12.7.18

Isahluko 41. Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu

  Yiziphi izinto eziyimvelo yomuntu? Wazi kuphela ngokonakala, ukungalaleli, amaphutha, ukungapheleli, imicabango, nezinhloso zomuntu, kodwa awukwazi ukuthola izingxenye ezingaphakathi zemvelo yomuntu – wazi kuphela ingxenye engaphandle, kodwa awukwazi ukuthola umsuka wayo. Abanye baze ngisho bacabange lezi zinto ezingaphandle njengemvelo yomuntu, bethi “Bheka, ngiyayiqonda imvelo yomuntu; ngiyakubona ukuzidla kwami. Akuyona imvelo yomuntu leyo?” Akwanele ukukuvuma ngokwemfundiso kuphela. Ukuzidla yinto eyimvelo yomuntu, futhi lokho kuyiqiniso. Kuyini ukuqonda komuntu imvelo yakhe uqobo? Ingazeka kanjani? Yaziwa ngakuziphi izingxenye? Ngaphezu kwalokho, kufanele zibukwe kanjani ngombono ongokoqobo izinto ezembulwe ngakulezi zingxenye ezehlukene? Bona imvelo yomuntu ngezinto azithandayo. Kanjani? Isibonelo, abantu abaningi bakuthanda impela ukudansa. Abanye bathanda kakhulu abaculi nabadlali bamafilimu. Abanye abantu bakhonza kakhulu umuntu othile. Ngokubheka lokhu abakuthandayo, injani imvelo yalaba bantu? Ngizonikeza esinye isibonelo esilula: Abanye abantu bamkhonza ngempela umculi othile, kuze kufike kuliphi izinga? Kuze kube seqophelweni lapho sebenaka konke ukunyakaza, konke ukumamatheka, lonke izwi, naso sonke isenzo salo mculi. Banamathela umculi, baze bathathe izithombe zakho konke umculi akugqokayo futhi bakulingise. Likhombisani leli zinga lokukhonza imvelo yomuntu? Likhombisa ukuthi umuntu onje unalezo zinto kuphela enhliziyweni yakhe, hhayi uNkulunkulu. Izinto inhliziyo yakhe ezicabangayo, ezithandayo, nezifunayo zonke ziyizinto ezembulwe nguSathane; zithatha inhliziyo yakhe, futhi inhliziyo yakhe inikelwe kuzo. Yini inkinga lapha? Uma into ithandwa ngokwedlulele, leyo nto ingaba yimpilo yomuntu futhi ithathe inhliziyo yakhe, kufakazelea ngokugcwele ukuthi umuntu ungokhonza isithixo ongamfuni uNkulunkulu enhliziyweni yakhe kodwa othanda udeveli. Ngakho, sisonga ngokuthi imvelo yakhe yileyo ethanda futhi ekhonza udeveli, ayilithandi iqiniso, futhi ayimfuni uNkulunkulu. Ngabe le yindlela efanele yokubuka imvelo yakhe? Ifanele ngokuphelele! Ihlaziywa kanje imvelo yomuntu. Isibonelo, abanye abantu bamkhonze ngempela uPawulu: Bathanda ukwenza izinkulumo nokusebenza ngaphandle. Bathanda ukuhlangana ndawonye bakhulume; bayathanda lapho abantu bebalalela, bebakhonza, bebazungeza. Bathanda ukuba nesithunzi emiqondweni yabanye futhi bayathokoza uma abanye bazisa isithunzi sabo. Sitholani ngemvelo yomuntu kulolu hlobo lokuziphatha? Ake sihlaziye imvelo yakhe: Lunohlobo olunjani lwemvelo lolu hlobo lomuntu oluziphatha ngale ndlela? Yimaphi amagama olungasongwa ngawo? Abantu abajwayelekile abakwazi ukukubona lokhu kodwa bangabuka ukuziphatha kuphela. Buyini ubudlelwane phakathi kokuziphatha nemvelo yomuntu? Iyini imvelo yakhe? Ngeke ukwazi ukuyikhomba, ungakwazi? Uma ngempela eziphatha ngale ndlela, lokho kwanele ukukhombisa ukuthi uyazidla futhi unobuqha. Akamkhonzi nhlobo uNkulunkulu; ufuna isikhundla esiphezulu futhi ufuna ukuba nethonya phezu kwabanye, ukubenza abakhe, ukuba nesiqu emiqondweni yabo. Lokhu kungumfanekiso omuhle kaSathane. Okugqamayo ngemvelo yakhe ukuzidla nobuqha, ukungazimiseli ukukhonza uNkulunkulu, nesifiso sokukhonza abanye. Akusiyo imvelo yakhe lokhu? Uyayibona ngokusobala imvelo yakhe kulokhu kuziphatha. Isibonelo, abanye abantu bathanda kakhulu ukusebenzisa abanye abantu futhi bafune lokho okuthandwa yibo kuzo zonke izinto. Noma yikuphi abakwenzayo kufanele kuzuzise bona uma kungenjalo ngeke bakwenze. Abazihluphi ngalutho ngaphandle kokuba kuzobasebenzela, futhi banezinhloso zabo ezifihlakele kukho konke. Bakhuluma kahle nganoma ngubani obazuzisayo futhi baphakamisa noma ngubani obancomayo. Noma abantu ababakhonzile benezinkinga, bazothi abantu ababakhonzile balungile bese bezama kakhulu ukubavikela nokubamela. Lunemvelo enjani lolu hlobo lomuntu? Uyakwazi ukuyibona ngokucacile imvelo yabo ngokwalokhu kuziphatha? Bayazama ukuzuza ngokungafanele ngezenzo zabo bese beba nokuziphatha kokuhweba ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke, ngakho ungaqiniseka ukuthi imvelo yabo ingukulangazelela ngokuphelele inzuzo. Bazinaka bona kukho konke. Ngeke basheshe bavuke ngaphandle kokuba kukhona inzuzo ehambisana nalokho. Bangabantu abanomhobholo kakhulu, abeneliseki, ngakho imvelo yabo ingukuthanda imali futhi hhayi ukuthanda iqiniso. Ngabe lokho akumele imvelo yabo? Kukhona abantu abathunjwe ngabesifazane, bahlala becabanga ngabesifazane kukho konke abakwenzayo, balandelana nabesifazane konke lapha behamba khona. Abesifazane abahle bayinto okuqondiswe kuyo uthando lwalo muntu futhi banendawo ephezulu enhliziyweni yakhe. Uzimisele ukulahlekelwa yimpilo yakhe ngenxa yabesifazane abahle. Angadela noma yini – abesifazane bayilokho okugcwalisa inhliziyo yakhe. Iyini imvelo yakhe? Imvelo yakhe ingukuthanda abantu besifazane nokubakhonza, ngakho uyisikhanuki esinemvelo embi, enomhobholo. Akusiyo imvelo yakhe le? Ukuziphatha kwakhe kwembula imvelo yomhobholo – akoni nje ngezikhathi ezithile noma aziphathe kabi ngokungaphezulu kancane nje kunabantu abejwayelekile – futhi inhliziyo yakhe isithathwe yilezi zinto ngokuphelele esezibe yimvelo yakhe, ingqikithi yakhe. Ngale ndlela, lezi zinto sezibe ngukubonakaliswa kwemvelo yakhe.

  Izingxenye ezingaphakathi zemvelo yomuntu zihlala zizembula, ngaso sonke isikhathi. Noma yikuphi okwenziwa ngumuntu, kungakhathaleki ukuthi kuyini, kungayembula imvelo yalowo muntu. Abantu banezinhloso zabo ngakho konke abakwenzayo, futhi noma ngabe ukuphatha izihambi, ukushumayela ivangeli, noma luphi olunye uhlobo lomsebenzi, bangembula izingxenye zemvelo yabo ngaphandle kokwazi, ngoba imvelo yomuntu iyimpilo yakhe, futhi abantu baqhutshwa yizimvelo zabo inqobo nje uma besaphila. Imvelo yomuntu ayembulwa nje ngokuthuka kwenzeka noma ngokwenzeka ngengozi; kodwa kungayimela ngokuphelele ingqikithi yomuntu, futhi konke okuphuma ngaphakathi kwamathambo negazi lomuntu kumele imvelo nempilo yakhe. Abanye abantu bathanda abesifazane abahle. Abanye bathanda imali. Abanye bathanda kakhulu isikhundla. Abanye bathanda ngokukhethekile igama labo nesithombe sesiqu sabo. Abanye bathanda noma bakhonze kakhulu izithixo. Futhi abanye bayazidla futhi banokuzigabisa kakhulu, bengathobeli muntu ezinhliziyweni zabo futhi belwela ukuba nesiqu, bathanda ukugqama phakathi kwabanye futhi babe nethonya phezu kwabo. Kunenqwaba yezinhlobo zezimvelo, futhi zingehluka phakathi kwabantu, kodwa izingxenye zazo ezejwayelekile zingukumelana kanye nokulahla uNkulunkulu. Kulokho bayefana bonke.

  Ake sibheke umuntu onomhobholo. Ukuba nomhobholo kungathiwa kuyingxenye yemvelo yomuntu; wonke umuntu unayo le ngxenye kuyena. Abanye abantu banomhobholo ngokwedlulele, futhi leli zinga eledlulele kanje limele imvelo yabo. Wonke umuntu ngandlela thize unomhobholo, kodwa kukhona umehluko. Lapho bexhumana nabanye, abanye abantu bayakwazi ukubabheka nokubanaka, bakhathazeke ngabo, babacabangele abanye kukho konke abakwenzayo. Abanye abantu abanjena; cabanga ngalowo onokuzicabangela yena kakhulu lapho emukela abafowethu nodadewethu: umndeni wakhe udla ukudla okumnandi kunakho konke, kodwa uma kufika abazalwane ubanika amanenjana nje okudla okusezingeni eliphansi. Lapho kunezinto ezinhle uzibeka phambi kwezingane zakhe, komyeni wakhe noma komndeni wakhe. Lapho abazalwane befika ubalalisa phansi, kodwa lapho kufika izihlobo zakhe uzenzela amalungiselelo anokuthokomala okukhulu, yonke into ime ngomumo. Lolu hlobo lomuntu alunandaba nhlobo nabanye. Kwanele ukuthi bayabavumela abanye ukuthi bahlale lapho befika, ngakho uma abanye begula noma beba nenkinga enye abacabangi nokucabanga ngakho, beziphatha sengathi ababoni. Ababi nandaba noma bezwe ukukhathazeka nakancane ngabanye. Bazinaka bona nezihlobo zabo kuphela. Le mvelo yabo yomhobholo isho ukuthi abazimisele ukunakekela abanye. Babona ukuthi ukunakekela abanye kuwukulahlekelwa kubo nenkathazo. Mhlawumbe abanye abantu bayozama ukwenza kuzwakale, bethi, “Umuntu onomhobholo akakwazi ukunakekela abanye.” Manje yini benza kahle kangaka ezihlotsheni zabo, futhi kungani bezicabangela kangaka izidingo zabo? Bakwazi kanjani lokho abakuntulayo nalokho okufanele ukugqokwa nokudliwa ngesikhathi esithile? Yini bangabi njalo kwabanye? Empeleni, bakuqonda konke lokhu, kodwa banomhobholo, futhi lokhu kwenziwa yimvelo yabo. Kukhona abesifazane abathile abonile okwesikhashana enkathini eyedlule, kodwa akubenzi bangabi nesimilo. Umuntu omubi yilowo okungumkhuba wakhe ukona noma ngabe ukuphi, ongalazi ihlazo futhi ongenamthetho wokuziphatha kanye nesimilo – umuntu onjena unemvelo yokungabi nasimilo. Bahlala bembula imvelo yabo kungakhathaliseki ukuthi benzani noma basebenzani. Bangabantu bale mvelo, futhi abakwazi ukuzibamba. Lezi zinto ziyilokho okugcwalisa izinhliziyo zabo. Akukho sizathu sokuthi bangangeni kulezi zinto. Nalapho kuhamba isikhathi bengazenzi izinto ezinje, yingoba isimo asivumi noma kuntuleka abantu abafanele. Zinje izinto zemvelo yomuntu; azilawuleki. Abanye abantu bathanda kakhulu ukugqoka nobuhle futhi bathanda izinto ngokwedlulele. Imvelo yomuntu onje ngeyokuthanda izinto. Ushintsha okokugqoka izikhathi eziningi ngosuku. Uma ebona umuntu egqoke izingubo ezinhle noma ezilungisa kahle, uphelelwa ubuthongo uma engeke akuthole okunjengakho. Kufanele naye azithole lezi zinto noma ngabe kusho ukuthi akaboleke imali noma akhokhe noma yiliphi inani elingakhokheka, futhi uma engeke akwazi ukuzithola akabe esaba nayo inhliziyo yokukholwa kuNkulunkulu, untula ilukuluku lokuya emihlanganweni, akakwazi ukulizwa izwi likaNkulunkulu lapho elifunda, futhi usuku lonke umqondo wakhe ugcwele lezo zinto. Lezo zinto zithatha umqondo wakhe, futhi ziyilokho acabanga ngakho usuku lonke. Lolu hlobo lomuntu lunaka okwangaphandle ngokwedlulele, ngaphezulu kakhulu kunabantu abaningi. Lokhu kuyingxenye yemvelo yakhe, into esemathanjeni akhe. Izindaba zemvelo akuzona izinto ezenzeka kuphela ngomzuzu wobuthakathaka kodwa yizinto eziqhubeka impilo yonke. Konke okwenziwa ngumuntu kuphethe iphunga lakhe, kuphethe izingxenye zemvelo yakhe. Noma ngabe lezo zingxenye azikho obala kwezinye izikhathi, zikhona ngaphakathi kuye. Isibonelo, lapho umuntu onenkohliso ekhuluma ngokwethembeka kwesinye isikhathi, empeleni kusuke kusenenkulumo phakathi kwenkulumo yakhe futhi inkohliso ixutshiwe phakathi. Umuntu onenkohliso wenza ubuqili bakhe kunoma ngubani, kufaka phakathi nezihlobo – ngisho nezingane zakhe. Akukhathaleki ukuthi uqonde kanjani kuye, uzofuna ukwenza ubuqili bakhe kuwe. Lobu ubuso obuyiqiniso lemvelo yakhe, futhi ungowale mvelo. Kulukhuni ukuguquka futhi uhlale enje sonke isikhathi. Abantu abethembekile kuyenzeka basho izinto ezinobuqili nezikhohlisayo, kodwa lo muntu uvame ukuba qotho futhi wenza izinto ngokwethembeka ngaphandle kokusebenzisa abanye ngokungafanele ekusebenzisaneni nabo. Lapho ekhuluma nabanye, akasho izinto ngenhloso ukuze abavivinye; usethembekile futhi usengavula inhliziyo yakhe axhumane nabanye. Wonke umuntu uthi ungumuntu owethembekile, kodwa kusenezikhathi lapho ekhuluma khona ngokukhohlisa okuthile. Lokho ngokusobala kungukuvela kwesimo sokonakala futhi akumele imvelo yakhe ngoba akasiyo leyo nhlobo yomuntu. Uma kuya emvelweni yomuntu kufanele uqonde ukuthi yiziphi izingxenye zaleyo mvelo nokuthi siyini isimo semvelo yokonakala; kufanele ukwazi ukwehlukanisa ngokusobala phakathi kwalokhu kokubili. Manje, zamani ukuhlaziya eyenu imvelo. Abanye bazothi, “Ngezinye izikhathi ngikhuluma ngolaka” noma “Angiphucuzekile futhi angiziphethe kahle” noma “Ngezinye izikhathi kunokungcola lapho ngenza imisebenzi yami,” kodwa abakhulumi ngokuthi imvelo yabo injani noma ngokuthi ubuntu babo buhle yini. Ngale ndlela, abakwazi ukuzazi imvelo yabo. Anikwazi ukuhlala nifihlile noma ninamahloni. Kufanele nimbe nijule ngaphakathi kinina. Uma ningakwazi ukuyimba ngeke nifinyelele ekwazini imvelo yenu, futhi uma ningayazi imvelo yenu ngeke nikwazi ukuguquka. Kufanele nibe neqiniso kakhulu ngendlela enizazi ngayo; anikwazi ukuzikhohlisa noma nikuthathe kalula nje noma nizikhohlise.

  Ukuqonda imvelo yakho empeleni kuwukuqonda uhlobo lomuntu onguye. Uhlobo lomuntu onguye wuhlobo lwemvelo onayo. Isibonelo, ukuthi umuntu uyilokhu nalokhu yikho okuchaza kakhulu imvelo yakhe. Uhlobo lwemvelo anayo lusho uhlobo umuntu ayilo. Impilo yomuntu iwukuphela kwemvelo yakhe. Ubona kanjani ukuthi imvelo yomuntu injani? Kufanele uthintane naye kaningi futhi ubone kaningi ukuthi uluhlobo luni lomuntu. Noma yikuphi okugqamile ngaye futhi okumele ingqikithi nomumo wakhe kungathiwa kuyimvelo nobunjalo bakhe. Isimo sobunjalo bomuntu kungathiwa yisimo semvelo yakhe. Uma kufika ekuboneni ukuthi umuntu empeleni uyiluphi uhlobo lomuntu, ukumbuka ngale ndlela kunemba kangcono. Noma ngabe iyini ingqikithi yomuntu, lokho kuyimvelo yakhe. Umuntu uwuhlobo lomuntu olunqunywa yimvelo yakhe. Isibonelo, uma isici esigqamile somuntu siwukuthi uthanda kakhulu imali, imvelo yakhe-ke ingukuthanda imali, kuqoqwa kube amagama amabili. Uma isici somuntu esigqame kakhulu kuwuthando lwabantu besifazane – uhlala elandela abesifazane – ngakho uthanda ububi futhi unemvelo yobubi. Abanye abantu bathanda kakhulu ukudla. Uma unganikeza umuntu onje iziphuzo ezimbalwa nenyama noma umthengele ukudla okumnandi, uyokwenzela izinto; ngakho lo muntu unemvelo yokuhaha, njengengulube. Wonke umuntu unesici sakhe esibulalayo, esinethonya kuwo wonke umzuzu wempilo yomuntu futhi siyangena kuyo yonke into ephathelene nalowo muntu bese siba yinto ehlosiwe kukho konke akwenzayo. Leyo nto imele imvelo yalowo muntu. Futhi ungasho ukuthi imvelo yakhe yingxenye yakhe yobuthakathaka obukhulu. Isici sakhe esibulalayo yimvelo yakhe. Abanye abantu babonakala benobuntu obuhle futhi abakhombisi zici ezinkulu ezisobala, kodwa ingxenye egqamile ukuba buthakathaka. Abanazinhloso zempilo noma nezifiso futhi bayadavuza nje empilweni. Bayakhubeka uma ukhuluma amazwi ambalwa nje alimazayo, bese becabanga kabi noma ngasiphi isikhathi ngenxa yalokhu nalokhuya, kuze kufike eqophelweni lapho bengasafuni khona ukukholwa. Uphawu lwalaba bantu olungandile ubuthakathaka, futhi imvelo yabo ngeyegwala elingenamandla. Abanye abantu banozwela ngokwedlulele. Abakushoyo futhi bakwenze nsuku zonke nokuziphatha kwabo kuphilwa ezweni lemizwelo. Bezwa uthando lwalo muntu nalowa muntu futhi zonke izinsuku kufanele bakhokhele abakwenzelwe futhi babuyise imizwelo emihle; konke abakwenzayo kusendaweni yemizwelo. Isinda kakhulu imizwa yomuntu onje! Lapho umyeni wakhe ongakholwa efa usazokhala izinsuku ezintathu. Abanye bafuna ukumngcwaba, kodwa yilokhu ethi, “Cha, ungumyeni wami.” Usenemizwelo ngisho nangomuntu osefile – imizwelo yakhe iqine kakhulu. Ungasho ukuthi imizwelo yakhe iyisici esibulalayo, ubuthakathaka bakhe obukhulu kakhulu obungamfikisa ngokuphelele ekubhubheni futhi bumenzele umonakalo. Imizwelo eqine ngokwedlulele kakhulu isho ukuthi akanalo iqiniso futhi wenza izinto ngaphandle kwemigomo. Ucabangela kuphela inyama futhi ungumuntu oyisiphukuphuku futhi odidekile. Imvelo yakhe ngeyokufaka isisindo esithile emizweni. Ngakho uma ufuna ukuguqula isimo sakho-ke kufanele ukuthi ubone imvelo yakho. “Imifula nezintaba kungaguqulwa kodwa kulukhuni ukuguqula imvelo yomuntu.” Uma imvelo yomuntu iyimbi kakhulu futhi ingeke iguquke, uNkulunkulu ngeke amsindise. Ungacabangi ukuthi imvelo yomuntu ingaguquka. Iyini inguquko yesimo? Kufanele ube umthandi weqiniso, wamukele ukwahlulela nokusola kwezwi likaNkulunkulu ngenkathi uzwa umsebenzi wakhe, bese uzwa zonke izinhlobo zokuhlupheka nokucwengwa, okuhlanzwa ngakho ubuthi bobusathane obuphakathi kuwe. Yilena inguquko esimweni. Uma imvelo yomuntu iyimbi kakhulu, ungumuntu omubi, ngakho uNkulunkulu ngeke amsindise, futhi uMoya oNgcwele ngeke ukwazi ukusebenza phakathi kuye. Ukukubeka ngenye indlela, kunjengodokotela owelapha isiguli: umuntu ongenwa yinyumoniya angelapheka, kodwa umuntu ongenwa umdlavuza wamaphaphu ngeke asindiswe. Inguquko esimweni isho ukuthi umuntu, ngoba uthanda futhi wamukela iqiniso, ekugcineni ufinyelela ekwazini imvelo yakhe engalaleli futhi emelana noNkulunkulu; uyaqonda ukuthi ukonakala komuntu kujule kakhulu futhi uyakuqonda ukungaqondakali nokukhohlisa komuntu. Uyabazi ubuthakathaka nokudabukisa komuntu, futhi ekugcineni uyayiqonda imvelo nengqikithi yomuntu. Ekwazini konke lokhu, angazincisha izinto ezithile futhi azidele ngokuphelele, aphile ngezwi likaNkulunkulu, enze iqiniso kukho konke. Umuntu onje wazi uNkulunkulu futhi isimo sakhe siguqukile.

  Sonke isintu sonakaliswe nguSathane, futhi imvelo yomuntu wukukhaphela uNkulunkulu. Kodwa, phakathi kwesintu, esesoniwe nguSathane, bakhona abangathobela umsebenzi kaNkulunkulu futhi bamukele iqiniso; abanjalo bangathola iqiniso futhi bafinyelele enguqukweni yesimo sabo. Bakhona labo abangalifuni ngokuzimisela iqiniso kodwa bayalandela nje ngokukholwa. Benza lokho abakutshelwayo futhi banobuntu obukahle. Bazimisele, kuze kufike ezingeni elithile, ukukhokha, ukushiya okomhlaba, nokubhekana nokuhlupheka. Umuntu onje uyokwazi ukuma futhi amukele insindiso, kodwa isimo sakhe ngeke siguquke. Lokhu kungenxa yokuthi akalifuni ngokuzimisela iqiniso, futhi waneliseka nje ngokuqonda izimfundiso. Uyayizwa imfundiso, ayizwe iyinhle bese eyigcina, futhi emva kokuqonda imfundiso wenza umsebenzi wakhe, kuze kube seqophelweni elithile. Angenza noma ngayiphi indlela emlungele ukuba enze ngayo. Nokho, akaqotho ngeqiniso; inhliziyo yakhe ididekile, futhi akakwazi nhlobo ukuqonda ingqikithi yeqiniso. Umuntu onjalo naye angayithola insindiso futhi athethelelwe, kodwa ngeke aguqulwe isimo sakhe. Ukuthola inguquko yesimo kudinga uthando lweqiniso nokukwazi ukwamukela iqiniso. Kuyini ukwamukela iqiniso? Kusho ukuthi akukhathaleki ukuthi unasiphi isimo sokonakala noma yibuphi ubuthi bukadrako omkhulu obomvu obuthelela imvelo yakho, uyabuvuma uma bembulwa yizwi likaNkulunkulu bese uthobela izwi likaNkulunkulu ngokukholwa okugcwele. Futhi, uyazazi ngokwezwi likaNkulunkulu. Yilokhu okushiwo ukwamukela izwi likaNkulunkulu. Noma ngabe uNkulunkulu uthini, noma ngabe kuhlaba kanjani enhliziyweni, noma ngabe usebenzisa maphi amagama, ungalemukela inqobo nje uma liyiqiniso, futhi ungalivuma inqobo nje uma lihambisana nempilo yangokoqobo. Ungalithobela izwi likaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi uliqonda ngokujule kangakanani, futhi uyakwemukela uphinde ukuthobele ukukhanyiselwa okuvela kuMoya oNgcwele okudluliselwa abazalwane. Lapho ukufuna iqiniso komuntu okunje sekufike eqophelweni elithile, angalithola iqiniso futhi athole inguquko yesimo sakhe. Umuntu ongalithandi iqiniso angaba nobuntu obuhle, kodwa akalinaki iqiniso futhi akalifuni ngobuqotho; angenza imisebenzi emihle, asebenzise imali ngenxa kaNkulunkulu, ayeke izinto ezithile ngenxa kaNkulunkulu, kodwa akakwazi ukuthola inguquko yesimo. Ngokuqhathanisa, ubuntu bukaPetru babucishe bufane nobabanye abaphostoli noma abazalwane, kodwa wagqama ekufuneni kwakhe iqiniso ngomdlandla, futhi wayezindla ngenkuthalo ngakho konke okwakushiwo nguJesu. UJesu wabuza, “Simoni kaJona, uyangithanda na?” Waphendula ngokuqondile, “Ngithanda kuphela uBaba oseZulwini futhi angikayithandi iNkosi esemhlabeni.” Kamuva waqonda: “Akulungile lokhu. UNkulunkulu osemhlabeni nguNkulunkulu osezulwini. Akusiye uNkulunkulu oyedwa osezulwini nasemhlabeni? Ukuthanda kwami kuphela uNkulunkulu osezulwini akukabi ngokwangempela. Kumele ngithande uNkulunkulu emhlabeni, ngoba kulapho kuphela uthando lungolwempela khona.” Wakuqonda okwakushiwo nguJesu ngokuzindla ngezwi likaNkulunkulu. Iyiphi incazelo yakho yangempela? Ukuze athande uNkulunkulu umuntu kufanele athande uNkulunkulu osesesimweni somuntu emhlabeni ukuze uthando kube olwangempela. Ukuthanda uNkulunkulu wokuzakhela engqondweni nongabonakali akuyikho okwangempela noma okwangokoqobo. Ukuthanda uNkulunkulu wangempela kuyiqiniso. UPetru wathola iqiniso ngaphakathi emazwini kaJesu wayiqonda intando kaNkulunkulu. Ngokusobala ukukholwa kukaPetru kuNkulunkulu kwagxila kuphela ekufuneni iqiniso, futhi ekugcineni wathola uthando lukaNkulunkulu ongokoqobo, uNkulunkulu osemhlabeni. UPetru wayezimisele kakhulu ekufuneni kwakhe iqiniso. Njalo lapho uJesu emyala, wayezindla ngenkuthalo ngamazwi kaJesu. Mhlawumbe wazindla izinyanga, unyaka, noma iminyaka ngaphambi kokuba uMoya oNgcwele umkhanyisele wayeseyiqonda incazelo yezwi likaNkulunkulu. Ngale ndlela, wangena eqinisweni, futhi emva kokungena eqinisweni isimo sempilo yakhe saguquka futhi savuselelwa. Uma umuntu engalifuni iqiniso, ngeke aliqonde. Ungasho amazwi eqiniso izikhathi eziyizinkulungwane eziyishumi abe elokhu eyimibhalo nje nezimfundiso. Abanye abantu bayothi kuphela, “UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.” Ukukuphindaphinda kwakho lokhu, ngisho izikhathi eziyizinkulungwane eziyishumi, akunamsebenzi; awuyiqondi incazelo yakho. Ukusho ngani ukuthi uKristu uyiqiniso nendlela nokuphila? Ungakuphimisa ukukuqonda kwakho lokho okuzuzile ngokubona nokuzwa? Usungenile ekubeni ngokoqobo kweqiniso nendlela nokuphila? Izwi likaNkulunkulu linikezwe ukuze nilizwe futhi nilazi; ukusho amazwi nje akunamsebenzi. Uma usuliqondile futhi wangena ezwini likaNkulunkulu, usungazazi-ke. Uma ungaliqondi izwi likaNkulunkulu, awukwazi ukuzazi. Ungabona kuphela uma uneqiniso; ngaphandle kweqiniso awukwazi ukubona. Ungakwazi kuphela ukubona udaba ngokugcwele uma uneqiniso; ngaphandle kweqiniso ngeke ukwazi ukubona udaba. Ungazazi kuphela uma uneqiniso; ngaphandle kweqiniso awukwazi ukuzazi. Isimo sakho singaguquka kuphela uma uneqiniso; ngaphandle kweqiniso isimo sakho asikwazi ukuguquka. Ungasebenzela intando kaNkulunkulu kuphela emva kokuba neqiniso; ngaphandle kweqiniso awukwazi ukusebenzela intando kaNkulunkulu. Kungemuva kokuba neqiniso kuphela lapho ungakhonza khona intando kaNkulunkulu; ngaphandle kweqiniso ukukhonza kwakho kuyoba wukwenza amasiko enkolo kuphela. Konke lokhu kuncike ekutholeni iqiniso ezwini likaNkulunkulu.

  Abanye bazothi, “Empeleni kusho ukuthini ukuthola iqiniso ezwini likaNkulunkulu?” awukwazi ukuthola iqiniso ngokumane ukhulume kaningi ngezimfundiso; kunamsebenzi muni ukukhuluma kwakho lezi zinto ezisobala kuphela? Kufanele uthole incazelo yezwi likaNkulunkulu, uthole isisekelo nomthelela ohlosiwe ngalo. Kukhona iqiniso ezwini likaNkulunkulu, umqondo ezwini Lakhe, ukukhanya ezwini Lakhe. Kukhona izinto eziningi ezwini Lakhe; akulona nje udaba olulula lokuphindaphinda umqondo walo osobala. Ngizonikeza isibonelo esilula. UNkulunkulu uthi, “Yibani ngabantu abethembekile. Ningabi ngabakhohlisayo.” Lo mugqa empeleni uthini? Abanye bathi, “Awukutsheli nje kuphela ukuthi yiba ngumuntu owethembekile futhi hhayi onenkohliso?” Uma umuntu ebuza ethi, “Yikuphi okunye okuchazayo?” lowo muntu uyoqhubeka athi, “Ukuba nje ngumuntu owethembekile futhi ungabi ngonenkohliso. Yilezo zinto ezimbili nje.” “Ukwazi kanjani ngempela umuntu ukuba ngumuntu owethembekile? Uyini umuntu owethembekile? Yiziphi izimpawu eziphambili zomuntu owethembekile?” “Umuntu owethembekile yilowo okhuluma ngokwethembeka nobumsulwa futhi ongakhulumi amanga.” “Uyini umuntu onenkohliso?” “Umuntu onenkohliso ngumuntu ombandazayo. Umuntu ongambandazi futhi okhuluma iqiniso elingaxutshiwe ungumuntu owethembekile.” Noma ungabuza kangakanani, uyothola okungaka kuphela kuye; umqondo womuntu ulula kakhulu. Lithini izwi likaNkulunkulu ngomuntu owethembekile? Into yokuqala ngomuntu owethembekile ukuthi akabasoli abanye. Uchazani uNkulunkulu ngalokhu? Kungani uNkulunkulu esho lokhu? Zindla ucabange ngakho; abantu abakwazi ukukuqonda kahle. Okwesibili, umuntu owethembekile uyalemukela iqiniso. Izwi likaNkulunkulu lithi umuntu owethembekile ikakhulu uhambisana nale mibandela emibili. Ukwazi ukuqonda umqondo ongaphakathi womuntu owethembekile ezwini likaNkulunkulu, lokho ngempela elikhuluma ngakho, ukuthi incazelo enembayo yomuntu owethembekile iyini, nokuyithola ngokunembayo incazelo; uthola ezwini likaNkulunkulu ukuthi yikuphi okunye ukuziphatha umuntu owethembekile akukhombisayo, uwuhlobo olunjani umuntu onenkohliso, uwuhlobo olunjani umuntu owethembekile, bese ubheka futhi kumuntu owethembekile ngokohlangothi lwalokhu kuziphatha. Usuyoqonda-ke ukuthi abantu abethembekile nabanenkohliso banjani nokuthi abantu abanenkohliso balithatha kanjani izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu, nabanye abantu. Ngale ndlela uyofinyelela ekuqondeni okuyiqiniso ngezwi likaNkulunkulu bese uqonda ukuthi mkhulu kangakanani umehluko phakathi kwezwi lakhe nokuqonda komuntu ngomuntu owethembekile nonenkohliso. Uma kubukwa ngaphakathi kwezwi likaNkulunkulu, kunemininingwane eminingi emshweni othi “Kufanele nibe ngabantu abethembekile. Musani ukuba ngabanenkohliso.” Uma uyiqonda ngokweqiniso incazelo yezwi likaNkulunkulu, uyazi-ke ukuthi uyini umuntu owethembekile, nokuthi uyini umuntu onenkohliso; futhi uma ukusebenzisa uyokwazi ngokwempela ukuziphatha njengomuntu owethembekile, futhi uyoba nendlela eya ekubeni ngumuntu owethembekile, okungafinyelela nakanjani esilinganisweni sikaNkulunkulu. Unalo leli zinga lokwazi? Uma ngempela uwaqonda la mazwi bese uwasebenzisa, ungathola ukwamukelwa uNkulunkulu. Uma ungakuqondi lokhu kukhuluma, awukwazi-ke ukuba ngumuntu owethembekile, futhi ngeke ukuthole nhlobo ukwamukelwa uNkulunkulu. Ukufinyelela ekuyiqondeni kwangempela incazelo yangempela yezwi likaNkulunkulu akuyona indaba elula. Ungacabangi nje ukuthi ungakwazi ukuhumusha incazelo esobala yawo wonke amazwi kaNkulunkulu, nokuthi wonke umuntu uthi ukuhumusha kwakho kuhle futhi bayakuncoma, ngakho kusho ukuthi uyaliqonda izwi likaNkulunkulu. Lokho akufani nokuqonda izwi likaNkulunkulu. Uma usuthole ukukhanya okuthile okusuka ngaphakathi ezwini likaNkulunkulu futhi usuyitholile incazelo yangempela yezwi likaNkulunkulu, uma ungasho ukuthi kuyini ukubaluleka kwezwi likaNkulunkulu nokuthi liletha muphi umthelela wokugcina, kulapho sekukhanya konke lokhu lapho kuba khona izinga elithile lokuqonda izwi likaNkulunkulu. Ngakho, ukuqonda izwi likaNkulunkulu akulula nje. Ngoba nje uyakwazi ukunikeza incazelo enhle ngombhalo wezwi likaNkulunkulu akusho ukuthi uyaliqonda. Noma ngabe uwuhumusha kanjani umbhalo wezwi likaNkulunkulu kusewumbono kanye nendlela yokucabanga komuntu futhi akunamsebenzi.

  Kufanele liqondwe kanjani izwi likaNkulunkulu? Isihluthulelo sisekuqondeni izwi Lakhe ngokusuka ngaphakathi kwezwi Lakhe. Noma nini lapho uNkulunkulu ekhuluma khona empeleni akakhulumi izinto ezejwayelekile nje. Ngaphakathi komusho ngamunye kukhona ingqikithi enemininingwane okunesiqiniseko sokwembuleka kabanzi kwayo ezwini likaNkulunkulu, futhi ingavezwa ngendlela eyehlukile. Umuntu akakwazi ukuqonda izindlela uNkulunkulu aveza ngazo iqiniso. Izwi likaNkulunkulu lijule kakhulu futhi akungeneki kulo ngendlela yokucabanga komuntu. Abantu bangathola incazelo ephelele yazo zonke izingxenye zeqiniso inqobo nje uma bezama, futhi imininingwane esalayo igcwaliswa ngokuphelele lapho uMoya oNgcwele ukhanyisela ukuqonda kwakho izimo ezingokoqobo ngokuhlangenwe nakho. Ingxenye eyodwa ngukuqonda izwi likaNkulunkulu ngezwi Lakhe, ngokuthola ingqikithi eqondile yezwi Lakhe. Enye ingxenye ngukuqonda okuchazwa yizwi likaNkulunkulu ngokulizwa nokuthola ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ikakhulu kungalezi zindlela ezimbili lapho ukuqonda izwi likaNkulunkulu ngokweqiniso kufinyelelwa khona. Uma uhumusha ngokombhalo wezwi noma ngokokuzakhela isithombe kwendlela yakho yokucabanga, kusho ukuthi ukuqonda kwakho akulona iqiniso ngisho ngabe uyakwazi ukuhumusha ngobugagu obukhulu. Uma ungakwenzi ngokufanele, ungase uthathe umqondo ngokungahambisani nesimo bese uliqonda ngokungeyikho izwi likaNkulunkulu, okuyinkinga kakhulu. Ngakho, iqiniso litholakala ikakhulu ngokwamukela ukukhanyiselwa uMoya oNgcwele ngenkathi ufinyelela ekwazini izwi likaNkulunkulu. Ukuqonda nokuhumusha umbhalo wezwi Lakhe nje akusho ukuthi usulitholile iqiniso. Uma udinga kuphela ukuhumusha umbhalo wezwi Lakhe, kubaluleke ngani-ke ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele? Kuleso simo izinga elithile lemfundo beliyosebenza, futhi abangafundile bebeyoba senkingeni enkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu awukwazi ukuqondwa yingqondo yomuntu. Ukuqonda okuyiqiniso kwezwi likaNkulunkulu kuncike kakhulu ekukhanyiselweni okuvela kuMoya oNgcwele; yilo umgudu wokuthola iqiniso.

  Uma kufika ekwazini imvelo yomuntu, into ebaluleke kakhulu ukuyazi ngasohlangothini lokubuka kwakhe umhlaba, ukubuka kwakhe impilo, nemigomo yakhe yokuphila. Labo abangabakadeveli bonke baziphilela bona. Indlela yabo yokuphila nezimiso ikakhulu kuyilawo mazwi avela kuSathane, njengokuthi, “Umuntu akazibheke yena bese udeveli ethatha osekugcineni.” Amazwi alabo bantu ababi kakhulu, abakhulu, nezihlakaniphi zomhlaba asebe yimpilo yabo. Iningi lamazwi kaConfucius, ophakaniswa ngamaShayina “njengesazi,” ikakhulu asebe yimpilo yomuntu. Kukhona futhi amazwi adumile obuBuddha nobuTao namazwi adumile avame ukushiwo ngabantu abadumile; onke lawa ayizinhlaka zokuhlakanipha kukaSathane nemvelo kaSathane. Ayisithombe esihle kakhulu kanye nencazelo yemvelo kaSathane. Lobu buthi osebafakwa enhliziyweni yesintu bonke buvela kuSathane; akukho nokuncane kuwo okuvela kuNkulunkulu. Amanga nombhedo futhi kumelana ngqo nezwi likaNkulunkulu. Kusobala ngokuphelele ukuthi ingqikithi yakho konke okuhle ivela kuNkulunkulu, futhi zonke lezo zinto ezimbi ezifaka ubuthi kumuntu zivela kuSathane. Ngakho ningayibona imvelo yomuntu nokuthi ungokabani ngokubuka indlela abuka ngayo impilo nemigomo yakhe. USathane wonakalisa abantu ngemfundo nangethonya lohulumeni bamazwe nangabantu abadumile nabakhulu. Amanga nemibhedo yabo sekube yimpilo nemvelo yabantu. “Umuntu akazibheke yena bese uSathane ethatha osekugcineni” amazwi obusathane aziwa kakhulu asefakwe kuwo wonke umuntu aba yimpilo yomuntu. Akhona amanye amazwi enkambiso yokuphila afana nalawa. USathane ufundisa abantu ngesiko elihle laleso naleso sizwe bese enza ukuthi isintu siwele futhi sembozeke emgodini ojulile wembubhiso, futhi ekugcineni abantu babhujiswa nguNkulunkulu ngoba bakhonza uSathane bamelane noNkulunkulu. Cabanga ubuza umuntu okade ekhuthele emphakathini iminyaka engamashumi umbuzo olandelayo, “Usuphile emhlabeni isikhathi eside kangaka futhi wafeza izinto eziningi; yimaphi amazwi adumile ophila ngawo?” Bazothi, “Abalulekile kakhulu kuwo yilawa athi, ‘Labo abanikeza izikhulu izipho abashaywa yizo, futhi labo abangathophi abazuzi lutho.’” Ngabe le nkulumo ayimele imvelo yakhe? Imvelo yakhe eyokuthi akayeki lutho olungenza athole isikhundla; ukuba yisikhulu yikho okumnika impilo. Busebuningi ubuthi bobusathane ezimpilweni zabantu, ekuphatheni kwabo izinto, nasekuziphatheni kwabo nokubhekana nabanye – zicishe zingabi ngisho nelincane iqiniso – isibonelo, izinkambiso zokuphila kwabo, amazwi abo empumelelo, noma izindlela zabo zokwenza izinto. Wonke umuntu ugcwaliswe ubuthi bukadrako omkhulu obomvu, futhi bonke buvela kuSathane. Ngakho, okugobhoza emathanjeni nasegazini labantu konke kuyizinto zikaSathane. Wonke umuntu othola impumelelo yasemhlabeni unendlela nemfihlo yakhe yokuphumelela, ngakho ingabe leyo mfihlo ayiyimele kangcono imvelo yakhe? Ungabona ukuthi imvelo yalo muntu inobuqili kakhulu–bayizikhulu eziphezulu kakhulu futhi sebenze izinto ezinkulu emhlabeni. Imvelo yabo ingumshoshaphansi futhi inobuthi–bangenza noma yini. Umuntu usonakaliswe ngokujule kakhulu nguSathane. Ubuthi bukaSathane bugobhoza egazini lawo wonke umuntu, futhi imvelo yomuntu yonakele ngokubonakalayo, imbi, ibuyisela emuva, igcwaliswe futhi icwile kumafilosofi kaSathane–kuyimvelo ehlubuka uNkulunkulu ngokugcwele. Imvelo yomuntu ingaziwa kubo bonke abantu uma ihlaziywa ngale ndlela.

  Umuntu uhlala ekukhanyeni kuphela uma azi uNkulunkulu futhi eneqiniso; futhi kulapho umbono wakhe ngezwe nombono wakhe ngempilo kuguquka lapho ngokuyisisekelo eguquka khona. Lapho enenhloso ngempilo futhi eziphatha ngokweqiniso; lapho ethobela uNkulunkulu ngokuphelele futhi ephila ngezwi likaNkulunkulu; lapho ezizwa eqinisekile futhi ekhanyisiwe ekujuleni komphefumulo wakhe; lapho inhliziyo yakhe ingenabo ubumnyama; nalapho ephila ngokukhululeka okuphelele futhi engabophekile ebukhoneni bukaNkulunkulu – kulapho kuphela ekwazi khona ukuphila impilo yomuntu futhi abe umuntu oneqiniso. Ngale kwalokho, onke amaqiniso onawo avela ezwini likaNkulunkulu nakuNkulunkulu uqobo. UMbusi wendawo yonke nazo zonke izinto – uNkulunkulu oPhakeme Kakhulu – uyakwamukela, njengomuntu wangempela ophila impilo yobuntu eyiqiniso. Yini engaba nomqondo ukwedlula le? Umuntu onjalo oneqiniso. Emhlabeni wamanje ngaphansi kokubusa kukaSathane, kuwo wonke umlando wesintu weminyaka eyizinkulungwane, ngubani osethole impilo? Akekho. Kungani kunjalo? Bonke bangabantu abamelene noNkulunkulu. Konke abebephila izimpilo zabo ngakho kuvela kuSathane futhi kwamukelwe uSathane futhi kuphikisana ngqo nezwi likaNkulunkulu. Ngakho bayizidalwa ezimelana noNkulunkulu, abehlelwa yisiqalekiso Sakhe, futhi abanampilo abangakhuluma ngayo. Noma befuna “ukushiya igama elingapheli,” “amagama abo ehliselwe ezizukulwaneni eziyikhulu,” “bathokozele udumo olungapheli,” futhi “babe negama elingenakuphela,” konke lokhu kungumbhedo. Empeleni, baqalekiswa nguNkulunkulu ngaphambilini, abanakuphinde bazalwe kabusha. Amazwi abantu abadumile, noma ngabe bayini, ngokwempela awahlangani noNkulunkulu, futhi bonke bayajeziswa ezingeni leshumi nesishiyagalombili lesihogo emva kokufa. UNkulunkulu kuphela oyiqiniso. UNkulunkulu uqondisa izulu nomhlaba nakho konke okukukho futhi ubusa phezu kwakho konke. Ukungakholwa kuNkulunkulu, ukungathobeli uNkulunkulu kungukungakwazi ukuthola iqiniso. Uma uphila ngokwezwi likaNkulunkulu, uyozwa ukucacelwa, ukuqina, nobumnandi obungaqhathaniseki ekujuleni kwenhliziyo yakho; uyobe usuyithole ngokweqiniso impilo. Kungakhathaleki ukuthi kukhulu kangakanani okuzuzwe ngososayensi emhlabeni, lapho sebesondele ekufeni bazizwa bengenalutho ezandleni; abatholanga lutho. Ngisho u-Einstein noNewton, benolwazi oluningi kangaka, bazizwa bengenalutho, lokho kungenxa yokuthi babengenalo iqiniso. UNewton benoGalileo, ikakhulu, bobabili babekholwa kuNkulunkulu futhi bengamaKristu; bahlushwa wubuKhatholika, kodwa abalifunanga iqiniso. Babazi kuphela ukuthi kuhle ukukhonza uNkulunkulu. Bafunda nje isayensi base bethola ukuthi ngempela ukhona uNkulunkulu, futhi bakholwa kuNkulunkulu kwaze kwaba sekugcineni, bagcina benokukholwa okungamaphesenti ayikhulu ukuthi uNkulunkulu ukhona kanye nokukholwa okungamaphesenti ayikhulu okuthi wadala amazulu nomhlaba nakho konke. Bafuna kuphela ulwazi lwesayensi futhi abafunanga ukwazi uNkulunkulu. Abalitholanga iqiniso, futhi abakutholanga ukuphila kweqiniso. Indlela eniyihambayo namuhla akuyona indlela yabo. Enikufunayo ukwazi uNkulunkulu, ukwazi indlela yokuthobela uNkulunkulu, indlela yokukhonza uNkulunkulu, indlela yokuphila impilo enenhloso – okwehluke kakhulu kulokhu ababekufuna. Manje, uNkulunkulu osesimweni somuntu usenitshelile ngazo zonke izingxenye zeqiniso futhi waninika indlela yeqiniso nempilo. Kungaba ubulima kinina ukungalifuni iqiniso.

  Manje nizwa sengathi nisekude kakhulu, ukuthi lincane kakhulu iqiniso phakathi kinina, ukuthi anizizwa ninothisiwe ngaphakathi. Lokhu kungenxa yokuthi ukungena kwenu bekuhambela phezulu kakhulu, futhi anikabi nakho ukwazi okujulile. Lapho uliqonda ngokweqiniso izwi likaNkulunkulu bese ungena ezwini likaNkulunkulu uyoba namandla, amandla agcwalisa umzimba wakho futhi angeke aqedwe nya. Ngaleso sikhathi uyozizwa uya ngokuya ukhanya ngaphakathi, nendlela iyokhanya njalo lapho uqhubeka uyihamba. Abantu abaningi manje bakholwa kuNkulunkulu kodwa abakangeni endleleni efanele. Basazizwa beze futhi becobekile, kwesinye isikhathi baze bazizwe sengathi konke ukuphila kungukuhlupheka, akunalutho – baze bafise nokufa. Unjalo umuntu ngaphambi kokuba inhliziyo yakhe ibe nombono. Umuntu onjalo akakalitholi iqiniso futhi akakamazi uNkulunkulu, ngakho akakayizwa intokozo eningi yangaphakathi. Ikakhulu senizwe ukuhlushwa nobunzima ekubuyeleni ekhaya, niyahlupheka futhi ninemicabango ngokufa nokungazimiseli ngokuphila; lobu ubuthakathaka benyama. Abanye abantu baze bacabange: Sikholwa kuNkulunkulu, futhi kufanele sizwe intokozo phakathi kithina. ENkathini Yombuso uMoya oNgcwele wawusanikeza ukuthula nentokozo phezu kwabantu. Manje ukuthula nentokozo sekukuncane kakhulu; akukho bumnandi njengoba kwakunjalo ngeNkathi Yomusa. Ukukholwa kuNkulunkulu namuhla kukhathaza kakhulu. Wazi kuphela ukuthi ubumnandi benyama bungcono kunakho konke. Awazi ukuthi uNkulunkulu wenzani namuhla. UNkulunkulu uvumela inyama yakho ukuthi ihlupheke ukuze aguqule isimo sakho. Noma inyama yakho ihlupheka, unezwi likaNkulunkulu futhi unesibusiso sikaNkulunkulu. Awukwazi ukufa noma ufuna: Ungazinikela ekungamazini uNkulunkulu nokungatholi iqiniso? Manje okukhulu ngukuthi nje abantu abakalitholi iqiniso, futhi abanakho ukuphila. Manje abantu baphakathi kwendlela yokufuna insindiso, ngakho kufanele bahlupheke ngokuthile ngalesi sikhathi. Namuhla wonke umuntu emhlabeni wonke uyavivinywa: UNkulunkulu usahlupheka – kulungile yini ukuthi ningahlupheki? Ngaphandle kokucwengwa ngezinhlekelele ezinkulu ngeke kube khona ukukholwa kweqiniso, futhi iqiniso nempilo ngeke kutholakale. Ukungabi nokuvivinywa nokucwengwa ngeke kusize. UPetru wavivinywa iminyaka eyisikhombisa ekugcineni (emva kokuba eseneminyaka engamashumi amahlanu nantathu). Wedlula ekulingweni okungamakhulu kuleyo minyaka eyisikhombisa, futhi kwaba ngemuva kwaleyo minyaka emithathu nemithathu nowodwa lapho athola khona ukuphila nenguquko yesimo sakhe. Ngakho, lapho uthola iqiniso ngempela bese ufinyelela ekwazini uNkulunkulu uzwa ukuthi impilo kufanele iphilelwe uNkulunkulu. Ukungaphileli uNkulunkulu kudabukisa kakhulu: ungaphila impilo yakho ekudabukeni okubuhlungu nasekuzisoleni okwedlulele. Ngeke ufe okwamanje. Kufanele ufumbathe izibhakela zakho uqhubeke nokuzimisela ngokuphila; kufanele ukuphila ukuphilele uNkulunkulu. Lapho abantu beneqiniso phakathi kubona baba nalokhu kuzimisela bangaphindi futhi bafise ukufa. Uma ukufa kukwethusa, uyothi, “O Nkulunkulu, angizimisele ngokufa; angikakwazi. Angikalubuyiseli uthando Lwakho. Kufanele ngife kuphela uma sengifinyelele ekukwazini kahle.” Usufikile kuleli zinga? Awukafiki, angithi? Abanye abantu behlelwa ubunzima emndenini. Abanye behlelwa yizinkinga zomendo. Abanye abantu abanakhaya abangahlala kulo noma indawo yokuhlala; bangahlala kuphela emakhaya abanye abantu noma beyaphi, futhi bafuna ukuwathatha njengawabo bese bethokozela inkululeko encane, kodwa lokho akunakwenzeka ngoba basemakhaya abanye abantu, futhi bayahlupheka ezinhliziyweni zabo. Ukuhlupheka enikuzwa manje akuyikho kanye okukaNkulunkulu? Nihlupheka kanye noNkulunkulu, noNkulunkulu unabantu ekuhluphekeni kwabo, angithi? Namuhla nineqhaza nonke ekuhluphekeni kukaKristu, embusweni, nasekubekezeleni, futhi-ke ekugcineni niyothola udumo. Lolu hlobo lokuhlupheka lunomqondo. Ukungabi nokuzimisela ngeke kube nalusizo. Kufanele uqonde ukubaluleka kokuhlupheka nokuthi kungani kufanele uhlupheke kanje. Funa iqiniso elincane kulokhu bese uqonda okuncane ngenhloso kaNkulunkulu, bese uba nokuzimisela kokubekezelela ukuhlupheka. Uma ungayiqondi inhloso kaNkulunkulu futhi uzindla kuphela ngokuhlupheka kwakho, njalo uma ucabanga ngokwengeziwe ngakho kuba lukhuni ngokwengeziwe ukukubekezelela – kuwuhlupho lokho – bese kuqala kanjalo ukuhlushwa ukufa. Uma uqonda iqiniso, uyothi, “Angikaphili ngokwanele. Kungani kufanele ngife? Angikalitholi iqiniso. Kufanele ngizinikele kuNkulunkulu. Kufanele ngibe nobufakazi obuhle kuNkulunkulu. Kufanele ngilubuyisele uthando lukaNkulunkulu. Emva kwalokho, akukhathalekile ukuthi ngifa kanjani. Ngiyobe sengiphile impilo eyenelisayo. Kungakhathaleki ukuthi ubani omunye ofayo, ngeke ngife manje; kufanele ngiqhubeke ngokuzimisela nokuphila.” Ngakho, manje zonke lezi zinto kufanele zibonakale ngokucacile, neqiniso kufanele liqondakale kulezi zinto. Lapho abantu beneqiniso, banamandla. Lapho beneqiniso, imizimba yabo igcwaliswa ngomdlandla ongapheli. Lapho beneqiniso, banokuzimisela. Ngaphandle kweqiniso, bafana nenhlese ethambile yetofu. Ngeqiniso bayaqina bazethembe, futhi abakuzwa ukuhlupheka kwabo kuwukuhlupheka noma ngabe kungakanani. Kuholela kuphi lokhu kuhlupheka? UNkulunkulu osesimweni somuntu usahlupheka. Ningabantu abonakaliswe nguSathane ngemvelo evukela uNkulunkulu. Nonke ngokungazi nenze izinto eziningi zokungalaleli uNkulunkulu, nimelana noNkulunkulu. Kufanele nahlulelwe futhi nisolwe. Umuntu ogulayo akakwazi ukwesaba ukuhlupheka uma elashwa, ngakho kulungile yini ukuba nina, enifuna ukuba izimo zenu ezonakele ziguquke nokuthola impilo, ningahlupheki nakancane? Ukuhlupheka kwenu kufanele kuthwalwe; kumele kuthwalwe. Lezi zinhlupheko azehleli abangenacala, futhi ngaphezu kwalokho aziphoqelelwa phezu kwenu. Enikuzwayo namuhla akulutho olungaphezu kobunzima bokuhamba kaningi nokukhathala okuncane ngenxa yomsebenzi wakho. Kwesinye isikhathi izinhliziyo zenu zibuhlungu lapho nibona ukonakala kwenu nizwe sengathi aniguquki neze, futhi ngandlela thize iyanihlupha imvelo yenu eyonakele. Kwesinye isikhathi kunengxenye yezwi likaNkulunkulu ongayiqondi nhlobo, noma inhliziyo yakho ihlabeka ngenkathi ufunda izwi likaNkulunkulu, futhi uzizwa unobuhlungu bese wedlula ekucwengweni ezwini likaNkulunkulu. Noma, wenza umsebenzi wakho kabi futhi uhlale wenza amaphutha, uzigxeka, uzonda ukuthi awukwazi ukulwa uze uwuqede nokuthi awukwazi ukuwenza umsebenzi. Uyahlupheka ngazo zonke lezi zindlela. Kwesinye isikhathi ubona abanye bethuthuka uzwe sengathi ukuthuthuka kwakho kuhamba kancane kakhulu, ukuthi wamukela izwi likaNkulunkulu kancane kakhulu, ukuthi ukukhanya kunokwethukela kakhulu. Uhlupheka ngezinye zalezi zindlela; yikuphi okunye ukuhlupheka okukhona ngale kwalezi zinhlobo? Anenziwa ukuthi nenze umsebenzi wezandla osindayo, futhi aninazo izinduna noma abaphathi abanishayayo futhi abanithukayo futhi akukho muntu onigqilazayo. Anihlushwa okunye kwalokho, angithi? Lobo bunzima enibuzwayo empeleni akubona ubunzima bangempela. Cabanga ngalokhu umzuzu nje – akunjalo? Kwesinye isikhathi isimo sakho siyakwesabisa, sibeka ingqondo yakho esimweni sokukhathazeka, singakuniki ukuphumula, futhi uyahlupheka kancane ngokuhlala wesaba. Kufanele uqonde ukuthi yimuphi umqondo wokudela umndeni wakho nokuzinikela kuNkulunkulu nokuthi kungani ufuna ukwenza lokhu. Uma kungukufuna iqiniso, ukufuna impilo, nokwenza okuncane ekufezeni umsebenzi wakho nokubuyisela uthando lukaNkulunkulu, kulungile ngokuphelele-ke lokho, yinto enhle, futhi kungumthetho weZulu nesimiso sasemhlabeni. Kulokho, ngeke ube nokuzisola, futhi uyokwazi ukudedela umndeni wakho noma ngabe isimo sinjani. Akunjalo? Uma ucacelwa yilokhu kubaluleka ngeke ube nokuzisola, futhi ngeke ucabange okubi. Uma, nokho, ungaphumi uyozinikelela uNkulunkulu, akunamqondo-ke, futhi kufanele usheshe ubuye. Uma usulubona ngokucacile udaba inkinga iyoxazululeka futhi ngeke kube khona isizathu sokukhathazeka; konke kusezandleni zikaNkulunkulu.

  Manje nonke ninobunzima obuthile bezilingo. Abanye benu baneqiniso elithile; abanye abanalo. Abanye balamukela ngale ndlela; abanye balamukela ngaleya ndlela. Kungakhathaliseki ukuthi ulithola kanjani, inqobo nje uma kuneqiniso phakathi kuwe futhi ulithola ngendlela efanele, ukuhlupheka kwakho kuyoba nenhloso nomsebenzi, uyoba nokuzimisela futhi uyokwazi ukufinyelela ekugcineni. Uma ungalamukeli iqiniso kodwa wamukela imicabango nokwakhiwe yingqondo, ukuhlupheka kwakho-ke akunamsebenzi ngoba awukalitholi iqiniso. Kufanele ufune intando kaNkulunkulu kuzo zonke izinto futhi kufanele ufune iqiniso kuzo zonke izinto. Ulifuna kanjani iqiniso ezindabeni zokudla nokugqoka izingubo nezindaba zempilo yomuntu? Likhona iqiniso elingafunwa kulezi zinto? Abanye bathi, “Noma uthini, ukudla kahle kumnandi; ukugqoka kahle kuhle. Ukudla nokugqoka kabi kuwukulahlekelwa.” Likhona iqiniso kulo mbono? Alikho! Kubalulekile ngempela empilweni yomuntu ukudla kahle nokugqoka kahle? Phinde. Uma kubekwa ngenye indlela, uma umuntu engase akwazi ngempela ukwazi uNkulunkulu futhi abe neqiniso, konke akwenzayo ukufakaza ngoNkulunkulu, ukwanelisa uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi udla noma ugqoka kabi kangakanani, kunenhloso ekuphileni kwakhe, futhi uthola ukuvunywa nguNkulunkulu – ingabe akuyona into enomqondo kakhulu le? Ukuthi ugqoka uhlobo olunjani lwezingubo akumqoka neze. Abanye bathi, “Lapho kufika isikhathi sokuthola ozothandana naye kuhle kakhulu ukugqoka kahle.” Nakho lokho akunasiqiniseko. Cabanga nje uhlangana nomuntu okhangayo, omuhle impela. Ugqoke ingubo enhle; uyathatheka ngawe futhi akushade. Kodwa uma lo muntu engudeveli, uzokulethela usizi. Uma uhlangana nodeveli lapho ugqoke izingubo ezigugile nesigqoko sotshani, futhi engakuthandi, ingabe awuzange ugweme inhlekelele? Ngeke nakanjani uthole isibusiso ngenxa yokugqoka izingubo ezinhle: Usayoqalekiselwa ukuthatha indlela engafanele. Futhi, umuntu ogqoke kabi oneqiniso uyobusiswa nguNkulunkulu noma kunjalo. Ngakho, kukhona iqiniso lokufunwa ekuthini kufanele ukuthathe kanjani ukudla nokugqoka. Futhi kuneqiniso elengeziwe lokufunwa ekuthini kufanele ukuthathe kanjani ukwenza umsebenzi wakho. Ukuthi ukuthatha kanjani ukuthunywa nguNkuliunkulu kuyindaba enzima! Uma ungakwazi ukuqeda okunikezwe uNkulunkulu, awufanele ukuphila ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi kufanele ujeziswe. Kungumthetho weZulu nesimiso sasemhlabeni ukuba umuntu aqede lokho uNkulunkulu amnike khona; lokhu kuyisibopho esiphezulu somuntu, esibaluleke njengempilo yakhe. Uma ungakuthathi ngokuzimisela ukuthunywa, uyamkhaphela uNkulunkulu ngendlela embi kakhulu; lokhu kubi kunokukaJudasi futhi kusifanele isiqalekiso. Ngakho, uNkulunkulu uthuma umuntu: Lokhu kungukuphakanyiswa nomusa omkhulu ovela kuNkulunkulu, into enhle kakhulu. Konke okunye kungadelwa – noma ngabe umuntu kufanele anikele ngempilo yakhe kusafanele akuqede akuthunywe nguNkulunkulu. Likhulu ngokungaphezulu iqiniso okufanele lifunwe lapha.

  Ukuguquka kwesimo nokufuna iqiniso kuhlobene kakhulu. Uma uliqonda iqiniso lokuthi kungani abantu bephila nokuthi kufanele bayibuke kanjani impilo, ngeke-ke ukubuka kwakho impilo kuguquke? Liningi futhi elinye iqiniso okufanele lifunwe kulokhu. Yimaphi amaqiniso akhona ekuthandeni uNkulunkulu? Kufanele ngani ukuba umuntu athande uNkulunkulu? Uma umuntu ecacelwa ngeqiniso lokuthanda uNkulunkulu futhi engathanda uNkulunkulu enhliziyweni yakhe – uma inhliziyo ikwazi ukuthanda uNkulunkulu kancane – unempilo eyiqiniso futhi ubusiseke kakhulu. Labo abafuna iqiniso kuzo zonke izinto bathuthuka ngokushesha empilweni futhi bayakwazi ukuthola inguquko yesimo. Labo abafuna iqiniso yilabo kanye abathandwa nguNkulunkulu. Uma umuntu ethembele emicabangweni nasezimfundisweni noma elalela imithetho kuzo zonke izinto, ngeke athuthuke, akasoze abe neqiniso, futhi kungekude uzosuswa – uNkulunkulu ulwenyanya kakhulu lolu hlobo lomuntu.

umthombo: IBandla likaNkulunkulu uSomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana