5.2.18

Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele uNkulunkulu

"Kungani ukholwa kuNkulunkulu? Abantu abaningi bayabaxakwa yilo mbuzo. Banemibono emibili eyehlukene ngoNkulunkulu ongokoqobo kanye noNkulunkulu osezulwini, okukhombisa ukuthi bakholwa kuNkulunkulu bengaqonde kulalela, kodwa ukuthola izinzuzo ezithile, noma befuna ukubalekela ukwehlelwa yinhlekelele. Kungaleso sikhathi lapho bemlalela khona, kodwa ukumlalela kwabo kunemibandela, kungenxa yokuphumelelisa bona uqobo, futhi kuphoqiwe kubo. 

Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo

Abantu abaningi bakholwa kuNkulunkulu ngenxa yekusasa labo, noma ngenxa yenjabulo yesikhashana. Kulabo abangakaze babhekane nalutho, inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukungena ezulwini, ukuze bathole imiklomelo. Akukho mayelana nokuthi bapheleliswe, noma ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu.

4.2.18

Isahluko 19

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,iphimbo likaNkulunkulu,izwi likaNkulunkulu

Kubonakala sengathi emicabangweni yabantu, uNkulunkulu uphakeme kakhulu futhi akaqondakali. Kusengathi uNkulunkulu akahlali phakathi kwabantu, kusengathi ubabukela phansi abantu ngoba uphakeme kangaka. UNkulunkulu, nokho, uyayiphihliza imicabango yabantu ayiqede yonke, egqiba imicabango yabo “emathuneni” lapho iphenduka khona umlotha.

Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu



I
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu,
ngabe ngisaqhubeka nokukhukhuleka nale lizwe,
ngilwa kanzima nakabuhlungu esonweni;
usuku nosuku ngifiphazeke futhi ngingenathemba.
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu,
ngabe ngisanyathelwe ngaphansi kwezinyawo zikadeveli,
ngibanjwe esonweni nasezinjabulweni zaso,
nginganaki ukuthi ukuphila kwami kuyoba njani.

Isahluko 18

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,izwi likaNkulunkulu,iphimbo likaNkulunkulu

Onke amazwi kaNkulunkulu aphethe ingxenye yesimo sakhe; isimo Sakhe ngeke sichazwe ngokugcwele ngamazwi, ngakho lokhu kukhombisa izinga lokunotha okukuye. Lokho abantu abangakubona futhi bakuthinte, vele, akungakanani, njengoba kunjalo nasemandleni abantu. Noma amazwi kaNkulunkulu ecacile, abantu abakwazi ukuqonda ngokugcwele. Njengala mazwi: “Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, nabantu baphinde babuyelwa yisimo sobungcwele abake baba naso.

3.2.18

Sithandwa Sami, Ngicela Ungilinde

uthando kuNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 
 1
Ngaphezu kwezihlahla, kweqe inyanga enokuthula.
Njengesithandwa sami, esilungile nesihle.
O sithandwa sami, uKuphi?
Manje ngiyakhala.
Uyakuzwa ukukhala kwami?
Nguwe onginika uthando.
Uwena ongikhathalelayo.
Uwena ohlale ucabanga ngami njalo.

Umsebenzi Nokungena (2)

intando kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Umsebenzi kanye nokungena kwakho akukuhle neze; umuntu akagxili kakhulu emsebenzini futhi akukunaki nakakhulu ukungena. Umuntu akakubheki lokhu njengezifundo okufanele angene kuzo; ngakho-ke, kokungokomoya okwenzekayo, cishe konke umuntu akubonayo yizifiso ezingeke ziphatheke.