Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula iNkosi. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula iNkosi. Bonisa konke okuthunyelwe

1.2.18

Umsebenzi Nokungena (1)

 Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze.

28.1.18

Isenzo (8)

  Kuningi okwenziwa abantu okuphambene nokuyisono, abakwazi ukuzilawula, futhi ngaleyo ndlela kunesidingo sokubaqondisa ukuze bahambe endleleni efanele; ngamanye amazwi, bayakwazi ukulawula impilo yabo yobuntu nempilo yabo engokomoya, bakwenza kokubili lokhu, futhi asikho isidingo sokubasekela nokubaqondisa njalo.Kungaleso sikhathi kuphela lapho benokuma kweqiniso. Lokhu kuyosho ukuthi, esikhathi esizayo, lapho engekho umuntu ozokuqondisa, uzoqhubeka uzenzela wena izinto.

25.1.18

Ukuhunyushwa Kwezwi Leshumi Nane

 
 “Umuntu akaze afunde lutho ezwini likaNkulunkulu. Esikhundleni salokho, umuntu wazisa nje kuphela ingaphezulu lezwi likaNkulunkulu, kodwa engawazi umqondo walo wangempela. Ngakho-ke, noma iningi labantu lilikhonzile izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uthi empeleni abalazisi.

21.1.18

Isenzo (7)

  Nintula ubuntu, indlela eniphila ngayo iphansi kakhulu futhi inehlisa isithunzi, aninabo ubuntu, futhi aninakho ukuqonda. Yingakho kumele nizihlomise ngezinto zobuntu.Ukuba nonembeza, ingqondo, nokuqonda, ukwazi ukuthi kumele nikhulume kanjani nokuthi nizibone kanjani izinto, ukunaka inhlanzeko, ukuziphatha njengabantu abajwayelekile—zonke lezi yizinto zobuntu obujwayelekile okumele nizazi.

Isenzo (5)

  Ngesikhathi seNkathi Yomusa, uJesu wakhuluma amazwi athile wenza isigaba esisodwa somsebenzi. Bekunengqikithi kuwo futhi ebefanele izimo zabantu ngaleso sikhathi; uJesu wakhuluma futhi wasebenza njengoba kufanele ingqikithi yangaleso sikhathi.

17.1.18

Isenzo (2)

  Ezikhathini ezedlule, abantu babeziqeqeshela “ukuba noNkulunkulu baphile phakathi komoya ngaso sonke isikhathi” okuwukuthi, uma kuqhathaniswa nalokhu okwenziwa namuhla, kube ukuqeqesha okulula kukamoya. Ukwenza okunje kuza ngaphambi kokuba abantu bangene endleleni efanele yempilo, kanti yindlela engajulile nelula kakhulu kuzo zonke izindlela ezisetshenziswayo.

Isenzo (4)

   Ukuthula nenjabulo engikhuluma ngakho namuhla akufani nalokhu okholelwa kukho nokuqondayo. Ubucabanga ukuthi ukuthula nenjabulo kusho ukujabula usuku lonke, ukungabikho kwezifo noma amabhadi emndenini wakho, ukuhlala uthabile enhliziyweni yakho, ngaphandle kokuba nosizi, nenjabulo engachazeki ngaphakathi kuwe kungakhathaliseki ukuthi injani impilo yakho. Lokhu bekungaphezulu kokunyuka komholo womyeni wakho nokuthi indodana yakho isanda kuthola isikhala enyuvesi.

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)

UNkulunkulu USomandla uthi:

"Kufanele nazi ngendaba yangaphakathi nokwakheka kweBhayibheli. Lolu lwazi aluphathwa yilabo abangakawemukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu. Abazi. Bachazeleni lezi zindaba ezibalulekile, ngeke baziqhenye ngolwazi lwabo lweBhayibheli. Bahlala becubungula lokhu osekuphrofethiwe: Ingabe le nkulumo seyenzekile? Ingabe leya nkulumo seyenzekile? Ukwamukela kwabo ivangeli kungokuhambisana neBhayibheli; Bashumayela ivangeli ngokuvumelana neBhayibheli.

8.1.18

Mayelana Nokuphila KukaPetru

  UPetru umuntu oyisibonelo uNkulunkulu amethula esintwini, futhi ungumuntu owaziwayo. Kungani umuntu ophansi kanjalo uNkulunkulu ambeka njengesibonelo, futhi wadunyiswa yizizukulwane ezizayo? Empeleni, akudingeki nokuthi kuze kushiwo ukuthi lokhu akunakuhlukaniswa nombono wakhe nesinqumo sakhe sokuthanda uNkulunkulu.

7.1.18

Isahluko 10

Ngesikhathi sokwakhiwa kwebandla, uNkulunkulu wayethuka nje ekhuluma ngokwakhiwa kombuso. Nalapho ekhuluma ngakho, wayekwenza ngolimi lwesikhathi sokwakhiwa kwebandla. Lapho kufika iNkathi Yombuso uNkulunkulu waziyeka ezinye izindlela nezindaba zesikhathi sokwakhiwa kwebandla futhi akaphindanga wakhuluma ngisho izwi elilodwa ngakho. Lokhu yikho kanye okuwumqondo obalulekile “kaNkulunkulu Uqobo” ohlala emusha futhi ongagugi.

31.12.17

Isahluko 29

umusa kaNkulunkulu,funa uNkulunkulu

Ngosuku lapho zonke izinto zavuswa khona, Ngeza phakathi kwabantu, ngachitha izinsuku nobusuku obumnandi nabo. Kulapha kuphela lapho umuntu ezwa kancane ngokufinyeleleka Kwami, futhi njengoba ukuhlangana Kwami nabo sekuvama, ubona okunye kwalokho enginakho nengiyikho—ngalokho, uzuza ulwazi oluthile Ngami.