29.5.18

Isahluko 9.Ukufuna Intando KaNkulunkulu Kanye Nokwenza Iqiniso Ngokuqikelela Okukhulu

  Uma abantu benza imisebenzi yabo ngokuphuthuma, ababe besakwazi ukuqongelela ulwazi ngayo; ngenkathi betatazela ngezindaba, umoya wabo uyakhathazeka; ababe besakwazi ukuzibeka esimeni esejwayelekile. Kwenzeka kanjani lokhu? Uma ucelwa ukwenza umsebenzi omncane, usuke umangaze nje, ungalandeli imigomo, ungasondelani noNkulunkulu kunalokho uqhelelane noNkulunkulu. Lokhu kuveza khona ukuthi abantu abakwazi ukuqongelela ulwazi. Noma ngabe wenzani, kumele wazi kuqala ukuthi ukwenzelani lokho nokuthi udaba lolo udaba olunjani. Uma luwela ohlwini lwezinto ozenza ngoba ngumsebenzi wakho, kumele uthi ukujula ngokucabanga: Ngabe kumele ngikwenze kanjani lokhu? Kumele ngiwenze kanjani umsebenzi wami ukuba ube muhle ngangokuthi akuzuba sengathi ngiwenze ngaphandle kokucabanga? Lokhu kukwenza usondelane noNkulunkulu. Ukusondelana noNkulunkulu ngukuphokophelela ukuthola iqiniso ngodaba, ukuthola indlela yokuzejwayeza, ngukufuna intando kaNkulunkulu, kanti kungukufuna ukwanelisa uNkulunkulu. Lezi yizona zindlela zokusondelana noNkulunkulu uma wenza izinto; akukhona ukwenza umsebenzi onokukholwa noma onokubukeka kwengaphandle, wenziwa ngenhloso yokuzejwayeza neqiniso ekufuneni intando kaNkulunkulu. Uma kuyinto oyejwayele ukuthi uthi “Nkulunkulu ngiyabonga, Nkulunkulu ngiyabonga” ube ungenzi lutho, kodwa uma wenza okuthile, ukwenze lokho ngokwentando yakho, lolo hlobo lokubonga luyinto eveza ingaphandle. Uma wenza umsebenzi wakho noma usebenza into ethile, kumele njalo ucabange ngokuthi: Ngingawenza kanjani lo msebenzi ngokwenelisayo? Iyini inhloso kaNkulunkulu? Ngezindaba ezithile, uyakwazi ukuzisondeza noNkulunkulu, bese kuthi ngokusondelana noNkulunkulu, ufune izindlela namaqiniso okwenza izinto, ufuna uNkulunkulu ngengaphakathi lakho awumshiyi eceleni kukho konke okwenzayo. Lona ngumuntu okholelwa ngokweqiniso kuNkulunkulu. Uma-ke manje kuba nodaba olufika kubantu, noma ngabe isimo sinjani, bacabanga ukuthi bangenza lokhu nalokhuya ngalo, kodwa uNkulunkulu engekho ezinhliziyweni zabo, benza ngokwezinhloso zabo. Ngaphandle kokubheka ukuthi abakwenzayo kufanelekile noma cha yini, kuyahambisana neqiniso noma cha, bamane baqinise amakhanda bakwenze ngokwezinhloso zabo. Kuyaye kubonakale sengathi uNkulunkulu ukhona ezinhliziyweni zabo, kodwa uma sebenza izinto, uNkulunkulu angabibikho ezinhliziyweni zabo. Abanye abantu bathi: “Angikwazi ukusondelana noNkulunkulu ezintweni engizenzayo; esikhathini esedlule bengikwejwayele ukwenza imisebenzi ehambisana nokukholwa, ngazama ukusondelana noNkulunkulu, kodwa akusizanga; angikwazanga ukusondela kuYe.” Lolu hlobo lomuntu alunaye uNkulunkulu enhliziyweni, kukhona lowo muntu kuphela enhliziyweni, akakwazi ukufaka iqiniso ezintweni azenzayo. Ukungenzi izinto ngeqiniso ukwenza izinto ngentando yakho, kanti ukwenza izinto ngentando yakho ukushiya uNkulunkulu eceleni; okungukuthi, uNkulunkulu akekho enhliziyweni yakho. Imibono yabantu ibukeka imihle ifanelekile kubantu, ibukeka ingaliphazamisi kangako iqiniso. Abantu bathi ukwenza kanje ukwenza iqiniso, babona ukwenza kanje kungukuzinikela kuNkulunkulu. Empeleni, abantu akukhona ukuthi bafuna uNkulunkulu nokuthi bayakhuleka kuNkulunkulu ngalokhu. Abazimiseli ukwenza kahle ukuze benelise intando kaNkulunkulu, abazimiseli futhi ngokwezinhloso zaKhe. Abanaso lesi simo seqiniso, baphinde bangabi naleyo ntshisekelo. Yiphutha elikhulu leli elenziwa ngabantu ekwenzeni kwabo izinto, ngoba ungakholelwa kuNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu akekho enhliziyweni yakho. Akusona kanjani isono lesi? Akukhona kanjani ukuzikhohlisa lokhu? Mphumela muni okuzoba nawo ukukholwa kanje? Kuphi ukubaluleka okubonakala ekukholweni nguNkulunkulu?

  UNkulunkulu akeneliswanga kangako yinto owayenza; uma ngabe wajula ngokucabanga ngenkathi wenza leyo nto: Wayibona injani uNkulunkulu uma ibekwa phambi kwaKhe? Ngabe uNkulunkulu uzokujabulela noma uzokhathazeka uma ezwa ngale ndaba? Ngabe uNkulunkulu uzokwenyanya lokhu? Awuzange uzame ukuthola, akunjalo? Nangenkathi abantu sebekukhumbuza, ucabange ukuthi lolu daba aluyona into yokuthathelwa phezulu futhi alwephuli migomo alusona futhi isono. Ngaleso sizathu, ululimazile udaba waphinda wachukuluza uNkulunkulu ukuba athukuthele kakhulu aze akubukele phansi. Zicabange izinto ukuze ungazitholi sewuzisola; yiyona nto lena odinga ukuyamukela. Uma bewuyihlolisise kahle indaba ngaphambi kokwenza, uthi bewungeke ukwazi ukululawula udaba? Nakuba ngezinye izikhathi zingabi zinhle izimo ababa kuzo abantu, uma befunisisa bahlole konke okudinga ukwenziwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, ngabe awabi khona amaphutha amakhulu. Kulukhuni kubantu ukuvika amaphutha ekwenzeni iqiniso. Uma ukwazi ukwenza izinto ngokulandela iqiniso lapho uzenza, bese kodwa ungazenzi ngokulandela iqiniso, inkinga kuzoba ukuthi awulithandi iqiniso. Umuntu ongalithandi iqiniso ngeke aguqulwe ekuziphatheni kwakhe. Uma ungakwazi ukuyiqonda ngokuphelele intando kaNkulunkulu ungakwazi nokuyenza, kumele ubonisane nabanye. Uma engekho olubona ngokucacile udaba, kumele uthole isixazululo esifaneleke kakhulu; uma kodwa uthola ekugcineni ukuthi kunephutha ekwenzeni lokhu, kufanele ukulungise masinyane, kulokho uNkulunkulu ngeke alithathe njengesono lelo phutha. Ngokuthi inhloso yakho ibe yinhle ngenkathi wenza le nto, kanti uyenze ngokuhambisana neqiniso futhi, kwaba ngukuthi awuyibonanga ngokucacile, kwase kuba namaphutha-ke ekwenzeni kwakho; yisimo lesi esikwaziyo ukwesekeleka. Nokho-ke, abantu abaningi manje bamane bethembele ezandleni zabo zombili bethembele futhi emiqondweni yabo uma benza into, bangacabangisisi: Ngabe ukwenza lokhu ngale ndlela kuyahambisana nentando kaNkulunkulu? Kungamjabulisa uNkulunkulu uma ngikwenza ngale ndlela? Angangethemba uNkulunkulu uma ngikwenza ngale ndlela? Kuyoba ngenza iqiniso uma ngikwenza ngale ndlela? Uma uNkulunkulu ezwa ngalokhu, uyokwazi ukuthi athi, “Le nto yenziwe ngokuyikho nangokufanelekileyo! Qhubeka kanjalo!”? Uyakwazi ukuhlola ngokujulile kanje yonke into? Uyakwazi ukwethembeka kuyo yonke into? Kungenjalo kumele ucabange ujule ngokuthi uNkulunkulu uyibukela phansi indlela owenza ngayo, indlela bonke abantu abaphatheka ngayo ngendlela owenza ngayo, noma ngabe uyenza ngokwentando yakho, noma ngabe wenelisa izinkanuko zakho…. Kumele ucabangisise, ubuze imibuzo, ufunisise kakhudlwana, amaphutha ayoncipha. Ukwenza izinto ngale ndlela kuyosho ukuthi ungumuntu olifunayo iqiniso ngokuzimisela nokuthi ungumuntu ohlonipha uNkulunkulu, ngoba wenza izinto uzibhekisa eqinisweni elidingekayo.

  Uma izenzo zomuntu zehlukana neqiniso, uyafana nongakholwayo. Uhlobo lomuntu lolu olungenaye uNkulunkulu enhliziyweni, olumshiyayo uNkulunkulu, kanti uhlobo olunje lomuntu lufana nesisebenzi esiqashwe emndenini kaNkulunkulu esisebenzela umqashi bese sithola isinxephezelo esincane, emva kwalokho sesihambile. Lona ngumuntu ongakholelwa kuNkulunkulu. Akuzange kushiwo ekuqaleni ukuthi, “Yini ongayenza ukuzuza isivumelwano noNkulunkulu”? Sekuke kwakhulunywa ngalokhu, akunjalo? Ukwamukeleka kuNkulunkulu kumele kube yinto yokuqala ocabanga ngayo noyisebenzelayo; kumele kube wumgomo kube nesikhala ezintweni ozenzayo. Isizathu sokuthi kumele ubheke ukuthi okwenzayo kuyahambisana yini neqiniso, ngaleyo ndlela kuyahambisana nentando kaNkulunkulu. Akukhona ukuthi kumele ubheke ukuthi kufanelekile yini noma akufanelekile, noma kuyahambisana yini nezinto ezithandwa ngabanye abantu, noma kuyahambisana yini nezinto ezifiswa nguwe. Kunalokho, kumele ubheke ukuthi kuyahambisana yini neqiniso, ukuthi kuyiyo yini inzuzo yomsebenzi kanye neyebandla. Uma uzibhekile lezi zimiso, uzoba ngohamba ngayo intando kaNkulunkulu uma wenza lezi zinto. Uma ungaziqapheli lezi zimiso uncika kuphela entandweni yakho yokwenza izinto, uzokwenza amaphutha ngokuqinisekileyo, ngoba intando yomuntu ayilona iqiniso nangokweqiniso kayihambisani noNkulunkulu. Uma ufuna ukwamukeleka kuNkulunkulu, kumele wenze izinto ngokweqiniso, kungabi ngokwezinhloso zakho. Abanye abantu benza ukuhlakanipha ezindaweni ezisekusithekeni noma babe nezindaba eziyimfihlo. Uma sebeqedile, abazalwane basho ukuthi izinto abazenzile zibukeka zingafanelekile, kodwa bona ngeke bazibone ngale ndlela. Bacabanga ukuthi wudaba olubhekene nomuntu siqu olungadingi ukungenelelwa yibandla, aluzithinti izimali zebandla futhi kazibathinti abantu bebandla, ngakho kalilephuli iqiniso kulokho uNkulunkulu akumele azibandakanye nalolu daba. Ezinye izinto zibukeka kuwe njengeziyimfihlo ezingayithinti imigomo noma iqiniso. Nokho, ngokwabazalwane, uma wenza le nto, ubukeka ungumuntu ozibheke yena yedwa ongawubhekile umsebenzi womndeni kaNkulunkulu nokuthi le nto izoba namphumela muni emndenini kaNkulunkulu nokuthi ubheka kuphela okuzozuzwa nguwe. Lokhu kubandakanya abangcwele kuphinde kubandakanye izindaba zabantu. Okwenzayo akubandakanyi ibandla kanti akubandakanyi iqiniso futhi, kodwa lokhu okwenzayo kuyayephula indlela yokuziphatha kwabantu okuzothi ekugcineni, kutholakale kunganamatheli eqinisweni. Noma ngabe wenzani, noma ngabe indaba inkulu kangakanani, ngaphandle uma wenza umsebenzi wakho emndenini kaNkulunkulu, noma ngabe wudaba olubhekene nawe wedwa, kumele ubheke ukuthi lolo daba luyahambisana nentando kaNkulunkulu, ukuthi yinto umuntu onobuntu angayenza, nokuthi lokhu okwenzayo kuyomjabulisa yini noma cha uNkulunkulu. Kumele uzicabange lezi zinto. Uma ukwenza lokho, ungumuntu olifunayo iqiniso nomuntu okholelwa kuNkulunkulu ngokweqiniso. Uma uphatha zonke izindaba ngokuzinikela nawo wonke amaqiniso ngaleyo ndlela, uzokwazi ukukuguqula ukuziphatha kwakho. Abanye abantu bacabanga ukuthi benza izinto ezithinta bona bodwa, ngaleyo ndlela bese bengalinaki iqiniso, becabanga ukuthi: Wudaba oluyimfihlo lolu, ngizolwenza ngendlela engithanda ngayo. Balwenze noma ingayiphi ndlela ebajabulisayo, noma ingayiphi indlela enenzuzo kubo; bangabheki nakancane ukuthi luwuthinta kanjani umndeni kaNkulunkulu kanti ababhekile nokuthi luyahambisana yini noma cha nohlelo lwabangcwele. Ekugcineni, uma sebeqedile ngodaba, ingaphakathi labo liba mnyama bazizwe bengakhululekile; abakhululeki kodwa abazi ukuthi kwenzeke kanjani. Akukhona ukuphindisela okudingekayo lokhu? Uma wenza izinto ezingavunyiwe nguNkulunkulu, umedelelile uNkulunkulu. Uma abantu bengalithandi iqiniso, bese benza izinto ngokwentando yabo njalo, bazomedelela njalo uNkulunkulu. Umuntu oyilolu hlobo kuvame ukuthi angemukeleki kuNkulunkulu ngezinto azenzayo kanti uma engaphenduki abuye, akazukuba kude nesijeziso.

umthombo: IBandla likaNkulunkulu uSomandla

Bukela Amavidiyo: Unyazi LwaseMpumalanga

Awekho amazwana:

Thumela amazwana