21.1.18

Isenzo (5)

  Ngesikhathi seNkathi Yomusa, uJesu wakhuluma amazwi athile wenza isigaba esisodwa somsebenzi. Bekunengqikithi kuwo futhi ebefanele izimo zabantu ngaleso sikhathi; uJesu wakhuluma futhi wasebenza njengoba kufanele ingqikithi yangaleso sikhathi. Wabuye wakhuluma iziphrofetho ezithile. Waphrofetha ukuthi uMoya weqiniso uzofika ngezinsuku zokugcina, lapho uMoya weqiniso uzokwenza khona isigaba somsebenzi. Okusho ukuthi, ngaphandle komsebenzi Yena ngoKwakhe abefanele ukuwenza ngaleyo nkathi, ubengazi kahle nganoma yini enye; okusho ukuthi, bekunemikhawulo emsebenzini olethwe nguNkulunkulu osemzimbeni wenyama. Ngalokho, wenze nje umsebenzi waleyo nkathi, wangawenza omunye umsebenzi owawungaxhumene Naye. Ngaleso sikhathi, wayengasebenzi ngokwemizwa noma ngokwemibono, kodwa ngokuya ngesikhathi nangenqgikithi. Akekho owamhola noma wameluleka. Umsebenzi Wakhe wonke ubuyilokho ayikho, obekuwumsebenzi obufanele wenziwe uMoya kaNkulunkulu osenyameni—bekuwumsebenzi wonke ophethwe uNkulunkuluesimweni somuntu. Mhlawumbe, umusa noxolo lweNkathi Yomusa lwenze ukuba lokho osudlule kukhona kuqukathe okuningi okuhambelana nemizwa noma ukuzwela komuntu. UJesu wayesebenza kuphela ngalokho akubona nakuzwile Yena Uqobo Lwakhe. Ngamanye amazwi, uMoya wasebenza ngqo; bekungadingeki ukuba izithunywa zivele Kuye zimnikeze amaphupho, noma ukukhanya okukhulu kukhanye Kuye kumenze ukuba abone. Wasebenza ngokukhululeka nangezinye izikhathi, okwenzeke ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe wawungancikanga emizweni. Ngamanye amazwi, ngenkathi esebenza akazange adukuze futhi aqagele, kodwa wenza izinto ngokukhululeka, esebenza futhi ekhuluma ngokwemibono Yakhe nalokho akubone ngamehlo Akhe, akunikeza masinyane abafundi Bakhe ababemlandela. Lokhu umehluko phakathi komsebenzi kaNkulunkulu nomsebenzi wabantu: Uma abantu besebenza, bayafuna futhi badukuze, njalo belingisa futhi bezindla phezu kwesisekelo esibekwe ngabanye ukuzuza ukungena okujulile. Umsebenzi kaNkulunkulu ukuhlinzekwa ngalokho ayikho, wenza umsebenzi lowo Yena ngoKwakhe afanele ukuwenza, kanti akanikeli ebandleni esebenzisa ulwazi oluvela emsebenzi wanoma yimuphi umuntu ; kunalokho, wenza umsebenzi wamanje ngokwezimo zabantu. Ngalokho, ukusebenza ngale ndlela kukhululeke izikhathi eziyinkulungwane kunokusebenza kwabantu. Kubantu, kubuye kuvele sengathi uNkulunkulu akawenzi umsebenzi Wakhe usebenza ngendlela athanda ngayo. Kepha wonke umsebenzi awenzayo umsebenzi omusha, futhi nifanele ukwazi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu esimweni somuntu awukaze waya ngemizwa.

  Ngenkathi abafundi ababelandela uJesu ngaleso sikhathi bethola ulwazi ukufikela ezingeni elithile, bazizwa sengathi usuku lukaNkulunkulu selufikile, futhi babezohlangana neNkosi ngaso sona leso sikhathi. Kwakuyimizwa ababenayo, futhi kubo, lo muzwa wawubaluleke kakhulu. Kodwa empeleni, imizwa ngaphakathi kwabantu ayithembekile. Ngaphakathi, abafundi bazizwa sengathi mhlawumbe sebefike ekupheleni kohambo lwabo, noma sengathi konke abakwenzile nabakuhluphekele kwakugcotshwe nguNkulunkulu. UPawulu wathi useliqedile ibanga lakhe, walwa ukulwa okuhle, usebekelwe umqhele wokulunga. Leyo imizwa ayenayo, futhi wayibhala ezincwadini wayithumela emabandleni. Izenzo ezinjalo zivele emthwalweni ayenawo ngamabandla, ngalokho uMoya Ongcwele akazange awunake lo msebenzi. Ngaleso sikhathi, uma wayethi, “ngibekelwe umqhele wokulunga,” akazange abe nokusola kuyena—wayengenakuyaluza noma kona ukusolwa, ngakho wayekholelwa ukuthi le mizwa ivamile futhi ilungile. Wayekholelwa ukuthi yayivela kuMoya Ongcwele. Kodwa uma kubukwa namuhla, yayingaveli kuMoya Ongcwele. Bekungelutho ngaphandle kokuzikhohlisa komuntu. Beziziningi izinkohliso ebantwini. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu akazange abamukele noma aveze mbono. Umsebenzi omningi kaMoya Ongcwele awenziwanga ngemizwa yabantu— uMoya Ongcwele akasebenzi emizweni yabantu. Lokhu kungaphandle kwezikhathi ezinzima, ezifiphele ngaphambi kokuba uNkulunkulu abe yinyama; noma ngesikhathi lapho bekungekho khona abaphostoli noma abasebenzi; kulesi sigaba umsebenzi kaMoya Ongcwele wawunikeza abantu imizwa ethize ekhethekile. Isibonelo: Uma abantu bebengenakuholwa ngamazwi kaNkulunkulu, ngesikhathi bethandaza babezoba nemizwa engachazeki yenjabulo, ezinhliziyweni zabo bekunemizwa yentokozo, futhi bebenokuthula, nokunethezeka. Ngenkathi benesiqondiso samazwi, imimoya yabantu iye yacwenga, kanti izenzo zabo zakhanyiselwa ngamazwi. Ngokwemvelo, babenemizwa yokuthula futhi benokunethezeka. Uma abantu besengozini, noma uNkulunkulu ebanqande ekwenzeni izinto ezithile, ezinhliziyweni zabo bazizwe bekhathazekile futhi bengakhululekile, kodwa bekungesikho ukuthi imiphimbo yabo iklinyiwe bangakwazi ukuphefumula. Uma abantu babe nale mizwa bekungaba ngenxa yokuthi indawo ebazungezile yayesabeka noma yayinonya kakhulu, okwadala imizwa yokwesaba kubona, ngakho babe nokukhathazeka kakhulu. Kodwa bekungeyena uMoya Ongcwele owawubethusa kangako. Ezikhathini ezinjalo, ingxenye yale mizwa yayivela ekubeni novalo kwabantu, akukona ukuthi konke kwakuvela kuMoya Ongcwele. Abantu bahlala njalo phakathi kwemizwa yabo futhi lokho bakwenze iminyaka eminingi. Uma benokuthula ezinhliziyweni zabo, benza okuthile (bekholelwa ukuthi ukuzimisela kwabo kungumuzwa wokuthula), kanti uma bengenakuthula ezinhliziyweni zabo, abenzi lutho (bekholelwa ukuthi ukwenqena noma ukungathandi kwabo kungumuzwa wokungakhululeki). Uma izinto zihamba kahle, bacabanga ukuthi bekuyintando kaNkulunkulu. (Empeleni, bekuyinto ebifanele ukuhamba kahle kakhulu, lokhu kungumthetho wemvelo wezinto.) Ngesikhathi izinto zingahambi kahle, bacabanga ukuthi bekungeyona intando kaNkulunkulu babuyela emuva masinyane ngokwabo. Kepha ezikhathini eziningi, ngesikhathi abantu behlangabezana nezinto ezinjalo, kuba ngumthetho wemvelo wezinto. Uma ngabe benenze umzamo omkhulu lapho, benizobe niyenze kahle le ndaba futhi ibizohamba kahle kakhudlwana. Ake sithi uyaphuma uyothenga iklabishi, njengesibonelo. Intengo yezimakethe ingama-jiao amabili[a] nge-jin elilodwa[b] kodwa uzwa sengathi kufanele kube yi-jiao elilodwa nge-jin elilodwa. Empeleni, lokhu yilokhu nje enikucabangayo ezinhliziyweni zenu, futhi uma nizama ukuthenga ngaleli nani, aniphumeleli neze bese nikholelwa ukuthi uNkulunkulu akanifiseli ukuthenga iklabishi.

   Izimpilo zabantu zinemizwa eminingi kakhulu. Ikakhulu, ukusuka ngesikhathi beqala ukukholwa kuNkulunkulu. Imizwa yabantu iyakhula ngosuku, ibashiye bedidekile bemangele ngaso sonke isikhathi. Abazi ukuthi baqale kuphi futhi abaqinisekanga ngezinto eziningi—kodwa ngaphansi kwezimo eziningi, uma benza noma bekhuluma ngokwemizwa yabo, inkani nje uma kungabi yinto ephula izimiso ezinkulu, uMoya Ongcwele awuphenduli. Kufana nomqhele wokulunga owezwiwa nguPawulu: Iminyaka eminingi, akekho owayekholwa ukuthi imizwa yakhe yayingalungile, ngisho naye uPawulu ngokwakhe akaze ezwe ukuthi imizwa yakhe beyinephutha. Ivelaphi imizwa yabantu? Yebo, ingukusabela kwezingqondo zabo. Imizwa ehlukile ivezwa ngokwezindawo ezahlukene, nangezindaba ezahlukene. Isikhathi esiningi, abantu baphetha ngokuqonda kwabo bathole iqoqo lezindlela zokwenza, eziveza ukwakheka kwemizwa eminingi yabantu. Ngaphandle kokuqaphela, abantu bafaka okwabo ukuphawula okunengqondo, futhi ngale ndlela, le mizwa iba yilokho abantu abancika kukho ezimpilweni zabo, kuba ukwesekwa ngokomoya ezimpilweni zabo (njengomqhele kaPawulu noma owaka-Witness Lee) ukuhlangana neNkosi emoyeni)”. UNkulunkulu cishe akanandlela yokungenelela kule mizwa yabantu, futhi kufanele abavumele ukuba ikhule ngokuthanda kwabo. Namuhla, ngikhuluma nani kalula, futhi uma niqhubeka ngokwemizwa yenu, aniphili namanje ngokungacacile? Aniwemukeli amazwi lawo abekelwe nina ngokucacile, nihlala nithembe imizwa yenu. Kulokhu, ngabe anifani nempumputhe ethinta indlovu?[c] Nizozuzani ekugcineni?

  Namuhla, wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu osemzimbeni womuntu ungowempela. Lokhu akuyona into ongayizwa, noma into ongayicabanga, hhayi nento ongayiphawula—yinto nje ongakwazi ukuyiqonda uma amaqiniso enzeka kuwena. Kwesinye isikhathi, noma izinto zenzeka, nilokhu ningaboni kahle, futhi uma uNkulunkulu enza izinto ngokwakhe uqobo kuphela, eletha incaciselo enkulu ngamaqino alokho okwenzekayo, kulapho abantu bazoqonda khona. Ngaleso sikhathi, bekunezinkohliso eziningi phakathi kwabafundi bakaJesu. Babekholelwa ukuthi usuku lukaNkulunkulu seluzofika futhi bazofela uJesu masinyane bakwazi ukuhlangana neNkosi uJesu—kodwa isikhathi esinjalo namanje asikafiki. UPetro wayenozwelo kakhulu kule mizwa. Walinda iminyaka eyisikhombisa yonke, ehlala ezwa sengathi isikhathi sesifikile—kodwa asikafiki namanje. Bazizwa sengathi izimpilo zabo sezivuthiwe, nemizwa yabo iphindaphindiwe futhi le mizwa ibe nozwelo—kepha babe nokwehluleka okukhulu bengakwazi ukuphumelela. Bona ngokwabo abakwazanga okwakwenzeka. Ngabe lokho okwakuvela kuMoya Ongcwele ngeqiniso kungegcwaliseke? Kungethenjelwe emizweni yabantu. Ngenxa yokuthi abantu banengqondo, imicabango, nemibono yabo esekwe engqikithini nezimo zangaleso sikhathi, bazakhela ezabo izinhlangano ezinothile emiqondweni. Ikakhulu, uma kwenzeka okuthile kubantu abaphile kahle ngokomqondo, bajabula ngokweqile, bangakwazi ukuzibamba babe nemicabango enothile emiqondweni. Lokhu kusebenza kakhulu “kochwepheshe” ngolwazi namathiyori aphakeme, labo imibono emqondweni yabo yanda ngokudlulele ngemva kweminyaka eminingi bebhekene nomhlaba; bengaqapheli, baqhubeka ngemicabango yabo kube imizwa enamandla kakhulu—ngalokhu ochwepheshe bayaneliseka. Uma abantu befuna ukwenza okuthize, kuvela imizwa nemicabango, abantu bacabange ukuthi banembile. Kamuva, uma bebona ukuthi abenelisekile, bese abantu bengakwazi ukuthola ukuthi yini engahambanga kahle. Mhlawumbe bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uguqule uhlelo Lwakhe.

  Phakathi kwabantu beNkathi Yomthetho, abantu abaningi babenemizwa ethize, kodwa amaphutha emizweni yabo beyingaphansi kuneyabantu banamuhla. Kungenxa yokuthi, ngaphambili, abantu bebekwazi ukubona ukubonakala kukaJehova, bebona nezithunywa futhi bephupha namaphupho. Abantu banamuhla abakwazi ukubona imibono noma izithunywa ngalokho kunamaphutha amaningi emizweni yabo. Ukuba nemizwa kwabantu yinto engagwemeki. Abantu beTestamende Elidala babenayo imizwa nabo, bekholelwa futhi ukuthi le mizwa yayilunge impela, kodwa izithunywa zaziyohlala zivela phakathi kwabo, okwehlisa amaphutha emizwa yabo. Uma abantu banamuhla bezwa ukuthi into ethile ilunge kakhulu, basuke bayisebenzise, uMoya Ongcwele akabanqandi. Ngaphakathi, abanayo imizwa nhlobo, futhi banokuthula. Emva kokuba sebeqedile, kungenxa yokuhlanganyela nje kuphela noma ukufunda amazwi kaNkulunkulu lapho bethola khona ukuthi bebengalungile. Ngendaba eyodwa, akunazithunywa eziziveza kubantu, amaphupho anqabile, futhi abantu ababoni lutho oluyimibono esibhakabhakeni. Kwenye indaba, uMoya Ongcwele akandisi ukusola Kwakhe nokujezisa kubantu; akukho nanoma yimuphi umsebenzi kaMoya Ongcwele kubantu. Kanjalo, uma abantu bangadli futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu,[d] abayiqondi indlela yokwenza izinto kanti abafuni okuseqinisweni, ngalokho angeke bavune lutho. Imigomo yemisebenzi kaMoya Ongcwele yile elandelayo: Akakunaki lokho okungabandakanyi umsebenzi Wakhe; uma ngabe okuthize akukho endaweni Yakhe yokusebenza lapho enegunya khona, akaze anxuse, evumela abantu ukwenza nanoma iyiphi ingxaki abafisa ukuyenza. Ungenza nangayiphi indlela oyifunayo, kodwa usuku luzofika lapho ungeke wazi ukuthi wenzeni. UNkulunkulu usebenza ngengqondo eyodwa enyameni Yakhe, lutho ukuphazamisa noma ukuzifaka “emsebenzini” nasemhlabeni omncane wabantu; kunalokho, uNkulunkulu unikeza umhlaba wenu isikhundla esibanzi, futhi wenza umsebenzi omfanele. Namuhla, anisolwa uma nichitha imali kakhulu ngama-mao amahlanu noma nivuzwe uma nonge ama-mao amahlanu. Lezi yizindaba zabantu, futhi azinakuxhumana nakancane noMoya Ongcwele—izenzo zenu kule ndaba azikho endaweni Yami yokusebenzela.

  Ngaleso sikhathi, uPetro wakhuluma amazwi amaningi wenza nomsebenzi omningi. Ngabe kungenzeka ukuba akukho nakunye okwavela emicabangweni yabantu? Ukuthi konke kuqhamuke kuMoya Ongcwele akunakwenzeka. UPetro wayeyisidalwa nje sikaNkulunkulu, wayengumlandeli, ubenguPetro, hhayi uJesu, futhi ubuqu babo bebungafani. Noma uPetro wayethunywe uMoya Ongcwele, akukhona konke akwenza nakusho[e] okwavela kuMoya Ongcwele, ngoba okusalayo, wayengumuntu. UPawulu wakhuluma amazwi amaningi wabhalela amabandla izincwadi eziningi zokuthunyelwa, eziqoqelwe eBhayibhelini UMoya Ongcwele akazange aveze mbono, ngoba ngesikhathi ebhala lezi zincwadi yileso sikhathi lapho ayesetshenziswa nguMoya Ongcwele khona. Wabona imibono, wayibhala phansi wayidlulisela kubazalwane nodade ababeseNkosini. UJesu akavezanga mbono, futhi akaphendulanga lutho. Kungani uMoya Ongcwele wenza ngale ndlela? Kungani uMoya Ongcwele ungamvimbanga? Ngoba okunye ukungcola kuvela emicabangweni yabantu evamile, futhi ayigwemeki. Ukugcwalisa, izenzo zakhe aziqalanga ekuphazanyisweni, futhi azizange ziphazamise izimo zabantu ezivamile; uma kunomsebenzi onjalo wabantu, abantu bathola kulula ukuwamukela. Kujwayelekile ukuthi imicabango yabantu evamile ixube, uma nje lokhu kungcola kungaphazamisi lutho. Ngamanye amazwi, abantu abanemicabango evamile bonke bayakwazi ukucabanga ngaleyo ndlela. Uma abantu bephila enyameni, banemicabango yabo—kodwa ayikho indlela yokuxosha le micabango evamile. Uma ninengqondo, ngakho nifanele nibe nemicabango. Noma kunjalo, ngemuva kokwazi umsebenzi kaNkulunkulu okwesikhashana, kuzoba nemicabango embalwa ezingqondweni zabantu. Uma sebedlule ezintweni eziningi, bazobona ngokucacile, bese bephazamisa kancane, ngamanye amazwi, uma imicabango yabantu nokuphawula okunengqondo kuphikiswa, imizwa yabo engavamile izokwehla. Labo abaphila enyameni bonke banemicabango yabo kodwa ekugcineni, umsebenzi kaNkulunkulu kubona uzofinyelela ezingeni lokuthi imicabango yabo ingasakwazi ukubaphazamisa, abasancikanga emizweni ukuze baphile, isimo sabo siyavuthwa futhi bayakwazi ukuphila ngamazwi kaNkulunkulu ngempela, bangasenzi izinto ezingezwakali kahle nezingenalutho, bazobe sebengakwazi ukwenza izinto ezidala ukuphazamiseka. Ngale ndlela bazoyeka ukuzikhohlisa, ukusuka ngalesi sikhathi ukuya phambili izenzo zabo kuzoba yisimo sabo sangempela.

   Umbhalo waphansi:

   a. “i-jiao” (ebuye yaziwe “nge-mao”) iyunithi yemali yaseShayina. EShayina, iyunithi yemali yakhona iyi-yuan Kukhona ama-jiao ayishumi ku-yuan eyodwa.

  b. “I-jin” ukulinganisa isisindo ngendlela yaseShayina, i-jin elilodwa lingamagremu angama-500.

 c. “Impumputhe ithinta indlovu” ivela kumfanekiso wezimpumputhe nendlovu. Ikhuluma ngezimpumputhe ezithize ezithinta indlovu, enye nenye ikholelwa wukuthi le ngxenye eyithintile imele sonke isilwane. Lo mfanekiso yisingathekiso sokukhombisa indlela abantu abaphutha ngayo ekubhekeni noma ekwahluleleni okuncane njengeqiniso eliphelele.

  d. Umbhalo wasekuqaleni ushiya ”amazwi kaNkulunkulu. ”

  e. Umbhalo wasekuqaleni ushiya ”lokho akwenzile nakushilo.”


Awekho amazwana:

Thumela amazwana