27.5.18

Kungani Ungazimisele ukuba Isiqhathaniso?

  Labo abanqotshwayo bayiziqhathaniso, futhi ngemva nje kokupheleliswa baba izibonelo nezifanekiso zomsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphambi kokuba bapheleliswe bayiziqhathaniso, amathuluzi, kanjalo nezinto zokusebenza. Labo abanqotshwe ngokuphelele nguNkulunkulu bayizibonakaliso kanye nezibonelo nezifanekiso zohlelo Lwakhe lokuphatha.

Amazwi Aya Kwabancane Nabadala

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Mningi kakhulu umsebenzi engiwenze emhlabeni futhi ngihambe iminyaka eminingi phakathi kwesintu. Kodwa luncane ulwazi abantu abanalo ngokubukeka Kwami nangesimo Sami, futhi bayidlanzana abantu abangawuchaza kahle umsebenzi engiwenzayo. Kuningi abantu abakuntulayo, bahlale bentula ukuqonda ngalokhu engikwenzayo, futhi izinhliziyo zabo zihlale ziqaphile njengokungathi besaba kakhulu ukuthi ngizobafaka kwesinye isimo bese ngingabe ngisabanaka.

Best South African Gospel Music "Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho"



Best South African Gospel Music "Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho"

Ukuqonda iqiniso kukhulula umoya womuntu kumenze ajabule.
Iqiniso lelo!
Ngigcwele ukuzethemba ezwini likaNkulunkulu futhi anginakho ukungabaza.
Singaba kanjani nokungabaza?
Anginakho ukuphika, angihlehli emuva, angiphelelwa yithemba.
Buka!
Ngiqhuba umsebenzi wami ngenhliziyo yami yonke nangengqondo futhi anginakho ukukhathazeka ngenyama.

26.5.18

Isahluko 5

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Uma uMoya Wami ukhuluma, uveza isimo Sami ngokuphelele. Niyakuqonda lokhu? Ukungakuqondi lokhu kuyafana nokuphikisana Nami ngqo. Ingabe ukubonile ukubaluleka okukulokhu? Ingabe niyazi ukuthi ungakanani umzamo Wami, angakanani amandla Ami, engiwanikela kuwe? Ingabe ningakwazi ukubeka obala lokhu enikwenzile phambi Kwami? Futhi ninesibindi sokuzibiza ngabantu Bami ebusweni Bami–aninamahloni, anicabangi! Kungekudala, abantu abafana nalaba bazoxoshwa endlini Yami. Ungabi yisosha elidala Kimi, ucabanga ukuthi umele ubufakazi Bami! Ingabe lokhu yinto abantu abakwaziyo ukuyenza?

Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Isigaba Sokugcina Sendlela

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Manje senisesigabeni sokugcina sale ndlela, futhi yisigaba esibucayi sayo. Kungenze uye wakhuthazelela ukuhlupheka okuthile, wenza umsebenzi omningana, wahamba emigwaqweni eminingi, futhi walalela izintshumayelo eziningi, futhi akuzange kube lula ukufika lapha.

25.5.18

Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Iyiphi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu? Yiziphi izingxenye ezifakiwe? Ingabe uzimisele ukupheleliswa nguNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukwamukela isahlulelo kanye nokusolwa uNkulunkulu? Yini oyaziyo ngale mibuzo? Uma ungeke ukhulume ngalolu lwazi olunjalo, ngakho lokhu kukhombisa ukuthi awukawazi namanje umsebenzi kaNkulunkulu nokuthi awukakukhanyiseli nhlobo uMoya oNgcwele.

Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe

Ngabe yini le esiyamukelwe umuntu kusukela aqala ukukholwa kuNkulunkulu? Bewazini ngoNkulunkulu? Ngabe sewuguquke kangakanani njengoba sewukholwa kuNkulunkulu? Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngothando lukaNkulunkulu, njalo njalo.