4.2.18

Isahluko 19

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,iphimbo likaNkulunkulu,izwi likaNkulunkulu

Kubonakala sengathi emicabangweni yabantu, uNkulunkulu uphakeme kakhulu futhi akaqondakali. Kusengathi uNkulunkulu akahlali phakathi kwabantu, kusengathi ubabukela phansi abantu ngoba uphakeme kangaka. UNkulunkulu, nokho, uyayiphihliza imicabango yabantu ayiqede yonke, egqiba imicabango yabo “emathuneni” lapho iphenduka khona umlotha. Ukubuka kukaNkulunkulu imicabango yabantu kuyafana nokubuka Kwakhe abafileyo, ebachaza ngokuthanda. Kusengathi akunazimpendulo emicabangweni. Ngakho-ke ukusuka ekudalweni komhlaba kuze kube manje, uNkulunkulu ubelokhu enza lo msebenzi futhi akaze ayeke. Ngenxa yenyama, abantu boniwa nguSathane, futhi ngenxa yezenzo zikaSathane emhlabeni, abantu bakha lonke uhlobo lomcabango endleleni yokuphila kwabo. Lokhu kuthiwa “ukwakheka ngokwemvelo.” Lesi sigaba somsebenzi siyingxenye yokugcina yomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni, ngakho indlela yokwenza umsebenzi kaNkulunkulu isifinyelele emvuthwandabeni, futhi uqinisa ukuqeqesha kwakhe abantu ukuze bapheleliswe emsebenzini wakhe wokugcina, bese ekugcineni kwaneliswa intando kaNkulunkulu. Ngaphambili, kwakukhona kuphela ukukhanyiselwa nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele phakathi kwabantu, kodwa kwakungekho mazwi ayekhulunywa nguNkulunkulu mathupha. Lapho uNkulunkulu esekhuluma ngephimbo Lakhe, wonke umuntu wethuka, futhi namuhla amazwi akhe amangalisa kakhulu. Umqondo wamazwi Akhe ulukhuni kakhudlwana ukuqondakala, futhi abantu babonakala besesimweni sokudideka ngoba inxenye eyisigamu yamazwi Akhe atholakala phakathi kwezimpawu zokucaphuna. “Uma ngikhuluma, umuntu uyalilalelisisa iphimbo Lami; kodwa uma ngiyeka ukukhuluma, uyaqala futhi “ngomsebenzi wakhe.” kukhona igama kulesiya sigaba eliphakathi kwezimpawu zokucaphuna. Ukuhlekisa kwamazwi kaNkulunkulu kwenza ukuthi abantu badonseleke kakhudlwana ekuwafundeni. Okokuqala nje ukuthi abantu bayakwazi ukwamukela ukubhekwa uma bekhululekile. Ingxenye ebaluleke kakhulu ngeyokuvimbela abantu abaningi ekudikibaleni noma ekuphoxekeni ngoba bengawaqondi amazwi kaNkulunkulu. Lokhu kuyisu empini kaNkulunkulu noSathane. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bengalangazelela khona amazwi kaNkulunkulu baphinde bawanake ngisho sebedidekile. Kodwa bukhona futhi ubuhle obukhulu emazwini angazungeziwe yizimpawu zokucaphuna, ngakho abonakala kaludlana enze abantu bathande ngokwengeziwe amazwi kaNkulunkulu, kubenze ukuthi bezwe ubumnandi bamazwi Akhe ezinhliziyweni zabo. Njengoba amazwi kaNkulunkulu eza ngezimo ezinhlobonhlobo futhi enothile aphinde ehlukahlukane, bese, ngenxa yokuthi akukho kuphindaphindwa kwamabizo phakathi kwamazwi amaningi kaNkulunkulu, emqondweni wabo wesithathu, abantu bonke bakholwa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akaze angaba mdala. Isibonelo: “Angifuni ukwenza umuntu umthengi nje, kodwa ukumenza umkhiqizi okwaziyo ukwehlula uSathane.” Amagama “umthengi” no “Mkhiqizi” kulo musho anemiqondo efanayo neyamagama athile akhulunywe ezikhathini ezedlule, kodwa uNkulunkulu akalukhuni. Kodwa, wenza ukuthi umuntu azi ubusha bakhe, ngaleyo ndlela alwazise uthando lukaNkulunkulu. Amancoko enkulumeni kaNkulunkulu aqukethe ukwahlulela Kwakhe nezidingo zakhe kumuntu. Njengoba onke amazwi kaNkulunkulu enezinhloso, onke anemiqondo, ukuncokola kwakhe akuqondile kuphela ukwenza lula umoya noma ukwenza abantu bagegetheke behleka, noma ukuphumuza izinyama zabo. Kodwa, amancoko enzelwe ukukhulula umuntu ekuboshweni iminyaka eyizinkulungwane ezinhlanu nokuthi angaphindi aboshwe futhi, ukuze bakwazi ukuwemukela kangcono amazwi kaNkulunkulu. Indlela yokusebenza kaNkulunkulu “iwukhezo lukashukela olusiza umuthi wehle”; akaphoqi umuthi obabayo ukuthi wehle ngemiphimbo yabantu. Kukhona ukubaba phakathi kobumnandi, kanye nobumnandi phakathi kokubaba.
  “Uma ukulokoza kokukhanya okulufifi kuqala kuvela eMpumalanga, bonke abantu emhlabeni ngalokho bayaphenduka babheke isikhashana elangeni eMpumalanga. Bengasalele, abantu bayahamba bayobheka umthombo wokukhanya kwaseMpumalanga, kodwa ngenxa yomkhawulo wamandla omuntu, akekho okwazi ukubona ukuthi ukukhanya kusuka kuphi.” Yilokhu okwenzeka yonke indawo emhlabeni, hhayi kuphela emadodaneni nakubantu bakaNkulunkulu. Amaqembu enkolo nabangakholwa bonke kuyabavelela lokhu kuphenduka. Ngomzuzu okucisha ngawo ukukhanya kukaNkulunkulu, izinhliziyo zawo wonke umuntu ziya ngokuya ziguquka, bese beqala, ngokungaqondi, bethola ukuthi ukuphila akunamqondo, ukuthi impilo yomuntu ayinamsebenzi. Abantu abalandeli ikusasa, abacabangeli ingomuso, kodwa babambelela emqondweni wokuthi kufanele badle futhi baphuze kakhulu “besebasha,” bethi konke kuyobe kuyinto ebifanele lapho kufika usuku lokugcina. Umuntu akalangazeleli ukuqondisa umhlaba. Amandla othando lwesintu lomhlaba wonke antshotshawa “udeveli”, kodwa akekho owazi umsuka wakho, konke abangakwenza ukugijima baye emuva naphambili bexoxelana, ngoba usuku lukaNkulunkulu alukafiki. Ngelinye ilanga, wonke umuntu uyozibona izimpendulo zazo zonke izimfihlakalo ezingaqondakali. Lo ngumqondo wangempela wamazwi kaNkulunkulu athi “umuntu uyovuka ekulaleni nasephusheni, bese ebona lapho ukuthi usuku Lwami luyeza kancane kancane emhlabeni,” lapho leso sikhathi sifika, bonke abantu abangabakaNkulunkulu bayoba njengamahlamvu aluhlaza “elinde ukunikela ingxenye yawo Kimi ngesikhathi ngisesemhlabeni.” Abaningi kubantu bakaNkulunkulu eChina basabuye baphindele emuva emva kokukhipha kukaNkulunkulu izwi lakhe, ngakho uNkulunkulu uthi, “kodwa, bengenawo amandla okushintsha osekwenzekile, kumele nje balinde Mina ngimemezele isigwebo.” Basayoba khona phakathi kwabo abayokhishwa – akubona bonke abayosala bengaguquliwe, kodwa, abantu bangafika ezingeni kuphela emva kokuvivinywa, bese kanjalo benikezwa “izitifiketi zezinga”; ngaphandle kwalokho bayoba yizibi endundumeni kadoti. UNkulunkulu ulokhu ekhombisa isimo sangempela somuntu, ngakho umuntu uyaqhubeka ezwa ukufihlakala kukaNkulunkulu. “Uma ubengeyena uNkulunkulu, ubeyokwazi kanjani ukwazi isimo sethu sangempela kakhulu kangaka?” Kodwa ngenxa yobuthakathaka bomuntu, “Enhliziyweni yomuntu, angikho phezulu futhi angikho phansi. Ngokwabantu, akubalulekile ukuthi ngikhona noma angikho.” Ngabe lokhu akusona impela isimo sabo bonke abantu esifanelene nempilo yangempela? Ngokuya ngabantu, uNkulunkulu ukhona uma bemfuna futhi akekho uma bengamfuni. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu ukhona ezinhliziyweni zabantu uma bedinga usizo lwakhe, kodwa uma bengasamdingi akabe esabakhona. Empeleni, wonke umuntu emhlabeni ucabanga ngale ndlela, kanye nabo bonke abangakholwa, abanesithome sikaNkulunkulu naso esidungekile futhi esingathinteki.
 “Ngalokho, izintaba ziba yimingcele phakathi kwezizwe phezu komhlaba, izilwandle ziba yizithiyo zokuhlukanisa abantu phakathi kwezindawo, nomoya kuba yilowo oshaya usuke kumuntu uye komunye endaweni emhlabeni.” Lo ngumsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngenkathi edala umhlaba. Ukusho lokhu lapha kuyabaxaka abantu: kungenzeka ukuthi uNkulunkulu ufuna ukudala omunye umhlaba? Kulungile ukusho lokhu: njalo uma uNkulunkulu ekhuluma, amazwi Akhe aqukethe ukudala, ukuphatha nokubhubhisa umhlaba; ukuthi nje ngezinye izikhathi kusobala, ngezinye izikhathi kumbaxambili. Konke ukuphatha kukaNkulunkulu kutholakala emazwini Akhe; inkinga eyodwa nje ukuthi abantu abakwazi ukuwehlukanisa. Isibusiso sikaNkulunkulu kubantu senza ukukholwa kwabo kuphindaphindwe izikhathi eziyikhulu. Uma ubuka ungaphandle, kubonakala sengathi uNkulunkulu wenza isithembiso kubantu, kodwa empeleni kuyisilinganiso sezidingo zikaNkulunkulu kubantu bombuso Wakhe. Uyobagcina labo abalalelayo, labo abangalaleli bayogwinywa yinhlekelele eyehliswa isuka ezulwini. “Izulu lindindizela esibhakabhakeni lishaya umuntu limlahle phansi; izintaba ezinde njengoba zidilika, ziyamgqiba; izilwane zasendle ezilambile ziyamdephula; nezilwandle, zigubha amagagasi zimemboze ikhanda lakhe. Njengoba isintu siba nezimpi nabafowabo, bonke abantu bazofuna okuzobabhubhisa ezinhlekeleleni ezivuka phakathi kwabo.” Yilena “impatho ekhethekile” eyonikezwa labo abangahlangabezane nezindinganiso, abangeke basindiselwe embusweni kaNkulunkulu kamuva. Uma uNkulunkulu elokhu esho izinto ezinje, “Ngokuqinisekileyo, ngokuqondiswa ukukhanya Kwami, uzokhululeka ekuboshweni ngamandla obumnyama. Nakanjani, ngeke, phakathi kobumnyama ulahlekelwe ukukhanya okukuqondisayo,” kuyakhula kubantu ukwazi okwabo ukuhlonipheka, ngakho baba nokukholwa okwengeziwe ekufuneni impilo entsha. UNkulunkulu unikeza abantu njengokumcela kwabo. Uma uNkulunkulu ebaveza eqophelweni elithile, uguqula indlela yakhe yokukhuluma, asebenzise iphimbo lokubusisa ukuze athole imiphumela emihle kakhulu. Ukufuna izidingo kumuntu ngale ndlela kunikeza imiphumela esebenza kakhudlwana. Ngenxa yokuthi abantu bazimisele ukukhuluma ngomsebenzi nozakwabo—bonke bangompetha emsebenzini—lokhu yilokho uNkulunkulu aqonde kukho uma esho lokhu. Ngakho yini “iSinimi’’? Umqondo kaNkulunkulu lapha akuwona umbuso wasemhlabeni owoniwe nguSathane, kodwa empeleni ngumbuthano wazo zonke izingelosi ezaphuma kuNkulunkulu. Amagama athi “uzoqina ungantengantengi” aqonde ukuthi izingelosi ziyodabula kuwo yonke impi kaSathane ngakho iSinimi iyokwakheka kuwo wonke umhlaba. Ngakho-ke umqondo oyiwo weSinimi ngumbuthano wezingelosi emhlabeni; lapha kushiwo lezo ezisemhlabeni. Ngakho umbuso oyoba khona kamuva emhlabeni uyobizwa “ngeSinimi”, hhayi “umbuso.” Awukho umqondo wangempela “embusweni” wasemhlabeni, futhi empeleni uyiSinimi. Ngakho-ke kusekuwuxhumaniseni nomqondo weSinimi lapho umuntu engazi umqondo wangempela wamagama athi “ngokuqinisekile uyosabalalisa inkazimulo Yami kuwo wonke umhlaba.” Lokhu kukhombisa ukuhlelwa ngezigaba kwabo bonke abantu emhlabeni esikhathini esizayo. Abantu beseSinimi bonke bayoba ngamakhosi abusa bonke abantu emhlabeni emva kokwedlula ekusolweni. Yonke into emhlabeni iyosebenza ngokwejwayelekile ngenxa yokuphathwa kwabantu baseSinimi. Lokhu akuyilutho olunye ngaphandle komdwebo omahlikihlikana wesimo. Bonke abantu bayohlala ngaphakathi embusweni kaNkulunkulu, okusho ukuthi bayosala ngaphakathi eSinimi. Abantu emhlabeni bayokwazi ukukhuluma nezingelosi. Ngakho izulu nomhlaba kuyoxhumana, noma ngamanye amazwi, bonke abantu emhlabeni bayozinikela futhi bathande uNkulunkulu njengoba izingelosi ezulwini zenza. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu uyovela ngokusobala kubo bonke abantu emhlabeni abavumele ukuthi babone ubuso bakhe ngamehlo abo enyama, futhi uyoqhamuka kubantu noma nini.
 Ukufunda Okuhambelanayo: Unyazi LwaseMpumalanga

Awekho amazwana:

Thumela amazwana