Njengoba sekuqala ukusa, inkanyezi yokusa iqala ukukhanya empumalanga. Lena yinkanyezi engakaze ibekhona phambilini. Ikhanyisa isibhakabhaka esibenyezela njalo futhi yokhela ukukhanya obesekushabalele ezinhliziyweni zabantu. Abantu abasenaso isizungu, ngenxa yalokhu kukhanya, okukhanya ngokufanayo phezu kwakho nabanye. Kodwa nguwe wedwa osalokhu ulele ebumnyameni basebusuku. Awukwazi ukuwuzwa lomsindo, noma ukubona ukukhanya, awukwazi ukuqaphela ukufika kwezulu elisha kanye nomhlaba omusha, inkathi entsha. Ngoba ubaba wakho ukutshela ukuthi, “Mntanami, ungavuki, isikhathi sisekahle. Kuyabanda phandle, hlala endlini, kungaze inkemba nomkhonto kukuhlabe emehlweni.” Ukholelwa kuphela ezelulekweni zikayihlo, ngoba ukholelwa ukuthi ubaba wakho uqinisile njengoba ubaba wakho emdala kunawe, nokuthi ubaba ukuthanda ngeqiniso. Iseluleko esinjalo kanye nothando olunjalo lukwenza ungabe usakholelwa enganekwaneni yokuthi kunokukhanya emhlabeni, ungabe usaba nendaba noma izwe lineqiniso. Awusalokothi uthembe ukusindiswa nguMninimandla Onke. Uyasijabulela isimo esiqhubekayo njengoba sinjalo, awusenathemba lokuvela kokukhanya, futhi awusalokhu ubheka naphandle ulindele ukufika kukaMninimandla Onke wasemandulo. Emehlweni akho, konke lokho okuhle ngeke kusavuseleleka, noma kuqhubeke kube khona. Emehlweni akho, ikusasa nengomuso lesintu liyashabalala futhi lifiphale. Ubambelele ngokuqinisa ezingutsheni zikababa wakho, uzimisele ngokuhlupheka nindawonye, wesaba ukulahlekelwa umlingani wakho ohamba naye kanye nendlela yohambo lwenu olude. Izwe elibanzi nomhlaba olufifii sewenze iningi lenu, labambelela laqinisa nangokuzethemba ekubambeni amaqhaza ehlukene kulo mhlaba. Sekwakheke “amabutho amaningi” angakwesabi ukufa nhlobo. Ngaphezu kwalokho, sekwakheke izinqwaba zabantu ezingasena muzwa futhi ezikhubazekile, ezingaqondi ngenhloso yokuthi zazalelwani. Amehlo kaMninimandla Onke abheka nxa zonke isintu esihlukumezeke kakhulu, ezwa ukuklewula kwabase nhluphekweni, ebona ukungazisoli kwalabo abasenhluphekweni, futhi ezwa nokungakwazi ukuzisiza kanye nokwesaba kwesintu esesilahlekelwe yinsindiso. Isintu senqaba ukunakekela Kwakhe, sihamba ngendlela yaso, futhi sibalekelana nokufuna amehlo Akhe. Sincamela ukunambitha konke ukubaba kwasolwandle olujulile, ndawonye nesitha. Ukububula kukaMninimandla Onke ngeke kusezwakala. Izandla zika Mninimandla Onke azisavumi ukuthinta isintu esidangele. Uyawuphinda futhi umsebenzi Wakhe, ebuyelwa futhi elahlekelwa, ngokuphindelela. Kusukela ngaleso sikhathi, Uyakhathala, futhi Azizwe ecobekile, ebese ewuyeka umsebenzi osesandleni Sakhe, futhi angabe esahamba hamba phakathi kwabantu… Abantu abanalwazi nhlobo ngalezi zinguquko, abanalwazi ngokufika nokuhamba, usizi nokudumala kuka Mninimandla Onke.
Konke lokhu okulo mhlaba kuyashintsha ngokushesha emicabangweni kaMninimandla Onke, phansi kwamehlo Akhe. Izinto isintu esingakaze sizwe ngazo zingafika kungazelele. Kanti futhi lokho isintu okwakulokhu kungokwaso kungavele kusilahlekele singazanga. Akukho namunye ongaqonda ukuthi ukuphi uMninimandla Onke, futhi ngaphezu kwalokho, akukho namunye ongezwa ukuphakama nobukhulu bamandla empilo kaMninimandla Onke. Ukuphakama Kwakhe kusekutheni Yena ukwazi ukubona lokho abantu abangeke bakubone. Ubukhulu Bakhe busekutheni Yena ulahlwa kanjani yisintu kepha ebe esindisa isintu. Uyayazi incazelo yokuphila nokufa. Ngaphezu kwalokho, Yena uyayazi imithetho yokuphila yesintu, asidalile. Yena uyisisekelo sobukhona bomuntu kanye noMhlengi wesintu ukuze sivuke futhi. Udicilela phansi izinhliziyo ezijabulile ngenhlupheko abuye akhuphulele phezulu izinhliziyo ezidabukile ngenjabulo. Konke lokhu okomsebenzi Wakhe, kanye nesu Lakhe.
Isintu, sesedukile ekuhlinzekeni ngempilo kukaMninimandla Onke, asiyazi inhloso yokuphila, kodwa khona lapho sesaba ukufa. Asinakho ukusizakala noma ukwesekeleka, kodwa sisalokhu singabaza ukuvala amehlo aso, futhi siyazinikela ekuphileni impilo eyisinengiso kulo mhlaba, singamasaka enyama angenalwazi ngemiphefumulo yawo. Niphila ngale ndlela, ngaphandle kwethemba, njengoba kwenza abanye, ngaphandle kwenhloso. Yilowo Ongcwele Yedwa osendabeni yasendulo ozosindisa abantu okuthi lapho bebubula phakathi kwenhlupheko yabo, balangazelele ngokuphelelwa yithemba ukufika Kwakhe. Le nkolelo ngeke yenzeke okwamanje kubantu abangazi. Nakuba kunjalo, abantu basalokhu belangazelela lokhu kakhulu. UMninimandla Onke unomusa kulabo abahlupheke ngokweqile. Ngesikhathi esifanayo, Ukhathele yilabo bantu abangenaso isazelo, ngoba Yena kumele alindele isikhathi eside impendulo evela kubantu. Ulangazelela ukufuna, ukufuna inhliziyo yakho nomoya wakho. Ufuna ukukunikeza ukudla namanzi kanye nokukuvusa, ukuze ungasomi, ungalambi. Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uMninimandla Onke, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini. Useceleni kwakho ukubhekile, elindele ukuthi ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho ibuyela ikhumbula: ubuyelwe ukukhumbula iqiniso lokuthi wena wavela kuNkulunkulu, ngandlela thize nandawana thize wake walahleka, walahlekelwa ngumqondo endleleni, kwase futhi, ungazelele waba “nobaba.” Waphinde futhi wabona ukuthi uMninimandla Onke ubekade ebukela laphaya, elindele ukubuya kwakho sonke lesi sikhathi. Ukulindele esezinhlungwini, elindele ukuphendulwa ngaphandle kokuthola impendulo. Ukubuka kwakhe akunalo inani futhi kungokwenhliziyo nomoya womuntu. Mhlawumbe lokhu kubheka akubekelwe sikhathi, futhi mhlawumbe lokhu kubheka sekufike ekugcineni. Kodwa kumele wazi kahle ukuthi inhliziyo nomoya wakho kuphi njengamanje.
Nhlaba 28, 2003
Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana