16.4.18

INkosi UJesu Yabuya | Ukwethulwa kwe-App Yebandla LikaNkulunkulu USomandla



Ukwethulwa kwe-App Yebandla LikaNkulunkulu USomandla
Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Ukuze kufezeke isifiso esikhulu sabantu abavela ezindaweni ezingafani sokufunda umsebenzi kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina, IBandla LikaNkulunkulu USomandla lethula i-app yokuqala yomshini ophathwayo.

Ikhasi Lokuqala
Okujabulisayo okuthi shazi ekhasini lokuqala.
Lalela amazwi oMoya oNgcwele emabandleni, futhi wazi umsebenzi namazwi kaKrestu ezinsukwini zokugcina.
Izintombi ezihlakaniphile zizwa izwi likaNkulunkulu, zihamba ezinyathelweni Zakhe, zikhanyelwa yiwo wonke amaqiniso ayimfihlakalo, futhi ziqonda konke kweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha.
Ivangeli lozalo lombuso liyiphendulo yemibuzo yakho, futhi likusiza ubone ngale kwamampunge kaSathane namanga.
Lalela la mavidiyo nezihloko zezinto ezenzeka ngempela ezivela kubantu bakaNkulunkulu abakhethiwe bekhumbula inqubo yokuhlanzwa abadlula kuyo futhi basindiswa ngesahlulelo sikaKristu ezinsukwini zokugcina.
Izincwadi
Chofoza kanye ukuze udawunilode amazwi amasha kaKristu ezinsukwini zokugcina, ulwazi nokufakaza kwabanqobi, kanye nezinye izincwadi.
Lalela amazwi oMdali, futhi uxoxe ngokufakaza kwabantu abakhethiwe bakaNkulunkulu abahlulelwa phambi kwesihlalo sikaKristu.
Indlela ekahle yokuthatha amaphuzu ukuze uqophe kalula okufundile noma nini.
Okulalelwayo
Ukuqoshwa kwezintshumayelo nokufundwa kwamazwi kaNkulunkulu okulethwa ukuniselwa okukhulu nokwaneliseka, kulungise imishikashika yakho ekukholelweni kuNkulunkulu.
Lalela izingoma ezintsha zombuso kuyi-inthanethi, futhi ungene enkathini entsha ngokulandela iWundlu kanye nokucula izingoma ezintsha.
Dawuniloda umqulu futhi izindlela zohlelo lokudawuniloda zilula futhi ziyaphumelela ngaphandle kwe-inthanethi.
Beka uphinde uphisane ngezingoma ozithandayo noma nini.
Amavidiyo
Indawo yamavidiyo ihlanganisa amamuvi evangeli, izingoma zekwaya, imilolozelo nokufundwa kwamazwi kaNkulunkulu, izingoma, amavidiyo ezingoma namanye amavidiyo, okukwenza udle inqwaba yokudla kweNkathi Yombuso.
Buka izindaba ezishaya emhloleni zabaholi abahlukahlukene benqotshwa amazwi kaNkulunkulu futhi uthokozele la mavidiyo ayisimanga abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe becula futhi besina ukuze bamdumise. Sengathi kunganijabulisa kahle lonke usuku lwenu!
Umsebenzisi
Uhlelo Lokuzinikela Komoya lwenza kube lula ukuthi wakhe okwakho ukuzinikela futhi lukukhumbuza uma sekuyisikhathi sokuqala ukuzinikela kwamihla yonke.
Amanothi nemigudu oyithandayo kuzoxhunyaniswa nenqolobane. Uchofoza kanye uxhumanise imishini ehlukahlukene.
Siyakwemukela, umuntu ofuna ukubonakala kukaNkulunkulu, axhumane nathi.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephuesingangenisi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo konoma iyiphi inhlangano yesithathu futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo

Awekho amazwana:

Thumela amazwana