4.8.19

Ngiyitholile Intokozo Yeqiniso

unkulunkulu uthando,insindiso kaNkulunkulu

uZhang Hua, eCambodia

Ngazalelwa emndenini ojwayelekile nje wabalimi. Yize noma umndeni wami wawungacebile, ubaba nomama babethandana futhi bengiphethe kahle. Impilo yomndeni wami yayiphuphuma futhi ibusisekile. Ngithe uma ngikhula, ngazitshela ukuthi: Kumele ngithole umyeni ozongiphatha kahle futhi kumele sizakhele umndeni onokuthula nojabulile. Yilokho okubaluleke kakhulu. Angifuni umcebo, ngidinga nje ukuba nobudlelwane obunothando nomyeni wami bese siphila impilo yomndeni enokuthula.

Ngahlangana nomyeni wami sixhunyaniswa umuntu esasimazi sobabili. Angimthandanga ekuqaleni ngoba wayemfushane nokho, kodwa ubaba nomama babemthanda. Bathi unenhliziyo enhle futhi wayezongiphatha kahle. Ngabona nami ukuthi umyeni wami wayebaphatha ngobuqotho abantu futhi wayebonakala njengomuntu ozowuphatha kahle umndeni wakhe. Ngazicabangela ngathi, “Kulungile ukuthi mfushanyana. Uma nje ezongiphatha kahle, kulungile.” Ngenxa yalokho, ngavuma ukushada naye kwathi ngo-1989 sashada. Emva kokuba sishadile, umyeni wami wangiphatha kahle kakhulu futhi wanginakekela kahle. Nami ngangimnakekela futhi ngimcabangela kuzo zonke izinto. Ngemva kokuzalwa kwamadodakazi ethu amabili, ukuze ngivumele umyeni wami akhululeke emsebenzini, ngahlala ekhaya nganakekela umndeni. Emva kwalokho, izingane zombili zaphuma ngaphandle komuzi ukuze ziyofunda. Ngaqasha indawo ukuze ngibaphelezele ngenkathi befunda. Uma nje ngangikwazi ukubhekana nodaba oluthile ngedwa, ngangingamkhathazi umyeni wami ngalo. Yize noma ngezinye izikhathi, kwakunzima futhi ngangikhathele kancane, ubudlelwane bethu njengendoda nomfazi babugcwele ukuthandana, ukunakekelana nokucabangelana futhi sasiphila ngokuthula. Ngangizwa ukuthi impilo yami yayibusisekile kakhulu.

Ngaleso sikhathi, imali eyayiholwa umyeni wami yayanele nje izindleko zethu zansuku zonke. Yize noma impilo yethu yayinzinyana, angizange ngikhononde kuye. Nganginomuzwa wokuthi indoda nomfazi kufanele bahlanganyele ekujabuleni nasekuhluphekeni kwasempilweni. Ngemva kwalokho, isimo sezomnotho emsebenzini womyeni wami saba sibi kakhulu futhi wayengasakwazi ngisho ukufika ekhaya nohhafu walokho ayekade ekuhola ngenyanga. Kungekudala, sasingeke sisakwazi ukukhokha imali yesikole yezingane zethu. Emzamweni wokunciphisa ingcindezi kumyeni wami, ngaqala ukuboleka imali ezihlotsheni zethu njalonjalo. Ngazitshela ukuthi, “Lobu bunzima obesikhashana nje. Izinto zizolunga kungekudala.” Njengoba sase siboleke imali isikhathi eside, izikweletu zethu zaya ngokuya zanda. Sobabili nomyeni wami sezwa ukuthi ingcindezi yayinkulu kakhulu. Ngo-2013, umyeni wami waqala ukucabanga ngokuya phesheya ukuze athole imali. Lapho ngizwa lokhu, nakuba ngangimanqikanqika, ngacabanga ukuthi, “Uma eya phesheya iminyaka emibili kuya kwemithathu ukuze athole imali, singakhokha ezinye zezikweletu zethu bese siba ngcono isimo somndeni wethu. Ngaphezu kwalokho, izingane zethu ziyakhula futhi sifuna ukuzinikeza isimo esilungile.” Ngenxa yomndeni wethu, ngavuma ukuba ahambe ayosebenza phesheya.

Umyeni wami waya eCambodia iminyaka emithathu. Phakathi nale minyaka emithathu, ngahlala ekhaya nginakekela izingane nabazali bethu abase bebadala. Ekuqaleni, umyeni wami wayevame ukusishayela ucingo ekhombisa ukuthi wayewukhathalele umndeni wakhe. Wayephinde athumele nemali ekhaya. Ngokuhamba kwesikhathi, zancipha izingcingo kancane kancane. Ekugcineni, kwaba nzima kangangokuthi wayengasathumeli mali ekhaya futhi kwakudlula isikhathi eside kakhulu ngaphambi kokuba ashayele ekhaya. Ngase ngikhathazekile ngokuthi hleze kwakukhona okumehlele. Ngenxa yalokho, ngahamba namadodakazi ethu saya kombona. Lapho sifika eCambodia ngabona ukuthi umyeni wami wayephephile futhi ephilile, ngakhululeka kakhulu. Njengoba sasiqala ukuya eCambodia, ngangikulungele ukuhlala lapho namadodakazi ethu isikhashana ngihlalahlale nomyeni wami ngaphambi kokubuyela ekhaya. Kodwa-ke, ngathola ukuthi njalo uma ngiphuma nomyeni wami endlini ngimphelezela, abantu ababazi umyeni wami babengibuka ngendlela exakile. Njengoba sasingakhulumi ulimi olufanayo, ngangingazi ukuthi babethini. Ngemva kweviki elilodwa, umyeni wami wavele wafika nengane engingayazi eyigonile wayiletha kimina. Wathi enganeni, “Bingelela u-Anti wakho.” Ngaleso sikhathi, ngavele ngandwaza nje ngoba ngangingazi ukuthi kwenzekani. Lapho ngimbuza umyeni wami, ngathola ukuthi le kwakuyingane yakhe ayeyithole kowesifazane ayehlangane naye eCambodia. Ngathukuthela ngagana unwabu futhi ngangazi nokuthi ngenzenjani. Ngesikhathi ngimthethisa wangiphendula ngokunganaki wathi, “Akuyona into entsha lena. Abantu abaningi lapha bayayenza!” Lapho ngimuzwa esho lokho, ngathukuthela kangangokuba ngezwa umzimba wami wonke uvevezela. Ngangingakaze ngicabange ukuthi mina nomyeni wami sesithandane iminyaka eminingi kangaka, kodwa manje wayengakwazi ukusho into enonya nenesihluku kangaka futhi enze isenzo esingenangqondo kangaka. Ngentukuthelo, ngamsakaza ngezimpama kabili. Iqiniso lokukhohliswa nguye lalifana nokuduma okuvela esibhakabhakeni esicwebile kimi. Angikwazanga ukukwamukela lokhu ngaye futhi kwavele kwaba sengathi ngikhubazekile. Ngahlala phansi ngakhala kabuhlungu. Ngazibuza lokhu ngiphindaphinda, “Kungani engenza into enjena? Umyeni ebengimazi ushonephi? Kungenzeka yini ukuthi izithembiso zakhe zothando lwaphakade, ububele bakhe nokunginakekela konke kwakungamanga? Lo mndeni ngangiwunikeze uqobo lwami. Ngangingakaze ngicele ukuthi umyeni wami anginike imali noma izinto zokuzijabulisa. Kodwa-ke, manje ... ” Ngezwa ngiphoxekile kakhulu futhi inhliziyo yami yayizwa ubuhlungu nosizi. Kwakungathi ngeke ngisakwazi ukuqhubeka nokuphila.

Ezinsukwini ezilandelayo, ubuso bami babuyinto yezinyembezi nsuku zonke. Ngamnyanya lo wesifazane futhi ngenyanya naleyo ngane. Ngatshela umyeni wami ukuthi ngangifuna isahlukaniso futhi ngangizimisele ukuthatha amadodakazi ami sibuyele ekhaya futhi ngiwushiye lo mndeni-mbumbulu. Angicabanganga ukuthi umyeni wami angenqaba isahlukaniso nami aphinde enqabe nokuhlukana nolowo wesifazane. Ekuhambeni kwesikhathi, ngathola nokuthi amanye amalungu omndeni wami ayevele azi ukuthi umyeni wami unomunye wesifazane futhi wayenomntwana naye. Bangifihlela nje ngalokhu. Ngazizwa nakakhulu sengathi ngiphucwe sonke isithunzi sami. Ngangiwenzele konke okusemandleni ami lo mndeni. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingabuyiselwa ngokukhashelwa nokukhohliswa. Inhliziyo yami yayiphukile.... Lokhu kukhohliswa kwakuvele kunzima kakhulu. Okwakwenza kube nzima nakakhulu ukuba ngamukele ukuthi abantu ababazi umyeni wami babengibuka ngendlela engingayazi futhi bengigxeka. Ekuqaleni, kwakungumyeni wami owayengikhohlisile futhi kwakuyilowo wesifazane owayechithe umndeni wami. Nokho, manje, emehlweni abanye abantu, ngangingumuntu wesithathu. Angikwazi ukuchaza ubuhlungu engangibuzwa ngaleso sikhathi. Isikhathi siyanyonyoba uma umuntu ezwa ubuhlungu. Ngabe sengehle emzimbeni ngo-10kg wonke wesisindo.

Ngesikhathi ngidumele ngokuphelele, ngahlangana nensindiso kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina. Lapho umakhelwane wami uLin Ting ezwa ngalesi sigameko, weza kimi washumayela ivangeli kimi. Wathi, “Kholwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu angakusiza.” Nokho, njengoba ngangithonywe ukungakholelwa kuNkulunkulu, kwakungenzeka kanjani ukuthi ngivele ngikholwe kuNkulunkulu! Angizange ngimphendule. Ngemva kwalokho, uLin Ting waphinda wakhuluma nami, “Funda amazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu uyakwazi ukukusindisa futhi akusize ukhululeke ebuhlungwini bakho...” Wakhuluma ngozwelo olukhulu kangangokuba ngazizwa ngithintekile emoyeni. Ngazizwa nginamahloni ngokuthi ngangiphinde ngamziba futhi ngenxa yalokho, ngathola ikhophi yencwadi ethi Izwi Livela Lisenyameni. Ngayivula incwadi ngafunda lesi siqephu esilandelayo: “Isintu, esashiya ukuphakela kwempilo okuvela kuSomandla asazi ukuthi kungani sikhona, kepha futhi sesaba ukufa. Akukho ukwesekeleka, alukho nosizo, kodwa isintu sisalokhu singabaza ukuvala amehlo aso, sibekezelela konke, sizama ukwelula impilo eyisinengiso kulo mhlaba emizimbeni engenakho ukwazi kwemiphefumulo. Uphila kanjalo, awunathemba; naye uphila kanjalo, ngokungenanhloso. Kukhona kuphela Ongcwele endabeni yasendulo oyofika ukusindisa labo ababubuliswa inhlupheko futhi abalangazelele kakhulu ukufika Kwakhe. … Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uSomandla, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini” (“Ukububula KukaMninimandla Onke” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Lapho ngifunda amazwi kaNkulunkulu athinta inhliziyo, ngagcwala izinyembezi futhi ngabona sengathi lo Nkulunkulu usiqonda ngempela isintu. Ngenxa yokukhashelwa ngumyeni wami, ngangifuna nokufa kepha angizange ngibe naso isibindi sokwenza lokho futhi ngangingazimisele ukufa ngaleyo ndlela. Ngaba nokuduka nje empilweni futhi ngingenanjongo futhi ngaze ngafuna ukuzidela. Lapho ngifunda amazwi kaNkulunkulu, ngabonakala sengathi ngiyalibona ithemba lokuphila futhi inhliziyo yami yathola ukuthula. Yize noma umyeni wami wayengikhohlisile, ngangingathembela kuNkulunkulu. Ngangingengedwa. UNkulunkulu uSomandla wathi, “Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uSomandla, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini.” Ngangizimisele ukuthembela kuNkulunkulu ngoba ngangingumuntu owayehlukumezekile futhi ngingenamuntu owayenginakekela. Ngangikudinga ukwangiwa nguNkulunkulu. Ngangibona usuku ngalunye lubuhlungu kakhulu futhi lukhathaza. Ngangingafuni ukuqhubeka kanje. Njengoba uNkulunkulu eqonda isintu kahle kangaka, wayengangiholela kude nalobu buhlungu. Ngenxa yalokho, ngaqala ukufunda amazwi kaNkulunkulu kanye noLin Ting futhi ngafunda ukucula izingoma zokukhonza uNkulunkulu. ULin Ting wangitshela ukuthi, “Uma uhlangabezana nezikhathi ezinzima, thandaza kuNkulunkulu ufunde amazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu angaziduduza izinhliziyo zethu ezilimele.” Ngenza lokho ayengitshele ukuthi ngikwenze. Lapho ngibona ama-MV namavidiyo omculo abafowethu nodadewethu beBandla LikaNkulunkulu uSomandla ababewaqophile, ngaqala ukuzizwa ngijabule enhliziyweni yami. Ikakhulukazi lapho ngibona ividiyo ethi, “Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani,” inhliziyo yami yaphakama kanye nokucula nokudansa kwabafowethu nodadewethu ababecula. Ukucindezeleka nobuhlungu enhliziyweni yami kwaya ngokuya kuphela futhi ekugcineni kwaba nokumamatheka ebusweni bami. Masinyane, ngaba nomuzwa wokuthi lo kwakungumndeni engangikade ngiwufuna ngempela nokuthi injabulo yangempela ingatholakala kuphela kubafowethu nodadewethu. Ngenxa yalokho, ngajoyina iBandla likaNkulunkulu uSomandla futhi ngathokozela impilo yasebandleni kanye nabafowethu nodadewethu.

Kamuva, ngafunda amanye amazwi kaNkulunkulu: “Udaba lukaSathane esebenzisa izinkambiso eziphathelene nabantu ukonakalisa umuntu nakho kudinga incazelo eyikho. Lezi zinkambiso zibandakanya izinto eziningi. Abanye abantu bathi: “Ingabe zimayelana nezingubo esizigqokayo? Ingabe zimayelana nezimfashini zakamuva, izimonyo, ukulungisa izinwele kanye nokudla kwezichizi okusezingeni eliphezulu?” Ingabe zimayelana nalezi zinto? Lezi ziyingxenye yezinkambiso, kodwa asifisi ukukhuluma ngalezi lapha. Sifisa kuphela ukukhuluma ngemibono elethwa izinkambiso eziphathelene nabantu kubantu, indlela ezenza abantu ukuthi baziphathe ngayo emhlabeni, izinjongo zempilo kanye nesimo sengqondo ezisakhayo kubantu. Lezi zibaluleke kakhulu; zingalawula futhi zithonye isimo somqondo womuntu. Enye emuva kwenye, zonke lezi zinkambiso ziphethe ithonya elibi eliqhubekayo ukuphuphisa umuntu, elehlisa ukuziphatha kwabo kanye nezinga lesimilo sabo ngokweqile, kuze kufike ezingeni lapho singathi iningi labantu manje abanabo nhlobo ubuqotho, abanabo ubuntu, benjalo nje abanawo no nembeza, kungasaphathwa noma ikuphi ukuqonda. … Iningi labantu, nokho, phakathi kokungazi kwabo, bazolokhu beqhubeka bengenwa, bengenisa futhi behehwa yilolu hlobo lwenkambiso, baze bonke bengazi futhi bengenzi ngokuthanda bayemukele, baphinde bacwile kuyo futhi balawulwe yiyo. Kumuntu ongenawo umzimba nomqondo ohluzekile, ohlale engazi ukuthi liyini iqiniso, ongakwazi ukubona umahluko phakathi kwezinto ezinhle nezingezinhle, lezi zinhlobo zezinkambiso enye nenye zilandelana zenza bonke bazemukele ngokuzithandela lezi zinkambiso, ukubuka impilo, amafilosofi empilo kanye nezimiso ezivela kuSathane. Bayemukela lokho uSathane abatshela khona ngokuthi bayithathe kanjani impilo kanye nendlela yokuphila uSathane “abanika” yona. Abanawo amandla, bengenalo noma ikhono, kungasaphathwa ukuqonda ukuze balwe” (“UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Lapho ngifunda lesi sigaba samazwi kaNkulunkulu, ngacabanga ngalokho umyeni wami ayekushilo kimi: “Akuyona into entsha lena. Abantu abaningi lapha bayayenza!” Ingabe imicabango nemibono yomyeni wami akubona ubufakazi beqiniso lamazwi kaNkulunkulu bendlela yokuziphatha okubi komphakathi nemikhuba yenkohlakalo eyenziwa ngabantu? Ngaphambi kokuba umyeni wami ahambe ezweni lethu, wayekwazi ukunakekela umndeni wakhe futhi anakekele mina nabantwana bethu. Kodwa-ke manje, eminyakeni nje embalwa emithathu kusukela ahamba ekhaya wayofuna umsebenzi, walandela ngokuphelele imikhuba emibi eyenziwa umphakathi futhi wakhohlisa umndeni wakhe. Ngabe sengicabanga ukuthi: Emphakathini wanamuhla, abesifazane abaningi abacabangi ukuthi kuyihlazo ukuba ngumakhwapheni kodwa bakubona njengekhono nobungcweti obukhulu. Amadoda amaningi alinyazwe yilo mcabango olandelayo oyingozi: “Ifulegi elibomvu ekhaya aliwi, amafulegi anemibala ngaphandle abhebhezela emoyeni.” Bayaqonywa bangabi namahloni yize beshadile. Njengoba bengasabi ihlazo, bakhuthazwa ukuthi bayanconywa batuswe. Umyeni wami akafuni sahlukanise umshado, kodwa futhi akafuni ukwehlukana naloya wesifazane. Akave eselawulwa yilolu hlobo lokucabanga nombono omubi? Ngokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, ngakwazi ukukuqonda lokhu: Eqinisweni, wonke umuntu uyisisulu. Wonke umuntu uke wakhohliswa yimicabango kaSathane emibi. Yingakho siye sikhohlakele kwaze kwafika lapho sesiphelelwe yisimilo nokwesaba ihlazo. Yini ezuzwe ngabantu uma befeza izifiso zabo zobugovu? Ingabe ngempela bathola injabulo? Ngokuqondene nomyeni wami naloya wesifazane, angicabangi ukuthi bajabule kunami. Ngaphezu kwalokho, izingane zethu ziyizisulu ezingenacala. Ingabe usizi umndeni wami ohlangabezane nalo aluwona umphumela wenkohlakalo nokulinyazwa uSathane? Uma ngicabanga ngami, uma ngangingahlangabezananga nensindiso kaNkulunkulu, ngabe nami ngagubuzelwa yimikhuba emibi yomphakathi. Ngacabanga ukuthi njengoba umyeni wami ezitholele omunye wesifazane nami ngingakwazi ukuthi ngizifunele amanye amadoda. Akukhona neze ukuthi akekho ongifunayo. Ngiyabonga ukuthi uNkulunkulu wangisindisa ngesikhathi sengizogwinywa nguSathane. Wangivumela ukuba ngize phambi Kwakhe futhi ngithole isivikelo Sakhe. Kungenjalo, ngabe nami ngonakaliswe yilo msinga wobubi b0mphakathi.

Ngenkathi ngiqhubeka ngifunda, amazwi kaNkulunkulu athi, “Noma inini lapho uSathane onakalisa umuntu noma elimaza ngendlela engalawuliwe, uNkulunkulu akami nje engenzi lutho, noma Abachilizele eceleni noma Ashaye sengathi Akaboni kulabo Yena abakhethile. … Wenzela umuntu izinto eziningi futhi ngenani elikhulu; umuntu akaqondi luthi ngalezi zindleko noma lezi zinto uNkulunkulu azenzayo, kepha konke Akwenzayo kwenziwa kumuntu ngamunye. Uthando lukaNkulunkulu olwangempela: Ngomusa kaNkulunkulu umuntu ugwema inhlekelele emuva kwenye, kulapho ebuthakathakeni bomuntu uNkulunkulu ukhombisa ukubekezelelana ngokuphindelela. Ukwahlulela nokujezisa kukaNkulunkulu kuvumela abantu ukuthi kancane kancane baqale ukubona ukukhohlakala lwesintu kanye nengqikithi yabo ekhohlakele enobusathane. Lokho uNkulunkulu akuhlinzekayo, ukukhanyisela Kwakhe umuntu nokuqondisa Kwakhe konke kuvumela isintu ukuthi sazi kabanzi ingqikithi yeqiniso, futhi sikhule ekwazini ukuthi yini abantu abayidingayo, iyiphi indlela ekufanele bayithathe, ukuthi yini abayiphilelayo, ukubaluleka nenjongo yezimpilo zabo, nokuthi bayihambe kanjani indlela engaphambili. Zonke lezi zinto uNkulunkulu azenzayo azinakuhlukaniswa nenhloso Yakhe eyodwa yasekuqaleni. Ingabe yini, ke, le nhloso? Ingabe uyazi? Kungani uNkulunkulu esebenzisa lezi zindlela ukwenza umsebenzi Wakhe kumuntu? Ingabe imuphi umphumela Afuna ukuwuthola? Ngamanye amazwi, ingabe yini Afuna ukuyibona kumuntu nokuyithola kubo? Lokho uNkulunkulu afuna ukukubona ukuthi inhliziyo yomuntu ingavuseleleka. Ngamanye amazwi, lezi zindlela azisebenzisayo ukusebenza kumuntu ezokuphaphamisa inhliziyo yomuntu njalo-njalo, ukuphaphamisa umoya womuntu, ukwenza umuntu azi ukuthi bavelaphi, ubani obaholayo, obasekayo, obahlinzekayo, futhi ovumele umuntu ukuthi aphile kuze kube manje; ezokwenza umuntu ukuthi azi ukuthi ubani Umdali, ekufanele bakhuleke kuye, indlela enjani ekufanele bayihambe, nokuthi ingayiphi indlela umuntu ekufanele eze phambi kukaNkulunkulu ngayo; zisetshenziswa ukuvuselela inhliziyo yomuntu kancane kancane, ukuze umuntu azi inhliziyo kaNkulunkulu, aqonde inhliziyo kaNkulunkulu, futhi aqonde ukunakekela nokucabanga okukhulu okusemuva komsebenzi wokusindisa umuntu. Uma inhliziyo yomuntu seyivuselelwe, abasafuni ukuphila impilo yesimo esiphuphile, esikhohlakele, kodwa esikhundleni salokho bafisa ukufuna iqiniso ukwenelisa uNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu seyiphapheme, ilapho bekwazi ukuphuma baphele kuSathane, bengeke besalinyazwa uSathane, bengeke besalawulwa noma bakhohliswe nguye. Esikhundleni salokho, umuntu angabambisana emsebenzini kaNkulunkulu kanye nasemazwini Akhe ngendlela enhle ukwenelisa inhliziyo kaNkulunkulu, ngalokho afinyelele ekwesabeni uNkulunkulu nokubalekela okubi. Lena inhloso yasekuqaleni yomsebenzi kaNkulunkulu” (“UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Kusuka emazwini kaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi nakuba uSathane esebenzisa zonke izinhlobo zemikhuba yasemphakathini ukuze onakalise umuntu, uNkulunkulu akabalahlile abantu Bakhe abakhethiwe. UNkulunkulu wenze umsebenzi omningi kumuntu ngamunye futhi ukhokhe intengo enkulu lapho enikeza umuntu, isihe, ukunakekelwa nokuvikelwa. Yize noma umuntu engakwazi ukukuzwa konke lokho uNkulunkulu akwenzile, uNkulunkulu unozwelo kakhulu ebuthakathakeni uyabuziba ubuwula bomuntu nokungazi kwakhe futhi ucathulisa umuntu kancane kancane emholela emndenini kaNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu okwahlulela, ukusola, nokukhanyisela kanye nokuhola asize umuntu ukuba abone ngale kobubi namaqhinga kaSathane ukuze abone ukuthi imvelo nengqikithi yomuntu konakaliswe nguSathane. Amazwi Akhe asize umuntu ukuthi azi ukuthi ukuphila kwakhe kusuka kuNkulunkulu nokuthi ukukhonza iNkosi yendalo kulungile futhi kufanele. Amazwi Akhe asize umuntu waqonda inhloso kaNkulunkulu yokusindisa umuntu kanye nokwenza umuntu azi ukuthi angaphila impilo enenjongo ngokuncike ezimisweni. Ngalokho-ke, umuntu anganxanela ukufuna iqiniso, alahle isimo sikaSathane esonakele futhi ashiye uSathane ngokuphelele abuyele kuNkulunkulu. Kusuka emazwini kaNkulunkulu, ngibuye ngaqonda ukuthi uNkulunkulu kuphela onengqikithi emsulwa nengcwele. Amaqiniso ashiwo uNkulunkulu kuphela angasivumela ukuba sibone ngale kwamacebo kaSathane namasu okulimaza umuntu. UNkulunkulu kuphela ongasindisa umuntu ukuze akwazi ukuphunyuka ekulinyazweni nguSathane. NguNkulunkulu kuphela ongaholela umuntu endleleni ekhanyayo yokuphila. Ngiyambonga uNkulunkulu uSomandla ngokungisindisa emgodini wokuhlupheka kwami!

Ezinsukwini zanamuhla, njengoba ngiqhubeka ngifunda okuningi kwamazwi kaNkulunkulu, ngiyaliqonda kancane iqiniso futhi ngiyakwazi ukubona ngale kwezimo eziningi. Angisamzondi umyeni wami noma loya wesifazane. Bakhululekile ukukhetha uhlobo lwempilo abafuna ukuyiphila. Mayelana nezihlobo nabangane, sengiyakwazi ukubhekana nabo ngokuthula. Angisazisoli izihlobo zami ngoba sonke sikhohlakalisiwe nguSathane futhi sonke siyizisulu zakhe. Manje, ngivame ukuhambela imibuthano nabafowethu nodadewethu. Sifunda amazwi kaNkulunkulu futhi sixoxe bese sixoxelana ngalokho esike sahlangabezana nakho ngabanye ngabanye. Siyahlomula nsuku zonke emazwini kaNkulunkulu. Ngaphakathi kwezinhliziyo zethu, sinokuthula nenjabulo futhi izimpilo zethu zigcwele ithemba. Ngiyabonga kuNkulunkulu uSomandla ngokungiqondisa angifake endleleni yokuphila efanele nangokunginika umndeni wangempela. Lapha, ngithole injabulo yangempela! Ngizimisele ukulandela uNkulunkulu kuze kube phakade!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana