24.2.18

Isahluko 30

Abanye abantu banakho ukukhanyiseleka okuncane ngamazwi kaNkulunkulu, akekho kubo owethemba imizwa yakhe; besaba kanzulu ukuwela ekubeni nombono ophambene. Ngalokho, bebehlala beguquguquka phakathi kwenjabulo nosizi. Kuyemukeleka ukusho ukuthi izimpilo zabantu bonke zigcwele ukulila; ukuqhubela lokhu phambili, kukhona ukuhlanzwa ezimpilweni zansuku zonke zabo bonke abantu, nakuba kunjalo ngingasho ukuthi akukho noyedwa okuzuzayo ukukhululwa komoya usuku nosuku, futhi kungathi kunezintaba ezintathu ezinkulu ezicindezela amakhanda abo.

23.2.18

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)

   Kusho ukuthini ukupheleliswa? Kusho ukuthini ukunqotshwa? Yini umuntu okufanele ayenze ukuze anqotshwe? Futhi yini okufanele ayenze ukuze apheleliswe? Ukunqotshwa nokupheleliswa kuwumgomo womuntu osebenzayo ukuze abuyele esimweni sakhe sasekuqaleni, akhululeke esimweni sikaSathane esikhohlakele nasekuyengweni nguSathane.

22.2.18

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)

Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu.

Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu uyisiqalo somsebenzi wami emhlabeni jikelele.

21.2.18

Isahluko 29

Emsebenzini owenziwa abantu, omunye wawo wenziwa ngomyalelo oqondile ophuma kuNkulunkulu, kodwa engxenyeni yawo uNkulunkulu akabeki imiyalelo esobala, okukhombisa ngokwenele ukuthi okwenziwa uNkulunkulu, namuhla, kusafanele kwembulwe ngokuphelele—okusho ukuthi, kuningi okusafihlekile futhi okusazophumela obala. Kodwa kukhona izinto ezithile ezidinga ukubekwa obala, futhi kukhona ezithile ezidinga ukushiya abantu bemangele futhi bedidekile; lokhu ngokudingwa umsebenzi kaNkulunkulu.

Isahluko 28

Isimo sabantu singukuthi ukuqonda kwabo kancane amazwi kaNkulunkulu kubenza bayingabaze kakhulu indlela yamanje yokusebenza kukaNkulunkulu. Kodwa lokhu akunamthelela emsebenzini kaNkulunkulu; lapho amazwi akhe efika eqophelweni elithile, izinhliziyo zabantu ziyaziphaphamela ngokwemvelo. 

Ukububula KukaMninimandla Onke

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenako ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kwathathwa ngomubi. Amehlo akho agutshazelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi enkohliso futhi awulizwa iphimbo likaJehova elibhongayo, noma umsindo wamanzi agelezayo evela esihlalweni sobukhosi.