28.8.19

6. Ngonjani umuntu othembekile? Kungani uNkulunkulu ethanda abantu abathembekile?

ubungcwele bukaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu.

kwesithi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuziphatha njengomuntu ojwayelekile ukukhuluma ngokuzwakalayo. Uyebo uchaza uyebo, ucha uchaza ucha. Qiniseka emaqinisweni futhi ukhulume ngendlela efanele. Ungakhohlisi, ungaqambi amanga.

kwesithi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngibabonga kakhulu labo abangenazinsolo ngabanye futhi ngithanda kakhulu nalabo abasheshayo ukwemukela iqiniso; kulolu hlobo olubili lwabantu ngibonisa ukunakekela okukhulu, ngokuba emehlweni ami bangabantu abaneqiniso.

kwesithi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma ukufuna iqiniso kukujabulisa kahle, ungomunye ohlala ekukhanyeni isikhathi esiningi. Uma ukujabulela ukuba ngumenzi womsebenzi endlini kaNkulunkulu, usebenza ngokuzimisela nokwethembeka emfihlakalweni, ngaso sonke isikhathi uhlala upha futhi ungathathi, ngithi-ke ungongcwele othembekile, ngoba awufune mklomelo futhi ungumutu oneqiniso nje. Uma uzimisele ukungalifihli iqiniso, uma uzimisele ngokunikela konke okwakho, uma ukwazi ukudela impilo yakho ngoNkulunkulu futhi ube ngufakazi, uma uthembekile, kuze kufike eqophelweni lapho wazi kuphela ukwanelisa uNkulunkulu, futhi ungazicabangeli noma uzithathele ngokwakho, ngithi-ke laba bantu abanjalo yilabo abondliwa ekukhanyeni futhi abayophila phakade embusweni.

kwesithi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kumele nazi ukuthi uNkulunkulu uthanda umuntu owethembekile. UNkulunkulu unobunjalo bokwethembeka, ngakho-ke izwi Lakhe lingathenjwa njalo. Ngaphezu kwalokho, izenzo Zakhe azinaphutha futhi azingabazeki. Yingakho uNkulunkulu ethanda labo abethembeke ngeqiniso kuYena.

kwesithi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umbuso Wami udinga labo abethembekile, abangazenzisi, futhi abangakhohlisi. Ngabe abantu abaqotho nabethembekile akubona abangathandeki emhlabeni? Mina ngiphambana nalokho nje. Kuvumelekile ukuba abantu abethembekile beze Kimi; ngiyathokoza ngalolu hlobo lomuntu. Yilokhu kanye ukulunga Kwami.

from “Chapter 33” of Utterances of Christ in the Beginning in The Word Appears in the Flesh

Kodwa yilabo abathembekile engibafunayo; uma ungumuntu owethembekile futhi owenza ngokomgomo, ungaba yisethenjwa sikaNkulunkulu.

kwesithi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu abasondelene noNkulunkulu bayizethenjwa Zakhe futhi; izethenjwa zikaNkulunkulu kuphela ezingazwelana Naye ekukhathazekeni Kwakhe, nokufuna Kwakhe, nakuba inyama yabo ibuhlungu futhi ibuthakathaka, bayakwazi ukubekezelela ubuhlungu, badele lokho abakuthandayo ukuze banelise uNkulunkulu. UNkulunkulu unika imithwalo eminingi kubantu abanjalo, nalokho uNkulunkulu azokwenza kubonakaliswa kulaba bantu.

kwesithi: “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ungase Uthande Nalezi: Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho

Awekho amazwana:

Thumela amazwana