9.9.19

17. Yini uKristu wamanga? Ubonakala kanjani uKristu wamanga?

umsebenzi kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye.

4.9.19

12. Kusho ukuthini "ukushiya konke bese ulandela uNkulunkulu"?

ukwazi intando kaNkulunkulu,ukulalela uNkulunkulu
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Unganikela ngayo yonke inhliziyo nomzimba wakho nalo lonke uthando lwakho kuNkulunkulu, ukubeke phambi kukaNkulunkulu, umlalele ngokuphelele Yena, futhi ucabangele ngokuphelele intando Yakhe. Hhayi ngenyama, hhayi ngomndeni futhi hhayi ngezifiso zakho siqu, kodwa ngenxa yezithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Kuzo zonke izinto ungathatha izwi likaNkulunkulu njengesimiso, njengesisekelo. Ngaleyo ndlela, izinhloso zakho, imibono yakho konke kuzoba sendaweni efanele, futhi uzoba umuntu onconywa uNkulunkulu phambi Kwakhe.

28.8.19

6. Ngonjani umuntu othembekile? Kungani uNkulunkulu ethanda abantu abathembekile?

ubungcwele bukaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu.

23.8.19

5. Umuntu angabakha kanjani ubuhlobo beqiniso noNkulunkulu?

ubuhlobo noNkulunkulu,umusa kaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abantu bakholwa kuNkulunkulu, bathanda uNkulunkulu, futhi banelisa uNkulunkulu ngokuthinta uMoya kaNkulunkulu ngenhliziyo yabo, kanjalo bazuza ukwaneliseka Kwakhe; futhi lapho bedingida amazwi kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, babe sebekhuthazwa uMoya kaNkulunkulu. Uma ufisa ukufinyelela ekuphileni okufanele komoya futhi wakhe ubudlelwane obufanele noNkulunkulu, kumele uqale unikele ngenhliziyo yakho Kuye, uthulise inhliziyo yakho phambi Kwakhe.

18.8.19

2. Kungani uNkulunkulu kufanele ahlulele futhi asole abantu?

umsebenzi kaNkulunkulu-ukwahlulela

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane.

13.8.19

1. Kuyini Ukwahlulela?

ukwahlulela,izwi likaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela.

9.8.19

Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

ivangeli,umusa kaNkulunkulu

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami? Abantu abahamba Nami kumele bayazi intando Yami.