11.1.18

Ingabe Uyikholwa LikaNkulunkulu Leqiniso?

ukwethemba uNkulunkulu

Mhlawumbe uhambo lwenu lokholo kuNkulunkulu seluthathe unyaka owodwa noma emibili, futhi ekuphileni kwakho kule minyaka ubulokhu ubekezelela ubunzima obukhulu; noma mhlawumbe awukaze ubhekane nobunzima, kunalokho ubulokhu wamukela umusa. Kungenzeka nokuthi awukaze udlule ebunzimeni noma uboniswe umusa, kodwa esikhundleni salokho bewuphila impilo evamile. Noma kunjalo, usengumlandeli kaNkulunkulu, ngakho ake sixoxe ngendaba yokumlandela.

10.1.18

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

igunya likaNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu,umthombo wokuphila

     Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi.

Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?

uhlelo lukankulunkulu,igunya likaNkulunkulu,ubungcwele bukaNkulunkulu

Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu. Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina.

Inkulumo Emfishane Mayelana nombhalo othi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile”

Uwubona kanjani umbono woMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Abanye abantu bacabanga kakhulu ngawo, futhi bathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyoba khona iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, ngakho uma amalungu amadala kunamanye ebandleni engashadile, ingabe kufanele ashade? Umndeni wami awunamali, ingabe kufanele ngiqale ngenze imali? … Uyini uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Ingabe uyazi? Abantu babona kalufifi futhi bathwele kanzima kakhulu. Empeleni, uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane awukakafiki ngokusemthethweni.

9.1.18

Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa – Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke

insindiso yaphakade,umsebenzi kaNkulunkulu,Umbuso,ivangeli

  Ngisabalalisa umsebenzi Wami ezizweni. Inkazimulo Yami ikhazimula emhlabeni wonke; intando Yami ikubantu abahlakazeke lapha nalaphaya, bonke beqondiswa yisandla Sami benza umsebenzi engibanike wona. Kusuka kuleli qophelo, Sengingene enkathini entsha, ngilethe bonke abantu komunye umhlaba. Lapho ngibuyela “ezweni Lami lokuzalwa,” ngiqale enye ingxenye yomsebenzi osohlelweni Lwami lwasekuqaleni ukuze abantu bezokwazi Ngami ngokujulile. Ngibuka umhlaba wonke jikelele ngibone ukuthi[a] kuyisikhathi esifanele somsebenzi Wami, ngakho-ke ngiyaphuthuma ngehla ngenyuka ngenza umsebenzi Wami omusha kumuntu.

Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha

umusa kaNkulunkulu,iNkosi uJesu,uNkulunkulu wokuhlakanipha

Ingabe uyafisa ukubona uJesu? Ingabe uyafisa ukuhlala noJesu? Ingabe uyafisa ukuzwa amazwi akhulunywe uJesu? Uma kunjalo, uyokwamukela kanjani ukubuya kukaJesu? Ingabe ukulungele ngokupheleleyo? Uyokwamukela ngayiphi indlela ukubuya kukaJesu? Ngicabanga ukuthi bonke abafowethu nodadewethu abalandela uJesu bangathanda ukwamukela uJesu kahle.

UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo.