4.9.19

12. Kusho ukuthini "ukushiya konke bese ulandela uNkulunkulu"?

ukwazi intando kaNkulunkulu,ukulalela uNkulunkulu
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Unganikela ngayo yonke inhliziyo nomzimba wakho nalo lonke uthando lwakho kuNkulunkulu, ukubeke phambi kukaNkulunkulu, umlalele ngokuphelele Yena, futhi ucabangele ngokuphelele intando Yakhe. Hhayi ngenyama, hhayi ngomndeni futhi hhayi ngezifiso zakho siqu, kodwa ngenxa yezithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Kuzo zonke izinto ungathatha izwi likaNkulunkulu njengesimiso, njengesisekelo. Ngaleyo ndlela, izinhloso zakho, imibono yakho konke kuzoba sendaweni efanele, futhi uzoba umuntu onconywa uNkulunkulu phambi Kwakhe.

kwesithi “Abantu Abangakulalela Ngokugcwele Ukuba Ngokoqobo KukaNkulunkulu Yilabo Abamthanda Ngeqiniso UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukholwa kuNkulunkulu futhi uyamlandela, ngakho kumele uthande uNkulunkulu enhliziyweni yakho. Kumele ubeke eceleni isimo sakho esikhohlakele, kumele ufune ukugcwalisa isifiso sikaNkulunkulu, kumele wenze umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu. Njengoba ukholwa futhi ulandela uNkulunkulu, kufanele unikele ngakho konke Kuye, akufanele uzenzele izinqumo, kufanele uqikelele ukuthi uyasigcwalisa isifiso sikaNkulunkulu. Njengoba wadalwa, kufanele ulalele iNkosi eyakudala, ngoba awuzibusi, futhi awukwazi ukulawula ikusasa lakho. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele ufune ubungcwele noguquko. Njengoba uyisidalwa sikaNkulunkulu, kufanele unamathele emsebenzini wakho, ulondoloze indawo yakho, ungedluli emsebenzini wakho. Lokho akwenzelwe ukukuthiya noma kukucindezele ngemfundiso, kodwa kuyindlela ongenza ngayo umsebenzi wakho, futhi ingafezwa—futhi kufanele ifezwe—yibo bonke abalungile.

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Imicabango yakho kumele ibe ngemisebenzi yebandla. Kumele ubeke eceleni lokhu okulindele kwenyama yakho, thatha izinqumo ngezindaba zomndeni, ngenhliziyo yakho yonke zinikele emsebenzini kaNkulunkulu, ubeke umsebenzi kaNkulunkulu phambili futhi impilo yakho ilandele ngemuva. Yilokhu ukuziphatha kahle kongcwele.

kwesithi “Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ilalelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini Yombuso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kumele ubhekane nobunzima ngenxa yeqiniso, kumele uzinikele eqinisweni futhi ukhuthazelele ukuthunazwa ngenxa yeqiniso nokuthi ukuze wazi okuningi ngeqiniso kumele udlule ezinhluphekweni eziningi. Yilokhu okufanele ukwenze. Ungavumi ukulahla iqiniso ngenxa yokuthi ufuna ukuthula emndenini wakho, ungavumi ukulahlekelwa yisithunzi nobuqotho bakho ngenxa nje yenjabulo yesikhashana. Kufanele ulwele konke okuhle nokulungile, futhi ufune indlela yokuphila ukuphila okunenjongo. Uma uphila ukuphila okuyichilo kanjalo futhi zingekho izinto ozifunayo, ingabe awudlali yini ngokuphila kwakho? Yini ongayithola ekuphileni okunjalo? Kufanele uzigweme zonke izinhlobo zenjabulo yenyama ngenxa yeqiniso elilodwa, nokuthi ungawalahli wonke amaqiniso ngenxa yenjabulo yesikhashana. Abantu abenza kanjalo abekho qotho futhi abanaso nesithunzi; ukuphila kwabo akunayo injongo!

kwesithi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana