Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amaculo obuKristu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amaculo obuKristu. Bonisa konke okuthunyelwe

11.6.19

South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” (Lyrics Video)


 South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” (Lyrics Video)

I
Kusuka ekuqaleni kuze kube namuhla,
yisintu kuphela esibe nendlela
yokukhuluma noNkulunkulu, sixoxe noNkulunkulu.
Phakathi kwazo zonke izidalwa, zonke izinto eziphilayo,
yisintu kuphela esimazwi aso angaletha
futhi akhulume noNkulunkulu, axoxe noNkulunkulu.
Kusukela kwaqala ukuphatha Kwakhe,
uNkulunkulu ubelokhu elinde umnikelo owodwa kuphela—
inhliziyo yomuntu, ukuze ayihlanze futhi ayihlomise,
futhi enze umuntu enelise futhi athandwe nguNkulunkulu,
umuntu enelise futhi athandwe nguNkulunkulu.

7.6.19

2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

 

2019 Zulu Gospel  Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

Njengoba sifuna izinyathelo zikaNkulunkulu,
kumele sifune intando Yakhe,
sifune amazwi nokukhuluma Kwakhe.
Ngokuba lapho kunamazwi amasha Akhe,
kunephimbo Lakhe;
lapho kunezinyathelo Zakhe,
kunemisebenzi Yakhe.
Lapho kunokuzwakalisa Kwakhe,
kunokuvela Kwakhe,
futhi lapho kunokuvela Kwakhe,
kuneqiniso, nendlela, nokuphila.

4.6.19

South African Zulu Gospel Song | “Qaphelani isiphetho sesintu” (Lyrics Video)


South African Gospel Song | "Qaphelani isiphetho sesintu" | God Is Mankind's Only Salvation (Lyrics Video)

UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni