Emsebenzini owenziwa abantu, omunye wawo wenziwa ngomyalelo oqondile ophuma kuNkulunkulu, kodwa engxenyeni yawo uNkulunkulu akabeki imiyalelo esobala, okukhombisa ngokwenele ukuthi okwenziwa uNkulunkulu, namuhla, kusafanele kwembulwe ngokuphelele—okusho ukuthi, kuningi okusafihlekile futhi okusazophumela obala. Kodwa kukhona izinto ezithile ezidinga ukubekwa obala, futhi kukhona ezithile ezidinga ukushiya abantu bemangele futhi bedidekile; lokhu ngokudingwa umsebenzi kaNkulunkulu.
21.2.18
Isahluko 28
UNkulunkulu USomandla uthi:
“Isimo sabantu singukuthi ukuqonda kwabo kancane amazwi kaNkulunkulu kubenza bayingabaze kakhulu indlela yamanje yokusebenza kukaNkulunkulu. Kodwa lokhu akunamthelela emsebenzini kaNkulunkulu; lapho amazwi akhe efika eqophelweni elithile, izinhliziyo zabantu ziyaziphaphamela ngokwemvelo.
Ukububula KukaMninimandla Onke
20.2.18
Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu
Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwabantu, namazwi engiwakhulume ngalesi sikhathi maningi. La mazwi angenxa yensindiso yomuntu, kanti akhulunywa ukuze umuntu afanelane Nami. Noma ngizuze abantu abambalwa emhlabeni abafanelana Nami, ngakho ngiyasho ngithi umuntu akawenzi igugu amazwi Ami, ngoba umuntu akafanelani Nami.Ngale ndlela, umsebenzi engiwenzayo akuwona owokuthi umuntu angidumise; okubalulekile owokuthi umuntu afanelane Nami.
Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)
"Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa.
19.2.18
Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje
Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kulezi zikhathi, esikhathini esiningi, ukwazi ukuthi iyini inkonzo esemqoka kaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, nokuthi uzokwenzani emhlabeni. Ngishilo ngaphambili emazwini ami ukuthi uNkulunkulu ufike emhlabeni (ngezinsuku zokugcina) ukuzokwenza isiboniso ngaphambi kokuthi ahambe. UNkulunkulu usenza kanjani lesi siboniso? Ngokukhuluma amazwi, ngokusebenza nokukhuluma ezweni lonke.
Kuyini Ukuqonda Kwakho “Izibusiso”?
Nakuba labo abazalwe kule nkathi bebhekene nezimo zokukhohlakala kukaSathane nokungcola kwamadimoni, kuyiqiniso futhi ukuthi bayakwazi ukuzuza insindiso enkulu ngenxa yalokhu kukhohlakala, ngisho nokungaphezulu kwemfuyo egcwele izintaba namathafa kanye nempahla yomndeni enkulu eyazuzwa uJobe, futhi ingaphezu kwesibusiso esatholwa uJobe sokubona uJehova ngemva kwezilingo zakhe.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)