Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo. Emehlweni kaNkulunkulu, baphinde futhi bafane nezinkawu, bakhelana uzungu kungakhathaleki ubudala noma ubulili. Ngalokho, konke lokho isintu sonke esikwenzayo nesikubonakalisayo akukaze kube okwenhliziyo kaNkulunkulu.
7.2.18
Isahluko 21
Amalebula:
Amazwi KaNkulunkulu USomandla,
IBandla likaNkulunkulu uSomandla,
uJesu,
uKristu,
uNkulunkulu,
UNkulunkulu uSomandla,
UNyazi LwaseMpumalanga
Izahluko 22 no-23
"Namuhla, bonke bafuna ukuqonda intando kaNkulunkulu kanye nokwazi isimo sikaNkulunkulu, kodwa akakho owazi isizathu sokuthi kungani bengakwazi ukulandela izifiso zabo, abazi ukuthi kungani izinhliziyo zabo njalo zibakhaphela, nokuthi kungani bengakwazi ukufeza lokho abakufunayo.
5.2.18
Isahluko 20
UNkulunkulu USomandla uthi:
“UNkulunkulu wadala sonke isintu, futhi usesihole sonke isintu kwaze kwaba namuhla. Kanjalo, uNkulunkulu wazi konke okwenzeka phakathi kwabantu: wazi ububi emhlabeni wabantu, uqonda ubumnandi emhlabeni wabantu, ngakho-ke usuku ngosuku uchaza izimo zempilo yaso sonke isintu, aphinde, phezu kwalokho, abhekane nobuthakathaka nokonakala kwaso sonke isintu.
Amalebula:
Amazwi KaNkulunkulu USomandla,
IBandla likaNkulunkulu uSomandla,
uJesu,
uNkulunkulu,
UNkulunkulu uSomandla,
UNyazi LwaseMpumalanga
Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele uNkulunkulu
"Kungani ukholwa kuNkulunkulu? Abantu abaningi bayabaxakwa yilo mbuzo. Banemibono emibili eyehlukene ngoNkulunkulu ongokoqobo kanye noNkulunkulu osezulwini, okukhombisa ukuthi bakholwa kuNkulunkulu bengaqonde kulalela, kodwa ukuthola izinzuzo ezithile, noma befuna ukubalekela ukwehlelwa yinhlekelele. Kungaleso sikhathi lapho bemlalela khona, kodwa ukumlalela kwabo kunemibandela, kungenxa yokuphumelelisa bona uqobo, futhi kuphoqiwe kubo.
Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo
Abantu abaningi bakholwa kuNkulunkulu ngenxa yekusasa labo, noma ngenxa yenjabulo yesikhashana. Kulabo abangakaze babhekane nalutho, inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukungena ezulwini, ukuze bathole imiklomelo. Akukho mayelana nokuthi bapheleliswe, noma ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu.
4.2.18
Isahluko 19
UNkulunkulu USomandla uthi:
"Kubonakala sengathi emicabangweni yabantu, uNkulunkulu uphakeme kakhulu futhi akaqondakali. Kusengathi uNkulunkulu akahlali phakathi kwabantu, kusengathi ubabukela phansi abantu ngoba uphakeme kangaka. UNkulunkulu, nokho, uyayiphihliza imicabango yabantu ayiqede yonke, egqiba imicabango yabo “emathuneni” lapho iphenduka khona umlotha.
Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu
I
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu,
ngabe ngisaqhubeka nokukhukhuleka nale lizwe,
ngilwa kanzima nakabuhlungu esonweni;
usuku nosuku ngifiphazeke futhi ngingenathemba.
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu,
ngabe ngisanyathelwe ngaphansi kwezinyawo zikadeveli,
ngibanjwe esonweni nasezinjabulweni zaso,
nginganaki ukuthi ukuphila kwami kuyoba njani.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)