23.2.19
Ubunjalo Bomuntu Bemvelo Nokufaneleka Kwakhe: Kuyini?
Nahlukaniswa nodaka futhi nakunoma yisiphi isilinganiso, nakhethwa enhleseni, ningcolile futhi nizondwa uNkulunkulu. Nina beningabakaSathane futhi naninyatheliwe ningcoliswe yikho. Ingakho kuthiwa nahlukaniswa nodaka, futhi aningcwele, kodwa kunalokho niyizinto ezingebona abantu lokho okwadala ukuba uSathane anenze iziwula. Lena iyona ncazelo efaneleke kakhulu kinina.
21.2.19
Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I
Namuhla sidlulisa isihloko esibalulekile. Lesi sihloko bekulokhu kukhulunywa ngawo kusukela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu kuze kube manje, futhi sibaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu. Ngamanye amazwi, lena indaba wonke umuntu ayohlangana nayo kuso sonke isigaba sokukhonza kwakhe uNkulunkulu futhi indaba okumele kukhulunywe ngayo. Indaba ebucayi, futhi isintu esingeke sikwazi ukuyigwema.
19.2.19
Ukudingida Impilo Yasebandleni Nempilo Yangokoqobo
Abantu bacabanga ukuthi bakwazi kuphela ukushintsha uma bengaphakathi ebandleni labo, nokuthi uma bengaphili besebandleni, ukuguquka akwenzeki, bathi abakwazi ukufeza inguquko yeqiniso empilweni yabo abayiphilayo. Niyazi ukuthi yini ngempela inkinga kulokhu? Ngike ngakhuluma ngokuletha uNkulunkulu empilweni yomuntu yeqiniso, futhi le yindlela yalabo abakholelwa kuNkulunkulu ukuba bazi ngokweqiniso amazwi kaNKulunkulu. Empeleni, impilo yebandla yindlela nje ekhawulekile yokuba abantu babe ngabamsulwa nabangenasihla. Indawo eyisisekelo yokuba ngabantu abamsulwa nabaphelele kuseyiyo impilo uqobo lwayo.
17.2.19
Lapho kuya kuNkulunkulu, kuthini ukuqonda kwakho?
Abantu sebekholwe kuNkulunkulu isikhathi eside, nokho abaningi kubo abaliqondi igama elithi “Nkulunkulu.” Bayalandela nje ngokudideka. Abaqondi ukuthi kungani umuntu kumele akholwe kuNkulunkulu noma ukuthi ngempela uyini uNkulunkulu. Uma abantu bazi ukukholwa nokulandela uNkulunkulu kuphela, kodwa bengazi ukuthi uyini uNkulunkulu, futhi bengamqondi uNkulunkulu, ngabe lokhu akusilo yini ihlaya elikhulu emhlabeni? Nakuba abantu manje sebebone izimfihlakalo eziningi zasezulwini futhi sebezwile ngolwazi olujulile umuntu abengakaze abe nalo ngaphambili, basebumnyameni ngamaqiniso amaningi alula, futhi angakacatshangwa okwamanje.
15.2.19
2. Yini umehluko phakathi komsebenzi walabo abasetshenziswa nguNkulunkulu kanye nomsebenzi wabaholi benkolo?
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Futhi wathi, Yizwani manje amazwi ami: … Inceku yami uMose akanjalo, othembekile endlini yami yonke” (UNumeri 12:6-7).
“Maye kubelusi bakwa-Israyeli abazondla bona! abelusi akufanele bondle izimvu na? Nidla amanoni, futhi nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo: kodwa anizondli izimvu.
13.2.19
1. Yini ngempela ukwazi uNkulunkulu? Ingabe ukuqonda ulwazi lweBhayibheli nesayensi yezindaba zenkolo kungathathwa njengokwazi uNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ulwazi ngoNkulunkulu wokoqobo lubandakanya ukwazi kanye nokuzwa amazwi Akhe, nokubamba imigomo kanye nezimiso zomsebenzi kaMoya ONgcwele, nokuthi usebenza kanjani uMoya kaNkulunkulu enyameni. Ngakho, futhi, kubandakanya nokwazi ukuthi konke ukwenza kukaNkulunkulu enyameni kubuswa nguMoya, kanye nokuthi amazwi awakhulumayo angukukhuluma ngqo kukaMoya.
11.2.19
3. Yini imvelo yenkinga yokuba umuntu angalazisi iqiniso elichazwe nguKristu? Yini umphumela wokuba umuntu engathathi uKristu njengoNkulunkulu?
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Wonke umoya ovumayo ukuthi uJesu Kristu uze ngenyama ungokaNkulunkulu: Kanti wonke umoya ongavumi ukuthi uJesu Kristu uze ngenyama awuwona okaNkulunkulu: kanti lowo moya owomphikukristu” (1 Johane 4:2-3).
“Ngoba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza ngenyama. Lo ngumkhohlisi nomphikikristu” (2 Johane 1:7).
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)