18.7.18

Isahluko 19.Incazelo Yokuzwa KukaNkulunkulu Ubuhlungu Bomhlaba

  UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze ahlupheke esikhundleni somuntu, futhi ngokwenza lokho uzoletha isiphetho esihle esizolandela umuntu. Leso sigaba somsebenzi esaphothulwa nguJesu saba kuphela ngukufana kwakhe nenyama esesonweni nokubethelwa, ukuthatha Kwakhe indawo yomhlatshelo wesono bese esindisa sonke isintu, kanti lokhu kwakha isisekelo sekusasa lomuntu sokungena esiphethweni sakhe esimangalisayo. Wathatha izono zomuntu zathwalwa Nguye futhi yena wathatha isimo senyama nesono wabethelwa; Wathwala izono zomuntu wayeseba ngumnikelo wesono, emva kwalokho sonke isintu sasindiswa. Okungukuthi, laba ubufakazi bokuthi umuntu angaba ngongenasono futhi ekugcineni eze phambi kukaNkulunkulu: Kwaba yisenzo sokugadla empini yokulwa noSathane. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uzophothula umsebenzi Wakhe futhi afinyelelise inkathi endala esiphethweni, Futhiuzoletha labo bantu abasasele esiphethweni sabo esihle. Ngakho uNkulunkulu usephinde waba yinyama futhi, ufike wezwa ubuhlungu esikhundleni somuntu. Konke ukuhlupheka komuntu kuzosuswa kubona ngalobu bufakazi, lesi senzo, lapho uNkulunkulu eletha ubufakazi Ngaye futhi esebenzisa lobu bufakazi ukwahlula uSathane, ukuhlazisa udeveli, kanye nokubeka isintu esiphethweni saso esihle. Abanye abantu bathi: “Umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu usenziwa nguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Akuyona le nyama ekwenzayo, kwenziwa ngaphansi kokulawulwa uMoya ngaphakathi.” Ingabe kulungile ukusho lokhu? Akulungile. Sekuke kwashiwo ngaphambilini ukuthi umsebenzi wokunqoba kukaNkulunkulu esesimweni somuntu wenziwa esintwini esijwayelekile, lokho okubonayo isintu esijwayelekile, kube empeleni kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe owenza umsebenzi, nokuthi umsebenzi le nyama ewenzayo wenziwa uNkulunkulu Ngokwakhe. Kwachazwa kwaphinde kwahlanganyelwa ngale ndlela. Abantu esikhathini esiningi bacabanga ukuthi le nyama iyithuluzi nje noma igobolondo. Uma uNkulunkulu ngaphakathi Kuwe ekhuluma noma ezilawula Yena, khona-ke le nyama ikhuluma noma yenza, futhi ayenzi lutho ngaphandle kokulawulwa nguNkulunkulu. Uma elawulwa ukuba asho okuthile ube esesho okuthile, kungenjalo uhlala ethule. Ingabe isimo sinjalo? Cha, asinjalo. Incazelo enamandla kakhulu manje yile: Elinye iphuzu ngoNkulunkulu ephenduka inyama ezinsukwini zokugcina ukuba uze ukuzokwenza umsebenzi wokunqoba kanye nokufinyelelisa lesi sikhathi esiphelweni; elinye iphuzu ukuthi ukuzwa kwenyama ubuhlungu bomhlaba kungukuzwa kukaNkulunkulu uqobo ubuhlungu bomhlaba—Inyama kaNkulunkulu noNkulunkulu Ngokwakhe bamunye. Le nyama ayilona ithuluzi njengoba abantu becabanga ukuba unjalo, futhi ke ayilona igobolondo nje; injalo nje ayiyona into eyinyama engalawulwa nje, njengoba abantu becabanga. Le nyama ihlanganise konke uNkulunkulu Ngokwakhe ayikho. Abantu empeleni bayiqonda njengento elula kakhulu. Ihlanganyelwe kanjalo, lapho-ke abantu bazoyihlukanisa kalula inyama noMoya. Manje abantu kufanele baqonde elinye iphuzu: UNkulunkulu esenyameni uthole ukuzwa ubuhlungu bomhlaba; zonke izinhlupho nokugula uNkulunkulu esenyameni akuzwile kuyizinto okungafanele akuzwe. Abanye abantu bacabanga ukuthi, njengoba engumuntu ojwayelekile, ngakho lobu buhlungu abugwemeki. Bacabanga ukuthi: “Abantu bazophathwa yikhanda babe nemfiva nje engatheni, Naye uzoba nalokhu. Lokhu kuyinto engeke yagwemeka, njengoba engumuntu osenyameni ejwayelekile. Akekho ngaphezu konke. Ungumuntu ojwayelekile futhi kufanele ezwe bonke ubuhlungu obuzwiwa ngabantu. Kufanele ezwe ukushisa njengoba abantu bezwa futhi aqhuqhwe amakhaza, njengoba nabantu ebaqhuqha….” Uma ucabanga kanje, kusho ukuthi ubona kuphela ukujwayeleka kwenyama. Le nyama ejwayelekile ifana ncamashi nomuntu ngaphandle kokwahluka. Empeleni, konke akuzwayo akunancazelo. Abantu ngokuvamile bayagula, noma bahlushwe okuthile, futhi lokhu yilokho abantu okufanele babhekane nakho. Abantu abonakele kufanele bahlupheke ngale ndlela, futhi lo umthetho ojwayelekile. Kungani uNkulunkulu osesimweni somuntu ezwa lokhu kuhlupheka? Ingabe uJesu kwakufanele abethelwe esiphambanweni? UJesu wayeyindoda elungile. Ngokusho kwemithetho yaleso sikhathi nazo zonke izinto azenza, kwakungafanele abethelwe. Pho kungani abethelwa? Wabethelwa ukuze isintu sisindiswe. Ingabe bonke ubuhlungu nakho konke ukushushiswa uNkulunkulu osesimweni somuntu wamanje abhekane nakho kwenzeka ngephutha? Noma ingabe uNkulunkulu wakuhlela ngenhloso? Akuyena uNkulunkulu owakuhlela ngenhloso, futhi akuthukanga kwaqondana. Ukuthi kwenzeke njengokwemithetho ejwayelekile. Kungani ngisho kanjalo? Yingoba uNkulunkulu wazibeka phakathi kwabantu ukuze enze umsebenzi Wakhe ngokukhululeka. Ekwenzeni umsebenzi Wakhe unjengomuntu futhi uzwa ubuhlungu njengomuntu. Uma wayengahlela ubuhlungu ngenhloso, khona-ke wayezozwa ubuhlungu izinsuku ezimbalwa, kodwa ngokujwayelekile ubengeke akhathazeke. Okusho ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokuzwa ubuhlungu bomhlaba akuyona into nje ehleliwe ngenhloso, kuze kube kancane ukuzwa ubuhlungu engekho ezingqondweni. Ukuthi uze ukuze azwe ubuhlungu bomhlaba, azibeke phakathi nabantu, azibeke ebantwini futhi ezwe ubuhlungu obufanayo nobuzwiwa yibo, aphathwe ngokufanayo, hhayi ukuba amukelwe kokunye. Njengoba nizwile ukushushiswa, ingabe uKristu naye akezwa intshushiso? Njengoba nizingelwa nishushiswa, ingabe uKristu Yena akazingelwa futhi ashushiswe? Abantu bahlaselwe ukugula, pho ukuhlupheka Kwakhe kungakuncane kanjani? Bakhona abanye abacabanga ukuthi uNkulunkulu kufanele abuzwe ubuhlungu njengoba eza ukuzosebenza esizweni sikadrako omkhulu obomvu. Ave nalokhu kungalungile? KuNkulunkulu, akukho maphuzu asekele ukuthi kufanele noma akufanele ezwe ubuhlungu; uNkulunkulu uthe ufisa ukuzwa ubuhlungu bomhlaba kanye nokuthi, esikhathini esifanayo nangenkathi ezwa lobu buhlungu, wayengabuzwela esikhundleni somuntu. Bese-ke eletha isintu esiphethweni saso esihle nesimangalisayo, bese noSathane ahlulwe ngokuphelele. KuNkulunkulu, kufanelekile ukuthi akuzwe lokhu kuhlupheka. Uma wayengafisi ukudlula kulesi sigaba sokuhlupheka, uma wayefuna nje ukuqonda ubuhlungu bomuntu kuphelele lapho, phela wayengasebenzisa abantu abambalwa ukwenza lokhu esikhundleni Sakhe. Wayengasebenzisa abaphostoli abambalwa noma labo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele ukuba bathathe indawo Yakhe bese bebuya bezombikela ngobuhlungu babo. Noma wayengasebenzisa abanye abantu abakhethekile ukuba bazoba ngofakazi, abenze bazwe ubuhlungu obukhulu ngokungase kucatshangwe emhlabeni bese, uma bekwazile ukubumela, bayobe sebeba ngofakazi balokhu bese noSathane enqotshwa ngokuphelele, bese ikusasa lapho abantu bengasenakuhlupheka lifike. Ingabe uNkulunkulu angakwenza lokhu? Yebo, angakwenza lokhu. Kodwa umsebenzi kaNkulunkulu Ngokwakhe wenziwa Nguyena mathupha. Yize noma umuntu engafakaza kahle, ubufakazi bakhe ngeke buzwakale kahle kuSathane, futhi angathi: “Manje njengoba usube yinyama, kungani ungabuzwa ubuhlungu bomhlaba Wena uqobo? …” Okusho ukuthi, uma uNkulunkulu engawenzanga lo msebenzi Yena mathupha, kusho ukuthi lolo hlobo lobufakazi ngeke lube namandla ngokwanele. Umsebenzi kaNkulunkulu kufanele wenziwe Nguyea uqobo; le yiyona ndlela kuphela ezwakalayo. Kuyaphinda kubonakale kulesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu ukuthi yonke into ayenzayo uNkulunkulu inesizathu esithile, ukuthi bonke ubuhlungu obubekezelwa uNkulunkulu esenyameni bunencazelo ethile. Wena uyabona ukuthi ayikho into uNkulunkulu avele ayenze nje, kanye nokuthi uNkulunkulu akayenzi into engenamsebenzi. UNkulunkulu esesimweni somuntu uzele ukuzokwenza umsebenzi Wakhe kanye nokuba azozwa ubuhlungu bomhlaba. Kubalulekile ukuthi uNkulunkulu awenze lo msebenzi, futhi kusemqoka kakhulu, esintwini kanye nesiphethweni sekusasa lesintu. Konke kungenxa yensindiso yesintu, ukutholakala komuntu—lezi zenzo zenziwe futhi lo mzamo wenzelwe ukuze umuntu athole ukufinyelela isiphetho sakhe esiyisimangaliso.

  Iphuzu leqiniso elingukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kufanele lidingidwe ngokubuka izinhlangothi ezahlukene:

  1. Isidingo senyama ejwayelekile nevamile.

  2. Iphuzu eliphusile lomsebenzi wenyama ejwayelekile nevamile.

  3. Incazelo yokuza kukaNkulunkulu phakathi kwabantu ukuze azwe ubuhlungu bomhlaba, sisho, ukubaluleka kwako.

  Kungani uNkulunkulu efuna ukuzwa ubuhlungu bomhlaba? Kungenzeka ukuba zingenziwa ngale ndlela izinto? Kukhona elinye iphuzu lencazelo lapha. Umsebenzi wale nyama ejwayelekile nevamile unganqoba umuntu futhi ungenza umuntu angabi nasici. Ngokuhambisana nomongo womuntu nemithetho ebusa impilo, noma kunjalo, umuntu uyaqhubeka nokuphila okungenanzuzo, okubuhlungu, kosizi nokububula. Ukugula komuntu akukwazi ukulahlwa. Isibonelo, wena usaphila ngokujwayelekile, sewuvele wenziwe wapheleliswa nguNkulunkulu, uthando lwakho ngoNkulunkulu seluvele lufinyelele esigabeni esithile, futhi unalo ulwazi oluthile lokuqonda uNkulunkulu futhi isimo sakho esikhohlakele sisombululiwe. Lapho-ke ngithi manje usuphelelisiwe, ukuthi ungumuntu othanda uNkulunkulu, ngakho uyaqhubeka uphile kanje. Uzizwa sengathi isimo sakho esingcolile manje sesilungisiwe, ucabanga ukuthi ukulubona lolu thando lukaNkulunkulu kuyinto ebaluleke kakhulu, nokuthi usungathathwa njengomuntu osefeze okuthile. Ake sithi umuntu usesindiswe kwaze kwalapha, bese uNkulunkulu ahambe, nomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu waphothulwa. Izifo zomuntu, ukungabi nanzuzo kwezwe kanye nosizo nezinkinga zenyama yomuntu zingabe zisekhona nalapho, ngakho lokhu kungachaza ukuthi ukusindisa kukaNkulunkulu umuntu akukapheleliswa. Umuntu osephelelisiwe futhi uyamqonda uNkulunkulu, angamthanda uNkulunkulu futhi amkhonze. Kodwa ingabe bona ngabodwana bangasombulula izinkinga zabo nezifo zabo? Ngisho nangeqiniso, lezi zinkinga azinakusombululeki. Akekho ongathi: “Ngineqiniso ngakho, yize noma umzimba wami ugula, kodwa mina angicindezelekile.” Akekho ongasombulula lobu buhlungu. Wena ungathi nje kuphela: “Ngizwa manje ukuthi kunenjongo kakhulu ukuphila kwami, kodwa ngisagula futhi ngisesebuhlungwini obukhulu.” Ingabe lokhu akulungile? Ingabe lo muzwa awulona iqiniso? Pho uma ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kwenze kuphela umsebenzi wokunqoba nokuphelelisa umuntu, uma ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kungasombululanga bonke ubuhlungu benyama yomuntu, kunalokho kwaphelelisa umuntu kuphela, khona-ke bonke ubuhlungu nezifo zomuntu, lonke usizi nenjabulo yomhlaba nazo zonke izinkinga umuntu abhekana nazo ngenkathi ephila emhlabeni zizosala zingasonjululiwe. Ngisho noma ungaphila emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, noma iminyaka eyizinkulungwane eziyishumi, ungafi, lezi zinkinga zisayohlala zingasonjululiwe, kanti indaba yokuzalwa, ukufa, izifo kanye nokuguga kusayohlala kungasonjululiwe. Abanye abantu bakhuluma okungaphusile bese bebuza ukuthi, “Nkulunkulu, kungani ungasombululi lezi zinkinga?” Engikhuluma ngako manje yile nkinga, ukuthi uNkunkulu uzele ukuzozwa lezi zinto futhi, emva kokuba ezizwile lezi zinto, uzozisombulula ngokuphelele, kusuka ezimpandeni zazo kuya phezulu, ukuze umuntu emva kwalokho angaphinde ahlangabezane nokuzalwa, ukufa, ukugula kanye nokuguga. UJesu wakunambitha ukufa; uNkulunkulu osesimweni somuntu wamanje uyabuzwa bobubili ubuhlungu bokuzalwa nokugula (Akudingeki ezwe nokuguga, nomuntu kamuva ngeke aguge). Ubuzwile bonke lobu buhlungu ukuze, ekugcineni, konke kususwe kumuntu. Emva kokuba esekuzwile konke esikhundleni somuntu, uzobe eseba nobufakazi obunamandla obuzogcina bulethe isiphelo esihle nesimangalisayo esizolandela umuntu, nokungukususwa kokuzalwa, ukufa, ukugula nokuguga. Angithi lokhu kuzwakala kunomqondo? Ngakho uNkulunkulu esesimweni somuntu uhlangabezana nezinhlupheko zasemhlabeni, ingabe ukuzalwa, ukugula, ubunzima noma ubuhlungu, kanye nanoma yikuphi kwalokhu kokuhlupheka akubekezele, ukubekezelela esikhundleni somuntu. Usebenza njengophawu kanye nesiboniso, ube nakho konke ukuhlupheka futhi ukuthathe konke wakuthwala Kuye ukuze umuntu kungadingeki aphinde abe nalokhu kuhlupheka. Ukubaluleka kulapha. Emva kokuba umuntu esephelelisiwe, angadumisa uNkulunkulu, amthande uNkulunkulu, futhi enze izinto ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu, ngokuhambisana nezwi Lakhe kanye nangokuhambisana nezimfuno Zakhe. Ube esesombulula izinkinga nobuhlungu bomuntu. Lokhu ukubaluleka okungemva kokuhlupheka Kwakhe esikhundleni somuntu, okungukuthi umuntu emhlabeni angeke nje adumise uNkulunkulu, kodwa futhi nokuba abe ngaphandle kwezinhlupheko nokuhlaselwa yizifo, kanjalo nangaphandle kokuzalwa, ukufa, ukugula nokuguga kwalapha emhlabeni; futhi bangaba nangaphandle komjikelezo wempilo nokufa. UNkulunkulu osesimweni somuntu wamanje ubekezelela futhi ubhekana nalobu buhlungu futhi usevele uzithathile lezi zinto esikhundleni somuntu. Emva kwalokho, labo abazosala ngeke baphinde bazwe lezi zinto—lesi yisibonakaliso. Abanye abantu abaphambukayo babuza bathi, “Ungakwazi ukwenza konke lokhu esikhundleni somuntu Ngokwakho?” Kwanele ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu enze lokhu esikhundleni somuntu; pho ingabe kudingeka abanye abazongena esikhundleni somuntu? UNkulunkulu Ngokwakhe angenza noma yini futhi angathatha indawo yanoma yini, futhi angamela konke futhi angaba uphawu lwakho konke, abe uphawu lwezinto zonke ezinhle nezilungile, kanye nazo zonke izinto ezinikeza ithemba. Phezu kwalokho, manje uzwa ngqo ubuhlungu bomhlaba, ngakho manje unegunya elikhulu lokunikeza ubufakazi obunamandla kanye nokuhlinzeka ngobufakazi obunamandla ukuze asuse konke ukuhlupheka komuntu kwesikhathi esizayo.

  Ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kwenza izigaba ezimbili zomsebenzi ngale ndlela yokuthi kuchaza ukuthi benze kahle kakhulu futhi bakhe uchungechunge. Kungani ngithi bakhe uchungechunge? Kungoba umsebenzi owenziwe kulezi zigaba zombili yisimo somuntu sikaNkulunkulu sokuqala kanye nesimo somuntu sikaNkulunkulu sesibili zisombulula konke ukuhlupheka kwesintu kanye nobuhlungu bomuntu. Kungani kunesidingo sokuthi isimo somuntu sikaNkulunkulu sizenzele sona mathupha lokhu? Ingabe baqhamukaphi ubuhlungu obutholakala empilweni yomuntu bokubeletha, bokufa, ukugula kanye nokuguga? Pho lezi zinto zaqhamuka kuphi? Lezi zinto zaqhamuka emva kokuba umuntu eyengwe uSathane yase inyama yabo yehla, njengobuhlungu benyama, izinkinga nokuzizwa uyigobolondo komuntu kanjalo nobubi obudlulele bomhlaba. USathane waqala ukuhlupha umuntu emva kokuba ebonakalisile. Umuntu wasuka lapho waya ngokuya onakala, izifo zanda, nokuhlupheka kwabo kwaya ngokuya kudlebeleka. Umuntu waya ngokuya wazizwa eyinto ekhencezayo ngaphakathi, ububi nokuphelelwa amandla okuqhubeka nokuphila emhlabeni, baphinda bazizwa beya ngokuya bephelelwa yithemba lomhlaba. Ngakho lokhu kuhlupheka kwalethwa kumuntu nguSathane, futhi kwafika emva kokuba umuntu onakaliswe uSathane wase ewohloka. Ngakho ukuze asuse isintu esandleni sikaSathane bese esinika isiphetho esihle, uNkulunkulu kufanele akuzwe Yena mathupha lokhu kuhlupheka. Ngisho noma umuntu engenasono manje, kusazoba nezinto ezithile ezibuhlungu azobhekana nazo. USathane usakwazi ukukhohlisa nokuzwisa umuntu ubuhlungu amenze azwe ubuhlungu. Ngakho ngokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu Ngokwakhe okumenze wezwa lobu buhlungu, umuntu ubuyiselwa emuva ekubanjweni uSathane bese emva kwalokho kungabi nasidingo sokuhlupheka futhi. Akuyona into emangalisayo nenzulu le? Ngaleso sikhathi, ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu enguJesu, wachitha umthetho, wagcwalisa umthetho wabe eseqalisa iNkathi Yomusa. Waletha umusa nothando esintwini wabe esebethelwa, ngaleyo ndlela waxolela zonke izono zomuntu. Wasebenzisa igazi Lakhe eliyigugu ukwenza umuntu afanele ukubuya phambi phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu sobukhosi. Kungashiwo ukuthi ubufakazi neqiniso lokubethelwa esiphambanweni kwasetshenziselwa ukusindisa umuntu. Nakuba umuntu exolelwe izono zakhe umuntu wonakaliswe ngokujulile nguSathane futhi unemvelo yesono, usona futhi amelane noNkulunkulu. Leli yiqiniso elingephikwe muntu. Ngakho-ke, uNkulunkulu uphenduke inyama okwesibili ukwenza umsebenzi wokuhlanza umuntu emvelweni yakhe yesono, okuwukwahlulela, ukusola nokuhlanza isimo somuntu esikhohlakele. Ukuba kukaNkulunkulu sesimweni somuntu kokuqala kwakungenxa yokuthi abethelwe ngenxa yesono somuntu nokuhlenga umuntu. Umuntu usebuyile vele phambi kukaNkulunkulu kanti nokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kwesibili sekufike kwanqoba umuntu. Umuntu usebuyele phambi kukaNkulunkulu kodwa usadidekile, akakamazi ukuthi uyini uNkulunkulu nokuthi ukuphi uNkulunkulu. UNkulunkulu umi phambi kwakhe umuntu. Umuntu uqala ukuba nobutha ngakuNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakhuluma futhi asebenze; ekugcineni, bazilahla phansi bebhekise ubuso phansi bese bebona uNkulunkulu. Umuntu angambona uNkulunkulu kodwa uyamazi? Abakamazi, ngakho uNkulunkulu kusadingeka aphinde akhulume amagama athile, enze umuntu aqonde iqiniso elithe xaxa abenze baqonde kakhudlwana isimo sikaNkulunkulu ukuze, ekugcineni, abantu bamazi uNkulunkulu. Abantu bangaba nokuqonda okuthile ngoNkulunkulu futhi bazimisele ukuphila nokufela uNkulunkulu, kodwa uSathane usabalawula futhi uyabusa phezu kobuthakathaka babantu, futhi kusengabenza bahlupheke. Imimoya emibi isengasebenzela ukubaphazamisa, yenze izingqondo zabo zibe nesimo sokudideka, bashiywe yingqondo, bazizwe bengahlaliseki ezingqondweni zabo futhi babe nokuphazamiseka kuzo zonke izinto. Kusekhona phakathi kumuntu izinto zengqondo noma umphefumulo ezingalawulwa nguSathane futhi amkhohlise ngazo. Ngakho kusengenzeka ukuba wena ube nokugula, izinkinga futhi uzizwe unemicabango yokufuna ukuzibulala, kwesinye isikhathi uphinde uzizwe unomzwangedwa wezwe, noma kube sengathi impilo iyize leze. Okusho ukuthi, lokhu kuhlupheka kusengaphansi kwamandla kaSathane—lesi yisici somuntu esibulalayo. USathane usakwazi ukusebenzisa lezo zinto azonakalisile wazigxobagxoba—nansi into uSathane abambe ngayo umuntu. Kulandela lokho, uNkulunkulu esesimweni somuntu waqala umsebenzi Wakhe wesigaba sesibili, ukuhlupheka esikhundleni somuntu ngenkathi futhi enza umsebenzi wokunqoba. Ngokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu akhokhe inani lokuhlupheka, ubuthakathaka bomuntu obubulalayo buzoqedwa nya. Emva kokubhekana nobuhlungu emhlabeni kuletha umuntu abuye, uSathane ngeke asakwazi ukubamba umuntu futhi umuntu uzophendukela kuNkulunkulu ngokuphelele. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuba ngokaNkulunkulu ngokuphelele. Wena ungamphilela uNkulunkulu futhi umkhonze ngokweqiniso, kodwa awuyena okaNkulunkulu ngokuphelele. Kungani kunjalo? Imimoya engcolile isangakwazi ukuthola amathuba okufinyelela kuwe, idlale ngawe futhi isengakukhohlisa. Lokhu kungoba umuntu uyakhohliseka, kwesinye isikhathi, akakwazi ukuqonda umehluko phakathi kokunyakaza kukaMoya oNgcwele nokuphazamisa kwemimoya emibi. Akusona yini lesi isici esibulalayo? Imimoya emibi ingosomathuba. Ingakhuluma ngaphakathi kuwe noma endlebeni yakho, noma iphithanise imicabango nengqondo yakho, idudula ukukhuluma kukaMoya oNgcwele ukuze ungakuzwa, emva kwalokho ibe seyiqala ikuphithanisa, yenze ukucabanga kwakho kudideke nomqondo wakho uxoveke, lokhu kukushiye unokuyaluza nokuphithana kwengqondo. Lena-ke yimisebenzi yemimoya emibi. Manje njengoba uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, okuzothi emva kwalokho abantu bathole isiphetho sabo esihle ngeke nje bagcine ngokuphilela uNkulunkulu, kodwa ngeke basaba ngabakaSathane futhi ngeke kusaba khona lutho uSathane azokwazi ukubambelela kukho. Umuntu uzoba ngokaNkulunkulu, ngengqondo, umoya, inyama kanye nomphefumulo. Inhliziyo yakho manje ingaphendukela kuNkulunkulu, kodwa kwezinye izikhathi usengasetshenziswa nguSathane ngaphandle kwentando yakho. Ngakho yize noma umuntu engaba neqiniso akwazi ukuthobela ngokuphelele futhi akhonze uNkulunkulu, akakwazi ukuba akhululeke ngokuphelele emsebenzini wemimoya engcolile, angisaphathi ukuba angabi nazifo, ngoba inyama yomuntu kanye nomphefumulo kugxotshwagxotshwe nguSathane. Umoya womuntu uyindawo engcolile futhi uSathane abelokhu ehleli kuyo futhi isetshenziswa nguye futhi. USathane usengayithatha kuwe ayisebenzise ngendlela yokuthi ingqondo yakho idideke futhi ungabe usakwazi ukuqonda kahle iqiniso. Ukuzwa kwesimo somuntu kukaNkulunkulu ubuhlungu bomhlaba kanye nokubekezelela Kwakhe lobu buhlungu esikhundleni somuntu akuyona into engabalulekile. Kubaluleke kakhulu. Uyakuqonda lokhu, akunjalo?

  Kufanele niqonde ukuthi ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu okubili kundawonye kwenze umsebenzi wonke wokusindisa umuntu. UNkulunkulu esesimweni somuntu sokuqala, lapho umuntu ubengasindiseki ngokuphelele, ngoba leso simo somuntu sikaNkulunkulu sasisombulula inkinga yokususa izono zomuntu, futhi sangakwazi ukusombulula inkinga yesimo sokonakala komuntu. Uma isimo somuntu sikaNkulunkulu sesibili singakwazanga ukufeza ukwahlula umuntu futhi sisombulule isimo somuntu esonakele, kodwa asikwazanga ukusombulula inkinga yokuthi ingabe umuntu ungokaNkulunkulu ngokuphelele yini, ngako isimo sokuba umuntu kukaNkulunkulu sesibili esihambisana nokuzwa ubuhlungu bomhlaba kuphela ukuba lezo zingxenye zomuntu ezazonakaliswe uSathane ukuba zikwazi ukusonjululwa. Lokhu kusombulula inkinga yokuhlupheka komuntu kanye nokucindezeleka kusuka ezimpandeni kuya phezulu—lokhu kuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kuyisombulula ngokuphelele le nkinga. Lezi yizinyathelo zomsebenzi wezimo zokuba umuntu zikaNkulunkulu zombili, kanti esinye asikho ngaphandle kwesinye. Ngakho akufanele ukuthathe kancane ukuhlupheka okwabekezelelwa yizimo zokuba umuntu zikaNkulunkulu zombili. Kwesinye isikhathi uyalila, kwesinye isikhathi uzizwa edangele. Kwesinye isikhathi, abanye bambona ebuthakathaka futhi edabukile. Akufanele ungakuthathi kancane lokhu kuhlupheka, futhi ungabi namicabango ngako. Uma unayo imibono ngako lapho-ke ukhombisa ukungazi kanye nokuhlubuka. Akufanele neze ucabange ukuthi lobu buhlungu yinto okumele ibekezelelwe yinyama kaNkulunkulu ejwayelekile, kanti-ke lokho akulungile kakhulu. Uma wena ukhuluma kanje lokho kusho ukuthi uyamhlambalaza uNkulunkulu. Abantu kufanele baqonde ukuthi ubuhlungu obathwalwa nguNkulunkulu esesimweni somuntu okokuqala noma okwesibili kwakudingeka kwenzeke, okungasho ukuthi kwakudingwa Nguye uNkulunkulu uqobo, kodwa esikhundleni salokho kwakudingwa ngumuntu. Lokhu kufanele kwenziwe njengoba umuntu ayesengcole kangangokuthi; ukungakwenzi akwamukelekile neze. Kungokwenza lokhu kuphela ukuba umuntu asindiswe ngokuphelele nguNkulunkulu. UNkulunkulu wenza izinto ngendlela yokuthi umuntu abone ngamehlo akhe. Konke akwenzayo kuyaziwa futhi akufihlelwa muntu. Akabekezeli ubuhlungu esithe, esaba ukuthi uma abantu bebona lokhu bazoba nemibono ethile ngako. Akafihleli muntu, noma abasebasha ebandleni noma abayizibonda zebandla, noma abasebancane noma asebebadala, noma abakwazi ukulamukela iqiniso noma cha. Ngenxa yokuthi lobu wubufakazi, futhi noma ngubani angafakazela ukuthi ukuba sesimweni somuntukukaNkulunkulu kwamlethela ubuhlungu obukhulu ngesikhathi Sakhe futhi wathwala ukuhlupheka komuntu. Akahlupheki esithe izinsuku ezimbala endaweni ethile lapho kungeke kwazi muntu khona, ebe ehlala ngobuntofontofo nangentokozo esikhathini esiningi. Akunjalo. Umsebenzi nokuhlupheka kukaKristu akufihlelwa muntu, kungasatshelwa ukuthi ungaba buthakathaka, nokuthi ungaba nemibono yakho, futhi kungesatshwa nokuthi ungalahla ukholo lwakho. Kuvezani, ukuthi uNkulunkulu akazifihleli muntu lezi zinto? Akanaso isikhathi sokuphumula. Ukuba esimweni somuntu kukaNkulunkulu yinto ematasa kakhulu. Ungambona manje engasho lutho noma engakhulumi ngezwi Lakhe, kodwa usasebenza, akaphumulile. Yize noma engasho lutho, usenomuzwa wokucindezeleka enhliziyweni Yakhe. Ingabe umuntu uyakuqonda lokhu? Yize noma umuntu ekubona lokhu, ngeke azi ukuthi kuqhubekani. Abanye abantu bayazi ukuthi uKristu uyinyama ejwayelekile nevamile, kodwa wena uyazi ukuthi msebenzi muni le nyama ejwayelekile ewenzayo manje? Awazi. Wena amehlo akho enyama akwazi ukubona okungaphezulu kuphela futhi awukwazi ukubona konke okwenzeka ngaphakathi. Ngakho-ke noma ngabe ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kusebenza isikhathi esingakanani, noma ngabe yiminyaka emingaki abantu abacabanga ukuthi uyisebenzile ngokusemthethweni, empeleni uNkulunkulu akakaphumuli okwamanje. Yize noma engakhulumi okwamanje, usabuzwa ubuhlungu. Yize noma engakhulumi nazwi linye futhi engenzi namsebenzi omkhulu, kodwa umsebenzi Wakhe awumile. Abanye abantu bahlulela ngokuthi ingabe unguNkulunkulu osesimweni somuntu noma ngempela unguKristu ngokuthi uzoqhubeka yini asho okuthile. Bacabanga ukuthi uma engasho lutho eminyakeni emibili noma emithathu ngakho-ke akayena uNkulunkulu, futhi bazobe sebephenduka bemfulathela. Ukukholwa kwabo kuNkulunkulu walolu hlobo kufana nokuhlala phezulu othangweni, lolu hlobo lomuntu alunakho ukumqonda uNkulunkulu nhlobo. Kungenzeka ukuthi kusekhona abantu abasathandabuza futhi, njengoba uNkulunkulu engakakhulumi esikhathini eside, bayazibuza ukuthi ngempela uMoya sewahamba kanye nokuthi uMoya kaNkulunkulu sewanyuka waya ezulwini. Ingabe lokhu akulona iphutha? Abantu akumele bahlulele njengokuthanda kwabo, futhi bangacabangi ukuthi “Mhlawumbe yiloku, mhlawumbe yilokhuya.” Lo “mhlawumbe” uyiphutha, yigama elingenamqondo futhi umcabango kaSathane omubi! Umsebenzi kaNkulunkulu awukami nakancane. Akakaphumuli kodwa ubelokhu esebenza isikhathi sonke, futhi konke kwenziwa kwenzelwa isintu.

  Umongo kaKristu kufanelwe uqondwe kahle ngakuzo zonke izinhlangothi. Sizowazi kanjani umongo kaKristu? Ukhiye ukuba kuqondwe umsebenzi owenziwa yile nyama. Uma ucabanga ukuthi uMoya wenza izinto ngendlela ethile kuphela, kodwa inyama yona ayenzi njalo, lapho ke kuyiphutha. Kungani kuthiwa uba nezinhlupheko, ukunqanyulezwa, ukunqoba sonke isintu kanye nokubhekana nezinhlupheko zomhlaba konke lokho kungumsebenzi owenziwa uKristu? Yingoba uNkulunkulu waba ngumuntu futhi yingoba lezi yizinto uNkulunkulu azenzayo phakathi kwabantu. UMoya nenyama basebenza ngokubambisana. Akufani nangendlela abantu abacabanga ngayo, ukuthi uma inyama ingeke ikhulume uMoya kufanele uyiphoqe ukuba ikhulume. Akunjalo. Kunalokho kwenziwa ngokukhululeka okukhulu; uMoya nenyama benza izinto ezifanayo. Uma inyama ibona into ngendlela ethile, kanjalo noMoya uyibona ngaleyo ndlela. Noma kunjalo kodwa kuthiwa, konke lokhu kwenzeka ngokusebenzisana. Uma nithi inyama iyahola, nalokho futhi kuyiphutha. Kuchaza ukuthini, ukuthi inyama yiyo eholayo? Kunesisekelo kulokhu, okungukuthi uNkulunkulu waba umuntu nokuthi konke okubonwa umuntu yilokho okwenziwa yinyama, ukuthi inyama sekuyiyo ehamba phambili ngesikhathi uNkulunkulu esesimweni somuntu. Kodwa noma ngabe kubekwe kanjani, konke inyama ekwenzayo kwenziwa ngokubambisana noMoya. Akwenzeki ukuthi uMoya ubone okuthile bese wenza ukuthi inyama ikhulume, kodwa inyama ingakhulumi izibambe. Akunakwenzeka lokho. Futhi akunakwenzeka ukuthi inyama ifise ukukhuluma kodwa uMoya ungahlinzeki ngamazwi. Uma abantu becabanga lokho, kusho ukuthi-ke banephutha futhi lokho abakushoyo akunamqondo. Kungenzeka ukuthi uMoya ngaphakathi ushushise inyama ukuba ikhulume, kodwa inyama ingakhulumi? Lokhu akwenzeki. UMoya nenyama bamunye. UMoya ubonakaliswa ngenyama. Kungenzeka kanjani ukuthi uMoya ufise ukukhuluma kodwa inyama ingakhulumi? Noma uma inyama ifisa ukukhuluma kodwa uMoya ungahlinzeki ngamagama? Angeke kube nento enjalo. UNkulunkulu esesimweni somuntu uyisibonakaliso sikaMoya esenyameni. Inyama Yakhe ingakhuluma nganoma yisiphi isikhathi futhi nanganoma yikuyiphi indawo ngesikhathi sokusebenza Kwakhe. Mayelana nokusebenza kukaMoya oNgcwele esebenza emuntwini, ngenkathi nje uMoya oNgcwele ushiya umuntu othile, angakuzwa lokho. UNkulunkulu esesimweni somuntu akakwazi ukuba nalo muzwa. Ukuqonda komuntu kugcwele ukuphambuka namaphutha, ukucabanga ukuthi uNkulunkulu usesebenze kwaze kwaba kulesi sigaba, manje akasenalutho angalusho, kanye nokuthi ngisho noma enakho afisa ukukusho, akanalutho angalusho. Ingabe isimo sinjalo? Angakhuluma nangasiphi isikhathi. UMoya nenyama akukaze kwenze lutho oluphazamisa omunye, ingabe emsebenzini noma ekukhulumeni mayelana noma ngaliphi iphuzu leqiniso. Noma ngabe iyiphi indlela enibuka ngayo lokhu, uMoya ubonakaliswa enyameni futhi uNkulunkulu uphenduke umuntu; awukwazi ukukhuluma ngento ehlukanisa inyama noMoya.

  Kungenziwa kanjani ukuthi umsebenzi owenziwe ukuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu ungahlanganyelwa nabanye ukuze abantu baqondisise? Okokuqala, ungashumayeli ngokuthi inyama ejwayelekile ihlupheka kanjani, kodwa ushumayele ngochungechunge lomsebenzi wokuthathwa kwesimo somuntu kukaNkulunkulu kokubili. Esikhathini sokuqala uNkulunkulu ethatha isimo somuntu wabethelwa ukuze asindise sonke isintu futhi wathatha izono zomuntu zathwalwa Nguye. Ukuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu kwesibili kwenze izingxenye ezimbili zomsebenzi, okokuqala kwaba ukusombulula Kwakhe isimo somuntu senkohlakalo, okwesibili kwaba ukuqinisekisa ngesiphelo esizolandela umuntu. Uma ushumayela ngalokhu, lonke uchungechunge luzoba sobala. Lapho-ke uzobe usukhuluma ngazo zombili lezi zimo ezahlukene. Uma abantu bebuza eminye imibuzo, ube usuhlanganyela uxoxa nabo. Ngokuhlanganyela njalonjalo konke kuzobe sekuba sobala.

umthombo: IBandla likaNkulunkulu uSomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana