10.6.18

7. Umoya Wokuqhosha Ngaphambi Kokuwa

  UBaixue Edolobheni LaseShenyang 

  Ngenxa yesidingo somsebenzi, ngadluliselwa kwenye indawo yokusebenza. Ngaleso sikhathi, nganginokubonga okukhulu kuNkulunkulu. Ngezwa sengathi kuningi kakhulu lapho ngangisilele khona, kodwa ngokuphakanyiswa nguNkulunkulu kwezulu, nganikezwa ithuba lokugcwalisa umsebenzi wami endaweni yokusebenza emangalisayo. Ngenza isifungo kuNkulunkulu enhliziyweni yami: Ngangizokwenza konke enginamandla okukwenza ukuze ngibuyisele kuNkulunkulu.

  Noma kunjalo, emva kokuba sengifikile, ngathola izihibe eziningi endleleni okwakwenziwa ngayo umsebenzi. Ngenxa yalokho, ngakubeka emahlombe ami ukuba ngiqale ngihlole umsebenzi ngamunye owenziwayo. Ngenkathi ngenza ukuhlola kwami, ngangizicabangela ngithi: “Kodwa kwenzeke kanjani ukuba kube khona umsebenzi owenzekayo uma kwenziwa ngale ndlela? Awukho nowodwa umsebenzi owawuphathwe ngendlela! Ngangicabanga ukuthi umsebenzi owenziwa lapha ubuzobe wenziwa ngokuncomekayo! Kodwa ngangingazange ngicabange ukuthi kwakungaba kubi kudlule endleleni okwakwenziwa ngayo endaweni engangivela kuyona. Manje njengoba sengilapha, kufanele konke kwenziwe ngendlela, isinyathelo ngesinyathelo, njengokuhlelwa komsebenzi. Ngizohola bonke abafowethu nodadewethu ukuze bangene ekuphileni.” Ngenxa yalokhu, ngahlangana nabadidiyeli, ngaqala ukuhlela ingxenye ngayinye yomsebenzi, ngixhumana nabo, ngihlela, futhi ngenza izinhlelo. Kukhona konke ukuxhumana kwami nabo, esikhathini esiningi ngaveza imizwa yami yeqiniso, “Izinga lomsebenzi lapha liphansi kakhulu. Umsebenzi wami wangaphambilini ubungefani nalona wenu njengamanje. Emsebenzini wami wangaphambilini, ngaso sonke isikhathi besingamela umsebenzi ngendlela ethile, ngaso sonke isikhathi besisebenza ngale ndlela nale ndlela. Besimlalela uNkulunkulu….” Emva kwale mihlangano, abanye ababadidiyeli babeye bathi: “Uqinisile! Besingakawenzi umsebenzi weqophelo elifanele. Kodwa manje, kudingeka siqale kabusha bese senza umsebenzi wethu njengokwezimfuno zikaNkulunkulu.” Abanye babeye bathi: “Siyabonga ngokukhuluma nathi kanye nangezinhlelo ozenzile namhlanje. Kungenjalo, ukunganaki kwethu izinyathelo zokuphepha bekungaba yingozi kakhulu.” Ngithe uma ngizwa la mazwi, ngajabula kakhulu. Ngezwa ukuthi ngempela ngangiqinile kunomphathi wabo wangaphambilini. Ngaba nokuziqhenya, kodwa ngangiba nalowaya muzwa wokushaywa ngunembeza: Ingabe impela kwakulungile ukuba ngikhulume kanjalo? Kungani ngangihlala ngithi indawo yomsebenzi wami yangaphambilini yayingcono? Kodwa ngakolunye uhlangothi, ngacabanga ngathi: Yini engalungile lapho ngisho lokho? Ngangizama nje ukubafundisa ukwenza umsebenzi ongcono. Ngale ndlela, angizange ngilandele ukufunzelela kukaMoya oNgcwele ukuze ngizihlole. EBhayibhelini, incwadi yezAga ithi, “Ukuzidla kwandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa” (IzAga 16:18). Ngithe nje lapho ngiziphonsa emsebenzini wami ngekhanda nginamathemba amakhulu, ngezwa ukuthi, enhliziyweni yami, ngangiqhelelana noNkulunkulu. Akugcinanga nje ngokuthi umsebenzi wami ungafinyeleli ezingeni, kodwa nokusebenza ngokuyimpumelelo kwevangeli lethu kwasuka kokudlondlobele kwehla ngesivinini. Ngangena esimweni esibuhlungu kakhulu, kodwa ngingenasiqiniseko sokuthi yini engangingayenzanga ngendlela. Ngakho, ngaya phambi kukaNkulunkulu ngomkhuleko ngifuna ngokuzimisela ukuholwa. Ngalesi sikhathi, amazwi avela eculweni aqala ancenceza ezindlebeni zami: “Njengomholi osebenzela uNkulunkulu, umuntu kufanele ame emigomweni. Ngisho noma ungeke wakhuluma iqiniso ngokucacile, inhliziyo yakho kufanele ibe sendaweni efanele. Kufanele uphakamise uNkulunkulu noma ngabe kwenzenjani futhi ube ngufakazi kaNkulunkulu ngandlela yonke. Ukhulume kuphela lokho okuqondayo, uphakamise futhi ufakaze ngoNkulunkulu kuphela. Ungaziphakamisi futhi ungavumeli abanye abantu bakukhonze. Noma ngabe wenzani, ungaziphakamisi futhi ungavumi abantu bakukhonze. Lo umgomo wokuqala okufanele uwukhumbule” (“Imigomo Emithathu Abaholi Okufanele Bayikhumbule” encwadini ethi Landelani iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha). Izinyembezi zagobhoza ebusweni bami. Ukuzisola, isazela kanye nokubonga kwaphuphuma enhliziyweni yami ngesikhathi esisodwa. Ngakhumbula konke engangiye ngakusho kubadidiyeli ngase ngizizwa ngingafanelekile ukuphakanyiswa engangikwenzelwe ngubunkulunkulu bukaNkulunkulu. Ibandla lalingihlelele ukuba ngize lapha ngizokwenza umsebenzi wami ukuze ngiphakamise futhi ngibe ngufakazi ngoNkulunkulu, ngihole abafowethu nodadewethu phambi kukaNkulunkulu, futhi ngibasize ukuze bamazi Yena. Kodwa kunalokho, ngafike ngazazisa ngokungahlonizi, ngaziphakamisa, ngaphakamisa okwami ukwazi, futhi ngazakhela udumo mina. Ngakwenza lokho ukuze abanye bangithathele phezulu futhi bangikhonze. Nganginokuzazi. Ngaphakamisa igama lami ukuze ngizakhele udumo ngicashe ngokuthanda nokwenelisa uNkulunkulu. Ingabe umuntu ongcole kanje ufanelekile ukusebenzela uNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi umsebenzi womuntu onje ubusiswe uNkulunkulu? Engangikwenza nje kwakuwukuncintisana noNkulunkulu ngezinhliziyo zabantu. Ngangingahlukile kumphikukristu. Ngangiphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi ngenza njengembangi Yakhe. Umsebenzi wami wawumelene ngokuphelele noNkulunkulu, futhi uNkulunkulu wayekuzonda lokho. Ngenkathi ngilokhu ngicabanga ngakho, ngaba nokuzenyanya ngase ngizendlala ngokuzisola phambi kukaNkulunkulu, ngase ngikhala kuYena, “O Nkulunkulu! Ngiyabonga ngokusola nokwahlulela Kwakho okungiphaphamisile, kwangivumela ngakwazi ukubona ingqikithi nemvelo yami kamphikukristu eyayingisibekele kanye nokwenza njengeyengelosi enkulu. Uphinde wangambulela indlela umsebenzi wami wevangeli owawubheke ngakhona, ukungisiza ngiqonde ukuthi kwakungokuba ngikuphakamise futhi ngifakaze Ngawe kuphela okwakungakwenelisa, ngivumele ukuba kwenziwe intando Yakho, futhi ngifeze umsebenzi onginikeze ukuba ngiwenze. Ukukuphakamisa nokufakaza Ngawe kuphela okuzokunikeza udumo. Lowo ngumsebenzi wami njengesidalwa soMdali. O, Nkulunkulu! Kusukela manje kuya phambili, ngiyafunga ukuzihlolisisa inhliziyo nezinjongo zami ngaphambi kokukhuluma noma ukwenza, ngiqaphele ukukuphakamisaa Wena kanye nokufakaza Ngawe, ngiholela abafowethu nodadewethu ekukwazini Wena, kanye nokududuza inhliziyo Yakho ngokuba ngibe umuntu ophethe iqiniso nobuntu.”

umthombo: IBandla likaNkulunkulu uSomandla

Bukela Amavidiyo: Unyazi LwaseMpumalanga

Awekho amazwana:

Thumela amazwana