Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Zulu Gospel Song. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Zulu Gospel Song. Bonisa konke okuthunyelwe

7.6.19

2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

 

2019 Zulu Gospel  Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

Njengoba sifuna izinyathelo zikaNkulunkulu,
kumele sifune intando Yakhe,
sifune amazwi nokukhuluma Kwakhe.
Ngokuba lapho kunamazwi amasha Akhe,
kunephimbo Lakhe;
lapho kunezinyathelo Zakhe,
kunemisebenzi Yakhe.
Lapho kunokuzwakalisa Kwakhe,
kunokuvela Kwakhe,
futhi lapho kunokuvela Kwakhe,
kuneqiniso, nendlela, nokuphila.

26.12.18

Zulu Gospel Song | “UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena”


Zulu Gospel Song | “UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena”

I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.

22.12.18

Zulu Gospel Music "Babusisiwe Labo Abemukela Umsebenzi KaNkulunkulu Omusha"


Zulu Gospel Song "Babusisiwe Labo Abemukela Umsebenzi KaNkulunkulu Omusha" Ihubo

I Babusisiwe bonke labo abakwazi ukulalela amazwi amanje kaMoya oNgcwele. Kungakhathaleki ukuthi babenjani, noma ukuthi iMoya oNgcwele wayesebenza kanjani phakathi kwabo, labo abazuze umsebenzi wakamuva ngababusiswe kakhulu. Namuhla, labo abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva bayosuswa.

10.12.18

Zulu Gospel Song “Uphawu Lwesimo SikaNkulunkulu” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu


Zulu Gospel Song “Uphawu Lwesimo SikaNkulunkulu” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Isimo sikaNkulunkulu sihlanganisa uthando Lwakhe nokududuza Kwakhe isintu,
sihlanganisa ukuzonda Kwakhe nokuqonda Kwakhe ngokugcwele isintu.
Isimo sikaNkulunkulu,
isimo sikaNkulunkulu siyinto uMbusi wazo zonke izinto eziphilayo
noma iNkosi yayo yonke indalo enayo.

25.11.18

Zulu Gospel Song “UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi”


Zulu Gospel Song  | “UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi” |  Amahubo Amazwi KaNkulunkulu

I
UNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina
uphetha iNkathi Yomusa futhi ukhuluma amazwi aphelelisa nakhanyisayo,
amazwi asusa imiqondo engacacile ngoNkulunkulu enhliziyweni yomuntu.
UJesu wenza umsebenzi owawehlukile.

8.11.18

Zulu Gospel Song “Umsebenzi KaNkulunkulu Uqhubekela Phambili”


Zulu Gospel Song “Umsebenzi KaNkulunkulu Uqhubekela Phambili” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela phambili;
Nakuba inhloso isele ingaguqukile,
indlela yomsebenzi Wakhe ilokhu iguquka,
futhi kuba njalo nakulabo abamlandelayo.