Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula igunya likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula igunya likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

30.12.19

Isingeniso

“Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana” yingxenye yesibili yamazwi ashiwo uKristu. Kule ngxenye, uKristu usebenzisa isiqu sikaNkulunkulu Uqobo. Ahlanganisa inkathi esukela kuFebhuwari 20, 1992 kuya kuJuni 1, 1992, futhi esewonke ayingqikithi yezahluko ezingamashumi amane nesikhombisa. Indlela, okuqukethwe, nokubuka kwamazwi kaNkulunkulu kula mazwi akwefani neze “Amazwi KaKristu Ekuqaleni”.

30.11.19

Isahluko 11

umsebenzi kaNkulunkulu,igunya likaNkulunkulu

Wonke umuntu kubantu kufanele amukele ukuhlola koMoya Wami, kufanele babhekisise konke ukukhuluma nokwenza kwabo, futhi, ngaphezu kwalokho, kufanele babheke izenzo Zami ezimangalisayo. Uzizwa kanjani ngesikhathi sokufika kombuso emhlabeni? Uma amadodana Ami nabantu Bami babuye bathutheleke esihlaweni Sami sobukhosi, ngiqala ngokusemthethweni ukwahlulela ngaphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi esimhlophe.

3.3.19

3. Yikumaphi amaphuzu lapho Amandla nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kwambulwa khona?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,uNkulunkulu wokuhlakanipha

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Amazwi kaNkulunkulu ayigunya, amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, futhi ngaphambi kokuthi aphume emlonyeni Wakhe, okungukuthi, uma ethatha isinqumo sokwenza okuthile, leyo nto seyifezekile.

21.2.19

Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,intando kaNkulunkulu

Namuhla sidlulisa isihloko esibalulekile. Lesi sihloko bekulokhu kukhulunywa ngawo kusukela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu kuze kube manje, futhi sibaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu. Ngamanye amazwi, lena indaba wonke umuntu ayohlangana nayo kuso sonke isigaba sokukhonza kwakhe uNkulunkulu futhi indaba okumele kukhulunywe ngayo. Indaba ebucayi, futhi isintu esingeke sikwazi ukuyigwema.

6.12.18

Best South African Gospel Song “UNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga” Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu (Zulu)


Best South African Gospel Song “UNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga” Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu (Zulu)

I
UNkulunkulu unike inkazimulo yakhe ku-Israyeli wase eyisusa,
eletha u-Israyeli nabantu bonke eMpumalanga.
UNkulunkulu usebaholele bonke ekukhanyeni
ukuze babumbane futhi bahlangane nokukhanya,
bengasadingi ukufuna ukukhanya.

3.12.18

Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu


 Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu

Yini eyadala ukuphakama koMbuso wamaNgisi owake wanedumela? Futhi yini eyaholela ekuweni kwawo? Buka isiqephu sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu ukuze uthole okwengeziwe ngeqhaza elibalulekile uMbuso wamaNgisi owalibamba ekuthuthukeni kwesintu.

28.11.18

2018 Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwezulu Nomhlaba (Zulu Subtitles)


South African Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwezulu Nomhlaba (Zulu Subtitles)

Izulu nomhlaba kubanzi ngokungenamkhawulo, nezinkanyezi ezingabaleki ezakha umzungezo oowenziwe ngobunyoninco…. Uyafisa ukuthola ukuthi ngubani owadala imihlaba esemkhathini wezulu nomhlaba, futhi ngubani oyalela indlela yayo?

24.11.18

2018 Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukudala KukaNkulunkulu Umhlaba (Zulu Subtitles)


 Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukudala KukaNkulunkulu Umhlaba (Zulu Subtitles)

UGenesise ulandisa ngendlela, ekuqaleni, uNkulunkulu adala ngayo umhlaba ngokumangalisayo. Lesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu sikwethulela isenzo esimangalisayo sikaNkulunkulu sokudala umhlaba.

23.11.18

2018 Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwesiqalo Nekusasa Lesintu (Zulu Subtitles)


South African Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwesiqalo Nekusasa Lesintu (Zulu Subtitles)

Kusuka lapho sifika sikhala emhlabeni, siqala ukudlala izindawo ezehlukene empilweni. Sisuka ekuzalweni siye ebudaleni siye ekuguleni siye ekufeni, sihamba phakathi kokujabula nosizi.… Sivelaphi ngempela isintu, futhi sizoya kuphi ngempela?

14.11.18

Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwezinto Zonke Ezulwini Nasemhlabeni (Zulu Subs)


South African Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwezinto Zonke Ezulwini Nasemhlabeni (Zulu Subs)

Isintu besilokhu sifuna lezi zimpendulo iminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa: kwenzeka kanjani ukuthi imihlaba esemkhathini iqhubeke ngokuhleleka okuphelele kangaka? Kungani zonke izinto eziphilayo zihlale zihamba ngokuzungeza zilandela imithetho engaguquki?

6.4.18

Ingabe Uyazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,igunya likaNkulunkulu

  Inkathi endala seyidlulile, futhi inkathi entsha seyifikile. Unyaka nonyaka, usuku nosuku, uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu. Wafika emhlabeni wabuye wawushiya ngesikhathi esifanele. Umjikelezo onjalo sewuqhubekile ezizukulwaneni eziningi. Kulolu suku, uNkulunkulu uyaqhubeka ukwenza njengakuqala umsebenzi okufanele awenze, umsebenzi okusafuneka awuqedele, ngoba kuze kube namhlanje, akakangeni ekuphumuleni.

28.2.18

INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa.

22.2.18

Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu uyisiqalo somsebenzi wami emhlabeni jikelele.

20.2.18

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)


"Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa.

11.2.18

Isahluko 26

Kuwo wonke amazwi akhulunywa uNkulunkulu, kuyabonakala ukuthi usuku lukaNkulunkulu luyasondela usuku ngosuku. Kusengathi lolu suku selulapha phambi kwamehlo abantu, sengathi luzofika kusasa. Ngalokhu, emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, bonke abantu bashaywa uvalo, futhi banomuzwa wencithakalo yomhlaba.

27.1.18

UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo

  Isigaba esisodwa somsebenzi wezinkathi ezimbili ezingaphambilini senzeka kwa-Israyeli; esinye senzeka eJudiya. Uma sikhuluma ngokujwayelekile, asikho esalezi zigaba zomsebenzi esashiya u-Israyeli; kwabe kuyizigaba zomsebenzi ezazenziwe phakathi kwabantu abakhethiweyo basekuqaleni. Ngakho, ngokubona kwama-Israyeli, uJehova uNkulunkulu nguye kuphela onguNkulunkulu wama-Israyeli. Ngenxa yomsebenzi kaJesu eJudiya, nangenxa yokuphetha kwakhe umsebenzi wokubethelwa, ngokubona kwamaJuda, uJesu nguMhlengi wamaJuda.

14.1.18

Isahluko 36

igunya likaNkulunkulu,ukwazi intando kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UNkulunkulu USomandla uthi:

"Konke kuhlelwa yisandla Sami. Ngubani onesibindi sokwenza njengokuthanda kwakhe? Ngubani ongakuguqula kalula? Abantu bazintantela emoyeni, behamba nothuli njengokuhamba kwalo, ubuso babo bungcolile, bubenza babe babi kusukela ekhanda kuya ozwaneni. Ngibuka ngisemafini ngenhliziyo esindayo: Kungani umuntu, obephuphuma umfutho, eguqukile ekubeni nje? Kungani-ke engakunakile lokhu, elukhuni futhi ngakho? Kungani “ezidedela ahambe” bese ezivumela ukuthi embozwe ukungcola?

10.1.18

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

igunya likaNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu,umthombo wokuphila

     Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi.

9.1.18

UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

igunya likaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu,ukulunga kukaNkulunkulu

Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu.

30.12.17

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II

UNkulunkulu uSomandla,funa uNkulunkulu,umusa kaNkulunkulu

Isimo SikaNkulunkulu Esilungile

Manje njengoba benikade nilalele ingxoxo yangaphambilini mayelana negunya likaNkulunkulu, ngiqinisekile ukuthi senihlome ngenqwaba yamagama ngalolo daba. Ukuthi nizokwazi ukwemukela futhi niqonde, konke, kuncike ekutheni nizozikhandla kanganani ekukusebenziseni. Kuyithemba Lami ukuthi ningayithatha le ndaba ngobuqotho; ningalinge niyenze ngokuzidonsa nje! Manje, ukwazi igunya likaNkulunkulu kufana nokwazi konke ngoNkulunkulu?