2.6.18

Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”

  1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele.

1.6.18

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

  1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba.

South African Gospel Music "O Sithandwa Sami, Ngilinde" Longing for God



South African Gospel Music "O Sithandwa Sami, Ngilinde"  Longing for God

I
Inyanga yenyuka kancane phezu kwezicongo zemithi,
ukukhanya kwayo kuhle, njengesithandwa sami.
Sithandwa sami, ukuphi Wena?
Usungizwile ngikhala?
Ngubani omunye onginika uthando ngaphandle Kwakho?

31.5.18

Isahluko 12

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Uma unyazi lushaya luqhamuka ngaseMpumalanga—okuyisona sikhathi futhi engiqala ngaso ukukhuluma—ngalo mzuzu unyazi luyeza, kukhanye izulu nomhlaba, bese ziyaqala ziguquke nezinkanyezi. Kuba sengathi bonke abantu bayahlanzwa bahlungwe. Ngaphansi kokukhanya komsebe wokukhanya okuqhamuka eMpumalanga, bonke abantu bavela esimweni sabo sokuqala sokudalwa, amehlo emangele, bedidekile; nalapho abakwazi ukufihla izici zabo ezimbi.

Isahluko 13

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Okufihlakele kokushiwo yizwi Lami yizinhloso Zami eziningi. Kodwa abantu abazi futhi abaqondi lutho kulokhu, bayaqhubeka nokuthola amazwi Ami ngaphandle bese bewalandela bengaphandle, ngaphandle kokuthi bakwazi ukubona inhliziyo Yami noma bazizwele intando Yami esemazwini Ami. Yize noma ngiwenze acaca amazwi Ami, ngabe ukhona owaqondayo? Ngavela eSiyoni ngeza kubantu. Ngenxa yokuthi ngembathe ubuntu bomuntu ojwayelekile ngazembathisa ngesikhumba somuntu, ngalokho abantu bazi indlela engibukeka ngayo ngaphandle, kodwa abayazi impilo engaphakathi Kimi, futhi abamboni uNkulunkulu onguMoya, kanti bazi umuntu wenyama kuphela.

Isahluko 10. Labo Abathanda Iqiniso Banendlela Abayilandelayo

 1. Ukuthi Izimo Zabantu Zijwayelekile Kuncike Ekutheni Bayalithanda Yini Iqiniso noma Cha
  Abantu abaningi baveze inkinga elandelayo: Ngemva kokuhlanganyela okungenhla, bazizwa bekhanyiseleke bhá, bathole amandla, futhi bengenayo imizwa yokuphelelwa yithemba—kodwa izimo ezinjalo ziba khona cishe izinsuku eziyishumi kuphela, ngemva kwesikhathi esithile bangase bangabe besaba nazo izimo ezijwayelekile.

30.5.18

Ihubo lombuso

  Abantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu?Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu?