13.7.18

Isahluko 14.Zibheke Ngendlela Eyiyo futhi Ungaliphosi Ithawula Eqinisweni

  Abantu bahlala behluleka ukubona amandla kanye nobuthaka babo ngokuyikho, okuba nomthelela olwazini lwabo ngoNkulunkulu benganakile. Kukhona abanye abantu abaze baphosa ithawula ngezimo zabo futhi baphelelwe ithemba, abangafuni ukushintsha isimo sabo futhi abazimisele ngokubhekana nobunzima bokusebenzisa iqiniso; laba bantu bacabanga ukuthi abakaze bashintshe. Empeleni, laba bantu bashintshile, kepha bona uqobo abakwazi ukubona lokho: Kunalokho babheka izinkinga zabo kuphela, futhi abazimisele ngokusebenzisana noNkulunkulu. Lokhu akubambezeli ukungena kwabo okujwayelekile kuphela, kodwa kuphinde kwandise ukungamqondi kwabo uNkulunkulu, futhi phezu kwalokho kuba nomthelela esiphethweni sabo. Ngakho-ke, lolu daba kumele nilucwaningisise ukuze nikwazi ukungena ngokujulile, futhi nifinyelele emtheleleni woshintsho okumele nifinyelele kuwo.

  Abanye abantu bakhungethwe ukubona ububi, kodwa basangakwazi ukuqhubeka nomoya “wokwethembeka kuNkulunkulu kuze kube sekugcineni, kungakhathaliseki ukuthi kuzoba nomphumela onjani” emsebenzini wabo. Ngithi lokhu kuwushintsho, kepha nina uqobo aniluboni. Empeleni, uma nizihlolisisa, nizobona ukuthi ingxenye yesimo senkohlakalo senu vele sesishintshile; nokho, uma niqhubeka nokuzikala ngokwemigomo ephezulu kakhulu, anizukwehluleka ukufinyelela kulawo mazinga aphezulu kuphela, kodwa noshintsho esenilwenzile imbala luzokwembozwa ukubona ububi—lokhu kuyiphutha labantu. Uma impela ungumuntu okwazi ukwahlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile, abukho ubungozi ngokuthi ucaphele ushintsho olungaphakathi kuwe; ngeke ubone ushintsho lwakho kuphela, kodwa phezu kwalokho ungathola indlela okuphokophelwe kuyo okumele ilandelwe; khona manjalo uzobona ukuthi yinqobo nje uma usebenza kanzima, usenalo ithemba; angeke ungasindiseki. Njengamanje ngiyakutshela: Labo abakwazi ukubona izinkinga zabo ngokuyikho banethemba; bangaphuma ekuboneni ububi.

  Isizathu sokuthi uphose ithawula eqinisweni ukuthi ucabanga ukuthi vele sewungale kokusindiswa, ngakho uphosa ithawula nakunqwaba yamaqiniso ayisisekelo. Mhlawumbe akusikho ukuthi awukwazi ukusebenzisa iqiniso, kodwa uphosa ithawula emathubeni okusebenzisa iqiniso; uma uphosa ithawula, usangakwazi ukushintsha? Uma uphosa ithawula eqinisweni pho kusho ukuthini ukukholwa kwakho uNkulunkulu? Akuve yini sekushiwo ukuthi, “Kulungile noma ungalufuna nini ushintsho lwesimo”? Ingabe sewukukhohliwe lokhu? Niyakhumbula ukuthi akusilo indlazana kuphela eliyakusindiswa,[a] futhi nizizwela ningenalo ithemba. Uma kungekho ukubona ubuhle ophokophele kukho, izinto eziwukubona ububi azizukuvela na? Kungenzeka kanjani ukuthi ungabi nakubona ububi? Ngakho ngiyakutshela namanje: Kumele uzibheke ngendlela eyiyo futhi ungaliphosi ithawula eqinisweni.

  Imibhalo yaphansi:

  a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Uyakhumbula ukuthi yindlanzana kuphela.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana