9.1.18

UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

igunya likaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu,ukulunga kukaNkulunkulu

Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu.

Isahluko 11

  Esweni lenyama yomuntu, kubonakala kungekho luguquko emazwini kaNkulunkulu ngale nkathi, okungenxa yokuthi abantu abakwazi ukuqonda imithetho uNkulunkulu akhuluma ngayo, futhi abayiqondi ingqikithi yamazwi Akhe. Emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu abantu abakholwa ukuthi kungabakhona izimfihlakalo ezintsha kula mazwi; ngalokhu, abakwazi ukuphila izimpilo ezintsha ngokumangalisayo, futhi esikhundleni salokho baphila izimpilo ezimi ndawonye nezifile.

8.1.18

Mayelana Nokuphila KukaPetru

  UPetru umuntu oyisibonelo uNkulunkulu amethula esintwini, futhi ungumuntu owaziwayo. Kungani umuntu ophansi kanjalo uNkulunkulu ambeka njengesibonelo, futhi wadunyiswa yizizukulwane ezizayo? Empeleni, akudingeki nokuthi kuze kushiwo ukuthi lokhu akunakuhlukaniswa nombono wakhe nesinqumo sakhe sokuthanda uNkulunkulu.

Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Wonke umsebenzi kule minyaka eyizi-6,000 uye ngokushintsha kancane kancane ngokuhambisana nesikhathi. Ushintsho kulo msebenzi lwenzeke ngokuhambisana nesimo somhlaba wonke. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uguquke kancane kancane ngokulandela ukushintsha kwemikhuba yesintu sisonke; hhayi ukuthi kwakuhlelwe ekuqaleni kokudala.

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

ukuba senyameni,umsebenzi kaNkulunkulu

ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.”

7.1.18

Isahluko 10

Ngesikhathi sokwakhiwa kwebandla, uNkulunkulu wayethuka nje ekhuluma ngokwakhiwa kombuso. Nalapho ekhuluma ngakho, wayekwenza ngolimi lwesikhathi sokwakhiwa kwebandla. Lapho kufika iNkathi Yombuso uNkulunkulu waziyeka ezinye izindlela nezindaba zesikhathi sokwakhiwa kwebandla futhi akaphindanga wakhuluma ngisho izwi elilodwa ngakho. Lokhu yikho kanye okuwumqondo obalulekile “kaNkulunkulu Uqobo” ohlala emusha futhi ongagugi.

6.1.18

Isahluko 8

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,izwi likaNkulunkulu

  Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngokweso likaMoya, iphimbo Lakhe liqondiswa kuso sonke isintu. Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngokweso lomuntu, iphimbo Lakhe liqondiswa kubo bonke abalandela ubuholi boMoya Wakhe. Uma uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe ngeso lomuntu wesithathu (lokhu abantu abathi yisibukeli), ukhombisa ngqo izwi Lakhe kubantu ukuze abantu bambone njengomhlaziyi, futhi kubonakala sengathi emlonyeni Wakhe kuphuma izinto eziningi umuntu angazazi, umuntu angeke aziqonde.