4.2.18

Isahluko 18

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,izwi likaNkulunkulu,iphimbo likaNkulunkulu

Onke amazwi kaNkulunkulu aphethe ingxenye yesimo sakhe; isimo Sakhe ngeke sichazwe ngokugcwele ngamazwi, ngakho lokhu kukhombisa izinga lokunotha okukuye. Lokho abantu abangakubona futhi bakuthinte, vele, akungakanani, njengoba kunjalo nasemandleni abantu. Noma amazwi kaNkulunkulu ecacile, abantu abakwazi ukuqonda ngokugcwele. Njengala mazwi: “Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, nabantu baphinde babuyelwa yisimo sobungcwele abake baba naso. O, ngokuthi umhlaba wakudala ogcwele inkohlakalo usuwele emanzini angcolile wazika wangena ngaphansi ekujuleni, wancibilika odakeni!” Onke amazwi kaNkulunkulu aqukethe ubuYena, futhi noma bonke abantu bewazi la mazwi, abakaze bawazi umqondo wawo. Emehlweni kaNkulunkulu, bonke labo abamphikayo bayizitha zakhe, okungukuthi, labo abangabemimoya emibi bayizilwane. Kulokhu siyabonakala isimo sangempela sebandla. Ngaphandle kokwedlula ekuyalweni nokulungiswa ngabantu, ngaphandle kokuxoshwa ngqo ngabantu noma engxenyeni yezindlela zesintu noma ukukhonjwa ngabantu, bonke abantu bayazihlola ngaphansi kokukhanya kwamazwi kaNkulunkulu, bese bebona ngokucacayo ngaphansi “kwesibona-khulu” ukuthi kungakanani ukugula okungaphakathi kwabo. Emazwini kaNkulunkulu, zonke izinhlobo zemimoya ziyehlukaniswa kuphinde kwembulwe isimo sokuqala salowo nalowo moya. Imimoya yezingelosi iya ngokuya ikhanyiswa futhi ikhanyiselwa, ngale ndlela lokho okwashiwo nguNkulunkulu, ukuthi “babuyela esimweni sobungcwele abake baba naso,” kubekwe esisekelweni semiphumela yokugcina etholwe nguNkulunkulu. Ngokusobala okwamanje akukwazi ukufezeka ngokuphelele—lokhu kungukunambitha nje okuzayo. Intando kaNkulunkulu ibonakala kulokhu futhi kukhombisa ukuthi baningi kakhulu abantu abayokuwa emazwini kaNkulunkulu futhi bayonqotshwa endleleni yabo bonke abantu yokuya ngokuya beba ngcwele. “Ukuncibilika odakeni!” okukhulunywe ngakho lapha akuphikisani noNkulunkulu ebhubhisa umhlaba ngomlilo, “nombani” uqondise olakeni lukaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ekhipha ulaka lwakhe olukhulu, umhlaba wonke uyokwehlelwa yizo zonke izinhlobo zezinhlekele njengomphumela walo, njengokuqhuma kwentaba-mlilo. Uma umi ngaphezu kwesibhakabhaka kuyabonakala ukuthi emhlabeni zonke izinhlobo zezinhlekelele ziyasondela kuso sonke isintu, usuku ngosuku. Uma ubuka phansi uphezulu, umhlaba ufana nezinhlobonhlobo zezimo ngaphambi kwentaba-mlilo. Amanzi awumlilo ayagobhoza yonke indawo, udaka lwentaba-mlilo lugeleza yonke indawo. Izintaba ziyagudluka, nokukhanya okungashisi kuyacwebezela yonke indawo. Umhlaba wonke sewuzike emlilweni. Lesi yisigcawu sikaNkulunkulu ekhipha ulaka Lwakhe, futhi yisikhathi sokwahlulela kwakhe. Bonke labo abasenyameni ngeke basinde. Kanjalo izimpi phakathi kwamazwe nezingxabano phakathi kwabantu ngeke zidingeke ukuthi zibulale wonke umhlaba, kodwa “uyothokozela ngokusobala” isandla sokusola kukaNkulunkulu. Akekho oyophunyuka kukho futhi bayodlula kukho ngamunye ngamunye. Emva kwalokho wonke umhlaba uyophinde futhi ukhazimule ngokukhanya okungcwele nesintu sonke siyobuye siqale impilo entsha. Futhi uNkulunkulu uyobe ephumule phezu komhlaba ebusisa sonke isintu nsuku zonke. Izulu ngeke libe yihlane elingabekezeleki, kodwa liyobuyelwa impilo ebese lingenayo kulokhu kwadalwa umhlaba, “nosuku lwesithupha” luyoba mhla uNkulunkulu eqala impilo entsha. UNkulunkulu nomuntu bonke bayongena ekuphumuleni nomhlaba ngeke usadungeka noma ungcole, kodwa uyothola ukuba musha. Kungakho uNkulunkulu athi: “Umhlaba awusamile uthule du, izulu alisalahliwe futhi alisadabukisi.” Embusweni wezulu akukaze kube khona ukungalungi noma imizwa yabantu, noma yiziphi izimo zabantu zokonakala ngoba ukuphazamisa kukaSathane akukho. Bonke abantu bayakwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu, nempilo ezulwini iyimpilo egcwele injabulo. Bonke labo abasezulwini banokuhlakanipha nesithunzi sikaNkulunkulu. Ngenxa yomehluko phakathi kwezulu nomhlaba, abahlali basezulwini ababizwa ngokuthi “abantu,” kodwa babizwa ngokuthi “imimoya” nguNkulunkulu. Lama gama amabili anomehluko obalulekile, futhi laba asebebizwa ngokuthi “abantu” seboniwe nguSathane bonke, kanti “imimoya” ayinjalo. Ekugcineni, uNkulunkulu uyoguqula bonke abantu emhlabeni ukuze babe nezici zemimoya yasezulwini futhi ngeke baphinde bedlule ekuphazanyisweni nguSathane. Lokhu kungumqondo wangempela wamazwi athi “Ubungcwele Bami sebuhambe emhlabeni wonke.” “Umhlaba ngokwesimo sendabuko yawo ungowasezulwini, futhi izulu lihlangene nomhlaba. Umuntu uyintambo ehlanganisa izulu nomhlaba, futhi ngenxa yokungcweliswa kwakhe, nangenxa yokwenziwa kabusha kwakhe, izulu alisacashile emhlabeni, nomhlaba awusathule ngezulu.” Lokhu kushiwo kubhekiswe kubantu abanomoya wezingelosi, futhi kulelo qophelo izingelosi ziyophinda futhi zikwazi ukuphila ngokuthula zibuyelwe yisimo sazo sasekuqaleni, zingabe zisahlukaniseka ngezindawo ezimbili zasezulwini nasemhlabeni ngenxa yenyama. Izingelosi ezisemhlabeni ziyokwazi ukuxoxa nezingelosi ezisezulwini, abantu abasemhlabeni bayozazi izimfihlakalo zezulu, nezingelosi ezulwini ziyozazi izimfihlo zomhlaba wabantu. Izulu nomhlaba kuyohlangana kungabikhona ibanga phakathi kwakho. Yilobu ubuhle bokufezeka kombuso. Yilokhu uNkulunkulu afuna ukukuphelelisa, futhi kuyinto bonke abantu nemimoya ekulangazelelayo. Kodwa abasemhlabeni wenkolo abazi lutho ngalokhu. Balindele nje uJesu uMsindisi ephezu kwefu ukuba athathe imiphefumulo yabo, ashiye “udoti” yonke indawo emhlabeni (udoti uqondise ezidunjini). Ingabe lo akuwona umcabango wabo bonke abantu? Kungakho uNkulunkulu athi: “umhlaba wenkolo—kungani ungebhujiswe yigunya lami emhlabeni?” ngenxa yokupheleliswa kwabantu bakaNkulunkulu emhlabeni inkolo iyoketulwa. Lo ngumqondo wangempela “wegunya” uNkulunkulu akhuluma ngalo. UNkulunkulu wathi: “Ngabe bakhona, ezinsukwini zami, abahlaza igama aami? Bonke abantu babhekise amehlo abo anenhlonipho ngakimi, futhi ezinhliziyweni zabo bakhala ngokuyimfihlo kimi” Yilokhu akusho ngomphumela wokubhidlizwa kwenkolo, oyozinikela wonke phambi kwesihlalo sobukhosi ngenxa yamazwi akhe futhi ngeke usalindela ifu elimhlophe ukuthi lehle noma ugqolozele isibhakabhaka, kodwa uyonqotshwa phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu sobukhosi. Kanjalo, “ezinhliziyweni zabo bakhala ngokuyimfihlo Kimi” —lokhu kungumphumela wenkolo, yonke eyonqotshwa nguNkulunkulu, futhi yilokhu kuphela okubizwa ngokuba namandla onke kukaNkulunkulu—okuwisa abantu abakholwayo, abangabavukeli abakhulu kunabo bonke esintwini, ukuze bangaphindi futhi babambelele emicabangweni yabo, kodwa bayokwazi uNkulunkulu.

  Noma amazwi kaNkulunkulu esebikezele kaningi ngobuhle bombuso, esekhulume ngezingxenye zawo ezehlukene aze awuchaza ewuvelela ezinhlangothini ezehlukene, awakakwazi ukuveza ngokugcwele zonke izimo zeNkathi Yombuso ngoba amandla abantu okukwamukela mancane kakhulu. Onke amagama amazwi Akhe asekhulunyiwe, kodwa abantu abakawabuki ngesibuko la mazwi, osekuholele abantu ekuthini baqhubeke nokungacacelwa nokungaqondi, baze badideke baxakeke. Ubuthakathaka obukhulu lobu benyama. Noma ezinhliziyweni zabo, abantu befuna ukuthanda uNkulunkulu, basamphikisa ngenxa yokuphazamisa kukaSathane, ngakho uNkulunkulu usezithinte izikhathi ziningi izinhliziyo zabo ezindikindiki ezinobuwula ukuze abaningi basinde. Konke okuvezwa nguNkulunkulu ububi bukaSathane, ngakho-ke ukuba nolaka kwamazwi Akhe kuletha amahloni engeziwe kuSathane, futhi ukukhululeka ekuboshweni kwezinhliziyo zabantu kuluvusa ngokwengeziwe uthando kubantu. Yilena indlela uNkulunkulu usebenza ngayo. Ngenxa yokuthi uSathane usebekwe obala, okunguthi usebonakele, akasalingi ahlale ezinhliziyweni zabantu, kanjalo nezingelosi azisaphazamiseki. Kungale ndlela lapho sebethanda uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo nomqondo wabo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho bekhombisa ukuthi ubunjalo babo ngukuba abakaNkulunkulu nokuthanda uNkulunkulu. Kungale ndlela lapho bengathola khona intando kaNkulunkulu. “Phakathi ezinhliziyweni zabo sekwenziwe indawo Yami. Ngeke ngisahlangana nenzondo noma ukungafunwa phakathi kwabantu, ngoba umsebenzi wami omkhulu usufeziwe, futhi awusaphazamiseki.” Lokhu kungumqondo ocashile wokuchazwe ngenhla. Ngenxa yokuphazamisa kukaSathane, abantu abakwazi ukuthola isikhathi sokuthanda uNkulunkulu, bahlale bexakwe yizinto zomhlaba, futhi bakhohliswa nguSathane ukuze benze izinto ngokudideka. Kungakho uNkulunkulu ethe isintu “sesedlule ebunzimeni obuningi empilweni, ukungabibikho kobulungiswa emhlabeni, ukuya phansi naphezulu okusemhlabeni, kodwa manje sebehlala ekukhanyeni Kwami. Ubani ongakhali ngenxa yokungabibikho kobulungiswa emhlabeni esikhathini esedlule?” emva kokuba abantu sebezwe la mazwi bezwa sengathi uNkulunkulu ungumlingani wabo osizini, uyabakhalisa, nokuthi ngaleso sikhathi ukhiphela izinkinga zakhe kumuntu. Ngokuphazima kweso bezwa ubuhlungu bomhlaba wabantu bese becabanga: ngabe akulona iqiniso nje lokho—angikaze ngithokozele lutho emhlabeni. Selokhu ngaphuma esizalweni sikamama kuze kube manje sengizwe impilo yomuntu futhi angikaze ngizuze lutho, kodwa sengihlupheke kakhulu. Ayinalutho ngempela! Futhi manje sengoniwe nguSathane! O! Ukube akungenxa yokusindisa kukaNkulunkulu, uma kufika isikhathi sokufa kwami bengingeke ngiphile yonke impilo yami ezeni? Ingabe ukhona umqondo empilweni yomuntu? Akumangalisi ukuthi uNkulunkulu wathi yonke into engaphansi kwelanga ayinalutho. Uma uNkulunkulu ubengangikhanyiselanga namuhla bengiyolokhu ngesebumnyameni. Kuyadabukisa! Uma ecabanga ngalokhu kuba khona umcabango enhliziyweni yakhe othi: “Uma ngingeke ngizuze isethembiso sikaNkulunkulu ngingaqhubeka kanjani nokuzwa impilo?” Wonke umuntu ofunda la mazwi uyokhala kakhulu emthandazweni. Lokhu kungukusebenza komqondo womuntu. Uma uthi umuntu angafunda lokhu kodwa angathinteki, yinto engeke neze yenzeke ngaphandle kokuthi enesifo sengqondo. UNkulunkulu uveza izimo zazo zonke izinhlobo zabantu nsuku zonke. Kwesinye isikhathi ukhipha izikhalo egameni labo. Kwezinye izikhathi welekelela abantu ukuthi banqobe futhi bedlule esimweni esithile. Kwezinye izikhathi ukhombisa abantu izinguquko zabo. Ngaphandle kwalokho, abantu ngeke bazi ukuthi zinkulu kangakanani izimpilo zabo. Kwezinye izikhathi uNkulunkulu ukhomba izigameko zabantu empilweni yangempela, futhi kwezinye izikhathi ukhomba ukwehluleka namaphutha abo. Kwezinye izikhathi ubabekela izimfuneko zakhe ezintsha, futhi kwezinye izikhathi ukhomba izinga laba lokumazi. Kodwa, uNkulunkulu uphinde wathi: “Ngiwezwile amazwi akhulunywa esuka ezinhliziyweni ngabantu abaningi, izindaba ezishiwo abantu abaningi mayelana nezinto ezibuhlungu abedlule kuzo phakathi kwezinhlupheko; ngibone abaningi, ezimweni ezilukhuni, ngokungehluleki bethula ukwethembeka Kimi, ngabuka abaningi, behamba ezindleleni ezinamatshe, beshikashikekela ukuthola indlela ephumayo.” Le yincazelo yabalingiswa abahle. Kuleso naleso siqephu salo “mdlalo womlando” bekukhona abalingiswa abahle nababi, ngakho emva kwalokhu, uNkulunkulu usembule ububi babalingiswa ababi. Ngale ndlela, kusekuqhathanisweni “kwamambuka” kuphela lapho kwembulwa khona isibindi esingenalo uvalo “sabantu abaqotho.” Ezimpilweni zabo bonke abantu kukhona izici ezimbi, kuphinde, ngokungaguquki kube khona izici ezinhle. UNkulunkulu wembula iqiniso ngabo bonke abantu abavela kulezi zingxenye ukuze amambuka agebise amakhanda avume izono zawo, ukuze abantu abaqotho baqhubeke nokwethembeka ngaphansi kokukhuthazwa. Umqondo ocashile wamazwi kaNkulunkulu ujule kakhulu. Ngezinye izikhathi, abantu bahleka baze bagobe emva kokuwafunda kuthi kwezinye izikhathi, bagebise amakhanda bathule. Kwezinye izikhathi bayakhumbula, kwezinye izikhathi bakhale kabuhlungu bavume izono zabo, kwezinye izikhathi bayaphuthaza, kwezinye izikhathi bayathungatha. Kukho konke, kukhona izinguquko ekunyakazeni kwabo ngenxa yokwehlukana kwezimo-mlando zamazwi kaNkulunkulu. Uma umuntu efunda amazwi kaNkulunkulu, kwezinye izikhathi izibukeli zike zikholwe ngokuyiphutha ukuthi lowo muntu uyisiguli sesifo sengqondo. Ningabuka lokhu: “Ngalokho-ke, izingxabano zezimpikiswano azisekho, futhi, ukulandela amazwi akhulunywa Yimi, izinhlobonhlobo ‘zezikhali’ zesimanje nazo zihoxisiwe.” Igama “izikhali” liyihlaya elenele lakho losuku lonke, futhi ngokungaboni, lapho abantu becabanga “ngezikhali” bayohleka ngasese. Kunjalo? Kungenzeke ukuthi ngeke nihleke ngenxa yalokhu?
  Lapho uhleka, ungakhohlwa ukuqonda izimfuneko zikaNkulunkulu kubantu, futhi ungakhohlwa ukubona izimo zangempela zebandla: “Sonke isintu sesibuyele esimweni esijwayelekile saqala impilo entsha. Ekuphileni endaweni entsha, abantu abaningi babuka okubazungezile, bezwa sengathi bangene emhlabeni omusha sha, futhi ngenxa yalokhu abakwazi ukujwayela endaweni yabo yamanje ngokushesha noma bangene endleleni eqondile ngokushesha.” Lezi yizimo zangempela zamanje ebandleni. Ningakhathazeki ngokufuna ukuthi bonke abantu bangene ngokushesha emzileni ofanele. Uma nje umsebenzi kaMoya oNgcwele usuqhubekele eqophelweni elithile, abantu bayongena kuwo ngaphandle kokwazi. Uma niqonda ingqikithi yamazwi kaNkulunkulu niyokwazi ukuthi uMoya Wakhe ususebenze waze wafinyelela kuliphi iqophelo. Intando kaNkulunkulu ithi: “nginikeza kuphela, ngokwezenzo zakhe ezingalungile, ibinza elifanele “lokufundisa”, okulungile ukwenza bonke abantu bangene endleleni eqondile. Lena yindlela kaNkulunkulu yokukhuluma nokwenza, futhi yindlela eyiyo yokuphila kwesintu. Emva kwalokhu, wakhombisa abantu ezinye izimo sesintu: “Uma abantu bengafuni ukuthokozela ukuthula okukimi, konke engingakwenza ukuhambisana nezifiso zabo ngibathumele emgodini ongenamkhawulo.” UNkulunkulu wakhuluma kabanzi washiya abantu bengenalo nelincane ithuba lokukhononda. Yilokhu kanye okungumehluko phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. UNkulunkulu uhlala ekhuluma nomuntu ngokuvulelekile nangokukhululeka. Ubuqotho Bakhe bubonakala kuwo onke amazwi akhe, enza abantu ukuba bazifake ezicathulweni zakhe futhi enza ukuba bakwazi “ukuphumela eshashalazini” ukuze uNkulunkulu abone ukuthi inamuphi umbala wothingo lwenkosazana. UNkulunkulu akaze ancome ukholo noma uthando lomuntu, kodwa ubehlale efuna izidingo zakhe kumuntu futhi aveze ububi bakhe. Lokhu kukhombisa ukuthi sincane kangakanani “isiqu esingokomoya” sabantu nokuthi “isakhiwo” sabo sinjani. Badinga ukuthola “ukuziqinisa” okuthe xaxa ukuze balungise lokho, okungakho uNkulunkulu elokhu ethukuthelela abantu. Ngelinye ilanga lapho uNkulunkulu eselembule lonke iqiniso ngesintu, abantu bayophelela, uNkulunkulu uyokhululeka. Abantu ngeke baphinde bamkhohlise uNkulunkulu futhi Naye ngeke “esabafundisa.” Ukusuka lapho kuya phambili abantu bayokwazi “ukuziphilela,” kodwa lokhu akulona iqiniso. Kusekuningi “okuwukukhwatshaniswa” kubantu ngakho badinga izikhawu eziningi zokuhlolwa futhi kufanele kubekwe “amasango okuhlola” amaningi ukuze kukhokhwe “intela” yesintu kulelo nalelo sango lokuhlola. Uma kusekhona izimpahla mbumbulu, ziyobanjwa kodwa azinakudayiswa, bese kuthi leyo ngqumbi yezimpahla ezishushumbisiwe ishiswe. Akuyona into enhle leyo?

Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
 Ukufunda Okuhambelanayo: Unyazi LwaseMpumalanga

Awekho amazwana:

Thumela amazwana