Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umusa kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umusa kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

23.12.19

Abantu Izimo Zabo Eziguqukile Yilabo Abangene Eqinisweni Lamazwi KaNkulunkulu

Indlela uMoya oNgcwele asebenza ngayo kubantu ukuqala ngokukhipha izinhliziyo zabo kubo bonke bantu, izigameko, nezinto uzifake emazwini kaNkulunkulu ukuze bonke bakholwe ezinhliziyweni zabo ukuthi amazwi kaNkulunkulu kuphela angenakungatshazwa futhi ayiqiniso eliphelele.

2.12.19

Impilo Yangokomoya Elungile Ibuyisela Abantu Endleleni Eyiyonayona

umusa kaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

Nisahambe ibanga elincane kabi endleleni yekholwa elikholelwa kuNkulunkulu, futhi nisazongena endleleni eyiyona, ngakho liselide kakhulu ibanga ngaphambi kokufinyelela ezingeni likaNkulunkulu. Kodwa manje, isimo senu asenele ukuba nihlangabezane nezimfuno zaKhe. Ngenxa yesimo senu kanjalo nemvelo yenu enizelwe nayo eyonakele, ngaso sonke isikhathi niphatha umsebenzi kaNkulunkulu ngokunganaki futhi ningawuthatheli phezulu. Nansi into eyinkinga yenu enkulu enisilele kuyona. Phezu kwalokho, anikwazi ukuthola indlela kaMoya oNgcwele.

28.11.19

Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu


umusa kaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

Kubantu, akunakwenzeka ukuthi inzalo kaMowabi ingapheleliswa futhi ayikufanelekeli ukuba ibe njalo. Amadodana kaDavide, ngolunye uhlangothi, ngokuqinisekile analo ithemba futhi ngokuqinisekile angakwazi ukupheleliswa. Uma nje umuntu eyinzalo kaMowabi, ngeke akwazi ukupheleliswa. Ngisho nanamuhla, anikwazi ukubaluleka komsebenzi owenziwa phakathi kwenu; kuze kube kulesi sigaba nisanamathemba esikhathi esizayo ezinhliziyweni zenu futhi anifuni ukuwadela.

27.11.19

Isimilo Senu Sibi Kakhulu!

umusa kaNkulunkulu

Nonke nihlezi ezihlalweni zikanokusho, nifundisa labo bezizukulwane ezisencane ukuthi obani abawuhlobo lwenu, nibahlalise nani. Kwenzeka kanjani ukuba ningazi ukuthi lezo "zingane" zenu zase zivele zingasaphefumuli, nokuthi zazingenawo umsebenzi Wami kusukela kudala? Udumo Lwami lukhazimula lusuka ezweni laseMpumalanga luya ezweni laseNtshonalanga, kodwa uma udumo Lwami lusabalala luya emaphethelweni omhlaba nalapho luqala luphakama lukhazimula, ngizosusa udumo Lwami lwaseMpumalanga ngilulethe eNtshonalanga ukuze laba bantu bobumnyama eMpumalanga asebengihlamukile bangabi nakho ukukhazimula kokukhanya kusukela manje kuya phambili.

4.11.19

Ukubusiswa Ngenxa Yokugula—I-Eseyi emayelana noThando lukaNkulunkulu

unkulunkulu uthando,insindiso kaNkulunkulu

UDujuan eJapan

Ngazalelwa emndenini ompofu emzini wasemakhaya. Kusukela ngiseyingane, ngangiphila impilo enzima futhi ngangibukelwa phansi abanye abantu. Ngesinye isikhathi ngangingazi nokuthi ngangizoba naso yini isidlo esilandelayo, angisayiphathi-ke indaba yezidlo zokubamba umoya kanye namathoyizi. Ngenxa yokuthi umndeni wami wawumpofu, ngesikhathi ngangimncane, ngangigqoka amasekeni kadadewethu omdala.

29.10.19

Ngathola Ukukhanya Kweqiniso

umusa kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UQiuhe  eJapan

Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika. Kusukela ebuncaneni bami, bengihamba Imisa esontweni nomkhulu nogogo. Ngenxa yomthelela wendawo yangakithi nokukholwa kwami uNkulunkulu,

24.10.19

Ukuthola Indlela Ebuyela Emuva Ngemuva Kokulahleka

umusa kaNkulunkulu,unkulunkulu uthando,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UXieli, eMelika

Ngangihlale ngifuna impilo yenjabulo nezinga eliphakeme lokuphila, ngakho ngaya eMelika ukuze ngizosebenza kanzima ngokusemandleni ami. Emva kweminyaka embalwa yokusebenza kanzima nokuhlupheka, ngakwazi ukuthola kancane kancane izinto engangizifuna: inkampani yami, imoto yami, indlu yami, njll. Ekugcineni ngase ngiphila impilo “yenjabulo” engangikade ngiphupha ngayo.

14.10.19

Ihubo Lalokho Obhekane Nakho Empilweni Dumisani Okufezwe Umsebenzi KaNkulunkulu


 I
Umsebenzi kaNkulunkulu omkhulu ushintsha ngokushesha okukhulu,
kunzima ukuwuqonda, uyabathonya abantu.
Bheka eduze kwakho, akusafani nasekuqaleni,
yonke into yinhle futhi yintsha.
Yonke into ivuselelwe, konke kwenziwe kabusha,
konke kwenziwe kwaba msulwa.

24.9.19

Sengiyakwazi Ukuhlukanisa Phakathi KukaKristu Wangempela NoKristu Bamanga

unkulunkulu uthando,umusa kaNkulunkulu

UChuanyang. eMelika

Ngo-2010, ubusika eMelika bangenza ngagodola kakhulu. Ngaphezu kokubanda okuhlabayo kudalwa inhlanganisela yomoya nokukhithika, okwakukubi nakakhulu ukuthi inhliziyo yami yayingenelwe futhi yahlaselwa “yigagasi elibandayo” Kulabo kithina abasebhizinisini lokuhlobisa ezindlini, ubusika yisikhathi esinzima kakhulu sonyaka, ngoba uma ubusika buqala uba mncane kakhulu umsebenzi. Sibhekana nokulahlekelwa nayimisebenzi yethu.

4.8.19

Ngiyitholile Intokozo Yeqiniso

unkulunkulu uthando,insindiso kaNkulunkulu

uZhang Hua, eCambodia

Ngazalelwa emndenini ojwayelekile nje wabalimi. Yize noma umndeni wami wawungacebile, ubaba nomama babethandana futhi bengiphethe kahle. Impilo yomndeni wami yayiphuphuma futhi ibusisekile. Ngithe uma ngikhula, ngazitshela ukuthi: Kumele ngithole umyeni ozongiphatha kahle futhi kumele sizakhele umndeni onokuthula nojabulile.

19.7.19

Ukukhanya Kufudumele Uma Udlula Emhubheni

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umsebenzi kaNkulunkulu

uWang Yuping, eChina

Njengabo bonke abanye abafowethu nodadewethu abomele ukubuya kweNkosi uJesu, nami ngilangazelele ukuba iNkosi yethu ibuye ukuze isamukele embusweni wezulu masinya ukuze sikwazi ukuthokozelela izibusiso zalo. Ngolunye usuku ngoNovemba ka-2006 ngagcina sengizizwile izindaba zokubuya kweNkosi.

14.7.19

Ukufohla Enkungwini Ukuze Ngibone Ukukhanya

insindiso kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UFaith eChina

Ngiyisisebenzi esijwayelekile. Ekupheleni kukaNovemba, 2013, umlingani engisebenza naye wabona ukuthi mina nenkosikazi yami sizohlala njalo sibanga umsindo ngezinto ezincane, nsuku zonke sasihlala sikhathazekile futhi silusizi, wase edlulisela kithina umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ngezinsuku zokugcina. Ezwini likaNkulunkulu uSomandla, sifunde ukuthi amazulu nomhlaba nazo zonke izinto zadalwa uNkulunkulu, nokuthi impilo yomuntu inikezwe uNkulunkulu.

15.6.19

South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"


South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"


I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.
Ngisho noma ngabe akukho muntu emhlabeni omukela amazwi Akhe,
ukubaluleka kwawo nosizo lwawo kumuntu akulinganiseki.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.

28.5.19

2. Ingabe ubufakazi beqiniso benkolo kuNkulunkulu uma umuntu ethokozela kuphela umusa kaNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,funa uNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi inkolo yakho kuNkulunkulu ifadabele. UNkulunkulu usevele uwenzile umsebenzi wesiqephu esisodwa womusa enyameni, futhi usevele wathululela izibusiso zezinto eziphathekayo phezu komuntu—kodwa umuntu akakwazi ukupheleliswa ngomusa, uthando, nesihawu kuphela.

14.4.19

Ngakwamukela Ukubuya KweNkosi

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,funa uNkulunkulu

uQingxin, eMyanmar

Abazali bami bobabili bangamaKristu futhi kusukela ebuncaneni bami ngaqala ukuya nabo enkonzweni ukuze ngithamele izinkonzo. Lapho ngineminyaka eyi-12 ngahambela ikhempu enkulukazi yamaKristu eMyanmar, futhi ngenkathi ngilapho umfundisi othile wathi kimina: “Ukuphela kwendlela yokugwema ukufa beseungena embusweni wezulu ukubhaphathizwa.”

10.4.19

Ngokuncintisana Ngale Ndlela, Ngihlomula Kakhulu

uMa Xin, eChina 

Njengoba umyeni wami wayengeyena umuntu ozibandakanya emsebenzini wokwethembeka, wayevame ukuphuza utshwala futhi engabonakalisi kukhathalela izindaba zomndeni, ngangivame ukucwila enhliziyweni embi nasebuhlungwini. Esikhathini lapho ngingenamandla okuzabalaza ngiqhubeke, isihlobo esithile sangilethela ivangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla. Ngokufunda izwi likaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi: UNkulunkulu uveza iqiniso futhi wenza umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina ukuze asindise isintu ezandleni zikaSathane.

2.4.19

Ukuhamba Endleleni Ekhanyayo Yempilo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

uXieli, eMelika 

Ngangivame ukuba ngumuntu owayelandela izinto zezwe, ngangifuna ukuzinikela empilweni yokuzijabulisa, futhi engangikukhathalela nje kwakuyinjabulo yenyama. Ngangivame ukuhamba nabangani bami siye e-KTV ubusuku bonke, ngangithokozela ama-joyride phakathi nobusuku, ngangiya kodoba olwandle, futhi ngihambe yonke indawo ngifuna ukudla kweqophelo eliphezulu. Ngangiye ngibone nalabo ababengizungezile, nabo bonke babezama ukudla kahle, bagqoke izingubo ezinhle, futhi bajabulele izinto ezinhle.

27.3.19

EZwini LikaNkulunkulu USomandla, Ngithole Indlela Yami Yempilo

UNovo ePhillippines

Igama lami nginguNovo, ngingumFiliphi. Kusela ngisemncane, ngangikholwa uNkulunkulu nomama wami. Ngangiya enkonzweni nabafowethu nodadewethu siyolalela izintshumayelo. Nakuba ngangikholwa yiNkosi iminyaka eminingi, ngangizizwa sengathi angikholwa. Ngaphakathi enhliziyweni yami, usuku lonke, ngangiye ngicabange ukuthi ngingayihola kanjani imali eningi ngiphile impilo engcono. Ngaphezu kwalokho, ngangike ngiye kophuza nabangani.

23.3.19

Indlela Engacishe Ngaba Ngayo Yintombi Eyisiwula

ULi Fang, EChina 

Ngokwindla wango-2002, uDadewethu uZhao ovela ehlelweni lami, iBandla Leqiniso, waletha umshana wakhe, uDadewethu uWang, ekhaya lami ukuzongitshela izindaba ezinhle zokuthi iNkosi yase ibuyile. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa zokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla nokulalela ukuhlanganyela okuchaza kahle kukadadewethu, ngaqonda kahle ukuthi kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje uNkulunkulu wenze izigaba ezintathu zomsebenzi ukuze asindise isintu.

21.3.19

Ukuphaphama Komphefumulo Okhohlisiwe

uYuanzhi, eBrazil

Ngazalelwa edolobheni elincane eNyakatho neChina. Ngo-2010, ngalandela izihlobo zami ngaya eBrazil. EBrazil, ngajwayelana nomngane ongumKristu. Wangivakashisa ebandleni ukuba ngilalele izintshumayelo. Nakuba ngaya kathathu, akuzange kugxile kimina. Ngemuva kwalokho, ngaba matasa emsebenzini wami, angibange ngisabuyela ebandleni kwaze kwaba ngolunye usuku ngoJuni, 2015, lapho umngane wami aphinda wangiletha ebandleni futhi.