21.2.18

Isahluko 29

Emsebenzini owenziwa abantu, omunye wawo wenziwa ngomyalelo oqondile ophuma kuNkulunkulu, kodwa engxenyeni yawo uNkulunkulu akabeki imiyalelo esobala, okukhombisa ngokwenele ukuthi okwenziwa uNkulunkulu, namuhla, kusafanele kwembulwe ngokuphelele—okusho ukuthi, kuningi okusafihlekile futhi okusazophumela obala. Kodwa kukhona izinto ezithile ezidinga ukubekwa obala, futhi kukhona ezithile ezidinga ukushiya abantu bemangele futhi bedidekile; lokhu ngokudingwa umsebenzi kaNkulunkulu.

Isahluko 28

Isimo sabantu singukuthi ukuqonda kwabo kancane amazwi kaNkulunkulu kubenza bayingabaze kakhulu indlela yamanje yokusebenza kukaNkulunkulu. Kodwa lokhu akunamthelela emsebenzini kaNkulunkulu; lapho amazwi akhe efika eqophelweni elithile, izinhliziyo zabantu ziyaziphaphamela ngokwemvelo. 

Ukububula KukaMninimandla Onke

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenako ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kwathathwa ngomubi. Amehlo akho agutshazelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi enkohliso futhi awulizwa iphimbo likaJehova elibhongayo, noma umsindo wamanzi agelezayo evela esihlalweni sobukhosi.

20.2.18

Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwabantu, namazwi engiwakhulume ngalesi sikhathi maningi. La mazwi angenxa yensindiso yomuntu, kanti akhulunywa ukuze umuntu afanelane Nami. Noma ngizuze abantu abambalwa emhlabeni abafanelana Nami, ngakho ngiyasho ngithi umuntu akawenzi igugu amazwi Ami, ngoba umuntu akafanelani Nami.Ngale ndlela, umsebenzi engiwenzayo akuwona owokuthi umuntu angidumise; okubalulekile owokuthi umuntu afanelane Nami. 

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)


"Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa.

19.2.18

Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kulezi zikhathi, esikhathini esiningi, ukwazi ukuthi iyini inkonzo esemqoka kaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, nokuthi uzokwenzani emhlabeni. Ngishilo ngaphambili emazwini ami ukuthi uNkulunkulu ufike emhlabeni (ngezinsuku zokugcina) ukuzokwenza isiboniso ngaphambi kokuthi ahambe. UNkulunkulu usenza kanjani lesi siboniso? Ngokukhuluma amazwi, ngokusebenza nokukhuluma ezweni lonke.

Kuyini Ukuqonda Kwakho “Izibusiso”?

Nakuba labo abazalwe kule nkathi bebhekene nezimo zokukhohlakala kukaSathane nokungcola kwamadimoni, kuyiqiniso futhi ukuthi bayakwazi ukuzuza insindiso enkulu ngenxa yalokhu kukhohlakala, ngisho nokungaphezulu kwemfuyo egcwele izintaba namathafa kanye nempahla yomndeni enkulu eyazuzwa uJobe, futhi ingaphezu kwesibusiso esatholwa uJobe sokubona uJehova ngemva kwezilingo zakhe.