31.5.18

Isahluko 10. Labo Abathanda Iqiniso Banendlela Abayilandelayo

 1. Ukuthi Izimo Zabantu Zijwayelekile Kuncike Ekutheni Bayalithanda Yini Iqiniso noma Cha
  Abantu abaningi baveze inkinga elandelayo: Ngemva kokuhlanganyela okungenhla, bazizwa bekhanyiseleke bhá, bathole amandla, futhi bengenayo imizwa yokuphelelwa yithemba—kodwa izimo ezinjalo ziba khona cishe izinsuku eziyishumi kuphela, ngemva kwesikhathi esithile bangase bangabe besaba nazo izimo ezijwayelekile.

30.5.18

Ihubo lombuso

  Abantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu?Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu?

Bantu! Jabulani!

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


  Ekukhanyeni kwaMi, abantu babona ukukhanya futhi. Ezwini laMi, abantu bathola izinto zokujatshulelwa. Sengiqhamukile eMpumalanga futhi Ngisuka khona. Uma inkazimulo yaMi ikhanya, zonke izizwe ziyakhanya, konke kulethwa ekukhanyeni, akusali nokukodwa ebumnyameni. Embusweni, impilo yabantu bakaNkulunkulu noNkulunkulu inokujabula okungeqhathaniswe. Amanzi asinela izimpilo zabantu ezibusisekile, izintaba zithokoza nabantu ngenala yaMi. Bonke abantu bayazikhandla, besebenza ngamandla, betshengisa ukuzinikela embusweni waMi.

Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho

Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwenu futhi, ngempela, futhi ngakhuluma amazwi amaningi. Kepha ngizwa ukuthi amazwi nomsebenzi Wami awukayifezi ngokuphelele injongo yomsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngokuba, ngezinsuku zokugcina, umsebenzi Wami awungenxa yomuntu noma abantu abathile, kodwa owokuveza isimo Sami semvelo.

29.5.18

Isahluko 9

Njengoba ungomunye wabantu bendlu Yami, futhi njengoba uthembekile embusweni Wami, konke okwenzayo kumele kuhlangabezane nemigomo engiyidingayo. Angiceli ukuthi ube ngaphezulu kwefu elihambayo, kodwa ukuthi ube yiqhwa elicwebezelayo, ube nalokhu elinakho okungaphezulu ube nobugugu balo. Ngenxa yokuthi ngavela emhlabeni ongcwele, angifani nembali, enegama kuphela kodwa engenalutho kuyo ngenxa yokuthi yavela lapho okunodaka khona hhayi emhlabeni ongcwele.

Isahluko 9.Ukufuna Intando KaNkulunkulu Kanye Nokwenza Iqiniso Ngokuqikelela Okukhulu

  Uma abantu benza imisebenzi yabo ngokuphuthuma, ababe besakwazi ukuqongelela ulwazi ngayo; ngenkathi betatazela ngezindaba, umoya wabo uyakhathazeka; ababe besakwazi ukuzibeka esimeni esejwayelekile. Kwenzeka kanjani lokhu?

28.5.18

Isahluko 8.Ukuqonda Imvelo Nokwenza Iqiniso

  1. Abantu Abayiqondi Kahle Imvelo Yabo

  Okwamanje niyazi nje ngobunye ubunzima benu, niyakwazi ukukhohlakala okuvame ukwenzeka kalula, nokuthi yiziphi izinto okulula kini ukuzenza; nokho, into enzima kunazo zonke ukukwazi ukuzilawula nina. Anazi ukuthi nizokwenza nini okuthile noma yiziphi izinto ezibucayi enizozenza. Kungenzeka ukuthi kunento ethile obucabanga ukuthi ngeke wayenza, kodwa ngesikhathi esithile noma endaweni ethile lokho kwenzeka; uyenzile ngempela futhi wayisho.