Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula bekholelwa kuNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula bekholelwa kuNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

30.8.18

53. Yini Ngempela Ukwamukela Iqiniso?

UXiaohe    eDolobheni lasePuyang, esiFundazweni saseHenan

  Esikhathini esidlulile, njalo uma ngifunda amazwi ambulwe nguNkulunkulu mayelana nokuthi abantu abemukeli kanjani iqiniso, ngangingakholwa ukuthi lawo mazwi abhekiswe nakimina. Ngangikuthokozela ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kanye nokukhuluma ngezwi likaNkulunkulu, futhi ngangikwazi ukwamukela nokwazisa konke uNkulunkulu akukhulume njengokuyiqiniso—kungakhathaleki ukuthi kwakuyichoboza kangakanani inhliziyo yami noma kungahambisani kanjani nokubona kwami.

23.8.18

5. Yini umphumela kanye nesiphetho sokuba umhlaba wezenkolo wale umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla
  
  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi "uJehova nguNkulunkulu" futhi "uJesu nguKristu," okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani, umuntu ulandela ngaphandle kokungabaza, futhi ulandela eduze.

19.8.18

47. Izimfihlo Ezifihlwe Ekuphishekeleni

ULi Li     Edolobheni laseDezhou, esiFundazweni saseShandong 

  Esikhathini esingeside esedlule, ngaphakanyiswa ngakhushulelwa ekubeni isisebenzi sesifunda. Ngolunye usuku, ngenkathi sihlangene nalabo engisebenzisana nabo angiyekanga ukucabanga: Kumele ngenze kahle. Uma ngingenzi kahle, bazongibheka kanjani abaholi bami nalabo engisebenzisana nabo?Ngenxa yalokho, lapho sixoxa ngesihloko ndawonye, inqobo nje uma ngiyiqonda kancane indaba okuxoxwa ngayo, ngangizama ukuba owokuqala ukusho okuthile, nokho uma ngingayiqondi indaba okuxoxwa ngayo futhi ngingakwazi ukuphawula, ngangizithola ngikhathazekile.

18.8.18

45. Imigomo Yempilo Ymai Yangishiya Ngilimele

UChangkai eDolobheni laseBenxi, esiFundazweni saseLiaoning

  Amazwi ajwayelekile athi “Abalungile baba ngabokugcina” amazwi engiwajwayele kakhulu. Mina nomyeni wami sasingabantu abangenabuqili: Uma kukhulunywa ngezinto ezibandakanya ukuhlomula noma ukulahlekelwa kwethu, sasingelona uhlobo lwabantu oluhilizisana luphinde ludidiziselisane nabanye.

12.8.18

Isandulela

  Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe. Yingakho ngingamangali uma bonke laba abangamazi uNkulunkulu benezinkolelo ezididayo.

5.8.18

40. Kunenjabulo Enkulu Ekwethembekeni

UGan’en Edolobheni LaseHefei, Esifundazweni Sase-Anhui

  Empilweni yami, yilokhu ngaphila ngamagama athi, “Umuntu akufanele abe nenhliziyo efuna ukulimaza abanye, kodwa aqaphele ukuze angalimali” ekuhlaleni nabantu. Angilokothi nginikeze ukuthemba kwami ebantwini kalula nje. Bengihlala ngicabanga ukuthi ezimweni lapho ungazazi izinhloso zangempela zomunye umuntu, akufanele usheshe kakhulu uvezele omunye umuntu imicabango.

31.7.18

31. Angikulungele Ukubona UKristu

UHuanbao    Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning

  Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma kakhulu abafowethu nodadewethu abakwazi ukwamukela inkonzo yomuntu siqu noKristu, abakwazi ukuzwa izintshumayelo Zakhe ezindlebeni zabo. Enhliziyweni yami, ngicabangile ukuthi kungaba kuhle kangakanani uma ngelinye ilanga esikhathini esizayo ngingezwa izintshumayelo zikaKristu, kodwa-ke phela ukumbona Yena kungaba kuhle kakhulu. Kodwa kamuva nje, ngokulalela ukuhlanganyela Naye, sengiba nomuzwa ojulile enhliziyweni yami wokuthi angifanelekile ukubona uKristu.

18.6.18

UMLANDO WOKUHLUSHWA NGENXA YENKOLO ECHINA: NGUBANI UMENZI WOKUBI? (Iziqeshana)


Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseShayina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eShayina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda onke amandla akhonzela ezindlini.

10.3.18

Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Wonke umuntu ubona sengathi ukuphatha kukaNkulunkulu kuyinto engajwayelekile ngoba abantu bacabanga ukuthi ukuphatha kukaNkulunkulu akuhlangene nomuntu. Bacabanga ukuthi lokhu kuphatha kungumsebenzi kaNkulunkulu yedwa, indaba kaNkulunkulu uqobo, ngakho isintu asikhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu.

14.2.18

Umsebenzi Nokungena (6)

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umsebenzi kaNkulunkulu,funa uNkulunkulu

  Umsebenzi nokungena kuyizinto ezizuzwa ngokoqobo futhi eziqondiswe emsebenzini kaNkulunkulu nasekungeneni komuntu. Umuntu akabuqondisisi ubuso bukaNkulunkulu bangempela nomsebenzi kaNkulunkulu olethe ubunzima obukhulu ekungeneni kwakhe. Kuze kube namuhla, abantu abaningi abakawuboni umsebenzi uNkulunkulu awufeza ngezinsuku zokugcina noma ukuthi kungani uNkulunkulu ebekezelela ukuhlazeka okungaka bokuza enyameni abhekane nosizi lomuntu. 

11.1.18

Ingabe Uyikholwa LikaNkulunkulu Leqiniso?

ukwethemba uNkulunkulu

Mhlawumbe uhambo lwenu lokholo kuNkulunkulu seluthathe unyaka owodwa noma emibili, futhi ekuphileni kwakho kule minyaka ubulokhu ubekezelela ubunzima obukhulu; noma mhlawumbe awukaze ubhekane nobunzima, kunalokho ubulokhu wamukela umusa. Kungenzeka nokuthi awukaze udlule ebunzimeni noma uboniswe umusa, kodwa esikhundleni salokho bewuphila impilo evamile. Noma kunjalo, usengumlandeli kaNkulunkulu, ngakho ake sixoxe ngendaba yokumlandela.