25.8.18

Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda

  Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu kuhloselwe ukuletha ushintsho esimweni senu; inhloso Yakhe ayikhona nje ukunenza niliqonde noma nilibone bese lokho kuba yisiphelo salo. Njengoba nikwazi ukwamukela, akufanele kube nzima kini ukuqonda izwi likaNkulunkulu, ngoba ingxenye enkulu yezwi likaNkulunkulu ilotshwe ngolimi lwabantu okulula kakhulu ukuluqonda.

24.8.18

South African Gospel Music “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” The Church’s Documentary 2018


South African Gospel Music “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” The Church’s Documentary 2018

Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu?

23.8.18

5. Yini umphumela kanye nesiphetho sokuba umhlaba wezenkolo wale umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla
  
  Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi "uJehova nguNkulunkulu" futhi "uJesu nguKristu," okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani, umuntu ulandela ngaphandle kokungabaza, futhi ulandela eduze.

22.8.18

South African Zulu Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"


South African Zulu Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"

I
Ngezwi likaNkulunkulu elingokoqobo,
ubuthakathaka nokuhlubuka komuntu kuyahlulelwa futhi kwembulwe.
Bese umuntu ethola lokhu akudingayo.
Uyabona ukuthi uNkulunkulu usefikile kulo mhlaba wabantu.
Umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo uhlose ukusindisa wonke umuntu ethonyeni likaSathane,
abahlenge ekungcoleni,
esimweni sabo esonakaliswe nguSathane.

21.8.18

49. Ubuso Beqiniso Bomuntu Obizwa Ngokuthi Ulungile

UKemu    Edolobheni laseZhumadian, Esifundazweni saseHenan

  Engqondweni yami, bengilokhu ngizibona njengomuntu onobuntu. Ngike ngacabanga ngalokhu ngoba, omakhelwane bami babeke bangincome phambi kwabazali bami ngokuba umuntu okhaliphile futhi okhombisa ukunakekela umndeni; bathi ngiyintandokazi emehlweni abazali bami. Emva kokushada, abasemzini wami babengincoma phambi komakhelwane bami ngokuba nomusa nobudlelwane obuhle nabo. Kulo ithimba lami, umholi wami wayengincoma ngokuba nokuthembeka nokwenza kahle umsebenzi.

20.8.18

Umsebenzi Nokungena (10)

  Ukuthi isintu sithuthuke kuze kube yilapha kuyisimo esingakaze sibonwe. Umsebenzi kaNkulunkulu kanye nokungena komuntu kuqhubeka ngokubambisana, ngakho umsebenzi kaNkulunkulu, nawo, uyisehlakalo esikhulu ngokungenakulinganiswa. Ukungena komuntu namuhla kuyisimanga esingazange sicatshangwe umuntu ngaphambili. Umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelele eqophelweni eliphezulu—futhi, ngemva kwalokho, “ukungena”[1] komuntu kufike esicongweni. UNkulunkulu uzehlise kwaze kwaba sezingeni eliphansi kakhulu, futhi akakaze aphikisane nesintu noma nazo zonke izinto endaweni yonke.

19.8.18

47. Izimfihlo Ezifihlwe Ekuphishekeleni

ULi Li     Edolobheni laseDezhou, esiFundazweni saseShandong 

  Esikhathini esingeside esedlule, ngaphakanyiswa ngakhushulelwa ekubeni isisebenzi sesifunda. Ngolunye usuku, ngenkathi sihlangene nalabo engisebenzisana nabo angiyekanga ukucabanga: Kumele ngenze kahle. Uma ngingenzi kahle, bazongibheka kanjani abaholi bami nalabo engisebenzisana nabo?Ngenxa yalokho, lapho sixoxa ngesihloko ndawonye, inqobo nje uma ngiyiqonda kancane indaba okuxoxwa ngayo, ngangizama ukuba owokuqala ukusho okuthile, nokho uma ngingayiqondi indaba okuxoxwa ngayo futhi ngingakwazi ukuphawula, ngangizithola ngikhathazekile.