantu basindiswe futhi bapheleliswe?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso "ngokubonakala Kwezwi enyameni," futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho .… Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke.

1. Yazi inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi wokungamela kukaNkulunkulu isintu.

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu — noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe.

16.7.18

2. Kungani izwe limnyama futhi lilibi kangaka? Ngokuba kwesintu sezingeni eliphezulu lokukhohlakala, ingabe kufanele libhujiswe?

  Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

  Umuntu walahlekelwa inhliziyo eyesaba uNkulunkulu ngemva kokonakaliswa uSathane, futhi walahlekelwa umsebenzi izidalwa zikaNkulunkulu okufanele zibe nawo, waba isitha esingamlaleli uNkulunkulu. Umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi walandela imiyalo kaSathane; ngakho uNkulunkulu wayengenayo indlela yokusebenza phakathi kwezidalwa Zakhe, futhi akakwazanga ukwenza ukuba izidalwa Zakhe zimesabe.

10.7.18

23. Ukuqonda Ngokusindiswa

ULin Qing      Edolobheni LaseQingzhou, Esifundazweni iShandong

  Kule minyaka eminingi yokulandela uNkulunkulu, ngibuyekile ubumnandi bokuba nomndeni wami kanye nokwenyama yami, bengilokhu ngibhizi usuku lonke ngenza imisebenzi yami ebandleni. Ngase ngiyakholwa: Inqobo nje uma ngingayeki umsebenzi enginikwe wona ebandleni, ngingamkhapheli uNkulunkulu, ngingalishiyi ibandla, ngilandele uNkulunkulu kuze kube sekugcineni, ngizohlengwa ngisindiswe nguNkulunkulu.

17.6.18

South African Gospel Song "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu"


South African Gospel Song "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu
I
UNkulunkulu waba yinyama ngoba okuqondwe ngumsebenzi Wakhe
akuwona umoya kaSathane, noma yini engeyona, engeyona inyama, kodwa ngumuntu.
Inyama yomuntu yakhohlakaliswa nguSathane ngakho yase iba yilokho okuqondwe ngumsebenzi kaNkulunkulu.
Indawo yensindiso kaNkulunkulu ngumuntu, ngumuntu.

31.5.18

Isahluko 10. Labo Abathanda Iqiniso Banendlela Abayilandelayo

 1. Ukuthi Izimo Zabantu Zijwayelekile Kuncike Ekutheni Bayalithanda Yini Iqiniso noma Cha
  Abantu abaningi baveze inkinga elandelayo: Ngemva kokuhlanganyela okungenhla, bazizwa bekhanyiseleke bhá, bathole amandla, futhi bengenayo imizwa yokuphelelwa yithemba—kodwa izimo ezinjalo ziba khona cishe izinsuku eziyishumi kuphela, ngemva kwesikhathi esithile bangase bangabe besaba nazo izimo ezijwayelekile.