Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula iBhayibheli. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula iBhayibheli. Bonisa konke okuthunyelwe

19.12.19

Mayelana NeBhayibheli (1)

iBhayibheli

Kufanele silithathe kanjani iBhayibheli ekukholweni kuNkulunkulu? Lo umbuzo omayelana nomyalo. Kungani sixoxisana ngalo mbuzo? Yingoba esikhathini esizayo uyosabalalisa ivangeli futhi wandise umsebenzi weNkathi Yombuso, futhi akwanele ukumane wazi ukukhuluma ngomsebenzi kaNkulunkulu namhlanje. Ukuze wandise umsebenzi Wakhe, kubaluleke kakhulu ukuthi ukwazi ukuxazulula imibono yabantu emidala ngokholo kanye nezindlela ezindala zokholo, futhi ubashiye bekholiseke ngokuphelele—ukufika kuleso sigaba kudinga iBhayibheli.

19.3.19

6. Empeleni kufanele umuntu alibuke futhi alisebenzise kanjani iBhayibheli ngendlela ehambisana nentando kaNkulunkulu? Yini ukubaluleka kokuqala kweBhayibheli?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Namhlanje, ngihlaziya iBhayibheli ngale ndlela futhi akusho ukuthi ngiyalizonda, noma ngiyaphika ukubaluleka kwalo lapho ufuna ukubuyekeza. Ngichaza ukubaluleka kwalo kwemvelo kanye nemvelaphi yeBhayibheli kuwena ukukuvimba ukuthi uhlale emnyameni ungazi. Ngoba abantu banemibono eminingi ngeBhayibheli, futhi eminingi yayo iyiphutha; ukufunda iBhayibheli ngale ndlela akubavimbi nje kuphela ekuzuzeni okufanele bakuthole, kodwa, okubaluleke kakhulu, kuthikazisa umsebenzi Mina engihlose ukuwenza.

17.3.19

15.3.19

2. Umhlaba okholwayo ukholwa ukuthi yonke imibhalo inikezwe ngokufunzelelwa nguNkulunkulu nokuthi konke kungamazwi kaNkulunkulu; ingabe umuntu kufanele ahlaluke kanjani lesi sitatimende?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Akuyona yonke into eseBhayibhelini engumbhalo wamazwi akhulunywa nguNkulunkulu mathupha. IBhayibheli lethula izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu waphambilini, ingxenye eyodwa ingumbhalo ngokubikezela kwabaphrofethi, enye ingxenye yilokho abantu abadlule kukho kanye nolwazi olubhalwe ngabantu abebesetshenziswa nguNkulunkulu ngesikhathi sonke sezinkathi. Izinto abantu abadlula kuzo ziyangcoliswa imibono nolwazi lwabantu, lokhu okungenakugwemeka.

13.2.19

1. Yini ngempela ukwazi uNkulunkulu? Ingabe ukuqonda ulwazi lweBhayibheli nesayensi yezindaba zenkolo kungathathwa njengokwazi uNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,yazi uNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ulwazi ngoNkulunkulu wokoqobo lubandakanya ukwazi kanye nokuzwa amazwi Akhe, nokubamba imigomo kanye nezimiso zomsebenzi kaMoya ONgcwele, nokuthi usebenza kanjani uMoya kaNkulunkulu enyameni. Ngakho, futhi, kubandakanya nokwazi ukuthi konke ukwenza kukaNkulunkulu enyameni kubuswa nguMoya, kanye nokuthi amazwi awakhulumayo angukukhuluma ngqo kukaMoya.