3.8.18

1. Yazi inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi wokungamela kukaNkulunkulu isintu.

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu — noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe.

2.8.18

2. Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  (1) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomthetho

  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, indawo Yakhe engcwele lapho Aye khona. Wawugcina umsebenzi wakhe kubantu bakwa-Israyeli. Ekuqaleni, Akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, Wakhetha abantu Abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli indawo lapho uNkulunkulu adala u-Adamu no-Eva, futhi othulini lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; isizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni.

1.8.18

10. Kungani kungokubhekana kanye nokuthobela umsebenzi kaNkulunkulu esimweni somuntu ukuba umuntu azi uNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukulalela uNkulunkulu,yazi uNkulunkulu

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  “Futhi uLizwi waba inyama, wahlala phakathi kwethu, (futhi sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

  Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami” (Johane 14:6).

31.7.18

31. Angikulungele Ukubona UKristu

UHuanbao    Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning

  Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma kakhulu abafowethu nodadewethu abakwazi ukwamukela inkonzo yomuntu siqu noKristu, abakwazi ukuzwa izintshumayelo Zakhe ezindlebeni zabo. Enhliziyweni yami, ngicabangile ukuthi kungaba kuhle kangakanani uma ngelinye ilanga esikhathini esizayo ngingezwa izintshumayelo zikaKristu, kodwa-ke phela ukumbona Yena kungaba kuhle kakhulu. Kodwa kamuva nje, ngokulalela ukuhlanganyela Naye, sengiba nomuzwa ojulile enhliziyweni yami wokuthi angifanelekile ukubona uKristu.

8. Kuqondwa kanjani ukuthi uKristu uyiqiniso, indlela nempilo?

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo ekuqaleni wayenoNkulunkulu” (Johane 1:1-2).
 
  “Futhi uLizwi waba inyama, wahlala phakathi kwethu, ( futhi sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

30.7.18

32. Wonke Amazwi KaNkulunkulu Ayisibonakaliso Sesimo Sakhe

UHu Ke    Edolobheni laseDezhou, EsiFundazweni saseShandong

  Njalo uma ngibona la mazwi ekhulunywa nguNkulunkulu, ngangizizwa nginetwetwe: “Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona.” Ngazizwa nginetwetwe ngoba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu sibaluleke kakhulu ekuqondeni komuntu uNkulunkulu kanye nasekufuneni komuntu uthando kanye nokumenelisa Yena.

29.7.18

7. Kungani kuthiwa izimo ezimbili zikaNkulunkulu esenyameni ziphelelisa ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukuba senyameni

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  “Kanjalo noKristu wanikelwa kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abamfunayo uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube ngukusindiswa” (Heberu 9:28).

  Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu” (Johane 1:1).