Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uthando lukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uthando lukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

2.4.19

Ukuhamba Endleleni Ekhanyayo Yempilo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

uXieli, eMelika 

Ngangivame ukuba ngumuntu owayelandela izinto zezwe, ngangifuna ukuzinikela empilweni yokuzijabulisa, futhi engangikukhathalela nje kwakuyinjabulo yenyama. Ngangivame ukuhamba nabangani bami siye e-KTV ubusuku bonke, ngangithokozela ama-joyride phakathi nobusuku, ngangiya kodoba olwandle, futhi ngihambe yonke indawo ngifuna ukudla kweqophelo eliphezulu. Ngangiye ngibone nalabo ababengizungezile, nabo bonke babezama ukudla kahle, bagqoke izingubo ezinhle, futhi bajabulele izinto ezinhle.

1.12.18

Best Gospel Music “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” – UNkulunkulu Ebusa Phezu futhi Esimamisa Isintu Nazo Zonke Izinto (Zulu Subs)


South African Gospel Music “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” – UNkulunkulu Ebusa Phezu futhi Esimamisa Isintu Nazo Zonke Izinto (Zulu Subs)

Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Ingabe uyathanda ukwazi ukuthi ubani obusa phezu futhi owesekela isintu nazo zonke izinto?

29.11.18

2018 Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli


2018  Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli

Emuva kwamakhulu eminyaka yokubanjwa ngumthetho, ama-Israyeli ekugcineni abhekana nengozi yokulahlwa nokubulawa ngumthetho ngenxa yeziphambeko zawo. Akhala ngokuphuthumayo kuNkulunkulu, owawanika isethembiso—esasizoguqula isiphetho nokuphila kwawo. Pho sasiyini ngempela lesi sethembiso?

26.9.18

67. Isipho Esihle Kakhulu UNkulunkulu Angiphe Sona

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UYixin    Edolobheni LaseShijiazhuang,  Esifundazweni SaseHebei
  Ngaphambili, ngangivame ukuzwa abafowethu nodadewethu bethi, “Konke uNkulunkulu akwenzayo okuhle kakhulu; yikho konke abantu abakudingayo.” Ngakwamukela lokhu futhi ngavumelana nakho, kodwa ngangingenakho noma yikuphi ukuqonda ngokuhlangenwe nakho kwami. Kamuva ngazuza ukuqonda ngakho ngesimo uNkulunkulu angenzela sona.

28.5.18

Isahluko 7

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Wonke amagatsha asentshonalanga kufanele alalele iphimbo Lami:

Nike nethembeka yini Kimi ngaphambilini? Niwahloniphile amazwi amahle okuyala Kwami? Ngabe ninawo yini amathemba aphilayo futhi angekho mfiliba nangaqinisekisiwe? Ubuqotho bomuntu, uthando lwakhe, ukholo lwakhe— kungebe khona kumuntu uma kungaveli Kimina, angeke kube khona nakunye ngaphandle kwalokho akunikezwe Yimina.

20.5.18

Isahluko 22

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Umuntu uphila phakathi kokukhanya, kodwa akabuboni ubugugu bokukhanya. Akasinaki isimo sokukhanya, nesomthombo wokukhanya, futhi ngaphezu kwalokho, kulowo okungokwakhe. Lapho ngethula ukukhanya phakathi kwabantu, ngokushesha ngihlola izimo phakathi kwabo: Ngenxa yokukhanya, bonke abantu bayaguquka, bayakhula futhi babushiyile ubumnyama. Ngiye ngabheka wonke amagumbi omhlaba, futhi ngabona ukuthi izintaba zihaqwe yinkungu, ukuthi amanzi ayiqhwa ngenxa yamakhaza, nokuthi ngenxa yokufika kokukhanya, abantu babheka eMpumalanga ukuze bathole okuthile okuyigugu kakhulu—kodwa umuntu uhlala engakwazi ukwehlukanisa indlela ecacile phakathi kwenkungu.