21.8.18

49. Ubuso Beqiniso Bomuntu Obizwa Ngokuthi Ulungile

UKemu    Edolobheni laseZhumadian, Esifundazweni saseHenan

  Engqondweni yami, bengilokhu ngizibona njengomuntu onobuntu. Ngike ngacabanga ngalokhu ngoba, omakhelwane bami babeke bangincome phambi kwabazali bami ngokuba umuntu okhaliphile futhi okhombisa ukunakekela umndeni; bathi ngiyintandokazi emehlweni abazali bami. Emva kokushada, abasemzini wami babengincoma phambi komakhelwane bami ngokuba nomusa nobudlelwane obuhle nabo. Kulo ithimba lami, umholi wami wayengincoma ngokuba nokuthembeka nokwenza kahle umsebenzi. Futhi kusukela ngamukela lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu, selokhu ngithobela lokho ibandla elingicela ukuba ngikwenze. Angikaze ngiqophisane nomholi ngisho noma ngithethiswa ngumholi ngokungenzi umsebenzi omuhle, futhi esikhathini esiningi ngisiza odadewethu nabafowethu abadinga usizo. Ngenxa yalokho, ngicabanga ukuthi ngingumuntu ocabangayo, onozwelo, onenhliziyo enhle nobuntu. Angikaze ngizicabange ngokwamagama uNkulunkulu ambula kuwona ukuthi umuntu akanabo ubuntu noma ukuthi umuntu unobuntu obubuthakathaka. Lapho ngikhuluma ngamazwi kaNkulunkulu nabafowethu nodade, ngisho noma ngazi ukuthi kufanele ngiqaphele imvelo yami, ngisaqhuba ngokucabanga kwami, ngizicabangele enhliziyweni yami: Ngisho noma ngingeyena umuntu onobuntu obulungile, kodwa ngisenobuntu obulungile uma ngiqhathaniswa nabanye. Ngamanye amagama, noma ngabe izwi likaNkulunkulu lithini noma odade nabafowethu bathini, angizimisele ukuzikhipha embonweni wokuba umuntu onobuntu obulungile.

  Ngelinye ilanga, ngathi ngisadla futhi ngiphuza izwi likaNkulunkulu, indima ethile yangifikela. UNkulunkulu uthi, “Abanye abantu balungile ngokwemvelo; bayakwazi ukusebenzisa iqiniso. Obunye ubuntu babantu buntekenteke, ngakho bakuthola kunzima kubo ukusebenzisa iqiniso…. Ningasho yini ukuthi lowo ongalisebenzisi iqiniso uke walifuna iqiniso? Ngokuqinisekile akazange alifune! Ukucabanga kwakhe okuvelayo: “Lena yindlela enhle, ivumelana nami.” Ekugcineni, usenza ngendlela yakhe. Akalifuni iqiniso ngoba kukhona okungalungile ngenhliziyo yakhe, inhliziyo yakhe ayilungile. Akafuni, akahlolisisi, noma athandaze phambi kukaNkulunkulu; umane nje ngenkani wenza ngokwezifiso zakhe. Umuntu onjalo ngokusobala akanakho ukulithanda iqiniso. … Labo abangenalo uthando bangalifuna ngaleso sikhathi, noma bangazihlola ngemva kwalokho. Abahlolisisi ukuthi isenzo esenziwayo ekugcineni silungile yini noma asilungile, ngakho bahlale bephula izimiso, bephula iqiniso. … Umuntu onenhliziyo wenza iphutha kanye kuphela lapho esethatha indlela yokwenza, kabili okungenani—kanye noma kabili, hhayi izikhathi ezintathu noma ezine, lona umqondo ovamile. Uma bekwazi ukwenza iphutha elifanayo izikhathi ezintathu noma ezine, lokhu kufakazela ukuthi abagcini uthando ngeqiniso, noma abalifuni iqiniso. Lolu hlobo lomuntu lungumuntu ongenabo ubuntu” (“Ukulungisa Imvelo Nokwenza Iqiniso” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe). Emva kokufunda le ndima yomsebenzi kaNkulunkulu, ngafikelwa ukwambulelwa obekungalindelekile. Empeleni, ubuntu obuhle noma obubi busondelene kakhulu nokwenziwa kweqiniso. Umuntu onobuntu obuhle uzofuna iqiniso futhi aphile iqiniso kukhona konke, futhi azihlole kamuva. Selokhu ngangizibona njengomuntu onobuntu obulungile, pho ingabe ngiwumuntu ofuna kanye nowenza iqiniso kukho konke? Uma ngicabanga emuva, angizange ngikhuleke noma ngifune iqiniso mayelana nezinto eziningi engahlangabezana nazo. Angizange ngizihlole noma ngiziqondisise mina kamuva. Yize noma ngangiye ngadalula isimo sami esikhohlakele, angizange ngisombulule izinkinga zami ngokufuna iqiniso, kodwa ngaqhubeka nokwenza amaphutha afanayo ngokuphindelela. Kwesinye isikhathi ngisho noma ngangiqonda ingxenye ethile yeqiniso, kwakubonakala sengathi ngangingafuni ukuliphila. Ngikhumbula ngokugqamile izibonelo eziningi zalokhu. Kwesinye isikhathi, ngikhumbula ngizizwa nginokungezwani nomuntu engangisuke ngisebenza naye. Ngangazi ukuthi kuzoba nomthelela ngqo endleleni esisebenza ngayo uma kungasonjululwa, kodwa ngenxa yokuziphakamisa nokuzazi kwami, nganqaba ukudedela umina bese ngixhumana naye ngokuvuleleka. Kunalokho, ngabhekana ngqo nesimo ngaqhubeka nokusebenza, nokwaholela ekuthini umsebenzi ungabi nempumelelo. Uma kwesinye isikhathi ngibona abafowethu nodadewethu bambula ingxenye ethile yesimo sabo esikhohlakele, angizamanga ukukhuluma iqiniso nabo ukuze ngibasize bazazi kahle, kodwa esikhundleni salokho ngabahlulela bengazi. Angizange ngizame ukuthola imiphumela emihle kakhulu ekwenzeni umsebenzi wami, kodwa ngaso sonke isikhathi ngangivilapha futhi ngenza izinto isisheshelengwana, ngenza izinto ngobudlabha, futhi ngaso sonke isikhathi ngikhohlisa uNkulunkulu ukuze ngivikele indlela engibukwa ngayo, umcebo, kanye nesikhundla sami emphakathini. Angizange ngicabange kakhulu ngalokhu noma ngiphenye uma kwenzeka izinto emsebenzini wami, kodwa ngavele ngenza njengokufuna kwami. Ngisho noma kwadala ukulahlekelwa ebandleni, angizange ngizizwe sengathi ngiyamkweleta uNkulunkulu, noma ngibe namahloni ngezenzo zami zobubi. Ngisho noma uNkulunkulu engikhumbuza ngamazwi Akhe futhi ambula ukukhohlakala kwami ngokubhekana nami nokungithena, ngaqhubeka nokumziba Yena, ngalokhu ngenza iziphambeko ezifanayo ngokuqhubekayo kathathu noma kane. Ingabe lezi zenzo azifakazeli ukuthi anginabo ubuntu futhi angiyena umthandi weqiniso emehlweni kaNkulunkulu? Noma kunjalo, angikazami ukufuna ukuzazi ngokuncike emvelweni yami, kodwa ngiyaqhubeka nokugqoka umqhele “wobuntu obuhle” ekhanda lami. Bengingenamahloni ngalokhu ebengikwenza!

  Njengamanje, inhliziyo yami igcwele ukuzizwa inecala, kodwa futhi igcwele ukumbonga uNkulunkulu. Angikwazanga ukuzibamba kodwa ngazithulula phambi kukaNkulunkulu, “Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungikhanyisela Kwakho, ngokungazisa ukuthi angiyena umuntu onobuntu, ukungisiza ngiqonde ukuthi umuntu onobuntu bangempela yilowo othanda iqiniso, umuntu olalela uNkulunkulu futhi othibela uNkulunkulu, umuntu ozimisele ukuphila iqiniso futhi alandelele uthando lukaNkulunkulu. Ngaphinde ngaqonda ukuthi ukuziqondisisa kahle akusekelwe eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu, kodwa kusekelwe emicabangweni nemibono yami, kanjalo nangendlela engibuka ngayo umhlaba. Akuwenzi neze umqondo. Nkulunkulu, kusukela manje, angifuni ukuzikala ngokokubuka kukaSathane noma okwami ukuzicabangela. Ngifuna ukwazi ngokuncike emazwini Akho, futhi ngenze konke okusemandleni ukuzama ukufuna iqiniso, ukuze ngisheshe ngibe umuntu oneqiniso nobuntu ukuze ngiduduze inhliziyo Yakho.”

umthombo: IBandla likaNkulunkulu uSomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana