Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu — noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe.