15.6.19

South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"


South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"


I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.
Ngisho noma ngabe akukho muntu emhlabeni omukela amazwi Akhe,
ukubaluleka kwawo nosizo lwawo kumuntu akulinganiseki.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.

11.6.19

South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” (Lyrics Video)


 South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” (Lyrics Video)

I
Kusuka ekuqaleni kuze kube namuhla,
yisintu kuphela esibe nendlela
yokukhuluma noNkulunkulu, sixoxe noNkulunkulu.
Phakathi kwazo zonke izidalwa, zonke izinto eziphilayo,
yisintu kuphela esimazwi aso angaletha
futhi akhulume noNkulunkulu, axoxe noNkulunkulu.
Kusukela kwaqala ukuphatha Kwakhe,
uNkulunkulu ubelokhu elinde umnikelo owodwa kuphela—
inhliziyo yomuntu, ukuze ayihlanze futhi ayihlomise,
futhi enze umuntu enelise futhi athandwe nguNkulunkulu,
umuntu enelise futhi athandwe nguNkulunkulu.

7.6.19

2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

 

2019 Zulu Gospel  Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

Njengoba sifuna izinyathelo zikaNkulunkulu,
kumele sifune intando Yakhe,
sifune amazwi nokukhuluma Kwakhe.
Ngokuba lapho kunamazwi amasha Akhe,
kunephimbo Lakhe;
lapho kunezinyathelo Zakhe,
kunemisebenzi Yakhe.
Lapho kunokuzwakalisa Kwakhe,
kunokuvela Kwakhe,
futhi lapho kunokuvela Kwakhe,
kuneqiniso, nendlela, nokuphila.

4.6.19

South African Zulu Gospel Song | “Qaphelani isiphetho sesintu” (Lyrics Video)


South African Gospel Song | "Qaphelani isiphetho sesintu" | God Is Mankind's Only Salvation (Lyrics Video)

UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni

1.6.19

1. Kungani uhulumeni Wobukhomanisi WaseShayina eshushisa ngamandla, ecindezela futhi elandela ngesihluku uNkulunkulu Somandla kanye neBandla LikaNkulunkulu USomandla?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umsebenzi kaNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Lesi yisizukulwane esibi” (Luka 11:29).

umhlaba wonke usebubini” (1 Johane 5:19).

Yeka ukuwa kwakho ezulwini, O Lusifa, ndodana yokusa! Nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owathobisa izizwe! Ngoba uthe enhliziyweni yakho, ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiyophakamisa isihlalo sami sobukhosi ngaphezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu: Ngiyohlala futhi entabeni yomhlangano, ngasekugcineni kwenyakatho: Ngiyakukhuphuka ngaphezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu; ngizenze ngibe njengoPhezukonke” (UIsaya 14:12-14).

30.5.19

3. Yini ngempela intando yomuntu olandela uNkulunkulu? Futhi yini ubufakazi beqiniso ngokukholwa kuNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukulalela uNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka, Waye sethi, Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze: iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI” (UJobe 1:20-21).

28.5.19

2. Ingabe ubufakazi beqiniso benkolo kuNkulunkulu uma umuntu ethokozela kuphela umusa kaNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,funa uNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi inkolo yakho kuNkulunkulu ifadabele. UNkulunkulu usevele uwenzile umsebenzi wesiqephu esisodwa womusa enyameni, futhi usevele wathululela izibusiso zezinto eziphathekayo phezu komuntu—kodwa umuntu akakwazi ukupheleliswa ngomusa, uthando, nesihawu kuphela.