Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukuphila. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukuphila. Bonisa konke okuthunyelwe

15.8.18

4. Ukubaluleka kokwahlulela kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kungabonakala emiphumeleni efezwe ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina.

  (1) Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina wenzelwa ukuhlanza, ukusindisa kanye nokuphelelisa umuntu, kanye nokwenza iqembu labanqobayo.

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  Ngenxa yokuthi niligcinile izwi lokubekezela kwami, Nami ngizonigcina ngehora lokulingwa, elizofika ezweni lonke, ukubalinga labo abahlala emhlabeni.

9.8.18

Izehlakalo

  Kuzo zonke izehlakalo zikaPetru, wabekezelela amakhulu ezivivinyo. Nakuba abantu namuhla beliqonda igama elithi ‘uvivinyo,’ abayiqondi nhlobo incazelo yangempela yalo noma izimo. UNkulunkulu udambisa ukuzimisela komuntu, acwenge ukuzethemba kwakhe, aphelelise zonke izingxenye zakhe, kakhulu lokhu ukufeza phakathi nezivivinyo. Izivivinyo nazo ziwumsebenzi ocashile woMoya Ongcwele. Kubonakala sengathi uNkulunkulu umshiyile umuntu, ngakho umuntu uma engaqaphile uzozibona njengezivivinyo zikaSathane.

29.7.18

7. Kungani kuthiwa izimo ezimbili zikaNkulunkulu esenyameni ziphelelisa ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukuba senyameni

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  “Kanjalo noKristu wanikelwa kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abamfunayo uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube ngukusindiswa” (Heberu 9:28).

  Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu” (Johane 1:1).

22.7.18

Isinamathiselo 2: Izwi Lesibili

  Uma abantu bebona uNkulunkulu wangokoqobo, uma empilweni yabo bephila, behamba, futhi behlala noNkulunkulu Uqobo, bakubeka eceleni ukulangazelela obekusezinhliziyweni zabo eminyakeni eminingi kangaka. Ulwazi lukaNkulunkulu okukhulunywe ngalo ekuqaleni bekuyisinyathelo sokuqala nje; nakuba abantu benalo ulwazi ngoNkulunkulu, kusekhona ukungabaza okuningi okusasele ezinhliziyweni zabo: Wavelaphi uNkulunkulu?

18.7.18

Isahluko 19.Incazelo Yokuzwa KukaNkulunkulu Ubuhlungu Bomhlaba

  UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze ahlupheke esikhundleni somuntu, futhi ngokwenza lokho uzoletha isiphetho esihle esizolandela umuntu. Leso sigaba somsebenzi esaphothulwa nguJesu saba kuphela ngukufana kwakhe nenyama esesonweni nokubethelwa, ukuthatha Kwakhe indawo yomhlatshelo wesono bese esindisa sonke isintu, kanti lokhu kwakha isisekelo sekusasa lomuntu sokungena esiphethweni sakhe esimangalisayo.

15.7.18

19. Ukuzithukulula Emaketangeni Omoya

UWu Wen    Edolobheni laseZhengzhou, EsiFundazweni saseHenan
  Ngangiwumuntu obuthakathaka nozwelayo. Ngenkathi ngingakakholelwa kuNkulunkulu, ngangivame ukuzizwa ngiphansi futhi ngicindezeleka ngenxa yezinto ezazingifikela empilweni.

12.7.18

Isahluko 41. Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu

  Yiziphi izinto eziyimvelo yomuntu? Wazi kuphela ngokonakala, ukungalaleli, amaphutha, ukungapheleli, imicabango, nezinhloso zomuntu, kodwa awukwazi ukuthola izingxenye ezingaphakathi zemvelo yomuntu – wazi kuphela ingxenye engaphandle, kodwa awukwazi ukuthola umsuka wayo. Abanye baze ngisho bacabange lezi zinto ezingaphandle njengemvelo yomuntu, bethi “Bheka, ngiyayiqonda imvelo yomuntu; ngiyakubona ukuzidla kwami. Akuyona imvelo yomuntu leyo?”

11.7.18

25. Ukubaluleka Kokusebenzisana Emsebenzini

UMei Jie    Edolobheni laseJinan, EsiFundazweni saseShandong 

  Emva kokushintshwa kwabaphathi bebandla kubuyela kokwasekuqaleni, ubambiswano lwasungulwa ezingeni lobuholi ngamunye wezinga lendlu kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi ngangicabanga ukuthi lokhu kwakuwuhlelo olulungile.