Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula iphimbo likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula iphimbo likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

19.9.19

22. Kuyini ukulandela umuntu?

ukwambula iqiniso,iphimbo likaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele.

31.5.18

Isahluko 12

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Uma unyazi lushaya luqhamuka ngaseMpumalanga—okuyisona sikhathi futhi engiqala ngaso ukukhuluma—ngalo mzuzu unyazi luyeza, kukhanye izulu nomhlaba, bese ziyaqala ziguquke nezinkanyezi. Kuba sengathi bonke abantu bayahlanzwa bahlungwe. Ngaphansi kokukhanya komsebe wokukhanya okuqhamuka eMpumalanga, bonke abantu bavela esimweni sabo sokuqala sokudalwa, amehlo emangele, bedidekile; nalapho abakwazi ukufihla izici zabo ezimbi.

Isahluko 13

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Okufihlakele kokushiwo yizwi Lami yizinhloso Zami eziningi. Kodwa abantu abazi futhi abaqondi lutho kulokhu, bayaqhubeka nokuthola amazwi Ami ngaphandle bese bewalandela bengaphandle, ngaphandle kokuthi bakwazi ukubona inhliziyo Yami noma bazizwele intando Yami esemazwini Ami. Yize noma ngiwenze acaca amazwi Ami, ngabe ukhona owaqondayo? Ngavela eSiyoni ngeza kubantu. Ngenxa yokuthi ngembathe ubuntu bomuntu ojwayelekile ngazembathisa ngesikhumba somuntu, ngalokho abantu bazi indlela engibukeka ngayo ngaphandle, kodwa abayazi impilo engaphakathi Kimi, futhi abamboni uNkulunkulu onguMoya, kanti bazi umuntu wenyama kuphela.

8.5.18

Isahluko 23

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Uma kuphuma izwi Lami, amehlo Ami akhipha umlilo, ngibheke umhlaba wonke, ngiqaphele umhlaba jikelele. Bonke abantu bakhuleka Kimi, babhekise amehlo abo Kimi, bekhulekela ukuba ngimise intukuthelo Yami futhi befunga ukuba abasoze baphinde bangihlubuke. Lesi akusona isikhathi esedlule; sekungesamanje. Ubani ongajikisa intando Yami? Ngempela hhayi ngomkhuleko osezinhliziyweni zabantu noma amazwi aphuma emilonyeni yabo.

2.5.18

Isahluko 27

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Ukuziphatha kwabantu akukaze kuyithinte inhliziyo Yami, noma ngikubone njengokubalulekile. Umuntu uhlala ebona sengathi ngimphethe ngesandla sensimbi kanti futhi ngihlala ngisebenzisa igunya phezu kwakhe. Kuzo zonke izenzo zomuntu, kuyingcosana okwenzelwa Mina, kuyingcosana okungama kuqonde phambi kwamehlo Ami.

11.4.18

Isahluko 19

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Kuyisibopho sabantu ukuthi bathathe amazwi Ami njengesisekelo sokuphila kwabo. Umuntu kumele akhele ingxenye yakhe kuzo zonke izingxenye zamazwi Ami; ukungakwenzi lokhu kuzoba ukuzibizela izinkinga, ukuzifunela ukubhujiswa. Abantu abangazi, ngenxa yalokhu, esikhundleni sokuthi umuntu alethe impilo yakhe Kimi, akwenzayo nje ukuhamba phambi Kwami ephethe udoti ezandleni zakhe, ezama ukungihlaba umxhwele ngalokho.

28.2.18

Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Bonke abantu bafisa ukubona ubuso bukaJesu bangempela futhi bafisa ukuba Naye. Ngikholwa ukuthi akukho namunye kubafowethu noma odadewethu ongathi akazimisele ukumbona noma ukuhlala noJesu. Ngaphambili kokuthi umbone uJesu, okungukuthi, ngaphambili kokubona uNkulunkulu osesimweni somuntu, uyoba nemicabango eminingi, isibonelo nje, mayelana nokubukeka kukaJesu, indlela akhuluma ngayo, indlela Yakhe yokuphila, njalo njalo.

7.2.18

Izahluko 22 no-23

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,iphimbo likaNkulunkulu,izwi likaNkulunkulu

UNkulunkulu USomandla uthi:

"Namuhla, bonke bafuna ukuqonda intando kaNkulunkulu kanye nokwazi isimo sikaNkulunkulu, kodwa akakho owazi isizathu sokuthi kungani bengakwazi ukulandela izifiso zabo, abazi ukuthi kungani izinhliziyo zabo njalo zibakhaphela, nokuthi kungani bengakwazi ukufeza lokho abakufunayo.

4.2.18

Isahluko 18

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,izwi likaNkulunkulu,iphimbo likaNkulunkulu

Onke amazwi kaNkulunkulu aphethe ingxenye yesimo sakhe; isimo Sakhe ngeke sichazwe ngokugcwele ngamazwi, ngakho lokhu kukhombisa izinga lokunotha okukuye. Lokho abantu abangakubona futhi bakuthinte, vele, akungakanani, njengoba kunjalo nasemandleni abantu. Noma amazwi kaNkulunkulu ecacile, abantu abakwazi ukuqonda ngokugcwele. Njengala mazwi: “Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, nabantu baphinde babuyelwa yisimo sobungcwele abake baba naso.

6.1.18

Isahluko 8

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,izwi likaNkulunkulu

  Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngokweso likaMoya, iphimbo Lakhe liqondiswa kuso sonke isintu. Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngokweso lomuntu, iphimbo Lakhe liqondiswa kubo bonke abalandela ubuholi boMoya Wakhe. Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngeso lomuntu wesithathu (lokhu abantu abathi yisibukeli), ukhombisa ngqo izwi Lakhe kubantu ukuze abantu bambone njengomhlaziyi, futhi kubonakala sengathi emlonyeni Wakhe kuphuma izinto eziningi umuntu angazazi, umuntu angeke aziqonde.

28.12.17

Isahluko 10

umsebenzi kaNkulunkulu,unkulunkulu uthando,umusa kaNkulunkulu

INkathi Yombuso, kakade, yehlukile ezikhathini ezedlule. Ayithinti okwenziwa ngumuntu. Kunalokho, ngenza umsebenzi Wami emva kokwehlela emhlabeni — umsebenzi okungekho muntu ongawucabanga noma awufeze. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, kuyo yonke le minyaka bekulokhu kungokokwakha ibandla, kodwa akuzwakali lutho ngokwakhiwa kombuso.