Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ubungcwele bukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ubungcwele bukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

9.9.19

17. Yini uKristu wamanga? Ubonakala kanjani uKristu wamanga?

umsebenzi kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye.

28.8.19

6. Ngonjani umuntu othembekile? Kungani uNkulunkulu ethanda abantu abathembekile?

ubungcwele bukaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu.

24.5.19

3. Kungani iqiniso elichazwa nguNkulunkulu ezinsukwini zokugcina likwazi ukuhlanza umuntu, limphelelise umuntu futhi libe yimpilo yomuntu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umsebenzi kaNkulunkuluigunya likaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo.

22.5.19

2. Kuyoba yini umphumela uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu Oyedwa ngokwethembela olwazini lwesayensi yezindaba zenkolo eBhayibhelini?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ucwaningo lwebhayibheli

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, futhi bangidumisa ngezindebe zabo; kodwa inhliziyo yabo ikude nami. Kodwa bangikhonza ngeze, bafundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu” (UMathewu 15:8-9).

“Ngoba igama liyabulala, kodwa umoya unika ukuphila” (2 Korinte 3:6).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

2.5.19

1. Kungani iNkosi UJesu eqalekisa AbaFarisi? Yini ngempela umongo WobuFarisi?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Kungani nani neqa umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu? Ngoba uNkulunkulu wayala, wathi, Hlonipha uyihlo nonyoko: nokuthi, Lowo oqalekisa uyise noma unina, makafe nokufa. Kodwa nithi, Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi, Kuyisipho, lokho ongabe usizwe yimi ngakho; Futhi angahloniphi uyise noma unina, uyakukhululeka. Kanjalo nenze umyalo kaNkulunkulu waba yize ngesiko lenu.

5.3.19

Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Okokuqala, ake sihube ingoma: Iculo Lombuso (I) Umbuso Wehlele Emhlabeni

Kukhala izinsimbi: Abantu bahalalisela uNkulunkulu, abantu bayadumisa uNkulunkulu, yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, umbuso wehlela emhlabeni.

1. Abantu bahalalisela uNkulunkulu, abantu badumisa uNkulunkulu; yonke imilomo, ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo abo ukubheka izenzo zikaNkulunkulu.

25.2.19

2. Ingabe umuntu angazi kanjani isimo sikaNkulunkulu nomongo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ubungcwele bukaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu. Kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo.

3.1.19

4. Yini imvelo yenkinga yomuntu engakwazi ukubaluleka kwegama likaNkulunkulu hhayi ukwamukela igama elisha LikaNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi “uJehova nguNkulunkulu” futhi “uJesu nguKristu,” okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani, umuntu ulandela ngaphandle kokungabaza, futhi ulandela eduze. Ngale ndlela, umuntu ubengasuswa kanjani uMoya ONgcwele?

25.5.18

Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe

Ngabe yini le esiyamukelwe umuntu kusukela aqala ukukholwa kuNkulunkulu? Bewazini ngoNkulunkulu? Ngabe sewuguquke kangakanani njengoba sewukholwa kuNkulunkulu? Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngothando lukaNkulunkulu, njalo njalo.

12.5.18

Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Iminyaka eminingi uMoya kaNkulunkulu ubefuna ngokungaphezi njengoba esebenza emhlabeni. Ezinkathini eziningi uNkulunkulu usesebenzise abantu abaningi kakhulu ukwenza umsebenzi Wakhe. Kepha uMoya kaNkulunkulu awukabi nayo indawo efanele ongaphumulela kuyo. Ngakho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, eya kubantu abehlukene ngokungaphezi, futhi kukho konke usebenzisa abantu ukuze enze lokhu.

6.5.18

Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,yazi uNkulunkulu

Ukuze unikeze ubufakazi ngoNkulunkulu futhi uhlazise udrako omkhulu obomvu kumele ube nesimiso, kanye nomgomo: Enhliziyweni yakho kumele uthande uNkulunkulu, futhi ungene emazwini kaNkulunkulu. Uma ungangeni emazwini kaNkulunkulu, awunakuba nayo nhlobo indlela yokuhlazisa uSathane. Ngokukhula ekuphileni kwakho, ulahla udrako omkhulu obomvu futhi umhlazisa ngokuphelele, futhi yileyo kuphela indlela yokuhlaza ngempela udrako omkhulu obomvu.

18.4.18

Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Umuntu ubelokhu ephila ngaphansi kwendwangu yethonya lobumnyama, eboshiwe ethonyeni likaSathane kungekho ukuphunyuka. Futhi isimo somuntu, emuva kokuguqulwa uSathane, siya ngokuya sikhula ekukhohlakaleni. Umuntu angathi umuntu yilokhu aphila nesimo sakhe senkohlakalo yobusathane, engakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Njengoba kunje, uma umuntu efisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele asuswe ukuzibona engolungileyo, ukuzibona ebalulekile, ukuzidla, ubuqha, nokunye okunjalo, konke okungokwesimo sikaSathane.

7.4.18

Imithetho YeNkathi Entsha

 
IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Nitshelwe ukuthi nizihlomise ngamazwi kaNkulunkulu, ukuthi ngaphandle kwalokhu enikuhlelelwe, konke kuhlelwe yisandla sikaNkulunkulu, nokuthi asikho isidingo somthandazo wenu oqotho noma wokunxusa – akunalo usizo. Kodwa esimweni samanje, izinkinga ezingokoqobo enibhekene nazo azinakucatshangwa yinina.

28.3.18

Ukukhonza Kwenkolo Kumele Kususwe

  Kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe endaweni yonke, uNkulunkulu wanqumela kusengaphambili abantu abaningi ukuba bamkhonze, kuhlanganisa abantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila. Injongo Yakhe ukufeza intando Yakhe nokuqiniseka ngokuthi umsebenzi Wakhe emhlabeni uthela kahle izithelo.

21.3.18

Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe – ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi.

12.3.18

Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ilalelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini Yombuso

 “1. Umuntu akumele azenze mkhulu, noma aziphakamise. Kumele akhonze futhi aphakamise uNkulunkulu.

 2. Kumele wenze noma yini eyinzuzo emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ungenzi lutho oluzolimaza izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Kumele uvikele igama likaNkulunkulu, ubufakazi bukaNkulunkulu, nomsebenzi kaNkulunkulu.

7.3.18

Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UNkulunkulu USomandla uthi: "UNkulunkulu wokuqala owaba sesimweni somuntu waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emithathu nengxenye yaleyo minyaka. Kokubili ngesikhathi asebenza ngaso, nangaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe, wayenobuntu obujwayelekile. Wahlala ebuntwini Bakhe obejwayelekile iminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye.

26.2.18

Izexwayiso Ezintathu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Njengekholwa likaNkulunkulu, akumele wethembeke kunoma ubani omunye ngaphandle Kwakhe kukho konke futhi kumele ukwazi ukuhambisana nentando yakhe kuzo zonke izinto. Noma kunjalo, nakuba wonke umuntu eyiqonda le mfundiso, la maqiniso asobala futhi avamile, ngokumuntu, awabonakali ngokugcwele kuye, ngenxa yobunzima bakhe obehlukene, njengokungazi, ukungabi nangqondo nenkohlakalo.

22.2.18

Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu uyisiqalo somsebenzi wami emhlabeni jikelele.

15.2.18

Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ngamunye wenu kumele nihlole kabusha ukuphila kwenu kokukholelwa kuNkulunkulu ukuze nibone ukuthi, ekulandeleni uNkulunkulu, nikuqondisisile ngempela yini, nokuthi nifinyelele yini ekumazini ngeqiniso uNkulunkulu, nokuthi ingabe nisazi ngempela yini isimo somqondo sikaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukene zabantu, kanye nokuthi ingabe nikuqonda ngempela yini lokho uNkulunkulu akwenzayo kini nanokuthi ingabe uNkulunkulu uzibheka kanjani zonke izenzo zenu.