31.7.18

31. Angikulungele Ukubona UKristu

UHuanbao    Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning

  Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma kakhulu abafowethu nodadewethu abakwazi ukwamukela inkonzo yomuntu siqu noKristu, abakwazi ukuzwa izintshumayelo Zakhe ezindlebeni zabo. Enhliziyweni yami, ngicabangile ukuthi kungaba kuhle kangakanani uma ngelinye ilanga esikhathini esizayo ngingezwa izintshumayelo zikaKristu, kodwa-ke phela ukumbona Yena kungaba kuhle kakhulu. Kodwa kamuva nje, ngokulalela ukuhlanganyela Naye, sengiba nomuzwa ojulile enhliziyweni yami wokuthi angifanelekile ukubona uKristu.

8. Kuqondwa kanjani ukuthi uKristu uyiqiniso, indlela nempilo?

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo ekuqaleni wayenoNkulunkulu” (Johane 1:1-2).
 
  “Futhi uLizwi waba inyama, wahlala phakathi kwethu, ( futhi sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

30.7.18

32. Wonke Amazwi KaNkulunkulu Ayisibonakaliso Sesimo Sakhe

UHu Ke    Edolobheni laseDezhou, EsiFundazweni saseShandong

  Njalo uma ngibona la mazwi ekhulunywa nguNkulunkulu, ngangizizwa nginetwetwe: “Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona.” Ngazizwa nginetwetwe ngoba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu sibaluleke kakhulu ekuqondeni komuntu uNkulunkulu kanye nasekufuneni komuntu uthando kanye nokumenelisa Yena.

29.7.18

7. Kungani kuthiwa izimo ezimbili zikaNkulunkulu esenyameni ziphelelisa ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukuba senyameni

  Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

  “Kanjalo noKristu wanikelwa kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abamfunayo uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube ngukusindiswa” (Heberu 9:28).

  Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu” (Johane 1:1).

28.7.18

Gospel Choir "Umbuso" Welcome the Return of God (Zulu Subtitles)


Umbuso

I

Umbuso, idolobha labangcwele, umbuso kaKristu.
Embusweni, umcebo nenkazimulo kaNkulunkulu kuyabonakala.
Unyazi luphuma eMpumalanga futhi lukhanyise eNtshonalanga.
Ukukhanya kwangempela kulapha, izwi likaNkulunkulu livele lisenyameni.
UMsindisi kudala ebuyile, ehla phezu kwefu elimhlophe.
Abangcwele namuhla bahlwithiwe phambi kwesihlalo sobukhosi ukuze bakhonze uNkulunkulu.

30. Ukubheka indaba yokushintshwa esikhundleni

UYi Ran eLaiwu City, eShandong Province

  Esikhathini esedlule, ngenxa yokungaqondi kwami umgomo ophathelene nokuhlelwa kabusha kwezisebenzi ebandleni, lapho ibandla lishintsha umholi esikhundleni, kwazaleka umcabango kimi. Ukususela kulokho engangikubuka, udade lo owayeshintshwa esikhundleni wayemuhle kakhulu ekwamukeleni nasekwabelaneni ngeqiniso, futhi wayevulelekile ekuykhulumeni kwakhe ngenkohlakalo.

27.7.18

6. Kungani kuthiwa isintu esikhohlakele sidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu abe yinyama?

  Isiqephu Esikhethiweyo Sezwi LikaNkulunkulu
Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama
  UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane.