29.5.18

Isahluko 9

Njengoba ungomunye wabantu bendlu Yami, futhi njengoba uthembekile embusweni Wami, konke okwenzayo kumele kuhlangabezane nemigomo engiyidingayo. Angiceli ukuthi ube ngaphezulu kwefu elihambayo, kodwa ukuthi ube yiqhwa elicwebezelayo, ube nalokhu elinakho okungaphezulu ube nobugugu balo. Ngenxa yokuthi ngavela emhlabeni ongcwele, angifani nembali, enegama kuphela kodwa engenalutho kuyo ngenxa yokuthi yavela lapho okunodaka khona hhayi emhlabeni ongcwele.

Isahluko 9.Ukufuna Intando KaNkulunkulu Kanye Nokwenza Iqiniso Ngokuqikelela Okukhulu

  Uma abantu benza imisebenzi yabo ngokuphuthuma, ababe besakwazi ukuqongelela ulwazi ngayo; ngenkathi betatazela ngezindaba, umoya wabo uyakhathazeka; ababe besakwazi ukuzibeka esimeni esejwayelekile. Kwenzeka kanjani lokhu?

28.5.18

Isahluko 8.Ukuqonda Imvelo Nokwenza Iqiniso

  1. Abantu Abayiqondi Kahle Imvelo Yabo

  Okwamanje niyazi nje ngobunye ubunzima benu, niyakwazi ukukhohlakala okuvame ukwenzeka kalula, nokuthi yiziphi izinto okulula kini ukuzenza; nokho, into enzima kunazo zonke ukukwazi ukuzilawula nina. Anazi ukuthi nizokwenza nini okuthile noma yiziphi izinto ezibucayi enizozenza. Kungenzeka ukuthi kunento ethile obucabanga ukuthi ngeke wayenza, kodwa ngesikhathi esithile noma endaweni ethile lokho kwenzeka; uyenzile ngempela futhi wayisho.

South African Gospel Song “UNkulunkulu UnguMbusi Wohlelo Lokuphatha Lweminyaka Eyizinkulungwane Eziyisithupha”



South African Gospel Song “UNkulunkulu UnguMbusi Wohlelo Lokuphatha Lweminyaka Eyizinkulungwane Eziyisithupha” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa nguNkulunkulu uqobo Lwakhe.
Nguye oqala umsebenzi Wakhe, futhi Nguye owuphethayo.
Nguye ohlela umsebenzi.

Isahluko 7

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Wonke amagatsha asentshonalanga kufanele alalele iphimbo Lami:

Nike nethembeka yini Kimi ngaphambilini? Niwahloniphile amazwi amahle okuyala Kwami? Ngabe ninawo yini amathemba aphilayo futhi angekho mfiliba nangaqinisekisiwe? Ubuqotho bomuntu, uthando lwakhe, ukholo lwakhe— kungebe khona kumuntu uma kungaveli Kimina, angeke kube khona nakunye ngaphandle kwalokho akunikezwe Yimina.

27.5.18

Kungani Ungazimisele ukuba Isiqhathaniso?

  Labo abanqotshwayo bayiziqhathaniso, futhi ngemva nje kokupheleliswa baba izibonelo nezifanekiso zomsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphambi kokuba bapheleliswe bayiziqhathaniso, amathuluzi, kanjalo nezinto zokusebenza. Labo abanqotshwe ngokuphelele nguNkulunkulu bayizibonakaliso kanye nezibonelo nezifanekiso zohlelo Lwakhe lokuphatha.

Amazwi Aya Kwabancane Nabadala

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Mningi kakhulu umsebenzi engiwenze emhlabeni futhi ngihambe iminyaka eminingi phakathi kwesintu. Kodwa luncane ulwazi abantu abanalo ngokubukeka Kwami nangesimo Sami, futhi bayidlanzana abantu abangawuchaza kahle umsebenzi engiwenzayo. Kuningi abantu abakuntulayo, bahlale bentula ukuqonda ngalokhu engikwenzayo, futhi izinhliziyo zabo zihlale ziqaphile njengokungathi besaba kakhulu ukuthi ngizobafaka kwesinye isimo bese ngingabe ngisabanaka.